Home ISOKA LAMI ISOKA LAMI 😊 P39 ISOKA LAMI 😊 P39 1 Like = ❤️ September 05, 2023 0 ISOKA LAMI 😊 P39uthe ephuma nje umamthembu wahlanga no Sandile Kanye no Zinhle nabo bethi bazobona untombenhle wavele wancifa umamthembu waqhubeka nendlela yakhe "Kaze ubezofunani Lo la Kusho uzinhle"Kucacile nje bethi uzoqedela untombenhle la esbhendlela Kanti akazi ukuthi usegadiwe Kusho usandile"Mmmh Waze wavelelwa untombenhle bakithi manje yena kuzogihlwa umawakhe kusasa engekho yena Kusho uzinhle inhliziyo yakhe ibuhlungu"Akukho okunye Zinhle Kunzima futh akumele siyikhulume le kuyodlula kwamawakhe phambi kwakhe untombenhle ngoba kungamnenezela ukugula kwakhe Kunzima nje Zinhle kodwa ngizimisele ngokuth ngimnakekele mephuma la ngimuphe uthando lwamama wakhe futh Kusho usandile njengoba beyongena ewodini alele kulo nje bafike bahlala phansi bamubuka wavele wahluleka ukuzibamba uzinhle wakhala uma ecabanga amazwi ka Zondi nokuth untombenhle Lo uyafihlwa umawakhe yena uzobe engekho"Zinhle ngicela uthule ungakhali makunje akukhalwa uzokwenza ukuthi untombenhle akhathazeke Kusho usandile eduduza uzinhle njengoba no Ntombenhle ekhwehlela kancane efuna ukuvula amehlo "Syabonga mdali Ntombenhle sthandwa Sami Kusho usandile njengoba uzinhle ebuka untombenhle esula izinyembezi nje awavule kancane amehlo untombenhle aqalaze ukuthi ukuphi Lana "Musa ukuqalaza mngani unganyakazi kakhulu Kusho uzinhle embamba"Ngikuphi Lana uphi umah kubuza untombenhle ekhulumela phansi"Syabonga usuphapheme sthandwa Sami usesbhedlela Kusho usandile eziba Eka mama ka Ntombenhle njengoba kubuya konke kuntombenhle wakhumbula ukuthi badutshulwa Beno mawakhe njengoba ebaqalaza nje ebabuka "Ngyajabula ukuthi uyaphila mnganami awazi bengikhathazeke kanjani Kusho uzinhle uthe eqeda ukusho njalo kwangena uzondi "Awu ukhethe ukungamlandeli unyoko kaze usaleleni we Ntombenhle kunyoko usalele Bani ngampela Kusho uzondi ebuka untombenhle njengoba edlikiza untombenhle mezwa ubaba wakhe ekhuluma kanje basukuma Bama ngezinyawo usandile no Zinhle njengoba uzinhle ememeza udokotela nje Tags ISOKA LAMI Facebook Twitter Whatsapp Newer Older