INSIMU YEZIMANGA ( 6 - 10 )

1 Like = ❤️
0

 

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 6

kuthe nje besahlezi kwaZwane kwangena uMabizela ehamba noKhaya.

" Sikhulekile kwaMangethe kusho uMabizela ekhumula isigqoko engena ehamba noKhaya indodana yakhe endala.

Wathi ukuba ezwe izwi kakhe uZwane waphuma wama emnyango.

" Ngenani mhlobowami kusho uZwane evula ibatler yomnyango.

Bangena omaBizela nendodana yakhe.

" Siyabingelela ekhaya kusho uMabizela ehlala phansi.

" Siyabonana ningahlala phansi kusho uMaMthembu.

" Hhawu nsizwa yakithi kusho uZwane exhawula uMabizela ehlala phansi.

" Kunjani nsizwa kusho uZwane ebuka uKhaya.

" Siyaphila baba kusho ukhaya exhawula naye waqeda wahlala phansi.

" Ake ngisukume ngiyonenzela itiye kusho uMaMthembu.

" Kulungile nkosikazi.

" Unjani ke mfwethu uyazi bengilokhu ngiyicabangile indaba yakho kusho umabizela eswaca kungathi uzwelana noZwane.

" Ey siyazama mfowethu kodwa kusenzima ukwamukela ngalokhu okwehlele umfana wami.

" Kufanele mfowethu uzwe lobuhlungu inzima lento ekuvelele kusho uMabizela.

" Nami ngiyafisa nje ukuthi batholakale abenzi bokubi kusho uKhaya.

" Ey nami nje benginaleso sifiso kodwa nani njengoba nazi kulesikhathi sanamuhla ukuthi kwamaphoyisa athathela ekudeni kusho uZwane.

" Khona lapho uqinisile MaNgethe nami nje angisayithembi indaba yamaphoyisa uMabizela.

Kuthe nje besaxoxa kungene uSikhumbuzo noMpume belengise amapulastiki.

" Knock knock sesibuyile sanibonani kusho uMpame ehamba phambili.

" Hawu sewubuyile makoti. 

" Yebo sesibuyile baba kuphendula uSikhumbuzo ehlala phansi. 

" Ninjani baba mabizela kubingelela uMpume ebuka uMabizela. 

" Kunjani ndodakazi. 

" ngiyaphila baba okungatheni nansi nendaba kaMandla isiphethe kabi sonke. 

" Kufanele ndodakazi isiphethe kabi sonke ngoba phela nami besengimthatha njengendodana yami uMandla kusho umabizela ngezwi elizothile. 

" Lona uSikhumbuzo umfowethu baba osebenza phesheya. 

" Hawu yayinhle insizwa iphakeme inethambo kusho uMabizela exhawula uSikhumbuzo. 

" Yebo kusho uSikhumbuzo exhawula eqinisa isandla ekhumbula ukuthi uMpume umazisile ngomabizela useze wamubona. 

" Ewu saqina isandla sakho nsizwa kusho umabizela ebamba esandla sakhe eqeda kuxhawula uSikhumbuzo. 

" Ey baba lomuntu uqale wafundela ukuba isicima mlilo belolongwa kanzima wabe ese apply ezindizeni usebenza khona njengomshayeli wezindiza(Pilot) 

" Hhawu kanti ifunde kangaka insizwa kusho uMabizela eyibuka. 

" Kantike futhi ifundele nezobuchwepheshe Scientists. 

" Kahleni bo wawukufundela nini konke lokhu nsizwa kubuza noZwane esemangele ngoba ubengakamazi kahle njengomfo wabo makoti. 

" Eqinisweni nje baba Zwane ngaqeda isikolo ngimuncane umama wafuna ngifundele ukuba isicima mlilo ngoba ubaba wayesebenza khona kodwa mina ngangilokhu nje ngifisa ukusebenza ngengochwepheshe kweze Science, ngafundela ukuba Fire fighter sijinyiswa kanzima ngaphothula ngasebenza khona sisahlala ethekwini kuthe nje ngisasebenza khona ngaApply University of Capetown, ngatshela umama ukuthi mina sengifuna ukulandela umsebenzi osenhliziyweni ngafunda nokuyilapho ngaphothula ngeziqu kuScience and Technology. Kodwa ngithe ngisahleli neDegree umuntu engizwana naye wanginika amaform okuApply mawufuna ukufundela ukuba yiPilot ngalingeka ngoba ngangifisa ukuya phesheya ngafunda sanikezwa indawo phesheya sahlala khona ngaqashwa. 

" Mmmh mmhh hhey ifundile lensizwa into engiyibonayo kuwe ungumuntu ohlakaniphile futhi ongadlala indima enkampanini yethu kusho uZwane. 

" Hhaaah? Kumangala uMabizela indodana yakhe yakhombisa ukucasuka. 

" Mfana wami iPosition yokuba iCEO ikhokhela enhle imali ngikhuluma ngo R75 to R80 000 ngenyanga. 

" imali engaka baba Zwane kumangala thina sihola nje 20 000 kumangala uMpume. 

" Kahle kahle kahle ukugagamela Mangethe umfana asilazi igalelo lakhe singenzi izinto ngokuxhamazela. 

" Mabizela mngani iqiniso lihle mina nawe akumele ngabe sisazibambele kulelibhizinisi lethu kanti futhi sasishilo ukuthi sifuna ukuthi kungene intsha. 

" Hhay Hhay noma kunjalo mina nangu umfana wami ufundile yize engazange ayithole idegree kodwa uyabona naye kokunye kanti futhi ngikhona mina nawe ukumcathulisa

" UKhaya uyasebenza naye enkampanini kuground floor akaqhubeke lapho amane afunde ngeposi ukuze abe sezingeni lokuphatha lenkampani, angali ukuthi angene kodwa asicabangele inkampani singayi ngokwegazi mngani wami. 

" Khaya ungakwazi ukuphatha iMabizela and Zwane Buses kubuza uMabizela. 

" Yebo baba kusho uKhaya. 

" Ok ngicabanga ukuthi uzizwele nawe Mangethe asingafaki umuntu wangaphandle kulento ukhona nami ngikhona umfana sizomcathulisa ngoba nakhu nathi saqala lelibhizinisi singafundile. 

" Sasingafundile kodwa isikhathi esiphila kuso asifani nesakudala mngani wami nangu uSikhumbuzo uphethe ubuchwepheshe uhambile namazwe aphesheya ebona okuningi esingenakho mhlawumbe angaba usizo olukhulu kithina awuyicabangisise kahle lento mngani wami angithandi ukuba uNdlovu kayiphikiswa kodwa ngithanda uvo lwakho. 

" Mina bengibona ekulungele ukuphatha uSikhumba kodwa ngoba sekumele niphumule baba Zwane nawe baba Mabizela kusho uMpume.

" Kahle ntombazane ukuphawula awukabi nazwi makukhulunywa kusho uMabizela ebuka kabi uMpume. 

" Mina ngisebenza kahle lapho ngikhona angithandi ukufakwa ebhizinisini lomndeni ngoba ngizoletha inxabano kusho uSikhumbuzo. 

" Vele asikudingi kulelibhizinisi ngoba laqalwa ubaba wami nobaba Zwane, sikhona thina izingane zabo wena asikwazi kusho ukhaya ephefumulela phezulu. 

" Kanti Mina ngiyakwazi yini? Nayi lembongolo ingijwayela kabi kusho uSikhumbuzo esukuma nosikhumbuzo esukuma bebukana eduze. 

" Awungazi kahle ngiyakubona kusho uKhaya efuthe amakhala esemnyama bhuqe. 

" Ngizokupitshiza son kusho uSikhumbuzo efumba isibhakela. 

" Kahleni kahleni bafana kusho uZwane engena phakathi kwabo noMpume wadonsa uSikhumbuzo. 

" Hhay skhumba hhay bhuti wami woza!!!! Cha!! cha!! esho emudonsa ehamba naye beya ekamelweni laMpume noMandla. 

" Uyabona kodwa. MANGETHE ufuna ukusilethela inkinga nje kusho uMabizela esedinekike. 

" Cha abafana baphakamelwe yimimoya nje kusho Zwane. 

" Mina angangizeli ngobuso ngingowakwaMabizela mina mhlambe akangazi ukuthi ngiwubani kusho uKhaya ehlezi phansi esele noZwane noMabizela. 

" Yehlisa umoya mfana wami impi ayikaze ya solve izinkinga kuncenga uZwane.

" Kodwa mina ngisamile ekutheni akungene lomfana wakwaMadi siyeje ukukwebhana mngani wami ngiyakucela kusho uZwane. 

" Cha Mangethe kungamane kuqhubeke wena ngoba ngeke ngikuvume ukuthi siphathwe yilomfana ngoba nakhu egabe ngemfundo yakhe. 

" Kuyokhulisa inkampani kokho sigcine sesiphuma amazwe ngamazwe Mabizela awucabangisise kahle lento. 

USikhumbuzo wayebonakala ukuthi ucasukile ehlezi noMpume. 

" Kodwa Sikhumba usungalwa eMzini lapho ngiganele khona bhuti wami. 

" Loskhotheni angakhohlwa ukuthi ngihlala phesheya kodwa mina ngidabuka KwaMashu esiNqawuNqawini angidakelwa mina kusho uSikhumbuzo ethukuthele ngendlela eyisimanga.

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 7

UMabizela wacela ukuvalelisa kwaZwane ezizwa ukuthi uyabila.

" Ngixolise nje mngani wami ngokuphambana ngemibono okube khona kodwa mina nawe siphuma ekudeni angifuni sixatshaniswe ubala ngoba esikufisayo thina sobabili ukubona lenkampani indlondlobala kungathi masengihambile emhlabeni kusale kuhlupheka abantwabethu.

" Ngizwa kahle MaNgethe nami angiziboni nje ngiyisitha nawe, futhi angifuni uma sesihambile emhlabeni izingane zethu zisale zixabana ngoba sathi masiqala lelibhizinisi sasizitshelile ukuth sifuna ukwakhela bona iLegacy kungabi khona izinxabano manje ngiyacela nje ukuthi sizame ukuthi singafaki umuntu ozofika nomuqondo ohlukile bese kuwa ibhizinisi igcina idayiswa kusale kuhlupheke abafazi bethu nabantwana bethu.

" Ngicela siphinde siludingide loludaba ngoba Mabizela ngoba ngiyabona awuyizwisisi kahle lendaba.

" Impela angivumi kungamane kuphathe wena Zwane mina angifuni umuntu ozobangisa izingane zethu.

" Mabizela asiphinde sibonane mngani wami uhambe kahle kusho uZwane.

" nisale kahle ekhaya kusho uMabizela esephukule umlomo ungaka.

" Izobonana nihambe kahle nikhonze kumaMakhumalo bo kusho uMaMthembu ekhonzisa kumkaMabizela.

Baphuma bangena emotweni intukuthelo igcwele iphuphuma ezinhliziyweni.

" Ey Waze wanginyanyisa uZwane wemadoda kusho iMabizela ehlezi eceleni kushayela uKhaya.

" Ay muyeke baba ngoba vele sasihlelile ukuthi uma kufa uMandla kumele kulandele yena kusho uKhaya eshayela ebonakala ukuthi uthukuthele.

" Mina ngifuna ukuthi sakhe isu lokugudluza lokhu okusizela ngemfundo Insimu yami ilambile ngifuna ikhanda lakhe lingene kuplastiki ngoba ngimubonile ugcwele indelelo kusho uMabizela.

" Ngivumelana nawe ucabanga ukuthi ubani ukuthi angasabisa mina, ngingowakwaMabizela mina.

" udlalele endaweni eWrong akazi impela ukuthi wena uzalwa uFeleba, uMabizela ngifuna ukuthi simucuthele ndawo thize simufake ensimini azofunda isifundo mfanawami, umyekile wangamxhimfa ngesibhakela emakhaleni. 

" Thula nje baba usaziyikhotha imbenge yomile angikaze nginyanyiswe inja yakomunye umuzi kanje.

" Ikhanda lakhe liyongena kuplastiki kungekudala insimu yami kumele idle, usesize thinake ngoba vele sekudingeka siyogqiba umuntu. 

" Baba ubonile ukuthi uMpume naye uyaphapha? 

" ingani ingakho ngivele ngamugquza esathi uyafakaza uzifaka ezindabeni ezingamfuni. 

" Kanti ke mayeqhubeka eza ngalenqondo uzongena ensimini ngoba ugcwele ukuphapha ngiyamubona. 

" Hhau phela uyabona makungangena yena ekhulelwe kungayinhlanhla enkulu ngoba ingcebo nokunotha kuza kuphindiwe. 

" Hhay bo baba uthini manje kubuza uKhaya ngokumangala. 

" uyabona mfana wami uma nje kumbelwa umuntu okhulelwe kubuya umnotho uze kabili. 

" Hawu baba kodwa pho kungani ungasazisanga ngenkathi usitshela lemfihlo yokunotha kwakho. 

" Yingona angithandisisi ukubamba abakhulelwe ngoba kwesinye isikhathi ngiyobamba izintombi zenu ezimithi. 

" Awu cha baba isizathu sakho asinasisindo, pho uthi simuyeke lomakoti kaMandla?

" Ey Khaya uma kusuka enhliziyweni yakho ukuth naye simufake ensimini singakwenza ukuthi nje yena ubengamile endleleni yami. 

" Hhay baba ungabi nezaba naye ngimufuna ensimini ngoba uyaqina futhi usazolokhu ephenya usamane nje ubanjwe yisisu. 

" Awu sukanini madoda uyabona wena ungowakwaMabizela ufuze mina uqobo kusho uMabizela emuphulula ikhanda. 

Bahamba njalo baze bafika kwamabizela. 

UMpume wabuya esittingroom wathola uZwane esahlezi esofeni. 

" Baba ngithi angixolise ngokuhilizisana kwaSikhumbuzo noKhaya. 

" Hhay uKhaya uyena obe nochuku ngiyamazi ungumuntu ohluthukayo uyise uke wamu bail ecishe eboshwa eshaye umuntu ukuth umshayelise kabi bathukana uKhaya wamngenela ngesipanela ekhanda. 

" Yena uyabonakala ukuthi unonya kusho uMpume ehlala phansi eduze kwababezala. 

" Mina ngifuna ungincengele lomfowenu ukuthi kube uyena ongena ezicathulweni zami ngoba ufunde kakhulu ngisho noMandla ubefundile umfana wami kodwa Hhay umfowenu ungenhla nemfundo nje ayithole phesheya isho likhulu. 

" Ey baba mina ngibona ukuthi kususa inxabano phakathi kwalemindeni emibili esisebenzisane iminyaka. 

" Ngiyakwazi lokho ngane yami kodwa mina ngiyakholelwa kakhulu emfundweni, umfowenu angaze asenzele amabranch nasemazweni ngoba futhi unobuchwepheshe nokuyinto bengihlezi ngiyifuna, iTechnology ihambe kakhulu thina sesibadala ngane yami. 

" Kodwa baba sekungaba kuyena mina ngeke ngimukhulumele. 

" ok ntombazane yami awumubize uma kungekho amatasatasa ngakho. 

" Awuthi ngimubize baba esho esukuma eqonda ezitebhisini. 

Wahamba wabuya naye. 

" Yebo baba uthi uMpume uyangicela. 

" Yebo hlala phansi ndodana. 

" Kulungile baba esho ehlala phansi. 

" Mfo kaMadi ngiyazi ufundile mfanawami kanti futhi uhamba amazwe ngamazwe nokuyinto ephupho lanoma ubani, kodwa manje isicelo sami sisamile ngicela nje usicabangisise ngizokupha iholo elihle kakhulu 

" Mina baba angifuni ukuza noshintsho sengifika ngifuna neholo elikhulu ngoba mina sengihola njengomshayeli wendiza imali ngiyihola ngama $Dollar okusho ukuth mayiza kumaRand imali ebomvu efika ku98 000 ngenyanga, nempilo yami usingale phesheya, manje baba angithandi ukufika sengifuna amaholo azongilethela izinkulumo. 

" Mina ngizokunika R100 000.

" Hhay baba kubabaza uMpume. 

" mtanami imali eyinzuzo engeniswa yilenkampani is 9 Million ngenyanga bese ngonyaka igijima ko 80  million maningi lamabhasi futhi asanda ngoba sithenga 5 Buses after two months. 

" mmmh ay baba Zwane iningi impela imali ongithembisa yona kodwa ngicela unginike ithuba lokucabanga ngikhulume noZama ngizwe ukuthi yena uthini.

" Ay kulungile ke mfana ngisahamba ngiyobhava kengipholise umzimba kulokushisa. 

" Hawu baba Zwane ngakhumbula ngicela ukubuza ukuth imoto kaMandla wawuyikhokhela umshwarense kubuza uMpume. 

" Yebo ndodakazi. 

" Bengisacela ushayele itrack company ucele I report yokuhamba kwemoto yamandla. 

" Awu kodwa koti wafuna ukungifaka omunye umsebenzi, uyfunelani kodwa. 

" Cha baba benginesifiso sokuhlola imbangela yokuphunyuka kwemoto. 

" Ok ngizokwenzela ngoba imininingwane iseOffice. 

" Ok kulungile baba. 

Babe sebesukuma uSikhumbuzo noMpume bakhuphuka ngezitebhisi. 

" Mpume uyabona uma sesithole itrack yasibonisa ukuthi imoto yamandla yahamba kuphi ngiyobe sengi Hack iPassword yeEmail kaMabizela ngifune iTracker yemoto yakhe kodwa kuzomele sithole amaNumber plate emoto yakhe bese ngifuna iReport yeTrack eveza ukuthi imoto yamabizela yayihamba ndawonye nemoto kaMandla yilapho okuyocaca ukuth bayamazi ukuthi ukuphi umandla. 

" Futhi ngibona ngendlela ubegquba ngayo uKhaya sekuzokhulunywa ngesikhundla ikhona indaba ngiyakutshela bhuti wami. 

Kuthe nje uZwane mayeqeda ukugeza waqonda ekamelweni lakhe wahlala noNkosikazi. 

" Ey mkami wahlala wedwa ucabangani. 

" Ngicabanga lento oyenzile baba iwrong izoletha ingxabano phakathi kwethu nabakwaMabizela ungamfaka kanjani nje umfowabo Mpume ekubeni ekhona uKhaya awuboni ukuthi uMabizela uzobona ukuthi wena awufuni kuphathe ezakhe izingane. 

" Nkosikazi sengicabangisise kahle uSikhumbuzo uyena ofanele ukungena esikhundleni sami niyongibonga ngelinye ilanga. 

" Kodwa baba wena ubuye ufune ukungaboniseki awucabangi ngobudlelwano esesibe nabo nabantu bakwaMabizela. 

" Nkosikazi ake ngishayele umabizela kukhona engifuna angisize ngakho.

" Yini leyo baba. 

" Sshhhh esho ebeka ucingo endlebeni. 

📲 Hello 

📱Mangethe 

📲Yebo Mabizela ngithi angikuhluphe nje mngani wami ngoba mina ngisahlezi ekhaya

📱Yebo ngilalele mangethe kusho uMabizela ecijisa indlebe. 

📲Umakoti ungifuna ireport yetrack bengicela nje mfwethu ungene eoffice lami uzoyithola edroweni lesibili.ngifuna amaphepha anezimfanelo zemoto kaMandla. 

📱Uthi uyifunelani uMpume Mangethe. 

📲Ngathi ufuna nje ukuzidelisa kutholakale ukuthi imoto yagaladela kanjani emhosheni. 

📱Kulungile mngani wami wena ungumfowethu ngizokubuyela nawo.ngathi angphenya zize zibanjwe izigilamkhuba buka nje namhlanje siswele umuntu ozohola lenkampani

📲Kulungile ke mabizela ube nosuku oluhle mfo nami ngisaphumula esho evala ucingo 

"Akengiphumule nkosikazi esho eqethuka embhedeni uZwane.

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 8

Kuthe ngakusasa ekuseni uMabizela wavukela eNkampanini ehambisana namadodana akhe.

" Lalelani bafana bami kunomuntu bengingamnakile ukuthi uzothanda ukuba yinkinga, uyabona umakoti wakwaZwane uzoba uhlupho impela kodwa ukewayibona lento Khaya.

" Sekwenzekeni manje baba phela nayizolo anibange nisasichazela ukuthi uhambo lwenu luhambe kanjani ngenkathi niye kwaZwane kubuza uKhumbulani. 

" Hhey bafana uMakoti kaMandla ufuna ukuphenya ngendaba yokugaladela kwemoto kaMandla emhosheni.

" Hhay bo baba uthini manje? Kubuza uSithembiso.

" Kwenzekeni baba kubuza uKhaya.

" izolo ngishayelwe uZwane efuna ngimuphathele izincwadi eziphathelene nemoto kaMandla ngoba ufuna iTrack company ithumele ireport yokuhamba kwemoto ngelanga lokunyamalala kwaMandla.

" Hhay bo baba kumangala uKhaya.

" Manje zikuphi zona lezoncwadi kubuza uKhaya.

"Zise Office likaZwane emsebenzini.

" Hawu cha baba saze sanenhlanhla uyazi kusho uSithembiso ebuka abafowabo nabo bemuvumela.

" Impela inhlanhla lena bafana bami oMabizela banathi kuvuma uMabizela.

" Cha ngivele ngayibona nje ukuthi iyaphapha lentombi kaMandla kusho uKhaya.

" Kodwa akuhluphi ngoba ngeke awanuke lawophepha kusho uMabizela ehlezi eceleni kushayela uKhaya.

" Hawu vele baba uyowathola eZoo lawo maphepha yingakho kumele afe nje kusho ukhaya eshintsha igiya lemoto eyinyathela.

" Hawu kahle bo Khaya senifuna ukubulala nomuntu okhulelwe, kusho uKhumbulani ehlezi esihlalweni esingemuva.

" Shut up wena kusho uMabizela ephenduka ebuka kabi uKhumbulani.

" Baba nina anisalwisi abantu abanibangisa isikhundla senijuqa konke nje nabantu abakhulelwe kusho uKhumbulani.

" Lento uthi eyakwaMabizela kodwa? Fusegi mgodoyi uyazi wena kusamele ngikufake endleleni nakuqala wanginika inkinga ensimini manje usukhuluma ukunya kwakho doti kusho uMabizela ebuka kabi uKhumbulani.

" Utamatisi kakhulu lokhu baba yingakho kungafanele ukuphatha kwezinye zezinkampani zakho kusho uKhaya.

" Kahleke angikhulumi nawe kusho uKhumbulani ebuka kabi uMandla.

" Ngizokusakaza ngempama phela mina mawungijwayela kabi kusho uKhaya ephendula ikhanda.

" Kahle khaya musa ukulwa nomfwenu kusho uMabizela.

" Mina ngibona ngathi angithandwa kulelikhaya nje kusho uKhumbulani ephukule umlomo.

" Wena awufuzanga kwaMabizela ufuze khabonina kwaKhumalo uyigwala awuyindoda yalutho kusho uMabizela.

" Pho yinindaba abantu bathi ngifana nawe kubuza uKhumbulani.

" Singafana ngenswebu kodwa ngezenzo nobugwala awufuzanga mina naba abafuze mina esho ekhomba uKhaya noSithembiso.

UKhaya wayengasakhulumi ecasukile yahamba yaze yafika enkampanini, bangena uMabizela waqonda eoffice lika Zwane wacinga lapho emlayele khona.

" Nawa lamaphepha afunwa uZwane waqoqa wonke wase ephuma nawo wabuyela emotweni esehamba yedwa washiya abafana bakhe besebenza ngoba babesebenza khona, wahamba wafike esigangeni wamisa imoto wase edilika ephethe umentshisi wafike wawashisa, wase ebuyela emotweni, wathatha ucingo washayela uZwane.

📱Hello

📲Mangethe

📱Kunjani Mabizela.

📲Ngiyaphila mhlobo wami ngiyile eOffice lakho angizange ngiwathole ngiyacabanga ilegenge iclean(ayo) iwadukisile.

📱Bayahlupha labo ngoba sihleze sibatshela ukuthi uma beclean bangathinti amaphepha nama files

📲Nami ngibathethisile impela Mangethe babuye basidukisele izinto zethu ezibalulekile.

📱Ngiyabonga mfowethu ngokuba usizo eMpilweni yami.

📲Asikho isidingo sokubonga wena sewaba umfowethu.

📱Kulungile Mabizela, Ndimamande izobonana mfo esho evala ucingo.

Kuthe nje eqeda kulivala ucingo wabuza umkakhe ukuthi uyazithola yini izincwadi wathi lutho nkosikazi.

Wavuka uMabizela wathola uMpume ekhishini ezophuza amanzi.

" Molo makoti usuvukile.

" Sengivukile baba ngizwa amacramp manje bengizophuza amanzi ngisabuyela engubeni.

" Kulungile makoti, ngibe sengimshayela uMabizela ngicela angiphathele amaphepha eOffice kodwa uvele wathi adukile, ayangicasula lamantombazane aclean ema office ethu abuye adukise wona ethi ayaclean.

" Hawu cha babudedengu kusho uMpume ecishe exhilwa amanzi ethuswa ukuthi ubabezala usemoshile.

" Yini qaphela ungaxhilwa makoti kusho uMabizela.

" Akulutho baba ngiyabonga ngicela ukuyophumula.

" Kulungile makoti.

Wahamba wakhuphuka ngezitebhisi uMpume edumele ngenxa yokuthi ubabezala wakhe usemoshe izinhlelo zakhe noSikhumbuzo.

Uthe nje usaphithiza ekhishini uZwane kuvuke namadodana akhe eze ekhishini.

" Sawubona baba kubingelela USiphamandla noMelusi.

" Yebo bafana senivukile?

" Sesivukile baba phela sengibuyela sesiyabuyela esikoleni ngoba sasisapholisa izinhliziyo ngefu elimnyama elasivelela kusho uMelusi.

" Kufanele bantwabami ngiyacela nje nifunde ngokuzimisela ngoba ngifuna niphathe kulenkampani yethu ngelinye ilanga kungiphatha kabi ukuthi abafana baMabizela abafuni ukuqhuba imfundo yabo kanti kwakuyisifiso sami ukuthi kuphathe oyedwa wezingane zikaMabizela noma izingane zami manje lento seyizokwenza kube engathi ngifuna ukuthi lenkampani iphathwe ezami izingane kanti cha, uyabona nje ukube uKhaya ufunde ngokwanele bengizoqhela kodwa uMabizela naye ngiyamusola akakholelwa emfundweni umngani wami kumanje walile mangithi akungene uSikhumbuzo ezicathulweni zami ngoba ufunde kakhulu ezinye zezifundo zakhe waziphothula phesheya.

" Hawu ngempela baba nami ngiyafisa ukufunda phesheya mangiqeda isikolo kusho uMelusi.

" ungaxoxisana naye angakucebisa kokuthile kusho uZwane echazeka.

" Manje baba wena ubulindele ukuthi ubab' Mabuzela avele avume kalula nje ukuthi kubekwe umuntu wangaphandle ekubeni nanivumelene ukuthi lenkampani eyemindeni yenu nobabili.

" Akusasebenzi kanjalo mfana wami, sekuqhashwa umuntu ozothatha inkampani ayiphakamise ngilwazi aluthole kwezemfundo, maningi kabi amabhizinisi abulawe umndeni ngenxa yokufaka umuntu ingenayo intshisekelo nogqozi ngomsebenzi wakhe kuvele kufakwe isidakwa ngoba nakhu umndeni athathe imali yenkampani enze izinto zakhe, iphi nje beer whole sale yakwaMsibi, angithi yayenza kahle kwathi makushona uyise amadodana ahlaphaza imali athenga izimoto zikanokusho, adakwa utshwala ashintshashintsha amantombazane, angaholela abasebenzi yawa inkampani, kungani na? Yingoba abantu bazisa kakhulu ukuthi inkampani yomundeni noma sekukhona abantu okungabalungele ukuba abaholi benkampani.

" Ey baba wayibeka ngayizwa, sengiyabona ukuthi kungani ukholelwa kakhulu emfundweni kusho uMelusi.

" Kwanina nje uma ningaba yizinto zotshwala ezingazi zizimisele ngani empilweni ngeke naphatha kweyami inkampani.

" Hawu baba ha ha ha behleka abafana baZwane bebukana.

" Impela zingane zami lenkampani izithukuthuku zami noMabuzela manje ngeke nje ngivume ukuthi ngifake umuntu ozodiliza umbuso wami noMabizela esawakha kanzima, ngixakwa nguye nje uMabizela ongakholelwa kakhulu emfundweni, ubona ngoba mina naye sayiqala lenkampani singafundile kanti manje izinto azisafani nakudala, ngisho namandiya lawa aphethe izitolo ezinkulu ayibona lento yingakho ubona iningi lamandiya becebile bengosomabhizinisi, izinkampani zabo ziphethwe amadodana manje afundile aneziqu asebenza ngobuchwepheshe bamanje.

" cha khona baba uqinisile kusho USiphamandla.

UMpume wabe eseyongqongqoza kusikhumbuzo.

" Ngena kusho uSikhumbuzo ephenduka engubeni.

" Usalele kusho uMpume ehlala kusofa osekamelweni

" Ey angilele sengihleli nje ngibulawa imicabango ngizamile nokushayela uZama ngimazisa ngesicelo sikaBabezala wakho uya uyaphetha uthi lento izongiqhatha ingifake encupheni kwenzeke esifanayo noMandla.

" Ey khona uqinisile mfowethu nami angiyizwa kahle lena kodwa bengifuna kube yisinqumo sakho.

" Ay sisi ngiyawushintsha umqondo ngeke ngisamukele isicelo sabab Zwane ngoba lomngani wakhe ngibonile ukuthi ngeke sisebenzisane kahle.

" Hhey usakhuluma ngoMabizela uBabezala usevele wamosha phela.

" Uthini manje kusho uSikhumbuzo evuka ehlala enqika ekhanda lomubhede.

" Uvele washayela uMabizela ukuthi ucela ukuthi amuphathele amaphepha emoto kaMandla, wavele wathi akawatholi.

" Damn kodwa madoda!!!! ushilo ukuthi afunwa ubani?

" Angazi kodwa uzosola kodwa ukuthi yimina.

" Ewu madoda kanti lobaba ubika yonke into kulomngani wakhe kusho uSikhumbuzo ebamba ikhanda.

" Nami ngivele ngaphela amandla.

" Awulethe lana iLaptop yami lelikhehla kuyosho ukuthi upondo omdala akazi ukuthi itshe seligaya ngomunye umhlathi uzobona ukuthi uhlangene noMadi.

" Nansi bhuti wami.

Wayithatha iLaptop wachofa chofa, wasuka savusa ikhanda wabuka uMpume.

" Mpume awungitholele inombolo yemoto kaMandla bese ungitholela amaInitiaks kababa Zwane ne iID number yakhe.

" inumber plate yakhe ibithi ND 23*** bese kuthi iID ikhona kulemaforms ake agcwaliswa uMandla nawa wabuke kuleliphepha esho emnika wachofa wachofa uSikhumbuzo. 

" Ok ithini iEmail address yakhe?

" ZwanezClifford31@gmail.com.

" ok ithini iWebsite yaseMabuzela&Zwane Buses. 

" Nayi lapho phezulu. 

" Ok kemoto wayithenga as a Company Car ubaba Zwane kusho uSikhumbuzo echofa efunda ebukisisa. 

" Ok sengiyitholile iLast payment yeInstallment yemoto kaMandla i hacked ipassword yeEmail kababa Zwane, nayi Track Company into engizoyenza ngizobhala ngizenza ubaba Zwane ngicele ireport yosuku lokushona kwaMandla bazoyithumela khona lana kimi noma nje sengiphula umthetho dadewethu.

" Ngifuna iqiniso ngokunyamalala kwaMandla bhuti wami sebenza. 

" Awuzwake buka ke sebephendulile nayi iMassage to Mr C Zwane bazitshela ukuthi ubaba Zwane. Into ekumele ngiyenze ngicela ungilethele iprint i need to print out le information as proof. 

"Nayi intambo xhuma bhuti kuprint.

" Ok thanks esho ecindezela izinkinobho kuLaptop. 

" I got it kusho uMandla efumba esibhakela esiphakamisa ejabula, nangempela laphuma iphepha elikhombisa umgwaqo uMandla ahamba ngawo kuze kufike lapho imoto yakhe igaladela eweni. 

" Mandla uyenzile lento pho kungani ungavelanga wayenza ngalendlela kusho uMpume.

" Bengingafuni ukuth kuze kufike ekutheni ngiqgekeze ipassword kababezala wakho. 

" Hawu sikhumbuzo kodwa awuve uhlakaniphile bhutiwami. 

" uyabona ke manje sine CCTV footage yasegaraji, sine Report yeTracker, Mabizela namadodana akho ninyile esho evala iLaptop

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 9

UZwane wabona kukuhle ukuthi ake abize uMabizela bathi ukuhlanganisa amakhanda mayelana nekusasa lenkampani kwazise uSikhumbuzo akasamukeli isicelo sokuhola inkampani nangempela wafika uMabizela ehamba yedwa kwazise abafana bakhe bonke babesemsebenzini, wafika wangqongqoza wangena. 

" Mangethe.

" Mfanomdala ungahlala phansi kusho uZwane exhawula uMabizela.

" Ngiyabonga mfowethu esho ehlala phansi.

" Mfwethu ungamangali mani ngithi angikubize khona sizokwazi ukudingida ngekusasa lalenkampani nawe uyabona sesibadala siyaguga asisabuyeli emumva.

" Iqiniso elingephikwe lelo Mangethe.

" Yebo yingakho mina sengithathe isinqumo sokuthatha umhlalaphansi kodwa ngikwenza I Farwell mhla sengimemezele nakubasebenzi bethu.

" Kahle kahle Mangethe awukwazi ukuvele ungishiye kanjalo uyazi nawe ukuthi udlale indima enkulu kulenkampani.

" Sesikhulile kanti futhi ukunyamalala kwalomfana sekuvele kwangigulisa umoya wami ulimele kakhulu ngiyazizwa nje ukuthi akusavumi ngisebenze ngoba inhliziyo besengiyitshelile.

" Ey nami ngibuhlungu ngoMandla phela Mangethe abantwana bakho sebefana nezingane zami siphuma ekudeni nawe.

" Kunjalo impela Mfwethu kanti futhi mina sengamutshela nomkami ukuth mhla ngifa ngicela kube nguwena okhulumela abangani ngoba ubungani bethu buphuma ekudeni kusukela sisezinsizwa siqashwa kwaEmatragini namhlanje sizimpunga iminyaka ihambile.

" usho uliphinde lelo Mangethe nami nje ngikucela mina ngokwami uma sengihambile emhlabeni ngicela ukhulume ngami akekho umngani weqiniso enginaye ngaphandle kwakho.

" Ngizwa kahle Ndimande.

" Awusho ke Mangethe njengoba uthi usuthatha umhlalaphansi ucabanga ukuthi kungene bani kubuza uMabizela eqhiyama. 

" Ngicabanga ukuthi sifake iVacant Post for CEO post sisho namaQualification esiwadingayo kanti futhi sizofuna ne4years Experience, Sizohlola amaCV then labo esibakhethile bazobe esimkhethile sizobe sesibabiza for I-interview nathi siyobe sikhona kuInterview 

" Awu awu kanti ngempela ngempela ungenelwe yini Mangethe kanti sathini mhla siqala lenkampani asishongo ukuth eyemindeni yethu sobabili?

" Impela sasivumelene kanjalo kodwa asizange sisayinde phansi sasho ngomlomo nokuyinto eyaba iphutha elikhulu.

" Wena ZWANE sengiyabona konke ufuna kwenzeke ngendlela yakho ngoba kunguwena onama sheya amaningi(Major share holder) manje ufuna kungene abantwabakho noma umuntu othandwa nguwe buka nje ubususilethele lomdondoshiya oweyisayo ovele wakhombisa ukuba luhlaza phambi kwethu sibadala kusho uMabizela ejuluka ephuza amanzi abekwe phambi kwabo.

" Cha Mabizela akunjalo futhi nawe ukwazi kahle lokho.

" Pho Kungani ungafuni sifake uKhaya ngoba phela mina isifiso sami esikhulu kwakungukuthi kungene lomfana wakho omdala uMandla nakhu ke sekuvela ifu elimnyama, ngangimthandela ubuhlakani lomfana wakho futhi nje lelishwa elasivelela ngiyasola abathakathi.

" Ey ngalimala kakhulu ngoMandla ubesefunde kakhulu umfanawami kodwa asisale sesamukela mngani wami, ngiyakuthanda Mabuzela ungumfowethu wena angifuni sixabane asibeke umuntu ofundile sishenxe thina mhlawumbe ke ugqugquzele uKhaya aqhube imfundo yakhe kuyothi uma esephothula bese siyamubeka njengenhloko yenkampani.

" Ay mawusho njalo ngiyakuzwa kodwa angiboni nje ukuthi imfundo ibaluleke ngani ngoba lelibhizinisi salibamba sibabili singafundile angazi mina ukuthi walokhu uqhakambisa imfundo kangaka yini.

" Usho kahle saliqala sibabili kodwa ukukhumbule ukuthi besibuye sicobelelane nabanye osomabhizinisi uma kunenkomfa(conference)

" Impela kunjalo kodwa angithi besizomucathulisa uKhaya aze afike kulelizinga esikulo.

" Cha akahambe ayobhalisa eNyuvesi aqhube izifundo zakhe aqeqeshwe ngokwanela.

" Kulungile akwenzeke ngendlela yakho sengicela ukuvalelisa kusho uMabizela esukuma.

" Cha mabizela asikaqedi angithandi siyeke izingxoxo singakafiki esiphethelweni.

" Zwane nginamabhizinisi asangilindile mina esho ephuma ethukuthele ephukule wahamba wangena emotweni wahamba.

[sengibone kahle uZwane akafe, besizwana kahle yonke leminyaka manje inkampani yethu useyenza eyakhe, akukho Khaya wabhalisa enyuvesi la uzophatha lenkampani uZwane eselusa amadada ukuguga kudlala ngaye kusho uMabizela ucasukile egane unwabu]

Wahamba wafika kwakhe wathola uNkosikazi wakhe.

" Hawu baba washeshe wabuya namuhla.

" Bengingayile emsebenzini bengikwaZwane.

" Oh wenza kahle umusingathe bakithi kulesimo esinzima nakangaka. 

" Angikwazi ukumulahla umngani wami weminyaka. 

" Nakhu ukudla baba esho ekubeka phambi kwakhe. 

" ngiyabonga esho ekwamukela esula izandla ngemfaduko. 

Wahlala phansi wadla ecasukile kodwa engafuni uNkosikazi wakhe abone, wase eshayela uKhaya uNkosikazi esasengaphandle ewasha. 

📱KHAYA

📲Yebo baba

📱Usasesemsebenzini. 

📲Yebo baba. 

📱Uyitholile inkabi wayinika imininingwane yemoto kaSukhumbuzo ndini wakhona.

📲Yebo ngithe uma sebemshayile bangitshele bacuthe kusukela izolo. 

📱Wenze kahle ngoba besizozenzela lomsebenzi kodwa bengisafuna kuthi ukwehla uthuli singaze sisoleke. 

📲Nami ngibone lokho baba. 

📱Lalela ke umtshele ukuthi isidumbu izidumbu zabo uma esebasocongile asigcine sizobe sesiyosuthisa insimu. 

📲Ngizokwenzanjalo baba. 

UMpume walunga noSikhumbuzo walunga bathatha uhambo befuna ukubona lapho itracker ikhomba ukuthi imoto kamandla yahamba khona. 

" Mpume ngifuna inombolo kaKhaya awuyibize kusho uSikhumbuzo eshayela. 

" Ikhona impela yiyona kanye eyashayela uMandla kaningi 083962*****

" ngiyabonga ekengimise imoto lapha eceleni khona ngizohlola okuthile ngalenombolo. 

" Ok awenze izinto zakho makhumbesh esho emhlikihla. Ihlombe

Kuthe nje besahamba kwangathi kunemoto esemvakwabo, bezwa puuuuuuuuu kudlula inhlamvu ingena ngefasitela elingemuva. 

" Shiiiiit lala phansi sisi kusho uSikhumbuzo ezikhutha. 

" Ngathi siyahlaselwa kusho uSikhumba enyathela imoto, yeza ngesivinini emvakwabo. 

" Siphi isibhamu sakho Mpume esami angisiphethe. 

" Nasi wuuuuuuuu!!!!!!!!!! Ememeza kuqhuma inhlamvu okwesibili. 

" Lala sisi ungavuki kusho uSikhumbuzo eyinyathela indiza. 

" Awe maaaaah kodwa ngomtanami kusho uMpume elele phansi inhlamvu ingena ngemuva yagijima imoto engemuva kungathi iyabafica ibagudlulle ayinyathele uSikhumbuzo ilale ikhona, nenkabi ilale ikhona aze aqondana amafasitela yaveza isibhamu ngefasifela yakhomba uSikhumbuzo wajikisa amasondo wayigudla ngemoto kwawa isibhamu senkabi wabe eseveza isandla uSikhumbuzo wakhomba inkabi wayidonsa itricker yesibhamu inhlamvu yahamba yabhajwa ehlombe yahluleka ukulawula imoto inkabi yaphaphalaza yayobhajwa esihlahleni yashaya ngobuso kwangathi inesiyezi wehla uSikhumbuzo wafika wavula imoto wamuhudulela phansi wamukhomba ngesibhamu,weza uMpume naye. 

" uthunywe ubani njandini kusho uSikhumbuzo emxhimfa waba bomvu kebhu igazi

" Khuluma awuzwa yini kusho uMpume eqonda emotweni wabuya nesipanela wamugqema ingozi wezwa kungathi ubona izinkanyezi inkabi. 

" ngithunywe uKhaya Hhhhiiiiiii phuuuu ekhafula igazi. 

" Uthi usibulaleleni kubuza uSikhumbuzo. 

"akashongo kodwa uthe mangabe senginibulele nginigcine kulendawo eyihlathi. 

" ok sesizwile asambe ke siye lapho athe usigcine khona,kusho uSikhumbuzo emhudula bahamba bafike bamfasa bamshiya khona lapho wasale wafa ngenxa yokopha. 

" Dadewethu asihambe uyovalelisa kwaZwane ngikuse ekhaya uzoze ubuye usutetile ngiyabona awuphephile kulendawo kanti futhi ngeke ukwazi ukuzilwela usakulesisimo kusho uSikhumbuzo edumisa imoto eyishaya izula imoto bahamba nawo umakhalekhukhwini base bethumela umlayezo ukuthi sengibatholile woza ohlathini lapho ngikuyalele khona. 

Uthe nje uKhaya ebona umyalezo wabe esephuthuma khona wazithela enkabini isifile

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 10

UKhaya akazange aze akukholwe akubona ngamehlo wathi uma ebukisisa eginqa inkabi ngonyawo wabona ukuth ngempela yiyo

" Fuuuuuuuu*uuuuck!!!!!! Damn maan kanti lenja yenze njani kusho ukhaya ehlanya ememeza ekhahlela imoto inkabi isifile. Wabamba ikhanda engazi kumele enzeni. 

" Yaz!! YAz!! Yaz!!! Kodwa ngizokwenzanjani makunje, kuyacaca ukuthi lenja ibulele usgonondo ngizokuthola Sikhumbuzo wamasimba, ngizokwenzenjani mabeya emaphoyiseni, damn uSikhumbuzo lona othumele umlayezo okusho ukuthi banobufakazi ukuthi yimina bengibophe itulo kusho uKhaya ephefumulela phezulu ethukuthele.

Wathi esuka wathatha ucingo kwakhe washayela uyise. 

📲Hello. 

📱Ey baba sekubhedile yiza neqhinga baba angifuni ukuboshwa minA. 

📲Kwenzekeni khuluma angikuzwa mina kusho umabizela engenahliziyo. 

📱Baba uSigonondo uhlulekile ukubulala uSikhumbuzo noMpume ngithola kufe yena lana. 

📲Kanti wena umucoshephi lomuntu ohlulekile ukwenza umsebenzi yazi nina bafana ayikho into enikwazi ukuyenza iphumelele. 

📱Ngiyaxolisa baba uSigonondo ngamulayelwa uBheki lona wamatekisi eTaxi Rank wathi abaphathi bamatekisi bavamise ukuqhasha yena uyabulala akadlali. 

📲Ay suka!!!! Ulokhu ungitshela insumansumane man, uyazi angizazi izinothongo zabafana ezifana nani akobe niyabona abafana baZwane bazimisele kanjani, bazoyophatha lenkampani buka nje ngikunika umsebenzi olula wokuthi uthole umuntu oseqophelweni eliphezulu obulala angadlali wena ungilethela imfunda makhwela into esizoyithini manje lena ngoba usumoshile, inkabi enjani lena ehlulwa ukuciba ikhanda kuculwe amagugu kwaMadi nakwaZwane, ngaze nganyanya uyazi, yini enzima ukubulala abantu ababuli ekubeni insimu yami isutha ngezidumbu namakhanda inyanga nenyanga lowomsebenzi ngiwenza ngingedwa ngoba umuntu uma eHiker ngimubulala kalula. 

📱Ngiyaxolisa baba nami bengithi umuntu osezingeni. 

📲Laleka mfana wami mina ngeke ngikubeke esihlalweni uphathe masesibulale uZwane uma uzoba isahluleki siyezwana. 

📱Yebo baba ngiyaxolisa. 

📲Lalela shayela lomuntu okulayele lomphuphe weNkabi umshaye angene ensimini ngoba uyena osilethele isithipha esithithizayo. 

📱Ngizohlangana naye vele uBheki baba ngimkhokhele ngoba ngithe asihlangane khona kulendawo bengingafuni ukumunika imali esidlangalaleni njengoba wasifundisa ukuthi izinto ezifana nalezi akusetshenziswa amaBank asiwasebenzisi ezintweni ezifana nalezi kufuneka imvilophu eBrown. 

📲Kunjalo impela!! LALELA KE, Linda lowoBheki umbulalele khona lapho bese uthatha nayo leyonkabi kuyongena ensimini kodwa ungaqale ugubhe uvele nje ungene ngemoto ubathukuse emhlangeni kuyothi ebusuku ngo12:bese siyabambela, akumele ilambe lensimu siyezwana yenza njaloke bye

📱Yebo baba izobonana ekhaya wase evala ucingo. 

Walinda isikhathi uKhaya ehlathini waze wafika uBheki obemlayele inkabi. 

" Khaya mfo sorry ukukulindisa uyazi ematekisini kuhlale kunezinkinga kusho uBheki. 

" Akunankinga mfo kusho uKhaya kungathi ukhipha imvilophu wakhipha isibhamu. 

" Hhay bo Khaya

Bhaaaaaaaa!!!!!! Kusho inhlamvu ekhanda. 

" Usibulele wena ngokusilethela iAmisha washo wasibuyisela isibhamu sabe esemhudula wamufaka esakeni wahamba wayothukusa isidumbu senkabi naye ubheki ensimini wase ebuya epaka imoto yakhe wabe eseyogaladisela imoto kaBheki eweni yagaladela emfuleni, wahiker ukubuyela emotweni yakhe wahamba waya ekhaya kwamabizela. Wabe esebhala umyalezo kuyise, othi{baba sengenzenjalo} nomabizela wathumela ngoba wayesemhlanganweni engeke ashaye ucingo wabhala ukuthi {good Mabizela} 

Kuthe nje uma uMpume noSikhumba sebefika kwaZwane bangayingenisa imoto. 

" Mpume usiyithi vu lendaba kusho ukhaya edilika evula umnyango. 

" Khululeka bhutiwami im a detective khumbula esho evula umnyango behleka. 

Badilika bangena endlini bafica umndeni wonke uphelele. 

" Senize nabuya zingane zami kusho uMaMthembu. 

" Sesibuyile mama nathi nje sifika sesiyadlula uMpume uyafuneka ekhaya kusho uKhaya ehlala phansi. 

" Hawu khona okuvelile yini. 

" Cha mama ubaba nje uyamudinga angazi umudingelani

" Ok kulungile sesiside nokho isikhathi amugcina kodwa abuye phela umakoti wakwami. 

" Ngizobuya mama ngeke nginikhohlwe layikhaya. 

" Ay asiqoqe ngokushesha lingakashoni ilanga ngoba iTraffic iningi kusho uSikhumbuzo. 

" WeSikhumbuzo wena bengisathanda ukuthi ube nathi. lapha ekhaya ngoba ngifuna uchushise abafana bami kokuningi ubabonise indlela kwazise ubhuti wabo omdala akasekho. 

" Akunankinga baba ngizobuya ngizothi ukuba nani isikhashana kodwa ngiyazi nomama uzofuna ngihlale isikhashana. 

" Kanti baba uZwane kunenye indawo engicabanga ukuth ungayithanda kwaMashu uphinde uvule enye iDepho yamabhasi. 

" Uthini kimi mfana washo wavusa ikhanda. 

" impela ngithe mangibuya phesheya ngafica sekuyindawo nje engasasebenzi kumele uhambe nami siyibone, kanti futhi ngibona kukuhle ukuthi upholise ikhanda emva kwalomshophi osivelele. 

" Ewu ndodana kodwa wangithathela phezulu kodwa phela kade ngangcina nokubona umlingane wami. 

" Lunga ke sihambe baba Zwane. 

" Nkosikazi akengilunge ngiyobona abakwaMadi kwazise besesingabantu abakha ubuhlobo futhi kungakuhle uMpume angafiki ehamba yedwa kuyafuneka sibe khona lunga nawe bazosala labafana. 

" Hawu baba manje wangithathela phezulu angithi bekumele sibhake sipheke nenkukhu. 

" Akunankinga mama kusho uMpume. 

Kwatatazela wonke umuntu kwazise balibhekise kwaMashu lapho kwazalwa khona uMpume noSikhumbuzo endaweni ekungadlalwa nomfanyana esinqawunqawini. 

" Baba manje ubani ozobhekelela ibhizinisi kubuza umkakhe. 

" Ngizocela uMabizela uhlale ebamba uma ngingekho. 

" Baba kodwa ngiyacela nje ungamazisi ukuthi uhambe ukuyobona umndeni wami umane umtshele ukuthi uhambe uyobona isihlobo sakho sasemakhaya kusho uSikhumbuzo. 

" Hawu Sikhumbuzo uthi ngingathembeki kumngani wami uzothini uma esezwa ukuthi bengisekhweni lamtanami. 

" Ngenzela ukuthi angacabangi ukuthi kukhona okuhlela nami ngasese, angithandi nixabane kusho uSikhumbuzo. 

" Ok iphuzu lelo mfana wami uhlakaniphile umthetho wakho kusho Zwane emuthinta amahlombe. 

" MaMthembu ungalokothi wazise omunye umuntu ngaloluhambo umuntu obuzayo ngizothi siye lapho uzalwa khona kunenkinga evelile angifuni uMabizela abone ukuthi sikhuluma izinto sihlele nohambo ngasese noSikhumbuzo ngoba vele ngibonile akamthandisisi. 

" Kulungile Mangethe kusho uMaMthembu etatazela epakisha. 

UMpume waphuthuma waya kuSikhumbuzo naye owayesaqoqa. 

" Sikhumba manje usumusaphi ubabezala wami ngoba wena uthe uhambisa mina. 

" Ngoba bengishayela siza ngapha ngifikele umcabango wokuthi lobaba uzokhanda itulo lokumbulala ngoba uyena ohlezi esihlalweni njengamanje manje uzofuna ukumususa, singeke futhi simutshele lokho ngoba uyabona umthemba kanjani umngani wakhe. 

" Ok Cha kodwa wena kwakumele uzosebenza nami emaphoyiseni manje unxumalo onguPartner wami emsebenzini ubuye athembele kimina ekuphenyeni. 

" Awu kahle bo Mpume nawe uyawushaya umsebenzi wakho musa nje ukuzithathela phansi esho evala uzip weskhwama

" Asambe ngiyacabanga sebemi ngathi manje umama nobaba Zwane. 

" Uyabona ngifuna ukuth masengibuya nobaba Zwane ngiwuqumbe phansi umbuso kaMabuzela sengimubonile usebenza kanjani uphethe umqondo wamalama Maffia aphesheya abasabi ukuchitha igazi uma kungenzeki ngendlela yabo, angazwana noCastro lezigebengu ezinkule eUSA. 

" Cha kodwa unesibindi ujikela nomngani wakhe weminyaka ngenxa yokufunela izingane zakhe isikhundla. 

Bahamba behla bangena emotweni bonke kwasala uMelusi noSiphamandla. 

" Niwuphathe kahle umuzi wami bafana kusho uMabizela

" Ungakhohlwa ukuthula I Washing Siphamandla kusho uMaMthembu evele ngefasitela

" Hawu Sikhumbuzo ilinyazwe yini imoto ngoba ipocokile ngapho ngakuwe kubuza uMabizela. 

" Ngishayiswe omunye nje umfanyana obetshontshe imoto yabazali ngizoyilungisa sengisekhaya

" Ok ncono ayilimalanga mfana wami buka nje ukushayise uhamba nomakoti ethwele umzukulu wami. 

Bahamba yangena emgwaqeni wayishaya yazula imoto. 

[Mabizela uzibizele wena amanzi ngomsele khehla elidala, ngiyabuya ngomsombuluko uzozwa ngathi uyasha awunanembeza uyinja!!! kusho uSikhumbuzo ngomcabango esho eyinyathela ilibhekise esinqawunqawini.


Click Here To Read Next Parts 👇


Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !