ISOKA LAMI😊 P90

1 Like = ❤️
0

 ISOKA LAMI😊 P90


bebesaxakwa ulomuntu ongena nezicabha omandlovu no Ndlovu washo wabadlula besamangele kanjalo inyanga iqode ekameren la Sandile njengoba ifika igakaza iscabha divuleke njengoba umandlovu ebabaza esondela Ku Sandile owayenganyakazi enegwebu emlonyeni 


"Kuzomele aphuthunyiswe esbhendlela manje kungaze konakale Kusho inyanga njengoba undlovu emqukula emfaka emotweni bengene bonke kuyiwe esbhendlela bafika kwaphuthuma odokotela bamfaka ngaphakathi


"Ngizocela nilinde ngaphandle sonazisa bese siqedile ngaye Kusho udokotela njengoba bephuma beyohlala phansi ebhentshini belindile bamucilonga usandile odokotela bakwazi nokukhipha amaphilisi lawa asegazini lakhe yize engakaphaphami yena kodwa uyaphila futhi usizakele njengoba noma Ndlovu ekhipha incwadi ebibhalwe usandile eyifunda khona la esbhendlela uthe meqeda wafonela untombenhle ukuba akafike la esbhendlela kuyaphuthuma nangampela akuthathanga sikhathi watheleka untombenhle ehamba no Zinhle


"Ayibo mAh kwenzenjn wangibiza nyokuphuthuma okungaka uphi usandile yena kubuza untombenhle evevezela uvalo
"Mi Funda la mtanami Kusho umandlovu enikeza untombenhle incwadi njengoba eyifunda nje uthe eqeda ukuyifunda wandwaza wayiwisa phansi wakhala uthe esakhala kanjalo kwaqhamuka udokotela basukuma Bama ngezinyawo bonke


"Dokotela unjani umfana wami kubuza undlovu


"Cha yena uryt kusizile ukuthi nisheshe nimlethe la

 esbhendlela sikwazile ukumdreyna amaphilisi awaphuzile noma acishe enza umonakalo nje kodwa yena uyaphila ukuthi okwamanje akakaphaphami usaqulekile Kusho udokotela


"Singakwazi ukumbona doc kubuza untombenhle akasenandaba nabazali ba sandile untombenhle


"Nizokwazi kodwa ngeke nikwazi ukungena nonke kuzomele kungene ababili nje vo nabo futhi kumele basheshe nimahiye aphumule Kusho udokotela


"Kulungile dokotela ngicela singene nkosikazi simbone Kusho undlovu


"Cha Cha gatsheni ngizocela kungene nangu untombenhle uyena ungenza usandile Abe ncono futh asheshe aphaphame Kusho inyanga njengoba bevumelana

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !