INSIMU YEZIMANGA
ISIQEPHU 1
"Mubambeni maan!!!! kodwa ningashiywa omunye umfana kusho uMabizela elandela ngemuva amadodana akhe egijimisa uMandla ensimini ezama ukuphunyuka ngemva kokumuthumba.
"sakubamba clever uzama kwenzani!!!! Nxn ucabanga ukuthi ungashiya thina!! kusho uKhaya indodana endala kaMabizela ekhuba uMandla.
" Hhawu kodwa bafwethu seningaze ningibulalele ibhizinisi lakithi kusho uMandla elele ebheke phezulu elandela uMabizela nesudu yakhe ensundu nempunga yezinwele.
"Mina bengilokhu ngiseceleni kwababawakho sakha lelibhizinisi njengoba likhule kangaka, saliqala ngebhasi eyodwa ningakazalwa sathatha imali yethu yokugcina yokudilizwa, yakhula inkampani sawandisa amabhasi kodwa yena usefuna sehle esihlalweni ukuze wena uzongena esikhundleni uphathe unyile mfanawami kusho uMabizela emhlokoloza ngodondolo.
" Kodwa ngemfundo yami sengingaze ngife
sengifunde iminyaka engaka? inhloso yami kwakungukhulisa lenkampani enayiqala nobaba, ngiyacela baba Mabizela ningangibulali.
" Khaya mbulale ucabanga ukuthi singafukuza yonke leminyaka yena afike esezophatha ngemfundo ekubeni nami ngizele kusho uMabizela esemnyama ngenkani.
" Ndoda thina asifuni usichithele iskhathi kusho uKhaya ezeceza uMandla ngocelemba entanyeni
" aaaaaaahhh!!! aweeeh!!!! eishu, sizaaaaaani, kusho uMandla igazi limpompoloza liphuma njengembuzi inhlatshwa.
" Ngeke impela siphathwe uwena ngoba ufundile kunezingane zami, ubabawakho washo kwacaca ukuthi uwena ozophatha!!!! muphinde futhi kusho uMabizela ezimelele ngodondolo lwakhe.
" ngizokwenza njalo baba ufanelwe ukufa lona ngoba lemfundo yakhe izosiphazamisa kusho uKhaya ephinda ezeceza uMandla ngocelemba, waqhashaqhasha bemucindezele phansi wabe usuphuma umphefumulo kuMandla washona.
" usefile baba kusho uKhaya.
" Gubhani khona lana ensimini agqitshwe khona kodwa ikhanda lakhe ngiyalifuna nizokuhlukanisa nigqibe umzimba kuyo lensimu kusho uMabizela ekhomba ngalo udondolo lwakhe.
Bagubha eside isikhathi ensimini yombila kaMabizela yombila enkulu ekhiqiza enhle imali nangenkampani enkulukazi yempuphu iMabizela Maize Meal ethengwa ezitolo ezinkulukazi.
" Manje baba njengoba sesiqedile ngoMandla kuzokwenzeka njani uma sekumele kukhethwe ozophatha ngoba phela ubaba Zwane uyena osesihlalweni futhi washo ukuthi uzokwehla uMandla mayesephothulile.
" Kuzoqhubeka yena uZwane ahlale kwesobu CEO ngoba unolwazi kodwa manje inkinga ufuna mina naye sithathe umhlalaphansi, akafuni ngingene ezicathulweni ngoba uthi sekumele kungene igazi elisha nokuyinto engingavumelani nayo,manje ke kuzomele akhethe oyedwa wenu mina ngizomufaka umoya wokuthi akukhethwe umuntu ozongena nokuyilapho abayolinda uMandla ijuba likaNowa baze bakhathale bese kungena oyedwa wenu bafana bami.
" Manje baba njengoba nawe unolwazi akuncono simususe naye ubab'Zwane ukuze kuzosala wena njenge CEO wena uyobe usufaka mina noma oyedwa wabafowenu.
" Mina bantwabami ngifuna kungene nina inqobo nje uma nizokwenza konke engikushoyo.
" Kodwa baba noma sifisa kube njalo iqiniso lihle uMandla ubefundile kunathi, kusho uKhaya begubha umgodi behefuzela.
" Akusho lutho lokho bafana bami mina noZwane siyiqale sibabili lenkampani singafundile kodwa buka namhlanje ingakanani.
" Uqinisile ubaba nathi akusho ukuthi asiyanga esikoleni ngeke impela sihluleke uMandla ubene Degree kodwa nathi siyile ekolishi kusho uKhaya.
" Gubhani nishone impela ngoba akumele uma sesilima ngogandaganda sitshala umbila bese kumbeka namathambo kumele Ugandaganda uhambele phezulu kusho uMabizela elunguza
begubha baze basithela ngamahlombe.
Kwathi umgodi sebewumbile bamugqiba uMandla engasenakhanda enjalo base bebuyela emotweni baya ekhaya, bafika sekulele wonke umuntu kodwa uMkaMabizela wayizwa imoto uzongena wasale esevuka ukuzobavulela.
" Nahambela ke namhlanje kwenzenjani kusho uMaKhumalo uNkosikazi kaMabizela
" Ey nkosikazi umsebenzi usumkhulu ngikhathele impela kusho uMabizela ehlala phansi namadodana akhe womamathathu, uKhaya, Sithembiso noKhumbulani, basebenza kuyo inkampani kaZwane ozala uMandla abamubulalile. Kodwa uZwane uyena onamasheya amaningi kunoMabizela.
" Kodwa mina sengibona khona ukuthi wena nomngani wakho uZwane ngiphumule Baba ngoba sesiside lesikhathi niyibambile kanti futhi senikhulile nezingane zethu sezikhulile, sekushoda khona nje ukuthi nibeke lomfana kaZwane ngoba uyise wamuyalela ukuthi afunde azamabhizinisi ukuze ngelinye ilanga azokhulisa lelibhizinisi.
" Ay nkosikazi mina ngifuna kuphathe oyedwa yezingane zethu kusho uMabizela ngebhesi.
" Kahle bo baba iqiniso lihle zifundile impela izingane zethu kodwa akekho ofika kulomfana kaZwane ngoba ufunde waze waba neDegree, kanti labafana bethu banama Diploma manje ke thina kumele sicabangele inkampani singabi nomona.
" Thina safundaphi ukuze lenkampani ibe ngaka nakhu osomatekisi abaningi banenqwaba yamatekisi kodwa abafundile, aniyeke ukusifundekela ngemfundo mina ngiyazi ukuthi omunye wabafana bami bangayikhuphula lenkampani.
" Webaba uyazi ukuthi inkani ayisizi, ngobakulesikhathi sanamhlanje uyakhona ukuthi usebenzisane nabanye osomabhizinisi batshale imali bathenge amasheya inkampani ikhule ibe nkulu akusekho lento yokuthi ibhizinisi lasekhaya kusebenza uyise nezingane zakhe kuphela.
" Iyona kanyeke into esayala noZwane ngoba sasibona ukuthi sizoqolwa izifundiswa zisidlele inkampani kodwa abeluleki sinabo basiyalela ukuthi sifune abaphathi mabhuku abahlola ukungena kwemali, inzuzo, nokusetshenziswa kwayo, nokuholela nemali esilahlekelayo.
" Kodwa baba sesiphila kwesinye iskhathi asizehlise nje bese kuthatha umfana kaZwane uzobona ukuthi umqondo wentsha uyashesha.
" Ay angazi mawusho njalo ke sesiyokhetha yena kusho uMabizela esukuma eyohlala ekamelweni ecasulwa umkakhe.
" WeBantabami ingabe senikulungele ukuphatha Lesikhondlakhondla senkampani engaka eyaqalwa uZwane noBabawenu kusho uMakhumalo ebuka amadodana akhe
" Ngingazama mama ngoba ubab' Zwane nobaba bekwazile ukuyiphatha thina singahlulwa yini kuphendula uKhaya
" ay mama mina angikulungele neze kusho ukhumbulani.
" Nami ngiseka uKhaya mama ngoba yena wenza nezifundo zeAccounting eCollage kusho uSithembiso.
" Kodwa ke nina nibona kunjan ngoMandla umfana kaZwane?
" Ey mama kona iqiniso lihle uMandla ufunde kakhulu kunathi asisondeli kuye kodwa uma ubaba ethemba ukuthi singaphatha iMabizela and Zwane Buses kusho khona ukuthi uyakholelwa kithina.
" Ngiyanizwa bantabami.
Kuhleziwe kwaZwane, kusebusuku kuyoshaya ihora leshumi nanye UZwane unamadodana akhe kulokhu belinde uMandla ofike washiya izikhwama waphuma engumuntu obuyayo. UZwane unamadodana amathathu uMandla, Sphamandla, Melusi.
Babukeka bekhathazekile ngoba uMandla akabuyi ekhaya.
"Kanti labantwana banjani uMandla angahamba ethi uyothela uPetrol kodwa namanje akabuyi ngoba phela ngifuna ukumcebisa ngokuthile njengoba ngiyomethula kusasa njenge CEO kusho uZwane ecasukile ehlezi noMelusi noSiphamandla amadodana .
" Yaz nami ngiyamangala akasabuyi ngani ngoba phela kuseduze lapha eGaraji kusho UMelusi olama uMandla.
" Kodwa nawe uyamazi uMandla Melusi akuyena umuntu wabangani uvamise ukuya lapho aya khona bese abuya lapha ekhaya kusho uSphamandla.
" Ya khona uqinisile kusho uMelusi.
" Yini nabukeka nikhathazekile nje kusho uMaMthembu uNkosikazi ka Zwane.
" Ey Nkosikazi ngidinwa yilengane ephume ithi iyabuya manje kodwa sekushaya lesikhathi namanje akabuyi kanti mina ngifuna nokulala.
" Awu kanti namanje akakabuyi akenimshayele ucingo ngoba phela sekuhlwile kusho umamthembu.
" Akengimshayele kusho uMelusi ebeka umakhalekhukhwini endlebeni.
" Iyakhala yaz kodwa ayibanjwa muntu kusho uMelusi eyivala.
" Mhlawumbe unqena ukuyibamba eshayela, asimulindeni uzofika kusho USiphamandla.
Bahlala kwaze kwashaya ihora leshumi nambili.
UMabizela uthe eselele nomkakhe wavuka enyonyoba elibangise ekamalweni likaKhaya.
" Khaya uyazi ngoba ngilele ngifikelwa imicabango emibi, njengoba sibulele lomfana kaZwane ngiyathemba akukho okuzosidonsela amanzi ngomsele kusho uMabizela ehleba.
" Eissshhh baba ngathi kunephutha esilenzile kusho uKhaya ebamba ikhanda.
" iphutha lani manje !! kumangala uMabizela.
" umakhalekhukhwini asiwuthathanga kusho uKhaya ehlala ngezinqe.
" Kanti ninjani nje nina zilima zabafana ungathi nazi ukuthi umakhalekhukhwini yinto esekuba yiyo elayela umkhondo kodwa nina nikhohlwe yiwo kusho uMabizela ecasukile egane unwabu.
" Ey baba Makunjalo kumele sihambe siyowucinga mina ngizoshayela ucingo lwakhe uMandla ngithole ukuthi lingakuphi, sizohamba lapho besimhuba wabalekela ngakhona.
" Vusa abafwenu ngokushesha niphuthume kumele ligxotshwe ucingo lwakhe.
nangempela avuke uKhaya ahambe avuse uKhumbulani no Mthokozisi bahamba baze bayofika balushayela ucingo lungene kodwa kutho ukulizwa lingakuphi ensimini yakubo eqhelile nalapho behlala khona.
Kuthe nje besacinga kungene ucingo kumakhalekhukhwini kakhaya oluvela kumabizela.
📲Niyaluthola kuthetha uMabizela.
📱Cha baba kuphendula uKhaya.
📲Zulani kuyoyonke leyonsimu nilifune maan nxn!! angifuni izilima zabafana mina kusho uMabizela.
Bazula ensimini belushayela ucingo likhala kodwa lutho ukutholakala.
" Kodwa sokwenzanjani bafwethu mina ngisola ukuthi ubelishiye emotweni yakhe lapho simubambe khona kusho uKhumbulani
Kodwa imoto yakhe akulula ngoba siyigaladisele emfuleni kumele ngabe ucingo alusakhali nakhu ilokhu ingenile uKhaya.
" Ey mina angisazi sokwenzanjani ngoba ubaba kuzothi akafe kusho uKhumbulani ebamba ikhanda.
" Bafwethu asizameni ukuyifonela kaningi ize iphele iBettry kusho uKhaya.
" Awu kanti awazi yini ukuthi umakhalekhukhwini bayawu trace noma ucishile kumele uze ukhishwe iBettry kusho uMthokozisi.
" Ay asihambeni bafwethu kusho uKhaya eselahle ithemba beyongena emotweni.
" Bafwethu mina kukhona engikusolayo.. Ngiyasola uMandla simgcwabe nomakhalekhukhwini wakhe kusho uKhumbulani.
" Ey ungayisho leyonto ndoda kusho uKhaya ebamba ikhanda.
" Ngiyakutshela mfwethu kusho uKhumbulani.
" Makunjalo phela sizogubha kuze kuse uyashona phela lowamgodi esiwugubhile kusho uKhaya ecobekile.
" Ayikho iyenzanjani asambeni siyogubha bafwethu, ngoba uma nje bengalandelela umukhondo(trace) umakhalekhukhwini waMandla uzosiceba kuyobe kuphelile ngobaba kanye nathi kusho uKhumbulani.
" Kodwa nathi sibhayizile kusho uKhaya.
INSIMU YEZIMANGA
ISIQEPHU 2
Bagubha kwaze kwasa abafana baMabizela sebekhathele ubona ukuthi abasayithandi indaba, basithola isidumbu sikaMandla emva kweside isikhathi, kodwa lutho ukuthola umakhalekhukhwini esidunjini. Into oyayibamangaza wawulokhu ukhala ungena bezama ukulalela kodwa azange bawuthole insimu yonke.
" Bafwethu sizothini kubaba uma singawutholi lomakhalekhukhwini ngoba phela uzosibulala ubaba.
" Kodwa nathi simane siyazikhathaza nje bafwethu umakhalekhukhwini angeke usidonsele amanzi ngomsele ngoba uzogcina ucimile, kusho uKhaya ezipha ithemba.
" Nami sengibona lokho asigqibeni lendoda kungaze kuphume ilanga kusho uKhumbulani.
" Kodwa manje bafwethu nina niyibona ilungile lento yokuthi sibulale umuntu engenzile lutho ngenxa nje yesikhundla kusho uKhumbulani edliwa unembeza.
" Ay kahle wena ukuzosibhora lana!!! ubuzojabula nje wena inkampani yababa noZwane seyiphethwe uMandla ekubeni sikhule naye kusho uKhaya .
" mina bengingayiboni inkinga ngoba ufundile kunathi, kusho uKhumbulani.
" Wena uyisinoko uvele ungicasule nje ngathi awuyena owakwaMabizela!! Kusho uSithembiso.
" Ngilungile phela kodwa igazi lakhe lizobuzwa kinina kugcono mina angimubulalanga.
" qhwaaaaaaaaaaaa!!!!!!! Kuqhuma impama uKhaya ethukuthele ecasulwa umfowabo.
" Kahleni bafwethu aniyeke lento eniyenzayo kusho uSthembiso.
Wathi uma eqeda ukubalamula bahamba ukuyocinga lapho begaladisele imoto kaMandla. Nakhona lutho ukuthola umakhalekhukhwini kaMandla bahlala imizuzwana bekhathazekile. Basuka balibangisa ekhaya bekhathele ngendlela eyisimanga, bafica uMabizela esevukile.
" Hawu madoda natatazela nje ngoba kade nihambile kusho uMabizela namaPyjam akhe ephuma ukuphakela inja.
" Ey baba asilutholi ucingo kuphendula uKhaya.
"awu kodwa nina zingane kanti lotshwala benu nibuye nibuhlanganise nezinto ezibalulekile ay suka!!! Nxn!!!!! kubuza umabizela esemnyama ngenkani nezinwele zakhe ezimpunga.
" Asiwutholanga baba kodwa siwucingile insimu yonke asiwutholanga.sabheka nasemadwaleni lutho ukuhlangana nawo.
" Aghaaaaa maan!!! Nina nizithutha nje, uthi niyazi ukuthi uma nje kungatholakala imoto esihambe ngayo itracker ikhombisa ukuth lomakhalekhukhwini ubudonsa ngakuphi sisenkingeni kusho uMabizela
" Khululeka baba mina angiboni kunobungozi thina nje asinake inkampani kusho uKhumbulani ezama ukudlulisa indaba ebona unina ezongena.
" Lungani kumele siye emsebenzini phela manje kuyoshaya u5:30 manje.
" Nishayele yona nje inombolo yaMandla kubuza uyise ecasukile.
" Yebo baba akakaze ayishintshe ngayithatha ngenkathi egcina ukufika kusho uSithembiso.
" Ay uyaz nina niphinde nibe yizidomu yingakho nje labafana ba
Zwane bazoyiphatha lenkampani uma sengingekho ngoba konke nidinga ukucatshangelwa anifuni ukukhula.
Kusho uMabizela ethukuthele ngendlela eyisimanga amadodana akhe esethothobele.
" Yini kwenzenjani baba wathetha ekuseni nje baba, hawu nagcwala udaka nje bafana kubuza umakhumalo.
" Ay nkosikazi izinkinga eziseplazini lami kungathi amasela afohlile angebela umbila manje bengithume lezingane ukuba ziyohlola kusho uMabizela.
" Haaawu kodwa amasela asifunani nakuqala kwagqekezwa ibhusha lalapha ekhaya asithinteni amaphoyisa.
" Cha!! Cha nkosikazi amaphoyisa awanamusebenzi walutho.
" Kodwa baba ebengalenza uphenyo.
" Cha nkosikazi yishiye ezandleni zami lendaba ngizobathola abenzi bokubi.
" Hhay kulungile baba khumulani nina nifake lezimpahla enizigqokile emshinini uyeza uAnti owashayo ningalokhu kungathi ningamaxathu.
" Kulungile mama besho beyongena emakamelweni abo bekhumula.
UZwane akazange abuthi hluthu ubuthongo kwazise uMandla akabuyanga ekhaya uMaMthembu waphaphama wavuka wahlala naye ebona ukuthi umyeni wakhe ukhatgazekile.
" Hawu baba kwangathi awulalanga nje?
" Ey nkosikazi wami mina angazi ukuthi kungani abantwana bethu sibakhulise sibanakekele bese kuthi sebekhulile basidumaze buka nje uMandla namhlanje bengiyomethula kubasebenzi njengomphathi wabo omusha kodwa yena ukhetha ukuhamba izindawo zakhe kumanje akabuyile ekhaya.
" Nami ayingiphathi neze kahle leyo, futhi ayinginiki ukuthula, isiqala nokungiphathisa novalo sothini uma engabuyile nomakoti wakwami esemumithisile isisu sinazinyanga eziwu8
" Nami bengimtshelile ukuthi kumele ashade kudlule ngoba silobolile siqedile manje.
" Uqinisile baba.
" kodwa okunye engikusolayo ngathi ubalekela lesikhundla bengizomubeka kusona mhlawumbe ubona ukuth kuzoba nzima ukungena ezicathulweni zami kanti ngikhona noMabizela mina besizombonisa simucathulise ngoba inkampani yethu lena.
" Ey khona uhlalile kulenkampani baba asithembe ukuthi uMandla uzohamba ezicathulweni zakho.
Kuthe nje besaxoxa kugqogqoze uMpume ingoduso kaMandla. ebalethele itiye.
" ngena koti kusho uMaMthembu, nangempela angene egqoke Gown isisu sesisikhulu impela.
" Hawu makoti usuvukile ntombazane kusho umamthembu.
" Sengivukile mama noma nje uMandla eseqala umkhuba omusha.
" Nami uyangimangaza lomfana kumanje kumele ngiyomethula enkampanini njenge CEO kodwa yena ukhetha ukuhamba angabuyi nocingo angalibambi.
" Ucingo lwakhe sengilushayele ngaze ngadela nami baba nomama ulishiyile baba
" Lukhona baba ucingo lwaMandla alikhohliwe kodwa ileli angalisebenzis belilokhu lukhala ngaliyeka.
" hawu cha Iyaxaka ngempela lento makoti wakwami kodwa ngizoke ngihlanganise ikhanda noZwane mhlambe angangibonisa umhlobo wami kodwa sengiyoxoxa naye emsebenzini ngoba phela namuhla bekuyilanga esasivumelene ngalo lokwethula uMandla ngengomuntu ozongena ezicathulweni zami.
" Ok kulungile baba ngisayokwenzela uMelusi noSiphamandla itiye esho ephuma.
UMpume usethandane noMandla iminyaka eyisikhombisa, uMpume uyiphoyisa eliphenya amacala (ditactive)uyaziwa ukuthi useke waphenya amacala amaningi ahlule amaphoyisa amaningi waphenya ngokuzikhandla kwagcine kuboshwa izigilamkhuba endaweni.
" Hawu usuvukile sisi Mpume kusho uMelusi owenza ibanga leshumi elungela ukuya esikolweni. Kungekudala kuqhamuke noSiphamandla yena osenyuvesi wenza unyaka wesibili.
" Morning morning kubingelela USiphamandla.
" Morning Sengivele nginilungisele ukudla yidlani ningaze nibambezeleke esikoleni kusho UMpume ethela itiye emankomishini abo esebalungisile isidlo sasekuseni.
" Kodwa sisiMpume kuyajabulisa ukuba khona kwakho uBhuti Mandla wakhetha kahle buka nje sidla ibreakfast emnandi kanjani kusho uMelusi ehlafuna bedla bethokozela ibreakfast
" Uphi kwayena lowobhuti wenu akanitshelanga ukuthi uzoyaphi ebuza ephenduka ebabuka enqike ngekhabethe.
" Ay lutho akazange asho lutho impela uhambe ewumuntu obuyayo kuphendula uMelusi.
" Mmh ayi cha lento eyenziwe umandla iyangimangaza nami noma mhlawumbe usethole intombi.
" Ay lutho!! awu cha ngeke nje ubhuti mandla enze into enjalo, kusho uMelusi.
" Impela ngeke nje akuphule inhliziyo ngaleyondlela kuningi nje okuhle akuhlele khona okumele kube yisuprise kuwe nathi uhleze esikhuthaza ethi singadlali ngezingane zabantu kusho USiphamandla ekhuluma ukudla kugcwele umlomo baqeda bahamba noZwane wabathatha wababeka lapho befunda khona wase ekibangisa emsebenzini.
Kuthe nje uZwane eseseMsebenzini kwangena ucingo.
" UMr Zwane okhulumayo ngingakusiza.
📞Ukhuluma noConstable mpofu ngithi angikwazise ukuthi kutakulwe imoto ekusolakala ukuthi eyendodana yakho sithole imininingwane emotweni nenombolo yemoto ikhomba ukuthi eyaMandla Zwane.
📱Kanjani uthini kimi kusho uZwane kungathi ufikelwa isiyezi.
📞Kucingiwe nomzimba kodwa asizange siwuthole kodwa imoto neregistration number ivezile ukuthi imoto ingeyendodana yakho.
📱Hhawu kodwa ngomtamami ukuphi lowomfula.
📞Emfuleni ngasemaplazini esematiwane.
📱Ngiyabonga kusho uZwane nezinyembezi.
Kuthe nje esakhungathekile inqondo kungathi iyama kungene uZwane nesudi yakhe.
" Mangethe mhlobo wami kubingelela uMabizela bexhawulana njengenjwayelo
" Ey Mabizela mfwethu kuqeda kungena ucingo oluphethe izindaba ezimbi mayelana nendodana yami ngicela ungiphelezele ngizwa ngixegelwa amadolo kusho uZwane ekhumula izibuko exikixa amehlo.
" Asambe Mangethe awukwazi ukuhamba uzwe indaba efana nalena uwedwa kusho uMabizela elungisa ibhantshi.
" Awu kodwa ngingaba yini ngaphandle kwalomfana.
" Asihambe sesizozwa khona Mangethe ungacabangi kakhulu kusho uMabizela emuhola ehamba phambili.
" Sizohamba ngeyakho imoto Mabizela anginawo amandla okushayela ngingaze ngenze iphutha.
" Kulungile Mangethe esho ecindezela inkinobho yokhiye wemoto yakhe edulayo yohlobo lweMercedis Benz bangena bahamba eyinyathela engayidlalisi uMabizela.
" uyazi into engixakayo ngoMandla uvele wangena imizuzwane washiya izikhwama.
" Uthi kwenzenjani Zwane kubuza uMabizela eba novalo.
" Abafana bakho ngoba phela bakhona kulabo Facebook babo uthi abanalo ulwazi ngoba intsha ihleze ixoxa konke ngempilo yabo nohambo lwabo ezinkundleni zokuxhumana.
" Awu kodwa Zwane mina angiyena umuntu oxoxa kakhulu nalabafana bavamisile nje ukuxoxa izinto zabo nokuyinto engingayinaki ngizobuza mangifika ekhaya.
"Yahamba yaze yafika imoto kaMabizela nokuyindawo azi kahle ukuth bagaladisela uMandla elekelelwa amadodana akhe.
" Awu kodwa ngingalokothi nje ngizwe ukuthi umtanami uphelele kulomfula esho besondela ngemoto kugcwele amaphoyisa.
" Asishone khona sesobona sesifika ngicela nje uqine mngani wami ngiyakucela.
Bahamba wayibona imoto kaMandla uMabizela nezinombolo zakhe kwakuyizona.
" Hhaaayyyyy hhhaweeee kodwa ngomtanami kusho uZwane wakhihla isililo sikaNandi kweza amaphoyisa.
" Baba sicela uthathe nasi isikhwanyana iyonanto esiyitholile kodwa abatakuli bazamile ukucinga isidumbu nokuyinto esazoqhubeka kusho iphoyisa limunika iskhwama wasivula uZwane amehlo egcwele izinyembezi wabona umsebenzi waMandla wesikolo lapho ayephasa ngamalengiso, kukhona neDegree nokuyinto eyavele yakhalisa uyise wavele wahlala ngezinqa phansi.
" Alwehlanga lungehlanga baba uZwane buka nje ibiqothula kanjani ezifundweni kusho iphoyisa.
" Impela uMandla uphiwe enqondweni phephisa mngani wami asithembe umzimba uzotholakala.
" Kodwa noma utholakala uyobe esaphila umtanami.
" Qina Mangethe mina nawe siphuma ekudeni ngiyazi ubuhlose okuhle ngomfana wakho kusho uMabizela ebeka isandla ehlombe likaZwane.
" hhhiiiii hhiiiii hhawu kodwa Mandlenkosi mfanawami usungaze ungizwise ubuhlungu obungaka sengikufundise kangaka kusho uZwane ekhala ngendlela eyisihawu nokuyinto eyenza ukuth kuhlengezele izinyembezi nasemaphoyiseni.
" Asihambe Mngani wami kumele sazise nomndeni wakho lezindaba ezibuhlungu kusho uMabizela esula amehlo kungathi usula izinyembezi.
" Bantu bomthetho kodwa anizange nhlobo nje nifanise ucingo lwendodana yami kubuza uZwane.
" Cha baba akukho okunye esikutholile kusho iphoyisa bebuka uZwane ngozwelo.
" Kodwa luyakhala masilishayela ngicela nizame ukulandela umkhondo bantu bomthetho ngoba ngizohlala kanti umtanami uthunjiwe.
" Mangethe mngani wami sukuma sihambe, ngiyazi akulula ukwamukela izimo ezifana nalezi, mina nje ngokubona kwami umfanawakho umuke namanzi kusho uMabizela egobondela edonsa uZwane.
" Hhhawwwwuuu kodwa ngoMandla inkosana yami engaqala ngayo ukubizwa ngobaba emhlabeni esho ekhala ephelezelwa uMabizela beqonde emotweni wafike wamuvulela umnyango wamuhlalisa babe sebevalelisa emaphoyiseni ibuhlungu inhliziyo kaZwane.
Wahamba uZwane eqonde emzini wakhe walubika udaba kwaqhuma isililo esiyisimanga uMpume waze waquleka kwabizwa iAmbulance no Mabizela walibangisa kwakhe wabikela nomkakhe ezenza ongazi isizathu sokufa kwaMabizela nabafana bangena bacela uyise eceleni befuna ukudingida indaba yomakhalekhukhwini ongatholakali bebonakala ukuthi bakhathezekile
INSIMU YEZIMANGA
ISIQEPHU 3
UMabizela akazange abe nakuthula emoyeni, ukusa kwaziwa nguye wavuka wayohlala kusofa esittingroom, wakhetha ukuzigulisa ukuze uNkosikazi angalokhu emxina ngemibuzo ukuth kungani ebukeka ekhathazekile futhi engayi ukuyohlola enkampanini yakhe noZwane njengoba esazohlala ekhaya, wavele wazihlalele ekhaya kwathi sekusemini wavakashela uZwane eyomduduza wafika isimo simuncu, umkaZwane wayekhala naye kuthi uMpume naye wazivalele ekamelweni ekhala ezibuza imibuzo usizi lubhalwe emehlweni kanti uSiphamandla noMelusi nabo basebevuvukile emehlweni ngenxa yokukhala, ngendaba abayizwile ngomfowabo.
" Kodwa ngobhuti wami esefunde kangaka echithe iminyaka eminingi eNyuvesi kusho uMelusi ekhala.
" Kodwa ngomfwethu aze ayogaladela ematsheni ubeyaphi nje ngasemadwaleni ngoba I garage lilana emnyango kusho USiphamandla umfowabo onguthumbu.
" Phephisani madodana ngiyazi isimo esinzima lesi kodwa kudingeka niqine lokhu ubaba wenu ubefisa kwenziwe uMandla nisengakufeza noma kubuhlungu ukuth silahlekelwe yilomfana kaZwane ebesemufundise kangaka kusho uMabizela ebamba abafana baZwane amahlombe.
" Mfwethu ngiyabonga nje ukuba khona kwakho ukuzongiqinisa idolo kulesikhathi esinzima nakangaka simbozwe yifu elimnyama kusho uZwane ehlala kusofa eceleni kwaMabizela.
" Usufana nomfwethu wena Zwane kusho uMabizela emubamba ingalo, wahlala ilanga lonke kwaZwane efuna nokuthola ukuthi sebezweni efuna nokubona izinsolo zabo zibhekephi. Kwathi kungekudalwathi kusihlwa u waqoqa amadodana akhe.
" Bafana bami akesixoxeni kusho uMabizela engena ngomnyango.
" Kulungile baba besho bemulandela eyongena ekamelweni unina esapheka.
"Lalelani bafaba bami namuhla ngifuna ukunibonisa imfihlo yokunotha kwami lungani siyensimini yami phakathi kwamabili.
" Ok kulungile baba besho bephuma beyolinda ukuthi kushaye ihora leshuni nambili kungekudala unina wabalethela ukudla badla. Kuthe sekuhlwile bangena indlela belibangise ensimini, bahamba baze bafika.
" Namhlanje ngifuna nazi ukuth njengoba ningibona ngiyinjinga ngicebile kwasukaphi esho evula iketangu esangweni ensimini yakhe enkulukazi yombila.
" Kodwa baba besesingaze size ngalesisikhathi kusho uMthokozisi ehamba eqalaza ethuswa nangubumnyama bensimu behamba bekhanyise ngamathoshi sekulokhu kubhanyabhanyaza ebumnyameni.
" Umsindo wena Khumbulani akuphashwa lana, kusho uMabizela ehamba eqhelisa amakhasi emihlanga yombila.
" Baba manje kungani ukhethe ukuthi size kulendawo ngo12:00 ebusuku kubuza uKhaya.
" Yingoba mawufuna impumelelo kufuneka uhlakaniphe ungalali mfana wami kusho uMabizela elokhu edabule njalo ensimini.
" Mina baba ngiyadideka ngoba phela wena usebenza kanzima ukuze lenkampani yalapha ekhaya ikhiqize ukudlula wonke kulendawo kusho uKhaya elandela uyise.
" Kanti ke mtanami kunento ekumele niyazi impumelelo yomuntu omnyama ivamise ukuhambisana nokuchitheka kwegazi ukuze ibhizinisi lisimame ekhuluma ephikelele maphakathi nensimu yakhe uMabizela eyayinkulu ngendlela eyisimanga.
Inkampani kamabizela isimenzele imali enkulu nokwenze wagcina esecebile kakhulu endaweni.
Bahamba baze bakhathala belokhu beqhelise njalo imihlanga baze bafika endaweni engathi inamakhanda asaphenduka amathambo
" Mthokozisi qhelisa lezintambo kusho uMabizela ebambelele kudondolo lwakhe kwazise yayisihambile iminyaka esehlanganise u70 years.
" Ok kulungile baba esho eqhelisa izintambo.
" Hawu kufunani konke lokhu ensimini, kuyathusa futhi kungathi kwakungamakhanda abantu kumangala wonke amadodana akhe emangazwa nawukuthi abayibonanga yonke lento ngenkathi bezile ensimini
" Yonke into eniyibona lana iyona engenze ngaceba , yonke lento yangibizela izindimbane zezitolo ezinkulukazi bafuna ukusebenzisana nami njengoba namuhla ngibalwa nosozigidi kulendawo.
" Kodwa manje akubonakali kahle kusho uKhaya ebukisisa engaboni kunoplastiki omnyama ofasiwe
" Qhelisa ikhanda wena uyeke ukulunguza into ongayazi esho eguqa kuplastiki omnyama.
" Ngiyaxolisa baba kusho uKhaya eqhelisa ikhanda.
" Wagoba wase efaka isandla uMabizela kuplastiki eyayibukeka ngathi kunenyama phakathi kunephunga.
" mmmhhh kunuka ukubola kusho amadodana kamabizela bevala amakhala.
" Umsindo nina kusho umabizela amadolo esebomvu ngenxa yesihlabathi esinebomvu ediniwe efaka isandla eguqile.
" Siyaxolisa baba besho bebambe amakhala.
" uyabona lokhu ikhanda lomuntu esho elibamba eliphakamisa.
" mmh!!!! phuuu kuthuka amadodana ehlanza.
" Yenina botamatisi kusho umabizela ebambe ikhanda lomuntu elingakaboli ngisho ukubola.
" Khaya uzonginyanyisa ngoba angizwani nomfana ontekenteke, kuzomele ikhanda likaMandla lingene lapha kuloplastiki njengoba bengishilo ukuthi ningaligcwabi nomzimba esho edonsa uKhaya ngesinye isandla emguqisa phansi.
" Hhay baba mina ngeke ngikhone ukubuka lento kusho uKhumbulani ezama ukubaleka.
" Gijimani nimbambe!!!! akumfana amasimba lokhu kwengane akufuzanga kwaMabizela kufuze khabonina kusho umabizela amehlo esebomvu ethukuthele ebuka ebumnyameni bemuhubha.
" Kulungile baba besho bemgijimisa bafike bamubamba.
" Yini ningisaphi nina angifuni ukuba lana niyabona ubaba usilethe ukusibonisa amanyala athusayo esho ezabalaza bezabalazisana.
" Asambe angithi uyamuzwa ubaba uyakubiza awuyeke ukuhlanya wena besho bemdonsa bemhudula esemhlophe wuuu ukuhuzuka ezindololwaneni.
" nenzani niyangilimaza maaan nxn!!!! kusho uKhumbulani ephinqilika kodwa abafowabo bemuhlula ngamandla, bemhudula baze bafika phambi kwayise.
" Wozani naye lana kusho uMabizela ephethe ikhanda lomuntu ngezandla ezimbili
" Hhay baba angifuni ukuba lana kusho uKhumbulani ezabalaza ekhala.
" Msondezeni nina maan!! kusho uMabizela edinekile enyanyiswa indodana yakhe emphazamisa engakawenzi umsebenzi futhi eyigwala.
" Woza woza besho bemubamba bemudonsa wathula wanganyakaza bamucindezela eduze kwayise.
" Angizwani negwala lomfana mina siyezwana kusho uMabizela emshukusha ngekhanda elinegazi ebusweni linika phu uKhaya noSthembiso libanukela kabi kodwa ingekho into abangayenza bengafuni nokucasula uyise.
" ukuhlukumeza lento oyenzayo baba weeeeh hhhiiiii kusho uKhumbulani ekhala ememeza kodwa kwazinhlanga zimuka nomoya uyise emkhipha ubugwala emjwayeza nokungasabi ukubona umuntu ofile.
" Angizwani negwala mina siyezwana kusho uyise embinxa ebusweni esemayobiyobi ebomvu igazi nephunga elalibukeka lingamkhathazi uMabizela.
" myekeni khona lana uzogcina ukuba yinto eyigwala.
Wathi esuka waphinde waguqa sebethule bonke abafana bakhe bemugqolozele.
" Niyabona lamakhanda eniwabonayo iwona mgogodla wokunotha kwami, ngiyacela nje ukuthi ningangibuki njengobaba omubi, lokhu engikwenzayo iyonanto ekwakumele ngiyenze ukuze ngicebe, lensimu ukuze ithele izivuno eziseqophelweni eliphezulu futhi ibize izinkampani ingilethele imali kuye kufanele ngigaladisele ikhanda lomuntu kuloplastiki. bese umzimba ngiwugqiba khona kulensimu ngoba akumele neze abomndeni bawuthole umzimba ukuze uzovundisa lendawo kuleyanxenye yensimu esho ekhomba
" Awu baba kuthuka wonke amadodana.
" Impela kunjalo kodwa manje sengimdala sengifuna ukuthi niqhubeke nalomsebenzi ukuze ngingathi mangifa bese kushabalala wonke amabhizinisi ami okuyifa lenu.
" Baba mina ngeke ngikwazi ngiyasaba kusho uKhumbulani ekhala.
" Khaya wena umdala kulabafowenu ngicabanga ukuthi kube uwena oqhubeka nalomsebenzi, uzobothatha umuntu kulaba beHike kuyothi uma senisendaweni ethule bese umfaka inhlamvu kodwa uqikelele ukuthi igazi uyalisula futhi awushiyi nokukodwa okuzobiza amaphoyisa.
" Akunankinga baba uma uthi impumelo yakho ikulento oyenzile nami ngizimisele ukuqhubeka lapho uqale khona ukuze wena uzophumula usumdala manje baba kusho uKhaya.
" Ngizokweseka mfowethu kusho uMthokozisi ebuka uKhaya.
" Awuzwe ke bafana bami kodwa ke ekumele nikwazi lensimu ingifakela 1million ngonyaka emva kwesivuno ngoba nani niyayibona inkulu kangakanani kanti futhi, kanti futhi niyazi ukuthi nasenkampanini yamabhasi ngikhona ngibambisene noZwane.
" Sazi kahle kakhulu baba bevumela phezulu.
" Nakhona ngifuna ukuthi njengoba uZwane kunguyena ohlezi esihlalweni kungene oyedwa wenu bafana bami, futhi sekuzoba lula njengoba sesigudluze lomfana wakhe kodwa manje okungikhathazayo yilomakhalekhukhwini ongatholakali.
" Ey uyazi baba nami angisazi singawuthola kanjani kusho uKhaya.
" Kumele utholakale bese ukuhamba kwesikhathi sibulale uZwane lapho ke inkampani yamabhasi iyobe isiwela kwaMabizela, Ngoba nayo lenkampani yami yombila nempuphu inkulu kakhulu ngifuna ukuth mangiqhela ngishiye wena Mthokozisi esihlalweni ngoba uKhaya kumele angene esihlalweni sikaZwane emabhasini.
" Hawu mina baba bese ungibekaphi kubuza uKhumbulani emangele.
" Wena ngisafuna ukubona ukuthi ukulungele yini ukusebenza ezinkampanini zami ngoba uyigwala kakhulu, angizwani negwala mina kusho uMabizela esukuma ethintitha amadolo.
" Ngingenza noma yini baba ukukubonisa ukuthi nami ngikufanele ukuhlomula ezinkampanini zakho.
" Uyabona inkampani yami yeBhusha nemfuyo yami konke lokho nakho kudinga ukuthi ngibeke umuntu ozalwa yimi aqhubeke kodwa ke lapho kufuneka isibindi usebenzisane namaphoyisa ngoba ezinye izinkomo ngiyazeba, kanti futhi nabantu abahlola izifo zezinkomo bayaye bahlole imfuyo uthole ukuthi yonke inesifo, nokuyilapho ekumele ugwazele kulaba abahlola inyama ukuze udayise inyama noma inesifo, ngoba ngeke ngiluze imali ngenxa yokuzwela abantu engingabazi kusho uMabizela ebuka uKhumbulani.
" Baba nami ngibona ukuthi akubambe wena ebhusha ngoba uKhumbulani esemncane futhi ungumuntu onovalo, kusho uKhaya.
" musa ukungisanganela wena!!! ufuna ubaba abeke wena nasebhusha, phela unomhobholo kusho uKhumbulani ebuka kabi uKhaya.
" Yewena doti Mdala kunawe uKhaya ngane engezwa!!! kusho uMabizela eshaya uKhumbulani ngodondolo kabuhlungu ehlombe.
" Ngiyaxolisa baba ukuthi nje uyathanda ukuzenza isiqhwaga lona.
" Njengoba senginibonisile lana kulendawo kusasa kokhu okusayo nize nizogaladisela ikhanda likaMandla kuloplastiki ningamshiyi uKhumbulani nize naye ukuze ngibone uqhuba kanjan niyeke ukukwebhana zingane zami ngiyanithanda nonke.
" Siyezwa baba, manje ake ngibuze baba, ingabe ukusimama kwenkampani yamabhasi akho nobaba Zwane kuhlangene nalento ngoba indlondlobale kangaka kubuza uKhaya.
" Cha iZwane&Mabizela Buses indlondlobale ngobuhlakani bukaZwane ngoba yona ibe nkulu ngingakayenzi lento yokuthwala.
" Ok ngizwa kahle baba manje kusho ukuthi njengoba uthi indlondlobale ngobuhlakani bukababa'Zwane manje uma simugudluza angeke kwenzeke yini ukuthi iwe inkampani kubuza uMthokozisi.
" Angeke iwe ngoba nami kuningi engikufundile ekusebenzeni kwakhe futhi noma angafa uZwane ngiyobe sengiyisebenza nayo inkampani ngalokhu enikubonayo ngoba iyobe isingeyakwaMabizela kungasekho uZwane nendodana yakhe, ngoba phela uma ngenza lomkhuba kulensimu kufuneka mangithaka lento eniyibonayo kube yisibongo sami esingenhla ngibe sesihlalweni ukuze mangiphakela lezinto lamakhanda zizondlondlobalisa mina njengenhloko yebhizinisi, kodwa futhi akuhluphi ngoba noma kuhlezi indodana yami esihlalweni izolokhu imile inkampani ngenxa yesibongo, kungabheda nje uma singaboshwa sonke ngoba akekho ongeza kulensimu ukwenza lomkhuba sekungaba ukufa komcebo wakwaMabizela, manje ke kufanele siwuthole noma ikanjani lomakhalekhukhwini siqede ngawo ungaze bawu(Trace)
INSIMU YEZIMANGA
ISIQEPHU 4
Kwakumuncu kwaZwane noMpume esebuyile esibhedlela kodwa ehlezi ekamelweni ngenxa yokuthi udokotela wayethe angalokothi azikhandle akaphumule ngoba umtwana sekuyinyanga yesi8, ngenyanga ezayo uyateta.
Wayelokhu ezamile naye ukushayela umakhalekhukhwini kaMandla izinyembezi zigcwele amehlo ebamba isisu ekhumbula mhla etshela uMandla ukuthi ukhulelwe, ekhumbula nangendlela ayejabule ngayo behlezi eRestaurant kanti ngalelo langa uMandla uzokhipha indandatho ecela bashade, wathatha nomakhalekhukhwini ebuka izinsuku ezazimnandi bethatha izithombe.
" Kodwa Mandla ungangishiya kanjani sesihlele izinto ezinhle kangaka kusho uMpume ekhala izinyembezi zigelezela emqamelweni.
Wazama ukusula izinyembezi ekhumbula ukuthi udokotela uthe akumele avumele istress ngoba akumlungele ngoba ekhulelwe.
" qo qo qo kunqonqoza umkaZwane.
" Ngena mama kusho uMpume esula izinyembezi.
" Hawu ngane yami kwangathi uyakhala nje.
" Akukho lutho mama esho eziqinisa uMpume.
" Mtanami ngiyacela uqine wenzele lomtwana osesiswini kunzima kithina sonke mtanami, nali itiye esho emnikeza inkomishi yetiye.
" Ey mama ukuthi nje ibuhlungu lento eyenzekile ngingazi noma uyaphila uMandla noma umuke namanzi.
" Ey nami iyangikhathaza lento mtanami kodwa nabo labatakuli bakubeke kwacaca ukuthi bacingile impela bashona ngisho nasempophomweni kodwa kutho ukuthola umtanami kusho uMaMthembu ebonakala ukuthi lendaba imuvusa amanxeba.
" Kodwa mama nabo ozakwethu kumele ngabe sekukhona imizamo esebeyenzile kanti futhi nami ngikude ukubuyela emsebenzini njengoba nginjena.
" Cha mtanami wena nje kumele utete kahle uncelise umzukulu wami ungalokothi ujahe ukubuyela emsebenzini.
" Ngiyezwa mama kodwa ngibuhlungu ngomyeni wami phela uMandla kwakuyisifiso sami ukuthi mhla ngiteta naye abe seduze kwami.
" Phephisa ngane yami kodwa noma nje kubukeka njengengozi okwenzeka kumtanami angiboni amaphoyisa adingeka ukuthi aphenye ngani.
" Mama kumele ozakwethu(police) bathole ukuthi ingabe wayekhona yini emotweni ngoba mhlambe wathunjwa kwase kugaladiselwa imoto emhosheni ogeleza izikhukhula.
" Asazi kodwa mina nobaba sesamukele ukuthi umtanami wamuka namanzi ngoba ngiyakhumbula ngenkathi sikhula bekwenzeka uma sisemfuleni kube khona abamuka nomfula babecingwa kuze kuyekwe umzimba ungatholakali, manje lento eyenzekile ingikhumbuze lokho, ngoba namanje kuyenzeka kube nezikhukhula njengoba kwenzeka ethekwini, eminye imizimba yacingwa kodwa ayizange yatholakala.
" Ngiyezwa mama kusho uMpume ephuza itiye.
" Sala mtanami uphumule nami ngiyophaka manje ngizothumela umelusi ekulethele ukudla ngoba angifuni ulokhu ugibela lezitebhisi kulesitezi esinezitebhisi eziphakeme.
" Kulungile mama ngibongile ngenkomishi yetiye.
Wahamba waqedela ukupheka umaMthembu uZwane namadodana belokhu behlezi esittingroom kungekho onomdlandla wokuxoxa ngenxa yenkumbulo ababenayo ngoMandla.
" manje baba uzomisa kanjani ngenkampani yakho nobaba uMabizela ngoba phela nakhu sekuvele lengozi kuMandla kubuza USiphamandla.
" Ey mtanami mina angazi ukuthi ngizokwenzanjani ngoba nawe usenza unyaka wesibili enyuvesi nokuyinto ekhomba ukuthi kusamele ngilinde eminye iminyaka kanti ngikhathele manje sikhulile sinoMabizela.
" Khona impela nami baba sengiyakuzwela kusho uMelusi uthumbu kaZwane owenza ibanga leshumi.
" Ngicabanga ukuthi ngike ngibambe iminyaka emibili uze uthole iDegree Siphamandla ngoba abafana baMabizela abakulungele ukuphatha kulenkampani.
" Hawu usho ngani baba ngoba nabo baya ekolishi(Collage)kubuza uMelusi.
" Abanalo ugqozi abafana baMabizela abanalo ilukuluku nentshisekelo, futhi sekukaningi bethola ama Warning ngoba banokuLova beya ngokuthi inkampani ekayise nami.
" Ngiyezwa baba kodwa awuboni ukuthi uzozonda ubaba Mabizela ngoba phela wena ubusunqume ukuthi wena naye niqhele kuthathe intsha ngoba iyona eyazi ubuchwepheshe besimanje kusho uMelusi.
" Yebo isifuso sami besekuyileso kodwa manje akekho njengamanje ofunde ngendlela uMandla ubefunde ngayo kuyacaca ukuthi lenkampani ubezoyithatha ayibeke kwelinye izinga kusho uZwane ebuka isitifiketi saMandla ezwa ubuhlungu.
" Kodwa mina ngibona ngathi ubaba Mabizela uzobona ukuthi wena baba ufuna kuphathe thina kodwa naye enezo izingane bese kumosheka ubungani benu kusho uSphamandla.
" Uyazi uMabizela ukuthi abafana bakhe babuye baphume esandleni bangalandeli imiyalo yenkampani, kanti ke futhi no Mabizela unenqwaba yezunkampani ngikhuluma ngeMabizela Maize Meal, aphinde akhiqize umbila osezingeni eliphezulu, unebhusha kanye nezinkomo ngeke nje athukuthelele ukuth omunye wabafana bami ungene esihlalweni ngoba into esayixoxa mhla uMandla ehamba eyofunda enyuvesi.
" Ngiyajuzwa baba kusho USiphamandla.
" Manje baba uma yena engathi akubekwe uKhaya ungathini kubuza uMelusi.
" Angeke uyazi naye ukuthi umuntu onolwazi olunzulu ngamabhasi uyena nami, noMandla sasikhulume ukuth uzobuya aphathe ngenxa yemfundo kungekhona ukukhetha iphela emasini.
" Hhay siyezwa baba, ngiyawuhlonipha umsebenzi enawuqala ninoBaba Mabizela.
" Indoda emadodeni uMabizela, akanqeni ukufaka imali mangikhuluma ngento ezokhulisa ibhizinisi namhlanje sinamabhasi awu 100 kungenxa yokubambisana, mbukeni nje namhlanje ushaya ngoxhaxha lwamabhizinisi.
" ngiyezwa baba nami ngiyayithanda nje indlela enizwana ngayo kusho uMelusi.
Kuthe nje kusahleziwe bexoxa kwezwakala imoto kungathi iyama ngaphandle uhlobo lweBMW emnamanyana(Navy)
" Nayiyizwa imoto emayo kusho USiphamandla.
" kodwa kungaba wubani ngoba kusebusuku manje, awubheke Melusi kusho uZwane.
uMelusi wabheka kukhethenisi
Kwabonakala imoto engaziwa kwehla indoda engabonakali kahle ngenhla yokuthi kwasekushone nelanga, yeza nganeno izongena ngesango iphethe isikhwama esikhulu ekwakubukeka kunezimpahla ikepisi layo kungathi inehwanqa.
" Ay akubonakali asilindeni esho ehlala phansi.
yafika yagqogqoza lendoda.
Qo qo qo kwamaNgethe...
" Kodwa ingabe ubani lowo kusho uMelusi ebukana no Siphamandla.
" ubani kubuza uZwane esemi emunyango.
" uSkhumbuzo Madi
" Skhumbuzo madi besho bonke bebukana bedideka
" USikhumbuzo umfowabo kaMpume.
" Hawu kusho uZwane evula.
" Sibaaaaali hawu kanti uwe bemujabulela kwazise isikhathi bamugcina.
" Babezala kusho uSikhumbuzo exhawula uZwane kwabe kuqhamuka noMaMthembu.
" Hawu ndodana hhuwe lomuntu esho naye ezokwanga uSikhumbuzo.
" Sibali kade sakugcina kuphele iminyaka eminingi yagcinana kusho USiphamandla embambela izikhwama.
" Ngizwile ngokunehlele mama sengithi angizosingatha udadewethu kulesikhathi esinzima kangaka.
" Ey mfana wami awuhambe uyobingelela udadewenu kunzima kakhulu kuye njengoba ekhulelelwe nje futhi nami ngilokhu ngimuhlola ngoba angifuni azikhandle ngithe akaphumule.
" Ayi kulungile mama ngicela ukuya kuye esho ekhuphuka ngezitebhisi wafike wagqonqoza.
" Ngena kusho uMpume kwabe kuvuleka umnyango.
" Haaaaaaawuuuu Sikhumbuzo ngane kamama kodwa wanyamalala kangaka nasekhaya ngenkathi ngilotsholwa wawungekho.
" Ngiyaxolisa dadewethu nawe uyazi impilo yami ayisekho kulelizwe njengoba sengahlala phesheya akulula ukubuya njalo njengiba ngishayela izindiza.
" Ngiyazi ukuphi umakoti wakithi.
" Ngimushiyile uZama naye ukhulelwe inyanga yokugcina lena wena zingakhi izinyanga.
" Ngiyateta ngenyanga ezayo usuzoba umalume.
" Akazalwe umshana kamalume kusho uSikhumbuzo ebuka isisu saMpume.
" Ey ngibuhlungu nje ngalokhu okuvelele uMandla ngingazi noma usaphila noma unjan kusho uMpume kuphela iSmile.
" Sisiwami awuchaze konke okwenzekile ngoba ngifuna ukubona lapho ngingasiza khona.
"Ey bhuti wami, uMandla wahamba eyothela uPetrol akaphindanga wabuya kodwa okumangazayo umakhalekhukhwini wakhe uyakhala okukhombisa ukuthi uyangena okudidayo awubanjwa.
" Ok sisiwami manje wena uke wazama ukwenza umuzamo wokuphenya, ngoba nathi ngengabashayeli bezindiza sifundiswe ukuthi noma nithunjwa kwenziwa njani ngoba izilelesi zikwazi nokuthumba abagibeli befuna imali kuhulumeni.
" Sikhumbuzo umamezala uthe angitete kuqala ngiyeke ukuzikhathaza okwamanje.
" Ok Mpume awuke esho ehlala kahla embukisisa... Angithi ethe uMandla uphume eyothela uPetrol egaraji.
" Yebo mfwethu
" Ok into yokuqala esiyidingayo iCCTV footage egaraji, bese ngi Trace lomakhalekhukhwini ubesebenzisa omakhalekhukhwini abangakhi, esebenzisa yiphi iNetwork?
" Ubesebenzisa uVodacom noMTN kodwa inombolo yakhe iyodwa esebenza kakhulu esiyisebenzisa sonke.
" Ok niyile kuTracker yenkampani yemoto yakhe,izoveza konke lapho imoto ihambe khona?
" Cha kodwa imoto wayithengelwa ubaba Zwane ngegama lakhe okusho ukuthi ungakhona ukukhuluma naye ngalokho.
" Kukahle impela uma ubaba Zwane ezoshayela iTrack company izoveza lapho imoto ihambe khona khona sokwazi ukucinga yonke into engaba yinkomba yokuthi uMandla uphelelephi. Uma ethunjiwe noma wabulawa kumele sazi abenzi balobo bubi.
" Bhuti wami wabuyisa ithemba bengingeke ngiwukhone ngingedwa lomsebenzi esho ebuka umfowabo kwehla izinyembezi.
INSIMU YEZIMANGA
ISIQEPHU 5
USikhumbuzo wathi uma eseqedile ukukhuluma noMpume wavalelisa.
" isiyobonana ekuseni dadewethu nami angiphumule yinde indlela engiyihambile.
" ulale kahle sikhumba ngizokubona ekuseni.
Wabe esebuyela lapho kuhlezi umndeni wakwaZwane wahlala isikhashana wabe esecela ukuphumula ngoba kunezinto ekumele azikungise kusasa.
" Melusi hamba ubonise uSikhumbuzo lapho ezolala khona kusho uZwane naye ezamula esefikelwa ubuthongo.
Babe sebamutshengisa lapho azolala khona.
Wathi uma efika nje ekamelweni wakhipha iLaptop yakhe.
Wacindezela okuningi enciphisa amehlo eSearch igaraji lendawo ebheka igaraji ekuthela kubo abakwaZwane. Ilocation yakhomba ukuthi likuphi, wabuka imigwaqo ukuthi ihamba kanjani yakhombisa nemigwaqo ukuthi ime kanjani.
" Kusasa ngivukela kuleli garaji kusekuningi ekumele bakuchaze kusho uSikhumbuzo evala iLaptop.
Kuthe nje esahleli emubhedeni wavula umakhalekhukhwini wakhe wabikela uZama ukuthi uhambe kahle nosisi wakhe umuthole ephilile.
Wathula nje isikhathi eside ecabanga ukuthi ingabe unyamalale kanjani uMandla ekubeni besebelindele ukwenza isiphihli somushado, wawubona ukuthi ubuhlungu nangesimo athole kuso uMpume ngoba wayemshayela ejabulile emazisa ngezinhlelo anazo ngomshado wakhe.
Wagcina evuka ekhumula walala wambatha wacima ugesi walala, nabakwaZwane balala.
" wenkosikazi kodwa uyibona kanjani lento kaMpume ngoba phela besesikhiphile sekulindwe umshado kanti nenkampani yethu idinga umuntu ozothatha emvakwami.
" Ey myeni wami iyonanto engiphethe kabi leyo ngoba phela uMabizela ukhulile manje una70 years mina ngina 65 angisafuni impela ukusebenza ngiyezwa nje ukuthi ngikhathele namadolo awasavumi.
" Phumula manje mangethe khetha umuntu ozongena ezicathulweni zakho noma kumane kubambe oyedwa kulabafana baMabizela.
" Nami ngike ngayixoxa leyondaba nabafana bami ukuthi kumele USiphamandla afunde aze abe neDegree ngoba ngifuna umuntu ofundile legenge yamanje yazi ubuchwepheshe obuyisimanga.
" USiphamandla wenza unyaka wesibili kuzomele afunde iminyaka emine uyabona kusazomele simulinde ukuze aqede nokuyinto esekudeni.
" Awu ngeke impela baba zama impela ukuthi nimane nilolonge oyedwa kulabafana baMabizela bese niyambeka esihlalweni ngoba uMabizela uzobona ngathi lesikhundla usingcinele izingane zakho.
" Kanti akunjalo nkosikazi mina ngifuna ukuthi sifake umuntu ofundile impela yingakho ngizobamba leminyaka emibili aqede uSiphamandla.
" Kungani ungathi umfana kamabizela omdala afunde aqhube imfundo yakhe ngoba waya ekolishi lomfana.
" Angazi ngizoke ngihlanganise ikhanda nomabizela agqugquzele uKhaya aqhube imfundo yakhe ukuze ngizogculiseka nami, angifuni simane sibeke umuntu ozowisa inkampani ngoba nathi sayiqala kungelula lenkampani.
" Yebo mina ngicabanga ukuth nibonisane ngaloludaba kodwa ngoba angikazi ukuya emsebemzini kulezinsuku ngicabanga ukumushayela ngidungide naye loludaba.
" Awu kodwa baba sekuhlwile akugcono umshayele kusasa amane eze yena lapha ekhaya ningaxoxi loludaba ocingweni.
" Kulungile mkami iphuzu lelo kusho uZwane eqhiyama eqamela kuHeadboard.
" Manje wena mkami mawubheka kungenzeka ukuthi uMandla usaphila lapho ekhona.
" Ey baba mina ngiyayazi indaba yokumuka nomfula, niqale niziphe ithemba ukuthi isidumbu siyotholakala kodwa nilinda umulibe nibe nethemba ukuthi uyotholakala emadwaleni noma egaxele ezihlahleni kodwa kube zinhlanga zimuka nomoya.
" Khona uqinisile uyazi nami ngiyakhumbula sisabhukuda singabafana abanye babemuka nomfula umzimba ungatholakali.
" Kunjalo impela baba, nathi nje kuzomele samukele ukuthi uMfana wethu akasekho noma kunzima nje futhi mina ngibuye ngizitshele ukuth ngilele ngiyaphupha kanti cha.
" Ay asilale mkami sizobona ukuth senzanjani ngoba nasi nesivakashi kusho uZwane ecima ugesi.
Kuthe makusa ekuseni uMkaZwane wavula walungisela wonke umuntu ukudla kwasekuseni kanti noSikhumbuzo usheshe wavuka waqonda eshaweni wagqoka wabe eseza esittingroom.
" Hawu usuvukile ndodana kusho uMaMthembu ethosa ama viena esefake namaqanda nesinkwa emapletini.
" Ey mama ngithe angivuke early ngoba ngisanendlela ekumele ngiyilungise.
" Bengicela uhambe usudlile ngoba sibalulekile isidlo sasekuseni mfana wami esho ebeka iplate phambi kwakhe wabe esebeka inkomishi yetiye.
" Ngiyabonga mama esho ekwamukela isinuka kamnandi insizwa yakwaMadi.
" Kunjani phesheya mtanami yilokhu kwaba yiphupho lami ngizalwa ukuya eMelika kodwa ngokuthi uZwane uyasaba ukugibela indiza.
" Ha ha angimusoli nami ngiye ngibone abanye bephathwa isiyezi uma isizophakama ngenxa yovalo nokuyesaba.
" Manje wena awubi novalo mfana wami.
" Cha mama mina ngaqeqeshwa sengajwayela ukuba semoyeni.
" Ayi kulungile ke mfana yidla uzolungisa izinto zakho esho ephuthuma ipani uMaMthembu.
" Sanibonani kubingelela uMpume ehamba kancane nesisu sakhe.
" Hawu kunjan Makoti.
" Ngiyaphila mama.
" unjani skhumba.
" ngiyaphila sisiwami sengiyindlela ngizonibona ngibuya.
" Hawu usudlile wasutha ngisengakuphinda kuyadliwa kwaZwane asifuni umuntu alambe.
" Hhay khululeka mama ngizonibona ngibuya.
" Uhambe kahle ke usheshe ubuye kusho uMpume.
" nisale mama esho evula ephuma eyongena emotweni yakhe.
" Engabe uphuthumaphi umfowenu ngoba uyamubona ukuthi ujahile impela.
" Nami angazi kahle mama uSkhumba ungumuntu ohleze elungisa izinto ngisho nasekhaya.
" Uyinsizwa ephapheme uyamubona nje kusho uMaMthembu ebeka ukudla phambi kwaMpume.
" ngiyabonga mama esho ethatha itiye ephuza.
Wahamba njalo uSikhumbuzo elibangise egaraji eliseduze ekuthiwa uMandla waya kulo eyothela uPetrol, wafica abasebenzi bethela ezimotweni wadilika ephethe umakhalekhukhwini wakhe ngesandla.
" siyabonana mfwethu kubingelela uMandla.
" yebo mfo kusho othela uPetrol.
" Ngicela ukubuza ngingayithola imanager.
" yebo ikhona ise Office layo kulowamnyango wawudlula kuleya fridge.
" Ok ngiyabonga mfwethu ngicela nje ungisondezele lemoto usale usuyigcwalisa uPetrol ushaye iFull Tank esho emnika ukhiye.
" Kulungile mfwethu eyi ushaya ngonyanyavu iLatest yeBMW.
" ngiyabonga mfo angingene ngibonane neManager esho ephenduka elibhekise khona.
Wafike wabuza phakathi basho kuManager ukuthi kunomuntu ofuna ukumbona yathi abamungenise nangempela wangena.
" Siyabonana bhuti wami kusho iManager ixhawula.
" yebo bhuti kusho uSkhumbuzo exhawula.
" Ngingakusiza ngani ke mfowethu kubuza imanager ikhuphula izibuko zayo.
" Mfwethu ngidinga usizo lwakho, ngolwesihlanu kwanyamalala umyeni kasisi wami engumuntu owayeze lapha egaraji manje akabuyanga ekhaya bengicabanga ukuthi kungenzeka wathunjwa ekulendawo noma owayemlandela wafike wazenza othela uPetrol manje bengicela nje ungiphe iCD ye CCTV footage mhlambe ingaba Umhlahla ndlela.
" Ok akunankinga mfowethu mawusho njalo ngiyazwelana nawe esho ecindezela kuComputer.
" Ngiyabonga uma ungangisiza mfowethu.
Wake wacindezela isikhathi wayithatha iCD wayifaka wakopisha konke okwashuthwa ngolwesihlanu waqeda wamunika.
" Ngiyabonga kakhulu mnumzane ngesikhathi nangomusa wakho kusho uSikhumbuzo esukuma.
" Kulungile mfwethu uhambe kahle.
Waphuma uSikhumbuzo esejahe nje kwaVodacom wafika wabuza ngenombolo kaMandla ukuthi yayi Rickiwe yini. Babheka bathola ukuth inombolo eyayi rick ngegama lakhe futhi ayivaliwe iyasebenza.
" ngiyabonga kakhulu esho ephuma eqonde emotweni yakhe wafike wacindezela kuLaptop yakhe wabukisisa ecindezela wathola ukuthi idonsa ngasemugedeni lapho kuhamba amanzi wathi esuka walibangisa endlini kwaZwane wafica bonke sebevukile behlezi wabingelela kulaba angababonanga ekuseni, wase ecela uMpume eceleni.
" Sisi wami ngiyaxolisa ukukuphazamisa awugqoke ngifuna sijike eduze kukhona umkhondo engathi ngiyawuthola.
" Usho ngani kubuza uMpume.
" Asambe ngizokubonisa emotweni.
" Ok awuthi ngishintshe ngokushesha.
Wahamba wabuya eseshintshile badlula kuhleziwe kwaZwane.
" Hawu sekuyiwaphi ngoba ngithe makoti uphumule.
" Ngiyothenga okokugqoka mama sezincane ezinye izimpahla sizobuya ngokushesha kusho uMpume
" Ngeke sihlale ezitolo mama ngiyathembisa.
" Ok kulungile zingane zami, kulungile ukuphume uyopholisa ikhanda kusho uMkaZwane.
Baphuma bafike bangena emotweni kaSikhumbuzo.
" Mpume nayi iCCTV footage ngizocela siyibuke hleze kube khona esikubonayo esho eyifaka kuLaptop
💿💻Babuka izimoto ziphuma zingena bayibona imoto kaMandla ithela sekuntambama.
" Nangu uMandla uyamubona kusho uMpume ekhomba.
" Ngiyamubona uSibali esho ebukisisa esondeza ubuso uSkhumbuzo.
💿💻Kuthe nje besabuka babone ekhokha uPetrol bese kuba khona imoto emnyama engathi ima ngemuva, kodwa yangathela yacela ukusulelwa amafasitela
" Hhay bo lemoto ifana neyakwaMabizela kusho uMpume.
" uyayazi kusho uSkhumbuzo ebuka udadewabo.
" Noma kungathiwani iveni lababa uMabizela leli ukuthi akuphumi muntu sibone ukuthi ubani ophakathi.
" Akuhluphi uma wena usola ukuthi iveni lakwaMabizela asiqoqe ubufakazi obanele ngoba kumele sibe nesiqiniseko okwamanje asiye emhosheni ongasemadwaleni emfuleni ogelezayo GPS izongilayela sengiyibhekile ilocation esho edumisa imoto uSikhumbuzo
" Siyokwenzani lapho manje Sikhumbuzo.
" Vula iLaptop yami ubheke lapho ngiTrace khona iEMI yomakhalekhukhwini kaMandla kukhomba ukuthi iTower edonsa kuyo ingaseMfuleni lona onempophomo.
" Asambe mfowethu bengazi ukuthi njengoba kufike wena kuzoba lula ngoba unobuchwepheshe.
Yahamba imoto yaze yafika lapho uMabizela namadodana akhe bagaladisela imoto kaMandla.
" ikhomba kulendawo sisiwami asidilike ngoba isakhala ngisho ngiyishayela.
Nangempela badilika babukisisa uSkhumbuzo ebuka kumakhalekhukhwini wakhe aphinde abuke kuLaptop.
" Sisi uyabona lendawo leyaaa ya esho ekhomba phansi,
" Ngiyabona sikhumba.
" Ngizozama ukwehla mina letha intambo ngiyafasele kimi ukuze mangishelela izongibamba.
" ok esho eyithatha emnika wazifasa emzimbeni wase efasela emotweni lapho idonsa khona I Caravan.
" uqaphele bhuti.
" Khululeka sisi wami thina siqeqeshwe ukuthi uma indiza igaxela ematseni noma ibhajwa ndawo thize uma nje ingabhomanga sikhone ukuzisindisa esho ehla eyoshona phansi esiweni esithusayo.
" Awuyishayele inombolo kaMandla esho ememeza elena phansi.
" Ok esho eyishayela nangempela wezwa uSkhumbuzo ikhala phansi kwedwala.
" Nayi ngiyayizwa esho ememeza phansi.
" Hawu ngempela Sikhumba kusho uMpume ngamehlo anezinyembezi.
" Ey dadewethu usibali ushaya ngomakhalekhukhwini weCat Caterpillar awenzeki lutho ngisho ungangena emanzini ngisho ungawuphonsa etsheni esho ewutakula ukhala.
" Khuphuka ucace ngizowubona Skhumbuzo.
Wacaca ezabalaza eqinise izingalo ehlinile waze wafinyelela phezulu uSkhumbuzo esejuluke esifubeni.
" Hawu yiwo umakhalekhukhwini waMandla awubuke iBettry beselizophela kusho uMpume ewubuka.
" uyayazi ipassword yawo kubuza uSkhumbuzo.
" Yebo asinazimfihlo sinoMandla esho ecindezela ipassword uvuleka.
" kusho ukuthi wawa makuphenduka lemoto ingena kuleliwa kusho uSikhumbuzo esula umjuluko.
" Awubheke amaMiss call angakanani kusho uMpume ehambisa ngomunwe.
" ubani lona oshayele uMandla kaningi kangaka kubuza uSikhumbuzo ebukisisa.
" uKhaya wakwaMabizela.
" Yini umngani wakhe.
" Cha uzalwa ubaba Mabizela ongumngani kababa Zwane.
" Manje kungani ubemshayela nango 12 ebusuku buka nje 72 miss calls ngoba mangibukisisa uyabona lana ubaba Zwane 20 miss calls, Love Mpume 41 miss calls, yini lena beyenza uKhaya ashayele uMandla imini nobusuku, ubedinga ini kangaka?
" Uyazi ungicabangisa enye into manje skhumba ngoba lapha kuCCTV footage imoto ibingemuva kwemoto kaMandla imoto kababa Mabizela nakhu nama Miss calls agcwele awaKhaya mabizela kukhona okushaya amanzi.
" Kukhona abakwaziyo labantu kuzomele sisebenzise ubuchule ukuze sithole iqiniso kanti futhi ngifuna ukutrace lenumber kaKhaya ngithole ukuthi ngenkathi eshayela uMandla umakhalekhukhwini wakhe ubudonsa kumaphi amaTower, ekuziphi izindawo, asambe sithenge amaroko akho okugqoka amabili okukhohlisa abakwaZwane, kodwa khona iqiniso solithola ekugcineni esho evulela uMpume umnyango wangena emotweni wayishaya yazula ilibhekise kwaZwane.
Click Here To Read Next Parts 👇