ISOKA LAMI 😊 P88

1 Like = ❤️
0

 ISOKA LAMI 😊 P88


"Mah Nawe baba ngicela ukunishiya kengyobona untombenhle ngizokwenza ngakho konke okusemandlen ukuthi ngiyayilungisa lento Kusho usandile esukuma ephuma engena emotweni wahamba Waze wafika ka ntombenhle wafika wapaka imoto wangena ngaphakathi wafica uzinhle untombenhle esekamerwni 


"Sawubona Zinhle ngicela ukubuza ngingamthola untombenhle kubuza usandile


"Cha ngeke ukwazi ukumbona ngoba akayifuni into ehlangene Nawe kuphendula uzinhle ngokunganaki


"Ngyakucela Zinhle ngicela ukukhuluma no ntombenhle bandla ngeke ngithathe iskhathi eside kuncenga usandile


"Okay ungahlala phansi ngiyombiz Kusho uzinhle esukuma eya ekameren


"Ntombenhle nangu usandile ucela ukukubona la Kusho uzinhle


"Sandile mtshele ahambe angifuni ukuphinde ngimbone Kusho untombenhle aphume uzinhle aye Ku Sandile asukume usandile ezitshela ukuth untombenhle uyalandela


"Uthe ucela uhambe akafuni ukuphinde akubone Kusho uzinhle 


"Ngicela ungiyise kuyena bandla Zinhle ncono ngizokhuluma mina yena ngeke angiphendule Kusho usandile encenga uzinhle avume uzinhle angene ekameren elandelwa usandile


"Ufunani Wena la Kusho untombenhle esukuma ebuka esandile ngamehlo agcwele izinyembezi


"Ntombenhle ngicela ungiphe imzuzwana nje ngyakucela ngizokuchazela ngiyazi ukuth usuyazi ngento engiyenzile ngyaxolisa sthandwa Sami ngicela ungixilele angazi nami ukuth bengingenwe yini Kusho usandile naye osekhala

 
"Yey ungalinge ungibize ngaleyonto mina ngicela uphume la Ohhh nakhu okunye mi untombenhle efuqa usandile ngefoni le amthengela Yona salusuyithatha nalefoni yakho uhambe la angisakufuni uyanginyanyisa nje kuphela Kusho untombenhle ekhulumela phezulu lapho uyakhala njengoba nosandile esekhala nje ezisola


"Ntombenhle ngicela unginike elinye ithuba ngyakucela okungenzeka nje ukuth unandi ungisebenzisele umuthi ngoba angazi ngampela ukuth bengingenwe yini ngyakucela sthandwa Sami ngyasisola ngeke ngiphinde ngikuphule inhliziyo yakho Kusho usandile ekhala bandla exolisa eseze waguqa ngamadolo

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !