INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 83

1 Like = ❤️
0

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 83

Kuthe sebebuyele emsebenzini abasebenzi kwakuyinjabulo yodwa ezisebenzini zenkampani yakwaZwane, uMabizela kwadliwa konke ayenakho okuhlanganisa umhlaba owawunesakhiwo senkampani yakhe yempuphu iMabizela Maize Meal.

Wahlupheka waze waswela usheleni wakhishwa esibhedlela wahlala ekhaya labantu abadala esenciphile elingana nezingubo kwayalelwa onesi abaziwa ngebe home base care ukuthi bangamuphi ukudla okunosawoti eliningi namafutha ngoba sebethole noshukela nesifo sokudlikiza ngenxa yestress level egazini lakhe.

Wayesebuka engasakhulumi kakhulu ngenxa yokuhefuzela nokukhathala uma ekhuluma. Ukusimama kweZwane Legacy kwakusematheni kukhulunywa ngayo izwe konke, uZwane wayegcwele emaphepheni.

UMabizela wayebuhlungu nokuyinto eyamondisa ebona USiphamandla ehlakaniphile ehola nabafundi enyuvesi ekhulumela abafundi nokwenza abantu abaningi bathi namaphepha abhale ukuthi, " lomfana uzalwe nabo ubuholi uzohamba ezinyathelweni zikayise uhlakaniphile, uMabizela wayedabula iphepha alilahle phansi ecabanga ukuthi isifiso sakhe kwakungukuthi kubuse izingane zakhe kodwa namhlanje kugqame isibongo saZwane ekubeni isibongo sakwaMabizela besaziwa itheku lonke. 

" Mkhulu khamisa nawa amaphilisi kusho usisi osebenza ekhaya labadala.

" Susani lento kusho kusho uZwane ekhafula amaphilisi egcwala ebusweni kusisi wabantu esenenhliziyo encane esemathambo ebusweni ungaphika ukuthi uMabizela ubemkhulu enemali aziwa. 

" Hawu kanti lomkhulu unjani kusho uSisi wabantu ekhala eyogeza umlomo ubuso buconsa. 

Ayikho intukuthelo nobuhlungu benhliziyo obake baphatha kabi uMabizela njengokuzibona esehlupheka, engasahlonishwa umhlaba umshayile ejikelwe nawukhaya indodana yakhe osekungukuphela kwayo. 

" Mina angiyiboni nje into engisayiphilela kusho uMabizela elele ecimezile ekhuluma yedwa ekhala. 

USikhumbuzo nomndeni wakhe babehlezi kahle kwaze kwabe uMpume uyalulama ngokuphelele wabuyela emsebenzini, uNathi wavula iKarate school kabusha ayejimisa kuyo njalo uma ebuya emsebenzini, kunguyena umholi wenkampani enkulukazi yombila iMadi Suger. UMadi naye wathatha umhlalaphansi ngokuphelele. Izintambo zaphathwa uNathi wayihola kahle yakhiqisa incwenga nokuyinto eyenza igama lakwaMadi laziwe itheku lonke, uMadi noZwane bazwana kakhulu becebisana ngezamabhizinisi. Izinkampani zabo zihamba kahle. 

Kuthe kungalindelekile kulokhu kuhamba isikhathi uKhaya wabola lapho ephume khona amehlo kwaya ngokuya saba sibi isimo ezwa nezindaba zokuthi sekuphelile ngesibongo sabo waqala wazaca wonda kwaze kwangangena ukudla waphila ngedrip kuthe nje phakathi kwamabili wayekhala ezisola efisa ngabe akazange abulale abantu abaningi ngoba wayebona abantu ababangabaleki bemugqolozele kungathi bayintuthu emnyama bhuqe bememeza kungezwakali belenga amakhasi nezintanga zombila wathi uyakhala uyamemeza wavaleka izwi zeza izintanga samuthandela zamfasa izandla engasenamandla ekhala ebukwa imimoya yabantu engakutholanga ukuphumula ngoxolo yamu sondela yamuxhobhoza wazama ukukhala ememeza  ezwa ubuhlungu yamudla insimu kwathi noma kugijima abagadayo kwasho ukuthi sekusele ewugobolondo kwagcwala igazi eliningi lagcwala phansi lageleza kwaba ukushona kwaKhaya Mabizela, indaba yokushona kwaKhaya yafika nasezindlebeni zikaMabizela wakhala kwaduma ikhaya labadala kweza nabanye abasebenzi bamuzungeza ekhala esehqwulisa. 

" Kodwa ngomfana wami uKhaya kungukukuphela kwakhe nkosiyami hhiiiiii hiiiiii hhhiiiiiiii ekhala kwaze kwazwela wagqashula kwama drip. 

" hhay mkhulu mabizela kusho usisi osebenzayo embamba izandla ekhala. 

" Ngiyekeni ngife mani ngisaphilelani mina emhlabeni kusho uMabizela ekhala esechamile kunuka phu. 

" Baba Mabizela bathe sibuze ukuth ukhaya bamukhiphe aye kuphi ngoba kusele izincucu zikaKhaya zasale sezigoqwa ngamashidi. 

" Akukho engizokwenza ngicela nishayele uZwane nimucele angingcwabele umtanami angamujeziseli izono zami ngoba ngeke ngikwamukele ukuth umtanami angcwatshwe uhulumeni esho ekhala. 

" Kulungile baba ake usiphe izombolo zakhe simushayele simuzwe ukuth uyasamukela isicelo sakho. 

" Mulethe lapha kimi ngikhulume naye wamutshela inombolo wayishayela unesi wase emunika. 

📲UZwane okhulumayo hello. 

📱Mangethe ngicela ungiphe indlebe. 

📲 Kanti uwe nyoka ndini kusho uZwane evala ucingo.

📱Zwaneee Zwane Zwane kusho uMabizela ekhala ememeza uZwane wezwa sekuvaleke ucingo kwathi akaqhume intukuthelo wezwa inzondo iqina idla ngamandla wakhala kwangathi akasenazwi sekuphuma izwi kuphela. 

" baba uMabizela akukho esingakwenza kodwa sizodlulisa imlayezo wokuthi ahambe asiwe emakhazeni bese engcwatshwa uhulumeni. 

" Kulungile yenzani kanjalo kodwa ngangizifakelani izingane zami kulomshikashika wensimu kwavele kwaba muncu egumbini likaMabizela. 

Kwenzeka njengokusho kwakhe uMabizela wakhishwa uKhaya wagcwatshwa ukulumeni. Kuthe kusenjalo uMabizela wamelwa inhliziyo wafa kanti no Mbhekiseni wathi esasebuhlungu ngokushona kwaSimangele izimpande zamungenela zamudla amathumbu wabhodla igazi laphuma ngomlomo wafa ngaso lesosikhathi wambozwa. 

NoSikhumbuzo wahamba nomndeni wakhe behamba ngetekisi yeMercedis Benz yakwaMadi bephelezela uSikhumbuzo eselibangisa phesheya kodwa umkaMadi wasala wavalelisa kumfana wakhe wamanga wamupha izibusiso nohambo oluhle babe sebengena indlela uNathi eshayela uMadi ehlezi eceleni uSikhumbuzo ehlezi ngemuva noMpume. 

" Ngicela sidluleni kwaZwane ngiyovalelisa kusho uSikhumbuzo nangempela yasuka iqonde kwaZwane nangempela bathola USiphamandla noyise bezovalelisa behla bagcwala ijalidi lakwaZwane izimoto zakhe ezikhiphile zonke zigezwa emva kwesikhathi ezinye zagcina ukuhamba. 

" EMangethe kubingelela uMadi 

" Awu sanibonani kusho uZwane ngenjabulo noSiphamandla waphenduka najabula bebona umndeni wakwaMadi emabaleni a kwaZwane. 

" Baba uZwane ngithe angidlule ngapha ngoba sengiyindlela kusho uSikhumbuzo.

" Awu kwabuhlungu kodwa sekuhamba wena mfana wami kusho uZwane esondela kuye emxhawula. 

" Ngizobuya ngelinye ilanga kodwa nje ngiyabonga ukuthi ekugcineni ugcine uyivusile inkampani nawe usuphilile kanti futhi nabantu bebeyizitha zakho kuphelile ngabo. 

" Siyabonga mfanawami usuyohamba kahle kweza no Siphamandla wamubuka esebuhlungu ebona uSikhumbuzo ehamba. 

" Sizokukhumbula bhuti sikhumbuzo esho ecwebile emehlweni wafike wamanga. 

" Ungakhathazeki ngizobuya ngelinye ilanga boy esho emanga naye uSikhumbuzo. 

Babakhipha bebabaphelezela bababeka emotweni bangena indlela umndeni wakwaMadi sebelibangise eSikhumulweni sezindiza eKing Shaka Airport sekungekho mnandi nasemotweni esehamba uSikhumbuzo ngoba uvame ukuhamba unyaka bafika badiliza izikhwama behla bemphushisa inqola enezikwama zakhe wase engena lapho kulindwa khona abazogibela indiza wathi ukuma nomndeni wakhe uSikhumbuzo. 

" Yazi kubuhlungu nje sikhumbuzo ukth usuyahamba ngiyabonga ngowakwenza bhutiwami kusho uMpume esondela emanga izinyembezi zizehlela. 

" Uyindoda mfana wami ngiyathemba mawubuya uzobe usuzongithuma ngiyokukhongela kusho uMadi exhawula umfanawakhe.

" Ha ha kuzoba njalo baba mangibuya nje kuzocaca kusho uSikhumbuzo ehlekiswa uyise. 

" Makhumbesh bhuti omdala ngiyakuhlonipha kakhulu ngifunde lukhulu kuwe my brother kusho uNathi esondela ebambana beqinisa izandla nomfowabo izingalo ziqinile kuvele izinkonyane bafike bangana uyise wacweba emehlweni echazwa ukuzwana kwabantwana bakhe injabulo ibhalwe ebusweni. 

Ngiyanithanda noNgalonde zonikhumbula nonke futhi ngeke nginikhohlwe esho ebabuka ngamunye ebona ukuthi sebebuhlungu kungekudala yaduma indiza seyilindele ukusuka babizwa abagibeli wavalelisa bamubuka esehamba umfo kamadi elibangise phesheya.

The End

Click Here to Read INSERT New Story 👇👇

 👉INSERT 01

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !