INSIMU YEZIMANGA
ISIQEPHU 11
Kwathi sekushone ilanga uMabizela bafika kwaMashu ekhaya kubo kaSakhile noMpume, bafica Madi uyise nanye noMaNdlovu uNkosikazi Madi nina wasakhile noMpume kanye nomfowabo kaSikhumbuzo uNathi.
" Sanibonani nonke ekhaya kusho uSikhumbuzo ngenjabulo eqonda kuyise noNina ebanga, wase eshayana izandla ngesitayela esithize nomfowabo uAndile.
" Ndodana kusho uyise nonina bemujabulela.
" Ninjani mama kusho uMpume eba hug ngamunye.
" Mtanami bakithi kusho umama kaMpume naye emanga kweza noyise wamanga.
" Ninjani mlingane kubingelela uZwane exhawula uMadi uyise kwaSikhumbuzo.
" Siyaphila mlingane kusho uMandlovu exhawula ubaba Zwane nomkakhe.
" Ayisazani kusho umkaZwane naye exhawula ngabanye ngabanye.
" Uthi alizi ukuna namuhla sihanjelwe abantu abasuka leko Musgrave esilungwini kusho uMadi indoda ezimukule ngomzimba ecebile kwaMashu.
" Hhawu sesifike qathatha kusho uZwane ehlala phansi.
" IMpela sesifikile siphelezele indodakazi ngemva kwefu elimnyama kusho umkaZwane.
" Namanje akatholakali umkhwenyana akukho namkhondo ezwakalayo kubuza uMadi.
" Ey Mlingani sesavele sakwamukela ukuthi mhlawumbe umuke namanzi umtanami kusho uZwane.
" Ibuhlungu lento enivelele mlingani kusho unina kwaSikhumbuzo.
" Ibuhlungu impela ngiyacabanga kunzima kakhulu kumtanami ezithwele nokuzithwala kusho kusho uyise kwaSikhumbuzo.
" Nathi mfo ngibambise sihambise lezikhwama kusho uSikhumbuzo.
" Ok bafo, ey wasuba mkhulu kangaka manje esho emubuka izingalo bekhuphuka ngezitebhisi endlini yakubo eyisitezi.
" Ah izinto ezincane lezi kusho uSikhumbuzo embuka ehleka bekhuphuka bafike bazibeka emakamelweni.
" Kuhamba kanjani ekasi bafo phela angisitholanga isikhathi sokuhlala phansi sixoxe ngoba ngangiphuthuma uMpume.
" Ey ndoda zisaphenduka imishikashika ayipheli uyazi kukwaMashu lana, esinqawunqawini kuyohlezi kunezakhona, ngikhuluma nje kuhlupha abafana abancane manje babulawa yiNyaope ne Woonga izwe liphendukile bafo ngiyakutshela Makhumbesh mfwethu.
" Yerrr manje abantu bomthetho benzani bona ukunqanda ubugebengu ngoba phela sikhule kunjalo namanje ungitshela ukuthi akushintshi.
" Aah ungangitsheli ngalabo ngoba yibo abahudula izinyawo.
" Ey Nathi impilo yakulendawo kusho ukuthi ngeke ishintshe.
" Mina sengadedela igazi ngibheka oza kimi noma othinta umndeni wami lapho ke ngiphenduka ibhubesi.
" Wola my bro ngiyachazeka uma usho njalo ngoba ngiyazi umndeni wami uphephile.
" Angidlali mina Makhumbesh anginatsotsi anginasikhotheni ngiphihliza ikhanda anginanazi.
" Ntwana son shaya la🤛🏾kusho uSikhumbuzo.
" Sho bafo🤜🏽🤛🏾
" Baphi labafana bakwaMsimango ababethanda ukuzenza inkinga nalamatekisi akubo kubuza uSikhumbuzo.
" Oyedwa wakhona ngamshaya nzima kabi eshela intombi yami ngenkani bathi bayeza obra bakhe ngabahlehlisa.
" Wangitshela umama indaba yakho manje baphi niseyizitha?
" Indaba yakhona yangenwa nangabazali kwafika ubab Msimangu wakhuluma nobaba ukuze kuthelelwane amanzi.
" Hhay yabona wena ungifuzile wangangishiya mfo ungalokothi uvumele igundwane lidlalele emabaleni akwaMadi mfo, qina ubheke lelikhaya.
" Khululeka bafo ubaba uzele izinsizwa kusho uNathi emoyizela.
" Kuhamba kanjani ejimini yakho.
" Uyazi mfo utshwala nezidakamizwa kulibulele iTalent. Ngikutshela ukuth abafana engibajimisa iKarate besebewu 63, ngoba sengakhelwa nehholo iNathi Karate club, kodwa sekusele 60, yilento yezidakamizwa.
" Ey MNatir mfo kunzima, kodwa kwake kwasilaya ukufika kwamaForeigner nobugebengu, kodwa phela kungebona bonke ngoba abanye bazilungele bazozizamela imali kusho uSikhumbuzo.
" Nohulumeni ulibulele izwe Ingani nje abanye bangeniswa ngopotsho bakhokhe.
" Ey mfo asazi impela ukuthi impela lelizwe liyogcinaphi uma kunje nami nje ngifikele ebugebengwini obenziwa ikhehla elidala.
" Hheee? Uthini manje Makhumbesh.
Ey mfo nami ngifike kuMpume ngadibana nokunye, ngingaxoxa nawe ngoba ungowakwethu kodwa angayazi umama nobaba lendaba, empeleni uSibali waboshelwa amanqina enyathi wabulawa ngomqondo womngani omkhulu kababa Zwane.
" Uthini kimi bafo kubuza uNathi emangele.
" Ngiyakutshela mfwethu kantike mina noMpume sesiphenyile saba nobufakazi ngoba ngikhuluma nje lobaba oyisigebengu ulekelelwa amadodana akhe, bazamile ukubulala mina noMpume ngokuthi ubaba Zwane uxoxa yonke into kulomngani wakhe nokuyinto eyenza ukuthi bafune ukubulala mina noMpume.
" Uyadakwa yazi ngazizwa ngibila ningabakwethu phela nina kusho uNathi ephefumulela phezulu.
" Ngiyakutshela ubaba Zwane ucebile kakhulu uyafana nje nobaba ngoba naye isitezi sakubo sikhulu impela nje ngalesi salapha ekhaya manje babambisene ngenkampani abayiqala bobabili bengabangani kodwa kuthe uMandla esephothulile enyuvesi wanyamalala kodwa okubuhlungu uZwane akaboni lutho futhi angimusoli bangabangani beminyaka lobaba ufuna ukuthi kuphathe indodana yakhe engafundile ngokwanele.
" Yaz Sikhumbuzo kuyisifiso sami ukuthi ngihambe nawe uma sewubuyela kwaZwane ngoba nakhu uMpume uyasala ngifuna ukumubona lomuntu obulale uSibali ubaba wengane kasisi wami, ngifuna ukubabona labantu abahlasele udadewethu ekhulelwe.
" Mfwethu Khululeka ngizoyilungisa lento ngiyakuthemba usukhulile impela ngiyabona ungusizo olukhulu lapha ekhaya wagoba ngisho nabafaba bakamsimango angingabazi amandla akho bafo kuyafuneka wena usale ugade umama nobaba kanye nabakaZwane.
" Makhumbesh wangithatha wangifaka ejimini washo wathi umfana ongasenzi isport uba nesizungu agcine esezihlanganisa nabangani ababhema izidakamizwa namhlanje ngine Black belt kuKarate ngibuya eChina kungenxa yakho namhlanje ngiyajimisa yingenxa yakho ngifuna ukukulekelea mfwethu.
" Bese unkampani kababa iholwa ubani ngoba uwena phela imanager.
" Bhuti angithi mina ngiphuma u3 o'clock bese ngo 4 o'clock ngijimise abafana, okusho ukuthi kuzobamba iVice yami bese kuthi ejimini uzobajimisa iCaptain project.
" Ey mawusho njalo asihambe kusasa kodwa ucele kubaba ngoba angifuni athi sengivele ngizenzele.
" Ok kulungile wahamba wapakisha wacela kunina noyise ukubuyela emumva noSikhumbuzo, bavuka ngakusasa ekuseni ngomsombuluko
" Mama nawe baba ngizocela nihlale nomndeni wakwaZwane nibabambezele mina noNathi sobuya kukhona into esisayoyilungisa kuneproject engifuna ukuyenza eMusgrave lapho kuganele khona uMpume.
" Kulungile kodwa ningahlali inyanga yonke ngoba uNathi uyena esengambeka eMadi suger okuyinkampani yoshukela.
" Kulungile baba usivalelisele kwabakwaZwane ngicela ubabonise nale business industry eyavalwa ngifuna avule idepo yamabhasi, kodwa sibuya baba besho bethatha izikhwama bephuma beqonde emotweni kaNathi ngoba ekaSikhumbuzo yahamba ukuyolungiswa.
" Abafana bakwaMabizela bacabanga ukuthi itheku liphethwe yibo soke sibone ke ukuth kuyongcina bani kusho uSikhumbuzo efasa ibhande lemoto
" Akesibabone ke ukuthi iyiphi eyogoba uphondo phakathi kwabafana bakwaMabizela nabakwaMadi kusho uNathi esusa imoto eyishaya izula
INSIMU YEZIMANGA
ISIQEPHU 12
Kuthe sekushone inkabi abakwaMabizela babe vevezela ngoba bedidekile ukuthi kwenzeke kanjani bathatha ubheki owayebazise ngenkabi esebulewe kanye nayo inkabi banqhunywa amakhanda umabizela esebomvu igazi eguqile amadodana akhe emba umgodi ensimini bayigqiba imizimba amakhanda engena kuplastiki njengenjwayelo uma esegila imikhuba yakhe yobumnyama.
" Namanje ngisazibuza ukuthi ubani obulele lenkabi ngoba uMpume akekho esimeni esikahle usakhulelwe kubuza uSithembiso.
" Hhay kuyobe ulekelelwe yilo lelibhubesi lakubo kusho uMabizela.
" Ngiyayifuna leyonja ngifune ibone ukuthi singabakwamabizela thina kusho ukhaya emba umgodi.
" Baba mina ngifuna ukukwenzela iProof ukuthi nami nginesibindi ngifuna ukuthi ngikwenze uziqhenye ngami nami ungenze ngiphathe kwenye yezinkampani zakho kusho uKhumbulani.
" Wena untekenteke futhi uma uqhubeka nalokuthamba oyikho ngizokukhipha kwasenkampanini uhlale ekhaya ngikuphuce kwamoto yami ngikuxoshe emzini wami angizwani negwala lomfana elibiza isibongo sami kusho umabizela eqaqulula wena owabona umuntu ohlahlela inhloko ephenduphendula amakhanda amabili.
" Kodwa baba mina uyakhohlwa ukuthi yimi uthumbu okuningi angikwazi, kusho uKhumbulani ecwebile emehlweni.
" Woza lana uzongibambisa kumele lamakhanda angene engenazinwele susa zonke lezinwele nalentshebe kusho umabuzela emnika ikhanda lenkabi.
" Yebo baba oooooop opp phuu kusho uKhumbulani ehlanza enyanyiswa into ayeyibona kwanenkezela inhliziyo wahlanzela uyise ebusweni.
" Fuseeeg sukaaaa!!!!! La nxn!!!!!! 🤬🤬🤬Yazi umuntu wazala inja nje buka manje usungenzeni wathi usula ubuso igazi lamninda ubuso umabizela kwayinto engabhekeki waphinda wahlanza uKhumbulani.
" Ngiyaxolisa baba be ngi... Ngi zama kusho uKhumbulani engingiza ezama ukukhuluma ebambeka engazi uzothini.
" Uyazi angisazi isdwedwe esifana nawe buka manje nginjani wena awuhlukule ezinjeni ezingahlakaniphile kusho u Mabizela ecasuke ngendlela eyisimanga wakhumula ibhantshi lakhe wasula ngalo.
" Baba sesiwumbile umgodi sesingabafaka kubuza uSithembiso.
" Kulungile zifakeni zombili bafana bami suka lana wena rubbish!!!! esho ebuka kabi uKhumbulani.
" Wena baba ungikhipha inyumbazane kusho uKhumbulani ekhala.
" Wena kodwa kanti uzokhula nini unganyanyiswa ubala nje kusho ukuthi uma sekuthiwa bulala ungalokhu uthithiza kanje kusho uKhaya equbula isidumbu esigaladisela emgodini.
" Phela izinhliziyo zabantu azifani kusho uKhumbulani ekhala.
" Kodwa Khumbulani kunento ekumele uyicabange ukuthi uma mina nosithembiso singafa bese kufa nobaba kusho ukuthi ungahlupheka ngoba ubaba washo kahle ukuthi usifundisa lento ukuze singahlupheki uma esengekho emhlabeni, awuzwanga yini uma ubaba esitshela ukuthi ukunotha ukunotha nomcebo wakhe kwalethwa yilento esiyenzayo, musa ke ukulokhu usinyanyisa uzenza ingane kusho ukhaya esemnyama bhuqe kwazise babemnyama bengabahle befuze uyise.
" Khaya aze angijabulisa amazwi owakhuluma kumfowenu kusho uMabizela.
" Iyodwa into engizofuna uyenze namuhla ngifuna uthathe imoto uye lapha phansi kwebhuloho kubantu abazoHiker uthole umuntu oyedwa ozongena ensimini, kuzokwenziwa uwena konke uzombulala wena, umnqume wena ikhanda uma lokho uzophuma uphele kwamabizela, ngifuna ukukukhipha lento elapha ngaphakathi kuwe gwala ndini kusho uyise engasasineki
" Ngizokwenza lokho baba angifuni ukulala ezitradini mina.
" ngizovala konke kwamali eBank uyaphuma unqunu ngoba kwampahla yokugqoka onayo imali yami.
" Baba ngizokwenza uziqhenye ngami.
" Ngikunika ithuba lokugcina ngoba ngeke mina ngibe nengane efana nawe uyanginyanyisa uthambe kakhulu kusho uyise embukisa okwento enyanyisayo.
Bathi mabeqeda umsebenzi bahamba baya ekhaya kwaMabizela.
UNathi no Sikhumbuzo bafika kwaZwane bagqongqoza bangena kukhona uMelusi noSiphamandla
" Sibali sami kubingelela uSikhumbuzo behlezi esittingroom bebuka amaMovie.
" Sibali kusho u Melusi besukuma bemujabulela bexhawula.
" Hawu ubaba nomama baphi kubuza USiphamandla ebaxhawula.
" Basele ekhaya kunebhizinisi ekumele abonisane ngalo nobaba, yini usukhumbula ukuncela kusho uSikhumbuzo kwahlekwa kwamnand.
" Hhay hawu kusho USiphamandla kwahlekwa.
" Bafwethu lona uNathi umfowethu olama mina.
" Nathi lona uMelusi lona USiphamandla osbali bethu abalama uMandla.
" Ngiyajabula ukunazi bafwethu esho ebaxhawula.
" Ay cha akubuzwa ukuthi owakwaMadi niyafana ngisho nokuma kwemizimba kusho uMelusi.
" uyafika lana kimi kusho usukhumbuzo eveza inkonyane eyingathi izambane 💪🏾ehleka.
" Ayi angazi kahle kodwa naye ukhona kusho uMelusi.
" Uyajimisa umfwethu une Black belt ku karate uyena osebenzisana nobaba oseyi manager e Madi Suger inkampani yombila esho ebuka uNathi.
" Kodwa sikhumba eyeKarate isingenaphi kusho uNathi ehleka.
" Yena akathandi ukuthi kwaziwe ukuthi ungu master we Karate ngoba awuziqhakambisi mawujimile kuchaza uSikhumbuzo.
" Sicela usijimisa nathi besekukudala ngifisa ukufana no Jackie Chan kusho uMelusi.
" Ewu kodwa Melusi wangithathela phezulu sobuye sikuhlele lokho kusho uNathi ehleka.
" Akunankinga inqobo nje mawungijimisile kusho uMelusi.
" Ayi kulungile mfanakithi sizobona ukuthi sihamba nini kodwa uma ngisekhona ngizojimisa kodwa into engicabanga uqale ngayo gijima njalo ekuseni wehlise I weight kancane amasonto amabili.
" Akuhluphi ngizogijima ngizoqala kusasa lokhu okusayo.
" siphamandla thatha nazi izikhwama uzibeke emakamelweni esizolala kuwo kusho uSikhumbuzo emunika izikhwama.
" Nami ake nginenzele uJuice ngiyacabanga nikhathele kusho uMelusi esukuma.
Zahlala phansi zaphumula izinsizwa zakwaMadi kwashona ilanga kwalalwa.
kuthe ngakusasa uMelusi wavuka wafuna ukuqikelela ukuthu uyazi proover kuyise wathatha imoto wayishaya yazula ebheke lapho ku hiker khona walinda imizuzwana, uSikhumbuzo wavuka watrack inombolo kaKhaya ukuth ibidonsa eshayela ekuphi wabona ukuthi isikhathi esiningi ubedonsa ngalapho kuHiker khona wabona nendawo ibidonsa kungathi kunqamuka ukudonsa ngenxa yokuqhela kwe tower, nokuyilapho kunensimu kaMabizela.
" Nathi asivuke ndoda khona engifuna ukuyokuhlola ngoba ngifuna ukutrace yonke indawo lapho bekudonsa lomakhalekhukhwini kaKhaya.
Nangempela bavuka balibangisa khona lapho eku Hiker khona.
Kuthe nje befika babona usisi otete ingane ephethe iphepha elibhalwe NN egijimela emotweni emnyama eshayelwa uKhumbulani.
" Hhay bo Nathi kukhona engikusolayo ngalemoto ngicela uze ngapha kulesihlalo ngishayele mina esho ephuma ezungeza imoto uNathi wagudlukela kwesinye isihlalo.
" ubonani kusho uNathi.
" Lemoto iyafana neyakaMabizela iyona impela lena engayibona kuCCTV footage esho eyihlala ezithendeni.
" Nayi impela ihamba yilande kuyacaca ukuthi kukhona abaphezu kwakho lezigilamkhuba kufike abakwa Madi manje basozasho epanini nyathela Sikhumba iBM phela lena.
" Azikhale esho enyathela ekhuphula igiya kwangathi iyaphakama, bayihlala ezithendeni, uKhumbulani waqala waba novalo wayinyathela imoto, wayishaya yazula waqala walungisa isibhamu sokuthi adubule umuntu amu hiker. Le, kodwa walokhu ebona imoto emvakwakhe. Wasibuyesela wakhuphula igiya yavula imoto kunzima nokuthi aqalaze.
" Yehlisa ispeed bhuti kusho usisi ogibelile.
" Ngibona ngathi izigebengu ziyasijaha kusho uKhumbulani.
" Awu nkosiyami ngihamba nengane yami kusho losisi.
" Khululeka sisi ngeke basithole esho ekhuphula ispeed ngendlela eyayimangalisa kwasho ukuthi uSikhumbuzo wawungeke umthinte esteringini.
Wathi uma esezolala ekhoneni uSikhumbuzo wavusa isitulo, uNathi wafasa ibhande yantaza kwasho ukuthi uKhumbulani wayengakavuthwa kahle ekushayeleni, weza uSikhumbuzo kungathi uyayifica uyayidlula aqondane nefasitela wazama ukukhipha isibhamu wathuka losisi.
" Wuuuuuuuuuu aweee maaah kusho usisi ogibele egwaca ebona isibhamu.
" Misa leyo moto kusho uSikhumbuzo eveza isibhamu ngefasitela.
" Udakiwe njandini!! uyangazi ngiwubani mina wena masaka esho ekhomba naye ngesibhamu.
" Aweeeeee maaaah bhuti yehlisa isibhamu esho evala izindlebe ememeza uSikhumbuzo wahamba uSikhumbuzo kungathi uyaphambili kwemoto kaKhumbulane wafike wayivalela phambili yazama ukuputshuka wayijika uSikhumbuzo imoto yavala indlela, waphuma u Khumbulani ephethe isibhamu wakhomba usisi etete ingane isikhala yaze yanesibibithwane.
Wadilika uSikhumbuzo noNathi.
" Dedela lowo sisi kusho uSikhumbuzo ekhombe ngesibhamu,
" Udakiwe njandini ongawaphi wena kusho uKhumbulani ekhombe losisi esekhala nengane ikhala wasuka wadubula uSikhumbuzo inhlamvu hahuhuluza ehlombe wabaleka wangena ehlathini.
" Aaahhhh kusho uSikhumbuzo ebamba ihlombe eguqa phansi wagijima uNathi emgijimisa.
Wadla phansi uKhumbulani edubula ebhekisa emuva egwaca phansi, kungathi uginqika ngegobolondwane phansi, wagijima uKhumbulani aphinde ame egijima edubula ngemuva acashe ngezihlahla uNathi. UNathi wahlalisa usisi wabantu wamisa izimoto emumisela imoto ezidlulayo, zama bamuthatha usisi wabantu nengane, wase elandela uNathi ehlathini.
Wabaleka uKhumbulani wakhipha umakhalekhukhwini eshayela uyise.
📱Baba ngiyahlaselwa kusho uKhumbulani egijima ehefuzela.
📲Kwenzenjani angizwa wena maan Khuluma kusho uMabizela ethetha.
📱Ngiyahlaselwa kusho uKhumbulani ekhala.
Weza uNathi egijima eselahle neJacket yakhe egijima ehlinile ngemuva, wawa uKhumbulani ethi ubheka ngemuva wahuhuluza ngesisu sakhe kwawa isibhamu waphenduka emoyeni wafike wehlela kuye ngedolo esifubeni wabhodwa igazi uKhumbulani wamuvusa uKhumbulani wathi ushaya ngesibhakela wasibamba isandla emoyeni wasiphoqoza, wamukhahlela umlenze wavodloka kwaqhuma ithambo wamemeza, wafika uSikhumbuzo.
" Cishe yangidubula lenja kusho uSikhumbuzo emuphakamisa emoyeni wamuphonsa esihlahleni wangena ngobuso, waqhuma intamo wafika uNathi wamundizela ngenyawo emoyeni wamshaya ebusweni kwaphela ngomfana kaMabizela.
" uphi uMandla? Kubuza uNathi emise eminwe wafike wamukabha kuqhoqho wawa phansi kungasaphumi izwi.
" imassage esiyithumela kuyise mfana kaMabizela esho emkhuphula ngonyawo esilevini kwaqhuma intamo wafa.
Bathatha ifoni balayela uyise ukuthi uzomtholaphi, bahamba begijima bahamba, umabizela wahamba endiza wafika wathola uKhumbulani efile evule amehlo sekuphume umphefumulo.
" Hhaaaaaaaawuuuuu kodwaaaaa nkosi yaaaaami, hhaaaaw ngayibulala ingane yami ngencindezi engimufakele yona hhhiiiiiii wakhala eguqe endodaneni yakhe uMabizela ekhala ngendlela eyayihawulisa ngendlela eyisimanga ebhuquza uthumbu wakhe
INSIMU YEZIMANGA
ISIQEPHU 13
Wakhala zaze zoma izinyembezi kuMabizela ezisola wase eshayela uKhaya ukuthi aphuthume wamulayela lapho kwenzeke khona isehlakalo, walinda uMabizela athi mayebuka umtanakhe ziphinde zehle izinyembezi ekhumbula wonke amazwi abuhlungu awakhulume kuKhumbulani, ziphinde zehle izinyembezi.
" Ngiyaxolisa mfana wami, Hhhhiiiiiii hhhiiiii ngiyaxolisa Ndimande mkholo onsundu nezinyawo zakhe kusho uMabizela esemuhlophe ebhuquza eziginqa ekhala ezwa ubuhlungu ayengakaze abuzwe bokushonelwa ingane.
Kwathi makuphela ihora wafika uKhaya egijima ehefuzela wathola ubaba wakhe ewumucaba phansi empunga kuhle kwengane encane egcwele uthuli ensundini yakhe.
" Baba kwenzenjani kusho uKhaya efike eguqa kunina wabona no Khumbulani elele efile.
" Hhhiiiii hhiiiii hhhiiii bamubulele umfowenu kusho uMabizela izwi lingasaphumi kungathi lishile.
" Hhay bo baba hhhayyy akukwazi awu kodwa ngoKhumbulani kusho ukhaya emxukuza ekhala phezu kwakhe.
" Ngimubulele mina umfowenu mfanawami ungixolele kusho uMabizela ebeka isandla ehlombe lika Khaya.
" Awonanga baba ubuzama ukulungisela thina ikusasa lakhe kusho uKhaya ekhala amehlo aba bomvu ibuhlungu inhliziyo yakhe ezisola naye nangamagama awashilo kuKhumbulani.
" Kodwa ngizothini kumkami kusho uMabizela ekhala.
" ingabe ubani owenza lento ngoba baqale ngenkabi manje umfwethu kusho uKhaya ekhala.
" Akekho omunye ilomfana wakwaMadi ngoba uyazi siyamhlasela manje usethi akagadle kuqala kusho umabizela ezwa evukwa inzondo ecabanga nesihlungu azobabulala ngaso mhla wabathola.
" Uzoyikhotha imbenge yomile uzomkhipha owami ubhuti kusho ukhaya efumba inqindi ebuka isibhamu sakhe.
" Ngiyacela mtanam atholakale ngifuna simubulale kabuhlungu ngona ukube akekho ngabe lomakototi kaMandla sesimubulele kodwa kuyacaca ukuthi ngeke kwenzeke kusekhona lenja kusho uMabizela esejulukile ecwebezela.
" Baba ngiyakuthembisa ngizombulala uSikhumbuzo, ngifunga oMabizela bephelele nakanjani uzongena ensimini bese ngilandela ngoMpume ngibafuna befile nakanjani.
" Akengifonele uZwane ngifuna ukusha ukuthi ngabe lomfana akakakhulumi lutho mayelana nokuthi besiqhashe inkabi ukuthi ibulale uMpume noSikhumbuzo kusho uMabizela ehlala etsheni.
" Yazi baba iyodwa indlela yokuqeda ngalenja yakwa Madi, shayela baba Zwane umtshele ukuth sesiyavuma ukuthi uSikhumbuzo aphathe enkampanini ukuze simusondeze eduze bese siyamubulala, siqede sibulale naye uMazibuko.
" Uyazi uqinisile wena ngikuthandela lomqondo osheshayo esho eshaya izinombolo
📱HELLO Zwane okhulumayo
📲Zwane mfo ngiyaxolisa ukuthi angisezi lapho ekhaya ukuzokubona ukubambeka nje.
📱Hhay kanti vele angikho bengithi ngizokwazisa mfo ngaphelezela umkami sisekhaya lapho azalwa khona kwakunenkinga eyayiphuthuma nathi sathatheleka phezulu.
📲Hhay akunankinga Mangethe izinto zomndeni zibalulekile impela, manje kanti ekhaya nishiye bani mangethe ngoba phela mncane uMelusi noSiphamandla.
📱Hhawu Mabuzela bancane abantu omunye usenyuvesi una22 kuthi umelusi una18 naye wenza ibanga leshumi.
📲Kodwa uqinisile ubafundisa ubudoda.
📱Kodwa futhi sengikhululekile ngoba uSikhumbuzo nomfowabo babuyele ekhaya basishiya thina kuphahluka uZwane.
📲Uthi banishiya nina nomfowabo kuphi kudideka uMabizela.
📱Ayi man sengisho ukuthi, eh eh uSikhumbuzo, nomfowabo ba.. ba..
📲ZWANE Mfo kwangathi kukhona ongifihlela kodwa.
📱Cha wena mangethe ngithi abafana bangishayela ukusho ukuthi bazovakasha bezohlalisa abafana bami ngoba uMpume sinaye.
📲Zwane angikuzwa mfo.
📱Ay maan uMpume nomndeni wakhe babe sebesibiza sadlula sababona sase siphuthuma ezihlotsheni zomkami.
📲Zwane angikutholi kahle mfo ngoba ngithi awuphuzi kwenzenjani walokhu ukhuluma into engezwakali.
📱Ey ukuthi kuningi okusekhanda man Mabizela mfo.
📲Lalela mfo ngithi angikwazise ukuthi ngihlalile ngayicabanga indaba kwaSikhumbuzo ngabona ukuthi inkani ayisizi ngoba sobabili sifisa ukubona inkampani ikhula igcwala I South Africa yonkana.
📱Hhawu zamnamdi lezondaba mngani wami ngangazi ukuthi mina nawe ngeke singaboni ngaso linye ekugcineni sizosithola isisombululo.
📲Uze naye ke umfana umethule kubasebenzi asayinde inkontileka ngizokulindela ungaze ubuye nini?
📱Mawusho njalo namuhla ngiyabuya bengisazohlala kodwa lezindaba ezingijabulisayo sezenza ngihluleke nokulinda.
📲Awuzwake Mangethe esho evalelisa evala ucingo.
" uthini baba kubuza uKhaya.
" uthi uyeza namuhla ujabule uyabhubha, akabuye insimu yami ibalindile izosutha impela ngoba ngiyamuzwa uthi uSikhumbuzo ubuye nomfowabo
" Kukahle impela ubaba Zwane Kufanele ajeze ngoba uyena osifikele nalomuntu obulele umfowethu.
" Izosutha insimu okwamanje asishiye lesidumbu khona lapha ehlathini sihambe Khaya.
" Kanjani manje baba kumangala uKhaya.
" Khaya wase uphenduka ingane singahamba kanjan nalesidumbu ngoba amaphoyisa azosola thina.
" Kanjani baba ngoba umtanakho lona kanti amaphoyisa ayizilima yini kubuza uKhaya.
" ubuye ungidumaze uma usucabangisa okwengane, ukufa komuntu kuphenywa ngisho umyeni noma uNkosikazi uma kubonakala ukuthi umuntu ubulewe,
" Bayadakwa amaphoyisa kanti nawo ayizilima yini.
" uyabona nje uma singake sibonakale lana kungamele siphendule inqwaba yemibuzo sukuma sambe bese ushayela kuPublic phone ubike ungazisho ukuthi ubani (anonymous) usho ukuthi uthole umuntu ehlathini ebulewe amaphoyisa ayobe eseisishayela esazisa sesiphelele ekhaya nathi sizobe sesizenza abangazi.
" Ook baba esho esukuma ezithintitha uKhaya noMabizela wazithintitha baqeda babuka isidumbu zabuye zehla izinyembezi bahamba izinhliziyo zibuhlungu beyongena ezimotweni zabo bayishiya kanjalo ekaKhumbulani ukuze nayo izolethwa amaphoyisa.
" uyazi baba ngimufuna ephila loSikhumbuzo ngifuna ukumbulalisa okwenja eshayiswe imoto, usazokhokha angeke mina ngifelwe umfwethu kuthuleke abakubo bazocula amagugu, ngifuna ukumuzwisa ubuhlungu angakaze abuzwe, yingakho uMpume ngimufuna efile naye.
" Kuzokwenzeka lokho mfana wami kodwa okwaManje ake siyoshayela amaphoyisa nayi iPublic phone shayela ngayo ubike. Nangempela wehla uKhaya washayela eSteshini samaphoyisa.
📞Hello
📞Hello ngibone isidumbu ehlathini emgwaqeni ongase Engen garage mawuqeda ukudlula ibridge ngase jantshini wesitimela kusho uKhaya.
📞Ubani okhulumayo kubuza iphoyisa..
📞Ngicela ukungazisho ngiyabonga wabe elivala ucingo.
Aphuma endiza amaphoyisa afika endaweni yesehlakalo babona nemoto bathatha izinombolo zemoto bathola neLisence esikhwameni sikaKhumbulani kwavela ukuthi uKhumbulani Mabizela babe sebeshayela abakwaMabizela, umabizela wayesehleli nomkakhe kanye nabafana bakhe kwangena iphoyisa lahlala phansi
" Siyabingelela.
" Hhebo muntu womuthetho kubingelela uMabizela
" Ngize ngezinda ezingezinhle lapha ekhaya.
" Sekwenzenjani uMakhumalo kwangathi uyajuluka.
" Sekwenzenjani kubuza umabizela ezenza ongazi.
" Kungene ucingo emsebenzini umuntu thizeni ongazishongo igama usishayele ucingo kungathi ushaya esigxobeni wabika ukuthi kunesidumbu esigangeni, sithe masiya khona sathola ukuthi umfana walapha ekhaya.
" hhaay!! Hhaay!! Hhawu kodwa Nkosiyami kusho uMkaMabizela eshayeka phansi.
" Nkosikazi wami kusho uMabizela eguqa kumkakhe.
" Bizani iAmbulance nakhamisa nje kusho uMabizela ememeza ekhala kabuhlungu,
" Ay izofika kudala baba!!! kusho uKhaya ethatha ukhiye wemoto.
" Ushone kanjani umfwethu kubuza uSithembiso nezinyembezi emehlweni.
" Asazi nathi ngoba sidonswe indlebe nathi samufica esevele efile sengicela ukubaleka engathi angasinda umama kusho iphoyisa liyophuma ngomnyango.
Bamuthatha umkaMabizela bahamba naye ecunana wavele waqhaqhazela walula imilenze kungathi amehlo abamhlophe wakhamisa kakhulu wavela imisipha esiphongweni waqumba emqaleni wakhonkeka wavele wathula.
" Mama sesizofika ungafi mama kusho uKhaya eshayela indiza imoto uMabizela ephephetha umkakhe.
" Ungalokothi ungishiye mtungwa ngiqeda kuzwa izindaba ezibuhlungu awukwazi ukungishiya nezingane kusho uMabizela ekhala.
" Qina mama bekezela sesiyafika kusho uSithembiso ekhala.
" Kanti ngempela ngempela kungeneni emzini wami kusho uMabizela ebeka iduku esiphongweni somkakhe emuphephetha.
Bahamba baze bafika esibhedlela umkaMabizela engasanyakazi wadilika uKhaya waqubula unina engena naye esibhedlela esidulayo Private hospital.
" mletheni ngapha kusho odokotela bemgquba ngenqola begijima.
" Ngicela nilinde lana ngaphandle kusho udokotela bamcilonga eside isikhathi uMakhumalo.
" Kodwa ngingaba yini nje ngomkami kusho uMabizela ehlezi emabhentshini.
" Akukwazi ngempela ukuthi singashiywa umama siqeda kuzwa izinaliti enhliziyweni ngokushona kwaKhumbulani kusho uKhaya
" Sizobathola labo abenze leyonto kusho uSithembiso.
" uSikhumbuzo mina angingabazi nakancane, liyeza ilanga lakhe ngifuna ukuyigxoba leyonja bese ngiyinquma ikhanda ithinte abangathintwa singabakwaMabizela thina kusho uKhaya ehla izinyembezi.
" Nginawe mfwethu usazozikhokhela izono zakhe ngoba ungena izindaba ezingamufuni lomsun*wenja ngoba umama ulana nje yiloSikhumbuzo ngokubulala uKhumbulani nobufakazi bungekho ukuthi singamfaka ejele kusho uSithembiso ephefumulela phezulu enyanyile.
Kuthe nje besakhuluma kuqhamuke udokotela.
" Mabizela family ngicela nisondele.
" umama mabizela ushaywe iheart attack sizamile ngakho konke okusemandleni ngiyaxolisa ukunazisa ukuth akasekho emhlabeni.
" Hhayi hhhhhaaaayyyyyy hhhhiiiii hhhiiiii kodwa ngenzeni emhlabeni kusho umabizela ekhala ezibhuqabhuqa phansi kwaduma isibhedlela sonke,
" Kanjani manje dokotela nahlulwa umsebenzi wenu nje!!!! kusho ukhaya ethumela isibhakela kudokotela,
" Kodwa kungeneni kwaMabizela kusho uSithembiso ekhala eduze kwayise owayesewumcaba phansi ephendu phenduka ekhala kwaze kwazwela kumaNesi.
" Kodwa boMabizela senzeni nize nisithathele 2 pho umama nomfwethu kusho uKhaya ekhala, kwaba usizi lodwa emndenini wakwaMabizela
INSIMU YEZIMANGA
ISIQEPHU 14
UZwane nomkakhe batheleka kungalindele muntu bafika uMelusi noSiphamandla babheke izincwadi zabo zesikolo, kanti uNathi noSikhumbuzo babesahambise imoto eCar wash, beshisa nenyama bezihlelele belinde imoto bezishayela neziphuzo zabo.
" Ey bafo bengithi udubulekile ngenkathi ugoba kusho uNathi ephuza udrink wakhe osekopini.
" Ey kusale kancane ihuhuluzile nje angilimalanga kusho uSikhumbuzo ebuka kuleyondawo ebhandishile.
" Kodwa siyithumele imassage ngiyafisa nje ubaba Zwne angaqale abuye ngoba lobaba okhuluma ngaye ubukeka enonya kusho uNathi.
" Uzomubona Khululeka ngifuna sigcine ngaye yazi ugcolile lobaba okubuhlungu uBaba Zwane akaboni futhi akamusoli nakancane umxoxela yonke into.
" Manje Sikhumba kungani singavele siqede ngalobaba ngoba ngimunyanya kabi mawuthi uyena onesandla ekunyamalakeni kwaMandla.
" Liyeza ilanga lakhe ngisafuna nje ukuthi akezwe ubuhlungu bokulahlekelwa abantu obathandayo asondelene
" Ya yena ufuna isifundo ubulale usibali manje ubezama ukubulala wena nomfowethu ngimujahile futhi angizenzisi.
" Usazobukhokhela ubuhlungu abuzwise udadewethu wamuphuca umkhwenyana eselobolile belindele nengane nami ngizwa ubuhlungu mangicabanga ubuhlungu udadewethu abhekene nabo, kusho uSikhumbuzo ejulile ngomcabango.
" Abaqede ukugeza lemoto sihambe siyophumula mfwethu kesidle amathambo enqondo kusho uNathi ethi qhanu isiphuzo.
" Awusho mfo manje ubaba Zwane unaso isibhamu kubuza uNathi.
" Awu angiboni uZwane indoda eqotho edlala lomkhonyovu wekhehla elingasile.
" Asihambe mfo kusho uNathi esukuma ema ngezinyawo.
Nangempela basukuma bakhokhela imoto bahamba belibangise kwaZwane, mabefika bazithela phezu kwaZwane noMAMthembu.
" Hawu baba ninjani kumangala uSikhumbuzo ukuthi babuye kanjani masinyane ngoba ubefisa ukuqhubeka nomsebenzi wokuhlasela uMabizela namadodana akhe engakabulali uZwane.
" Ninjani bafana kujabula uMabizela nomkakhe ebabuka.
" Siyaphila mama nobaba Zwane kusho uNathi.
" nisheshile ukubuya bengisafuna upholise ikhanda nje ukuhlale ekhaya ubonisane nekhehla lami nikhulisane kwezamabhizinisi kusho uSikhumbuzo.
" Khona nami bengisakujabulela ukuhlala elokishini lakwaMashu inkinga ngibe sengifonelwa uMabizela kusho uZwane.
" ok baba uthini ubaba Zwane kubuza uSikhumbuzo.
" uthi ugcine ecabangisise kahle wagcina efika esinqumeni sokuthi sibeke wena njengoMphathi uhole lenkampani yamabhasi.
" Angizwa kahle baba kusho uSikhumbuzo
" Impela mfana wami mina nje ngangivele ngifune sibeke wena mhla ngiqala ukuzwa ngemfundo yakho.
" Baba Zwane mina senginomuzi phesheya impilo yami isingale ngabuyiswa nje yilento evelele udadewethu kanye nani ngoba nalobola kwaMadi manje bengingeke ngingafiki.
" Ey mtanami wavele wangiqeda. Amandla nje kodwa ngoba ngithe angingabe ngisalinda angize ngizokutshela kusho uZwane ebuka phansi edumele.
" Kodwa akuhluphi nangu uNathi umfwethu uneMasters Degree ufundile impela uyena uhola inkampani kababa yoshukela iMadi Suger.
" Hhawu kanti ifundile insizwa manje wafundelani mfanwami, Logistics Management baba ekufaka ezokuthutha.
" Hhay cha uMadi indoda yamadoda uzele izifundiswa yilento engiyikhuthaza nakwezami izingane buka nje uhola inkampani enkulu kanjani eThekwini.
" ubaba ubehlale eyigqugquzela imfundo ngoba ngisho nosisiwami uMpume wafundela icriminal law wase eqashwa kodwa wathanda ukuba umphenyi kusho uSikhumbuzo.
" Siphamandla nawe Melusi akobe niyezwa njalo ukuthi bafunde kanjani abantwana baMadi ekhweni labhuti wenu.
" yebo baba mina nje ngifuna ukufunda phesheya mangiqeda isikolo njengobhuti Sikhumbuzo.
" Nami baba ngiselelwe u 2 years ngithole iDegree yami kusho USiphamandla.
" Ngiyajabula mfanawami ukuzwa unentshisekelo nogqozi ngemfundo.
" Kodwa baba Zwane wena ngokwakho ukubona ingabe yini eyenzeka kuMandla kubuza uSikhumbuzo.
" Waphaphalaza ngemoto umtanami mina angifuni nje ukulokhu ngigxila entweni engeke isangisiza kuphela nje ingivusela amanxeba.
" Kodwa kuyadida ukuthi ngoba I garage lilapha eduze yini into eyayingamusa emadwaleni aqhelile nalapha ekhaya.
" Mhlambe wayethatha uhambo olwaludlula kuleyo mhosha esemaweni umtanami asiyiyekeni lendaba mina nje ivele iqale phansi ingizwise ubuhlungu Sikhumbuzo.
" Kulungile baba kusho uSikhumbuzo esukuma.
" Asambe ndoda kukhona engiguna sikwenze kusho uSikhumbuzo ebuka uNathi nangempela asukume.
" Baba mina sengizojima iKarate kusho uMelusi.
" kuphi khona?
" Ngizojinyiswa ubhuti nathi.
" Ok yah sengiyakhumbula unejimi. Enkulu kwaMashu ujimisa yona igenge elingana nani.
" Nami yingakho ngifisa angijimise kodwa manje okubuhlungu uzobuyela emumva.
" Akeningilethele amanzi abandayo safa ukukhathala kusho uZwane enabile esofeni umaMthembu wahamba waya ekamelweni waphumula.
USikhumbuzo bahlala ekamelweni baxoxa.
" Sikhumbuzo kunento engingayizwa kahle futhi angiyitholisisi impela.
" Ngilalele kusho uSikhumbuzo ekhuluma amateki enaba emubhedeni.
" Ubaba Zwane uyena ophethe kulenkampani futhi uyena onamasheya amaningi enkampanini iMabizela&Zwane Buses.
" Yebo impela yena kungathi ungenhla kunoMabizela ngokwamasheya.
" Manje ubani osebenza as profit monitoring?
" Ey yaz angikaze ngihlale nobaba Zwane ngixoxe kabanzi ngenkampani ngoba ngibalekela ukuthi elokhu engishela ukuthi ngisebenzele yena.
" Ay bo phela uBab Zwane unenqwaba yamabhasi kanti futhi amenzela imali ebomvu engamenza ukuthi avule eyakhe inkampani aphume kulenkampani yalobababa ongasile.
" Ya khona nami ukube kuya ngami ngabe ucela uMabizela amudayisele amasheya avele avule eyakhe inkampani ngoba usenayo iPower yokuthi azimele.
" Kodwa angiboni ukuthi angavuma ngoba uzobona ngathi usejikela umngani wakhe kusho uSikhumbuzo.
" Ey mina ngiyasola uMabizela noZwane kunamaphepha abangawasayinile ukwenza izivumelwane bafake nabameli kusho uNathi.
" Ay ngiyakuzwa bafo akesiyeke indaba zamabhizinisi asikhulume indaba kaMabizela namadodana akhe mina ngifuna ukuth namuhla ebusuku siphume kugwa i-signal iyanginqamukela uma ngitrace indawo ubevame ukushayela kuyo eqhelile elokishini, ngoba akunaTower kuleyondawo manje kuyenzeka kwesinye isikhathi inqamuke ibuye idonse, bese ngithi ngisayilandela iphinde inqamuke, manje mina ngizovula iLaptop yami ngoba njengamanje ngiyabona umakhalekhukhwini waKhaya uveza ukuthi akakaphumi, ngifuna silinde ukuthi uma nje ephuma thina sibe sesimuhleli izithonto ngoba uma sibayeka lukhulu abasazokwenza kulomndeni wakwazwane.
" Ohk bafo manje njengamanje ucingo lwakhe luveza ukuthi ukuphi mawuchofoza izinto zakho lapho?
" Iveza ukuthi iLocation akuyona ingase Sontweni lamaRoma.
" Ok asihlale sicuphile ke mfo silala sigqokile imoto ungayifaki ejalidini kusho uSikhumbuzo ecimeza ebeka ikepisi emehlweni.
" Ya noma kanjani mfowami.
Kuthe sekuba mnyama umndeni nomakhelwane babelokhu bethelekile kwaMabizela ukuzoduduza kwafika nomama bamatshali ngoba indaba yokushona kwaKhumbulani no Makhumalo yaduma indawo yonke.
UMabizela wayebhalwe ebusweni ukuthi ubuhlungu emoyeni ngenxa yesehlakalo esimehlele.
" Khaya woza lana ngaphandle kesihlebe mfana wami kusho uMabizela eqeda kwamukela abantu ababezolila.
" Yebo baba esho emlandela baqhela eningini labantu elalilokhu lungenile ukuzoduduza baphonse nasesosini.
" Lalela mfana wami namhlanje insimu yami ayidlile kanti futhi nawe uyabona ukuthi izihlobo zami azikafiki ukuthi ngingashiya abantu kanjena, ngikukhombisile konke okumele ukwenze, hamba uthole umuntu noma oyedwa ayosuthisa insimu ikhanda ulifake kuplastik njengoba ngihlale ngenza kodwa ungalokothi ufake ukhanda elingagundiwe uliphuce kahle bese ufaka kuplastik omnyama ufase.
" Kodwa baba kuzoba nzima ukuthi ngingagubha ngingedwa.
" Manje phela anikwazi ukuhamba nonke ngoba kuningi ekumele kwenziwe njengoba nibona nezinto eziningi azilungisiwe.
" Ok baba kulungile ngizoya kodwa manje baba kukancane ngithole umuntu ozo hiker manje.
" Awu kahle wena khaya ukuhluleka ukucabanga thatha nawu uR1000 uqonde lapho amantombazane edayisa ngomzimba ufike uthenge lena ohamba nayo ubusuku bonke uyobe sewenza njalo.
" Ey baba uhleze unawo amaplani esho eyamukela eyifaka kuWallet
" Ungakhohlwa isibhamu, nokuphatha isaka elinemimese nocelemba bokuhlukanisa ikhanda nomzimba angilifuni iphutha Khaya nginifundisile konke, hambake uthathe ihalavu uzokumba ngalo.
" Kulungile baba kusho uKhaya efaka isigqoko sakhe ephuma ngemoto walibangisa khona lapho amantombazane adayisa khona ngomzimba.
Wathi uma ephuma ehamba ngemoto kwakhala okuthile kukhaya savusa amehlo ebuka kuLaptop.
" Yes nangu logalakajani enyakaza asambe mfo.
" Hhee? Uthini manje kusho uNathi egxuma esukuma ema ngezinyawo.
" Nakhu yabona leLichashaza elibomvu luveza I direction ehamba ngakhona namaTower amabili adonsa ngakubo okwamanje kusho uSikhumbuzo ekhomba kuscreen esegqolozele noNathi.
" Mfwethu asingabe sisapholisa maseko wazithela ucilo endukwini kusho uNathi.
" Asivaye Baphuma.
Kuthe nje uKhaya eselibhekise edolobheni esiphithiphithini sakhona wafike wangena endaweni yomahosha wathenga oyedwa intombazanyane eyafika izofunda eThekwini kodwa yaba nezinkinga ezamholela ekutheni adayise ngomzimba.
" Malini ubusuku bonke, sisi kusho ukhaya evele efasiteleni
" R800
" Ok ngena esho emvulela, nangempela yangena ingane yabantu ikhindile amathanga wonke engaphandle.
" Usambona lapho ahamba khona yini bafo wathula manje kusho uNathi.
" Eish ngihlushwa iNetwork.
" Awu kodwa Sikhumba mfowethu.
" impela uyangilahlekela yazi buka ama bars iyodwa ayisadonsi impela kusho uSikhumbuzo ezama ukusebenzisa umakhalekhukhwini nawo umhluphe.
" Makhumbesh yenza izinto zenzeke mfwethu ngibajahe kabi lezinja bezizama ukubulala uMpume usisi wethi okungukuphela kwakhe ngifuna bajeze ngendlela ebuhlungu.
" Nakhu isiyadonsa kodwa manje lomuntu usehambe kangaka eish usephume ngisho ukuphuma kulesiphithiphithi shit!!!!
" Asimlande uqhele kakhulu yini kubuza uNathi emubuka aphinde ashayele.
" Ey uqhelile manje kodwa lapho efika khona sizofika nathi akuhluphi esho echofoza iLaptop uSikhumbuzo.
Wahamba impela uKhaya kuthe nje esesendaweni ethule wakhipha isibhamu wayidubula ekhanda intombazane wayishaya yazula imoto ilibhekise ensimini, wahamba wafika wavula lapho kukhiywa khona wahamba eside isikhathi eyidabula phakathi ethwele intombazane waqala wagubha eside isikhathi.
Kuthe nje besahamba uSikhumbuzo noNathi yanqamuka ignal ukudonsa ngoba insimu kaMabizela yayiqhelile impela edolobheni isemaplazini.
" Aaaaaah Shiiit maaan!!!!!!!! Kusho uSikhumbuzo eshaya ideshbord yemoto kakhulu.
" Yini manje kumangala uNathi.
" Isivele yanqamuka ukudonsa kanti leNertwork injani, aaagg man yaze yanginyanyisa yazi.
" Ewu Skhumba sesihambe kangaka ayikho enye indlela kodwa, mfo.
" Ey mfwethu angazi kungani iNertwork ibuye ihluphe ezindaweni zamaplazi.
" Bafo mina ngicabanga ukuthi sicuthe khona lana aze abuye.
" Ey bafo kungenzeka ashintshe umgwaqo esho ecobeka ebheka phezulu uSikhumbuzo.
" Khululeka Skhumba sineskhathi esiningi kabi, kuseza nomncwabo asambe bafo yehlisa umoya kusho uNathi eyiphendula imoto ibheka emumva.
" Bona kodwa sekuseduze bajeze bengifuna uyise ugcwabe amadodana akhe kanye kanye ezwe lobuhlungu abuzwise uZwane.
" liyeza lolosuku ngilibheke ngamehlo abomvu.
Wathi eseqedulile ukugubha uKhaya wahlala waphumula kwaze kwaba mnyama kuthe sekusithela ilanga waqalelela wagila imikhuba njengoba uyihlo ayemuyalile wahlukanisa ikhanda nomzimba njengenhlalayenza, wabe esefaka ukhanda kuplastik wasegaladisela umzimba emugodini wagqiba,
" Kungekudala kuzogaladela wena Sikhumbuzo ngifuna ufise okomugodoyi esho ekhuluma yedwa ethukuthele ngendlela eyisimanga
INSIMU YEZIMANGA
ISIQEPHU 15
kuthe esewuqedile umsebenzi wokugqiba uKhaya wezwa umsindo omkhulu ezindlebeni.
👹Susa uboya nezinwele asikudli ukungcola, kukhuma amazwi elithusayo endlebeni kaKhaya wathuka woma waguqa ngamadolo wavula uplastiki omnyama waqalela waliphuca iyinhle intombazane yabantu ikhanda selisusiwe waligunda kahle maqede wabuyisela epulastikini evevezela, wase ekhombusa ukuthoba kuyo leyondawana yemukhuba, uthe nje eqeda kwangena ucingo oluvela kuyise.
📲Baba.
📱Yebo usuqedile yini mfana kukhona yini ongakwenzanga ngibone kuwa ingilazi esandleni sami kusho uMabizela.
📲Yebo baba besengikhohlwe ukususa izinwele ngezwa umsindo omkhulu ngiyaxolisa kakhulu.
📱Anguthi anivuli izindlebe umuntu uma ekhuluma, ungalifaka kanjani ikhanda lingagundiwe ekubeni ngihlale ngikwenza phambi kwenu,
📲Ngiyaxolisa kakhulu kulokho baba, nami besengenziwa ukutatazela.
📱Kulungile buya manje kuningi ekumele sikuhlele.
📲Kulungile baba esho elivala ucingo.
Wahamba ukhaya elibangise ekhaya kwayikhane ibuya iNetwork kuLaptop kwaSikhumbuzo.
" Hawu awubuke leNertwork khane ibuya ayisuka maan, yaze yangicasula.
" Ukuphi manje kubuza uNathi sebefika emasangweni akwaZwane bemisa imoto.
" Ey mfo useyongena ekhaya lakubo kusho uSikhumbuzo evala ucingo.
" Asehlise umoya skhumba yena kodwa somuthola kusho uNathi evula umnyango wemoto.
UMabizela wayelokhu ekhale njalo uma nje kubuya ukuthi uKhumbulani ushone ngenxa yakhe ehlezi ekamelweni lakhe eqalaza ebuka izithombe zakhe nomkakhe, zehla izinyembezi
" Kodwa konakelephi boMabizela nize ningithathele indodana nomkami pho esho ebuka isithombe somushado besebancane.
" ko ko ko ko kugqongqoza uKhaya.
" Awu usubuyile mfana wami kusho uMabizela esula izinyembezi.
" Sengibuyile baba, kungathi uyakhala baba esho ehlala eceleni kwakhe emzwela emubamba ihlombe.
" Ey mfana wami kunzima angikhoni ukwamukela ukuthi umama wenu akasekho, nomfwenu naye akasekho angikhoni ukumelana nalobuhlungu, angikaze ngishonelwe yingane empilweni yami ngangingazi ukth kubuhlungu kanjena ukushonelwa umuntu osondelene naye, uyazi uMkami ngangihleze nginesifiso sokuthi kuhambe mina kuqala emhlabeni ukuze azosala angikhulisele izingane zami hhhhiiii hhhiiiii kunzima mfanwami bengilokhu ngizama ukuziqinisa kodwa ngiyezwa kunzima ngilala ngizitshele ukuth mhlambe ngizophaphama konke lokhu okwenzekayo iphupho kanti akunjalo esho ekhala ngendlela efikisa umunyu nosizi enhliziyweni.
" Qina baba wami, qina Ndimande ngiyazi kunzima, nami ngiyazama ukuqina kodwa wena ngikwazi uqinile kubuhlungu mangikubona unjena baba wami engimthandayo.
Qina ndimande, mkholo unsundu qina kusho uKhaya ebeke ubaba wakhe esifubeni ekhala zehla njengemvula izinyembezi.
" Hhiiii Hhiiiii engikwenzayo ngikwenzela lelikhaya bengingafuni nje umkami alambe, bengifuna adle ifa lami noma sengingekho emhlabeni kodwa namhlanje ngiyomungcwaba.
" Baba ngizobaphindiselela umama nomfwethu uKhaya Madi usazozikhokhela izono zakhe, ufike lana eThekwini kukhala isicathulo sethu kodwa namhlanje ngiyogcwaba umama nobaba. Kusho uKhaya esukuma kungathi uyabila evukwa iqunga.
" Uma wenze njalo uyobe usebenzile ngifuna ukuthi abulawe esezwe ubuhlungu, ngifuna konke okuyigazi lakhe naye ngifuna abuzwe lobuhlungu bokufelwa kusho uMabizela ebuka indodana yakhe eduze amehlo ebomvu nezinyembezi.
" Baba ngifunge oNdimande bephelele bazozikhokhela izono zabo naye uZwane kumele afe ngoba ukube akazange asilethele lenja kulendawo yaseThekwini.
" uZwane sengimuhlelele mfana wami kumele bamubulale ngelanga lomngcwabo walapha ekhaya ngoba alikho elinye ithuba esizolithola.
" Kodwa manje baba kuzokwenzeka kanjani ngoba mina ngizobe nginawe noSithembiso angeke kube lula ngenze umsebenzi.
" Hhay sengibaqhashile abafana abathathu banzima kakhulu, yibona ababulala uMnguni lona owayeyikhansela, ngisho neMeya imbala kodwa bayabiza ngoba kuthiwa bakudubula ikhanda ungasindi.
" Hawu ngempela baba kubuza uKhaya ebuka uyise ngenjabulo.
" Ngifuna sithi sifihla umkami kulempelasonto ngevuki elizayo sifihla uZwane ngoba uyena ongilethele izinkinga.
" Iqhinga elikahle impela lelo kodwa manje baba uma kunjalo ngeke kube lula ukuth ayongena ensimini.
" Hhay uZwane asingamufaki ensimini ngoba amehlo amaningi amubhekile kuzolokhu kuphenywa size singene enkingeni.
" Manje bazomthola kuphi uma bemushaya.
" Mina ngizobe nginaye eceleni kanti futhi omunye wezinkabi ngizongena naye emotweni kungathi ibodygard kanti uyena muntu ozomsoconga, kodwa ngifuna makwenzeka kube engathi besihlaselwa sobabili ngoba sizobe sibathathu emotweni yimi NoZwane nenkabi ezobe ishayela imoto yami.
" Manje baba uzobatholaphi abazozenza izigebengu kungathi badubula bayanihlasela.
" Ngibatholile konke ngikwenze ngingedwa.
" Manje bazoyidubula imoto yenu.
" Bona ngithe basikhombe bese badubula imoto ibhuthi kunesemasondweni khona izoqhuma isondo kubonakale ngathi besihlaselwa.
" Cha uyihlelile baba lento.
" ngifuna kubukeke ngathi besiqashelwe izinkabi kanti vele izinkabi zami, okungichaza kakhulu ngalabafana yinhle iprofile yabo, babulele ngisho izikhulu ezinamabodyguard.
" Ey baba ngathi uthole omashaya abhuqe kulokhu.
" Angithi ngenzele ukuth kube yibo ozosebenzisana nabo bagade nawe ngoba ngiyabona seniyalandelwa nakhu uKhumbulani uvele wabulawa nje baze ngani ukuthi ukuphi, banesalamuzi labafana baMadi.
" Mina angimusabi uSikhumbuzo ngingamgxobisa okwenja, angeke mina ngifojelwe yisifanyana saKwaMashu.
" Ngiyayithanda indlela ozithemba ngayo ngazala insizwa impela lapha kuwe, uyindoda yamadoda uSithembiso ukufuzile naye ngokunjalo.
" Phela mina baba Angidakelwa uma engake nje afike emncwabeni angangibona kahle, ngingamdonsa ngempama engamenza angaphinde angijwayele kabu mina phela ngizalwa kwaMabizela angilona ivezandlebe, ngimufuna ensimini.
" Lomfana ufuna simuzwise ubuhlungu angakaze abuzwe ngicabanga ukhthi sithungathe umuzi wakubo sibulale konke okwakhona kuvalwe ngehlahla udelelile kakhulu, ungubani yena ukuthi angangibulalela umfazi wami ngoba phela ukube akabulalanga uKhumbulani ngabe umkami uyaphila.
" Kodwa Manje baba sizoba.nenkinga ngoba asazi kubokaMpume.
" Akuhluphi ngizosenga uZwane ngifuna ukwazi konke ngomndeni wakwaMadi.
" Mushayele baba khona manje mina ngifuna ukuthi sithi sigcwaba nabo babe begcwaba.
" awuthuleke ngithinte uZwane esho ekhipha ucingo eshayela inombolo yakhe.
📱Uzwane hello
📲Sawubona Mangethe
📱Hhay maan ngiyaluzwa udaba lwakho Mabuzela. mfowethu kwenzeka kanjani konke lokhu.
📲Ey Mangethe ngimbozwe yifu elimnyama angibazi ukuthi abantu bangibangisani ngoba thina saziqalela izinkampani zethu kancane kancane zathuthuka namhlanje sizondelwa lokho.
📱Ibuhlungu lento ekwehlele mfwethu ushaya nje bengivele ngilungele ukuzokubona.
📲Kunzima mfowethu angikhoni nokulala kusho uMabizela ekhala.
📱Qina mfowethu ngiyasazi isimo obhekene naso.
📲Ey ngiyazama mfowethu ngiyabonga nje nokungiqinisa idolo kulesimo esinzima nakangaka.
📱Ngoba ngihlale ngisho ukuthi wena ufana nomfwethu.
📲Ngiyabonga Mangethe, ngithi angibuze ukuthi ugcine evuma yini umfana ukuthi simubeke njengeCEO.
📱Ey unqabile mangethe manje kodwa kukhona umfowabo osebenzela inkampani yoshukela kayise iMadi Suger bengicabanga ukuthi simushele kube nguye ohlala esihlalweni ngoba yena unegalelo impela futhi ufundile kakhulu waze waphothula ngeziqu kuLogistic Management.
📲Hhay bo uthini kimina? lenkampani enkulu kangaka iMadi Suger eyakhabo kwaMakoti wakho.
📱Impela nami bengingazi futhi uMpume ubengakaze asitshele ngoba ungumuntu ozehlisile.
📲 Badabukaphi kanti umthetho wabo?
📱AbaKwaMashu esinqawunqawini uyise indoda ecebile impela.
📲Manje mina ngibona kungcono. Uma sizocela asisebenzele kuzomele sikhulume noyise senze isintu, phela thina sisashaya ngoludala uyazi Mangethe.
📱Iqiniso elingephikwe lelo Mabizela.
📲Ngicabanga ukuthi njengoba ngizobe ngimatasa nawe usahlezi ekhaya siyadinga ukubeka iCEO entsha ngokushesha yingakho ngibona ukuthi sinikele khona khubo kaMpume.
📱Kanti nawe ungahamba nje mngani wami ngoba mina ngisakhathazwe uhambo engaba nalo nonkosikazi.
📲Akunankinga inqobo nje uma uzingipha iAdress
📱Kulungile uyiphethe into yokubhala.
📲Yebo mngani wami esho efuna ipeni nephepha kuKhaya.
📱KwaMashu, Sinqawunqawini 50***** ngaseHostela.
📲Ngiyabonga ngizonikela khona mangithola isikhathi.
📱Kulungile ngizoza sizoxoxa bye.
📲Bye Mangethe.
" Ay baba ngiyakuvuma kwakumele ube umlingisi ngoba awuyisweli into ozoyisho.
" Kumele umqondo usheshe mangabe ufuna ukunotha mfanawami, uyabona ke manje ngifuna into ezohambisa labafana babuyele ekhaya lakubo, asigadle kuyise nonina simuzwise ubuhlungu angasoze abukhohlwa empweni yakhe, sesilandela ngoMpume sigcina ngabo, khona bazogcina ngci ukugamanxa ezindabeni ezingabafuni.
" Baba manje ufuna kwenzeke nini lokho.
" kusasa lokhu okusayo ngifuna uyise nonina badabule amafu kusho uMabuzela ehlinile esejulukile emnyama sakucwebezela.
" Siyamubonga uZwane ngokusenzela umsebenzi olula kusasa lokhu okusayo uMadi noMkakhe bakhahlela ibhakede kusho uKhaya esukuma ehlinile.
Click Here To Read Next Parts 👇