INSIMU YEZIMANGA ( 16 - 20 )

1 Like = ❤️
0

 

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 16

Kuthe nje makulokhu kungena abantu kufika nezihlobo zakwaMabizela kwafika noMfowabomabizela ofana naye kungathi amawele, watheleka kwathula indawo ephelezelwa amabody guard akhe amahlanu aqatha aphakeme izigwebedla zamadoda, aphatha izibhamu ezinkulu bese afaka uMbhekiseni phakathi nendawo

" Bhuti kubingelela uMabizela ejabelela uMbhekiseni umfowabo emva kweminyaka bagcinana ngenxa yokuba matasatasa ngamabhizinisi, umbhekiseni uthumbu esiswini sagogo uMacindi owayegane ikhehla elizala uMabizela noMbhekiseni Mabizela.

" Phephisa ngane yakwethu ngalomshophi okuvelele kusho uMbhekiseni bangana nomfowabo.

" Ngiyabonga mfowethu kunzima ngibuhlungu emoyeni angazi kungeneni layikhaya kuze kuphume izidumbu ezimbili pho, eyi ngilimele ngomkami nothunjana wami.

" Qina mfwethu kuzodlula.

Kuthe besakhuluma ebuhlungu uMabizela kungene uKhaya.

" Hawu babomncane ninjani.

" Ngiyaphila mfanawami sewukhule kangaka uyabona wena ungowakwaMabizela ungikhumbuza umkhulu wakho. 

" ha ha babomncane kusho uKhaya ehleka ebheka phansi. 

Wabe esengena noSithembiso

" Babomncane unjani kusho uSithembiso embingelela emanga naye. 

" Senikhulile bafana bafwethu kusho uMbhekiseni ebabuka. 

" khona akusafani babomncane sekukhulekile. 

" Thathani nazi izimpahla zababomncane wenu nizise egumbini azolala kulo kusho uMabizela. 

" Hhay hhay bafana sishiyeni lesikhwama kukhona ekusamele ngikudingide nomfwethu ngaphambi kokuthi nisithathe sona sishiyeni khona lana kusho uMbhekiseni ekhomba phansi. 

" Ok kulungile babomncane besho bethutha izikhwama beqonde ezitebhisini. 

" Mfwethu kukhonani kulesikhwama kubuza uMabizela ehlisa izwi. 

" Mfwethu iyiphi indawo yakho oyisebenzisayo ekungangeni muntu kuyo kubuza uMbhekiseni. 

" Asikhuphuke siye estudyroom sami indawo yami ngedwa leyo mfo. 

" Asikhuphuke mfwethu angikwazi ukusivula lana...wase ebuka amabody gaurd akhe uMbhekiseni. 

" Imani khona lapho madoda ngiyabuya kukhona engisayokudingida nomfwethu kusho uMbhekuseni ebuka izigwebedla zakhe. 

" Kulungile boss besho bevuma kanyekanye ngebhesi. 

Wahamba uMabizela nomfowabo bafika bangena egumbini likamabizela bakhiya. 

" Mfo uyazi ingiphathe kabi indaba yokuhanjelwa umkakho noKhumbulani manje ngithe mangiya enyangeni ngiyozwa yangitshela ukuthi wena kunomngani wakho omkhulu okulethele izimpisi ezizokugojela manje ngivele ngathatha nansi into engibona ukuthi uma kwenzeka uhlaselwa uyisebenzise ngane kamama esho evula ekhipha izibhamu ezinkulu namabhomu. 

" Hawu uyazi uqinisile inyanga mfowethu manje inkinga ngathi ngihlangane nabantu abanzima kulokhu sengithembe yena ukhumbulani. 

" Lalela ke Ronnie mfwethu angikaqedi washo evula upulastiki ewukhiphela kuso lesosikhwama ngaphandle. 

" Kukhonani manje lapho Mbhekiseni kubuza uMabizela esewakhiphe wonke amehlo akhe. 

" leli ikhanda lomuntu esho eliphakamisa ephinde elibuyisela. 

" Ulenzani manje mfwethu ngoba asihambi nalo kuba yinto esala ensimini kumangala uMabizela. 

" Mfwethu uyabona mina sengihambe kakhulu ngaziwa iGoli lonke ngenxa yokuthi ngahamba ngaya eZimbabwe ngiyofuna amakhubalo angekho kuleli, thatha nali ikhanda ulinqgibe enkampanini yakho ngoba ngeke ibuye ezandleni zakho lenkampani ubulale umngani wakho bese naye umgqiba endaweni lapho kunenkampani yenu uzobona imali ozoba nayo uzoze waziwe emazweni aphesheya. 

" Ngempela mfwethu kubuza uMabizela emubuka ngenjabulo. 

" impela mfethu kodwa ungayeki indlela ubuwenza ngayo mina ngifike nje ukuzokutshengisa isinongo esisha sokuceba. 

" ngizonanezela ngaso mfowethu ngiyabonga ngane kamama esho emanga. 

" yenza njalo mfethu, uyazi mina selokhu ngama ngamaMoshali nomasigcwabusane mfowethu imali engiyenzayo inkulu kakhulu manje sengithenge nama truck ngangena nakumaTender. Ngenza amaMillion manje ingoba ngibambele emazwini ubaba awakhuluma okuthi uma unozwelo nonembeza ngeke ucebe ngoba kwesinye isikhathi kuba khona imali ekumele uyithole bese kuba khona oma endleleni yakho. 

" Ngiwakhumbula kahle lawomazwi mfowethu, manje inkinga ngizoligibhela kanjani lelikhanda ngoba kunamakhamera enkampanini yethu. 

" Uzozama iqhinga mfwethu thina senza izinto kwenzeke yingakho sicebile nawe usuhambe kakhulu mfwethu ngiyakubongela kusho uMbhekiseni emuxhawula. 

" Wena wenza njani manje ngoba mina ngondla insimu ngezidumbu bese ngiphaka amakhanda ukuze ngicebe mfo kubuza uMabizela embukisisa. 

" Senza ngendlela efanayo njengoba inyanga yakithi yasitshela kodwa mina ngibulala abantu ukuze izohamba ibhizinisi lami lemoshali kodwa ngiye ngenze isiqiniseko ukuthi ngingqiba isidumbu ensimini yami engasemaplazini. 

" Bese ngithatha umunwe owodwa ngiwuphakele izinja zami. 

" Awuzwake akukho esingakwenza sifuna abantwana bethu basale nefa. 

" Mina njengoba ngaba nengane eyodwa yentombazane sengiyitshengisile imfihlo yokuceba kwami uSimangele uyena ophakela insimu futhi kimi akuhluphi ngoba ngithatha khona emoshali yami izidumbu kulaba abalethwa becoshwe emigwaqeni beshayiswe izimoto. 

" Awufukuzi ke yazi wena mfwethu kusho uMbhekiseni ebuka umfowabo echazekile. 

" Thina singomabizela mfwethu. 

" Impela kunjalo. 

" Awusho ke mfowethu ubani okukhathazayo kulendawo ngikhonake manje ngifuna ungichazele konke ngoba ngizwile ukuthi umfana wakho ubulewe, akukho gazi lakwaMabizela lachitheka kwathuleka kusho uMbhekiseni ehlala etafuleni ebuka umfowabo ngamehlo anolaka nodlame. 

" Ey mfwethu kunomfana ozalwa nomakoti wakwaZwane uyinkinga lowomfana ngikhuluma nje uhlule ngisho sesiqhashe inkabi engangiyiqhashe ukuthi ibulale uMpume naye loSikhumbuzo, kodwa sengiphenyile ngaye uyise uyinjinga yalapha ethekwini unenkampani enkulu ebizwa ngeMadi Suger okuyinkampani enkulu ekhiqiza ushukela. 

" Uhlalaphi lowo sikhumbuzo kubuza uMbhekiseni efutha amakhala ejuluka ezizwa ecasuka washintsha nasebusweni. 

" uhlala kaZwane umngani wami. 

" Ok ibiqinisile lenyanga ukuthi unomngani onezimpisi ezifuna ukukugojela

" angingabazi nakancane ukuthi uyena obulale uthunjana wami kosathane. 

" Kanti ukhaya imuphi umzamo awenzile ukuphindiselela umfowabo mfwethu. 

" Sisezinhlelweni zokwenza lokho mfwethu yikho nje ukuthi sekuphazamisa ukuthi nasi isifo. 

" Cha bhuti akafe lomfana akungachithwa sikhathi kukhona mina phela manje uvula vala, umangena kuvaliwe, akunanja engathinta igazi lami kuthuleke, uphi uKhaya, esho evula umnyango ememeza Khaya!!!! Khaya!!!! ephuma eqonda kukhaya washiya uMabizela.

" Yebo babomncane kusho ukhaya ethula isigqoko. 

" Yini lena engiyizwayo. 

" ukhuluma ngani babomncane. 

" kungani kufe umfwenu ebulawa umuntu enimaziyo kodwa kuthethe isikhathi ukuthi nimthole, bekumele kuthi kungcwatshwa nabo babe bemthela inhlabathi esifubeni. 

" Ngiyazi babomncane ukuthi ubaba ubefuna siqale simuzwise ubuhlungu ngokubulala abazali bakhe naye ezwe ubuhlungu. 

" Ay ay indaba endala leyo lunga namuhla siyohlasela sizohamba singene kwaZwane simucele kodwa kuzongena mina ngoba abangazi kahle angivamisile ukuza ngapha ngaziwa uZwane kodwa ngeke anginake ngoba ngizofaka izibuko zami ezimnyama ngimucele ngaphandle uzothi uma evela ngimushaye ngenhlamvu ekhanda. 

" Kulungile babomncane nami ngisayothatha isibhamu sami. 

" Khohla isibhamu sakho nginazo izibhamu

" Manje babomncane amabody gaurd uzowasaphi. 

" Khululeka laba bawazi wonke umsebenzi wami ngoba okwabo ukungigada noma ngenzani abangene okwabo nje ukungigada bahole. 

" Kusho ukuthi sizobe siphephile impela uma kunjalo kusho uKhaya ejabule.

" Akekho umuntu ongachitha igazi lakwaMabizela kuthuleke uSikhumbuzo ndini engingamazi ngiyombulala namhlanje uzongifunda kahle ngingowaseJozi mina kwazindonga ziyaduma angidakelwa yinja yakomunye umuzi kusho uMbhekiseni eqonda kuMabizela. 

" Bhuti ngisahamba nomfana loSakhile ngiyomhlanganisa nabakubo namhlanje uthinte abangathintwa. 

" Awusuka madoda Mkholo onsundu ngezinyawo zakhe, Ndimande, Mshengu Shabalala dongo laka Mavuso, lway'embo lwabuyela, Inyoni eyakhala ngamanqonqo umlomo uhleli, ubele lweduna nensikazi olwaqhamuka kwamhlangandlula, engeke ngikuqede, eyakwethu lengane ufikile umfwethu kusazosuza imfene kunuke ihlathi baphelele ke oMabizeka Sikhumbuzo namhlanje uyolala kwabakini mhlathi kanina kusho uMabizela esukuma ebuka umfowabo eduze injabulo ichichima.

" Nathi asiphuthume ekhaya yazi ngiyasola Mabizela kukhulu asihlelele khona ngoba esathule nje, nginezikhali angazigqiba ekhaya emvakwendlu ngenkathi sikhula kwaMashu ngase ngizitshelile ukuthi asophinde ngisondelane nazo kodwa ngiyazi uMabizela umalala aphenduke, nangempela balunga bahamba akekho owayazi bayephi

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 17

Kuthe uma uSikhumbuzo noKhaya sebehambile ukuya ekhala lapho bezalwa khona esinqawunqawini endaweni enezibhelu zakhona indoda mayiza ngobuso ihlehla nyovane,  bajatshulelwa kwamnadi sebesekhaya uMadi wakuthokozela ukufika kwamadodana akhe.

" Mpume sisi kunjan bebingelela udadewabo oyintakazi kubo bonke ngoba iyena yedwa intombazane kwaMadi.

" Ngaze ngajabula senibuyile bobhuti bami esho ebanga ngamunye.

" Anisho ke bafana bami nalokhu niphansi phezulu kwenzenjani kubuza uMadi.

" Ey baba kune Project esihlongoza ukuyenza kuleyandawo silokhu sigqogqoza iminyango nje kusho uSikhumbuzo ebuka uMpume.

" Yebo nami ngiyayazi wangazisa ngenkathi uhamba kusho uMpume.

" Hawu Mpume mtanami kodwa awusasitsheli izindaba ezinhle kangaka kusho umkaMadi.

" Ungixolele mama nami bengilinde ukuthi nizwe ngabo kusho uMpume.

" Sicela ukuyobheka okuthile baba nomama sisazoxoxa kusho uSikhumbuzo bethatha izikhwama bekhuphuka beya emakamelweni abo.

Kuthe uMbhekiseni esehlomile ehamba noKhaya namabodyguard akhe bahamba belibangise kwaZwane.

" uyabona khaya ngifuna afise okwenja lenja ebulale ingane kabhuti elakithi leligazi alithile usazongazi ukuthi mina angibhenywa, ngingowakwaMabizela mina angibhenywa ngifuna ukumhlakaza ubuchopho abheke phezulu, akudlalela emabaleni akithi ucabanga ukuthi uyini lenja ekwazi ukukhipha isidumbu enganeni yamfwethu, ekhuluma ephethe isibhamu esicwebezelayo esinendo.

" nami ngifuna azikhokhele izono zakhe uzobonake namhlanje ukuthi akudlalelwa kwaMabizela kusho uKhaya epholisha isibhamu sakhe esimnyama. 

Amabody gaurd ayebalandela ngemoto emnyama ebagadile ehlomile eyizingovolo. 

Bahamba njalo belibangise kaZwane.

Uthe nje uSikhumbuzo efika ekamelweni lakhe wavula umakhalekhukhwini wakhe wase evula ilaptop. 

" Hhayi bo!!!!!!!! USikhumbuzo Ethuka ememeza ephuma eqonde egumbini likaNathi, 

" Sikhumba kwenzenjani kubuza uNathi eneka kuWardrobe amashirt akhe ewakhipha esikhwameni. 

" Yendoda woza obona esho eqonda ekamelweni lakhe uNathi elandela. 

" Yabona lelichashaza elikhuphukayo, liveza ukuthi umakhalekhukhwini waKhaya udonsa kuphi. 

" Ya ngiyabona esho ebukisisa enciphisa amehlo. 

" Lomgwaqo lona uqonde kwaZwane uyabona umakhalekhukhwini wakhaya udonsa kuyiphi iTower njengoba kuvela ukuthi icall yakhe uqeda kuyenza. 

" Ay bo uthini manje mfo kusho uNathi esukuma.

" And mfwethu baqonde kwaZwane singafikelwa ubani silana Nathi mfowethu.

" Asifonele uZwane ukuthi ngavuli umnyango akabize amaphoyisa. 

" Awu Nathi mfowethu ngathi umazi ubaba Zwane ubathanda kanjani kwaZwane ngeke angamamukeli ukhaya.

" Asishayele uMelusi no Siphamandla sibatshele bengavuli kukhona abayokwenza ngoba vele bagaqele isikhundla kusho uSikhumbuzo ebamba ikhanda.

" Akukwazi ukuthi umtwana kadadewethu angalahlekelwa ubaba engakamuboni aphinde alahlekelwe umkhulu mfwethu esho ebamba ikhanda uNathi

" Asibize uMpume ngokushesha kusho uSikhumbuzo. 

" Ok awuthi ngiyomubiza esho ephuma uNathi ahambe abuye naye. 

" Dadewethu umkhulu wengane yakho usengozini ngibona yonke indawo uKhaya ahamba kuyo. 

" Hhay bo sikhumbuzo manje sizokwenzenjani kusho uMpume ebamba umlomo. 

" Dadewethu akusekho ukuchitha isikhathi shayela ozakwenu ubacele bayohlola isimo ngoba usola ukuthi kukhona abangahle bahlasele kwaZwane kusho uSikhumbuzo enika udadewabo ucingo. 

" oh yah cha unomqondo osheshayo mgmfethu kusho uNathi. 

Waluthatha ucingo uMpume nezinyembezi emehlweni washayela uPartner asebenza naye emaphoyiseni. 

📲UMazibuko okhulumayo 

📱Mazibuko uMpume lona okhulumayo ngicela ungenzela Ifavor zakwethu. 

📲Noma yini uyazi we back each other as amaphoyisa Mpume. 

📱Ngicela niPatrol ningihlolele isimo ngakwaMazibuko lapho ngiganele khona angingakuthembi ngoba ngishiye ubaba Zwane nezingane zodwa sengiyasaba ukungabahloli selokhu kwanyamalala umyeni wami angithembi lutho kusho uMpume kwehla izinyembezi. 

📲Waze wanenhlanhla ngoba singalapho nalo Partner engihamba naye obambele wena, siphelezelwa ikhumbi yamaphoyisa khona besiyokuqapha.

📱Ngizwa kahle Detective Madi Khululeka sizoqonda khona njengamanje ngicela ukuvalelisa.

📲Ngiyabonga Detective Mazibuko esho evalelisa evala ucingo. 

Zahamba izimoto zamaphoyisa zafika zama udede ngasemzini waZwane. 

Kuthe nje ziqhamuka izimoto ezimbili eyaNathi noMbhekiseni kanye ne yamaphoyisa ngemumva

" Demed!!! aaaghhaaaa maan zifunani manje lezinja zamaphoyisa lana kusho uMbhekiseni eshaya I starring semoto. 

" Yabona uZwane kukhona umuntu oyiso lakhe ngiyakutshela babomncane uyazi njalo uma sinezinhlelo ngabakaZwane nalenja ewu Sikhumbuzo kuba khona isiphazamiso. 

" Yazi ngazizwa nginyanya and uyabona lezimoto zithunyelwe akukho ukuthi zimile nje kusho khona ukuthi zigadile kusho uMbhekiseni efihla isibhamu sakhe. 

" Babomncane asijike uyabona manje leliphoyisa leyembe elimhlophe liza ngapha kithi. 

" Ngiyamubona nami uzosibangela isicefe kusho uMbhekiseni ehlimile

" Siyabonana madoda kusho uDetective Mazibuko. 

" Yebo mnumzane kusho uMbhekiseni. 

" Kungabe nilibangisephi madoda kubuza uMazibuko.

" Sizimele thina kanti sekuyicala ukuzimela emzansi Africa kuphendula uMbhekiseni. 

" Anivule lemoto phumani ngaphandle kusho uMazibuko. 

" Awu ngoba senzeni ukuth usungavele ufuna siphumele ngaphandle. 

" umsebenzi wethu ukuqapha isimo nokuhlola uma kukhona esingakutholisisi esho evula umnyango. 

" Cha asivumi uhlole imoto ngoba simusulwa futhi sinamalungelo kubhoka uMbhekiseni ngenkani. 

" Guys anize ngapha kumemeza uMazibuko ebiza itekisi egcwele amaphoyisa ephethe izibhamu. 

" kwenzenjani manje kubuza amabody gaurd kaMbhekiseni evimba uMazibuko. 

" Madoda ngingalokothi niphazamise ukusebenza kwengalo yomthetho ngicela nje ningafuni ukuthi sinibophe kusho uMazibuko. 

" Qhelani myekeni kusho uMbhekiseni ephakamisa izandla. 

" Madoda akenihlole lemoto bese abanye bakhutha lamadoda kusho uMazibuko. 

" Kulungile detective kusho amaphoyosa evula imoto eyihlola athola izibhamu aphinde athola nezinye bezifihlile emzimbeni yabo. 

" Sithola nazi izibhamu detective. 

" ningabakwabani madoda kubuza iphoyisa. 

" Ukhaya Mabizela lona mina ngiwu Mbhekiseni Mabizela ephendula ehlinile uMbhekiseni. 

" Mbhekiseni nawe Khaya seniboshiwe ninelungelo lokuthula ngoba enikushoyo kuyomelana nani enkantolo yomthetho, babopheni

" Hhey nina niyangazi kahle mina ucabanga ukuthi uyini wena nja ngingowakwaMabizela mina uzozisola ngalento oyenzile esho bemngquba eyongena evenini

" Ningazosodakelwa nina msun yenu, nisisuka ngani nje zinja kusho uKhaya ebanjiwe eqonde evenini. 

" niphethe uhlobo lwezibhamu ezingavunyelwe okubukeka zingekho emthethweni zizohamba ziyohlolwa nikuminyele ukuthi zingatholakali nama murder ngoba niyotwala icala lawo wonke kusho uDetective Mazibuko evala umnyango.

"Sinabameli bethu thina njandini lento oyiqalile uyigcine mfanwami kusho umazibuko embuka kabi efasiteleni lemoto yamaphoyisa imoto isuka.

" izinja lezinto zingangibopha ngishonelwe umama nomfwethu msun* yenu kusho ukhaya ecasuke eqhuma-

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 18

Kwathi ukuba afike ePolice steshi amaphoyisa abagxavuna ebakhipha athatha omakhalekhukhwini namabhande nezintambo zesicathulo aqeda abashova emva kwezinsimbi.

" Yenina zinto ezingasile ngifuna ukufonela ummeli wami kusho uMbhekiseni.

" Yebaba ungazosibangela umsindo kusho isiboshwa simdibha phansi enganakile esabambe izinsimbi.

" Wenzani wena uyazi ukuthi ngiwubani mina kusho uMbhekiseni ebheke phezulu.

" Ziphi lazikhona bhalakaxani, usiphatheleni besho bemkhutha.

" Fusegi anginikweleti mina zichaka ezingasile imali ihlala ebank omalambane abafana nani abaphatha imali eskhwameni.

" Usijwayela kabi besho bemgxoba uMbhekiseni waquma ememeza.

UKhaya wathuka wamela ekhoneni.

" Yes wena usiphatheleni wena thalala kusho isiboshwa esibi esimnyama esigcwele izibazi.

" Nawu ugwayi bafwethu esho ekhipha i20.

" Nazoke wena uzophila kahle ke hlala lana uyazi ukuth mawuya ezinsizweni ufika uphethe umphako.

" kuthe nje besakhuluma beshaya uMbhekiseni abanye kuze iphoyisa.

" Owani lomsindo kubuza iphoyisa. 

"Akukho lutho fader besho bemela kude noMbhekiseni. 

" Ndoda woza besho bebiza uMbhekiseni esevuvukile ebusweni umlomo uvuvukile.

" Ningisaphi

" Uthe ufuna ukushayela ummeli wozake ngoba kuyilungelo lakho ukushayela ummeli.

" Ngiyabonga esho etotoba elandela iphoyisa, wahamba wafike washayela ummeli wakhe wase eshayela uMabizela. Kuthe nje emva kwamahora amabili wafika ummeli.

" Mabizela mfwethu ubekwa yini lana kubuza uMthethwa.

" Ey mfowethu icala limbula ingubo lingene ngitholakale nezibhamu esingekho emthethweni.

" Awu Mbhekiseni mfo libucayi kakhulu icala lakho futhi bangahle bakunqabele ukukunika iBail.

" Mthethwa angithi ngikukhokhela ukuthi ungikhiphe angifuni ulokhu ukhuluma into engingayizwa.

" Angazi ngizozama ukuthi ngifake isicelo seBail enkantolo.

" Mina ngifuna ukuphuma namuhla wena ungitshela umbhedo.

" Angeke ukwazi ukuphuma namuhla ngingayifakile incwadi uesicelo seBail enkantolo Mabizela nawe umthetho uyawazi.

" Damn shit!!!!! Waze wangilaya uSikhumbuzo engingamazi buka manje lapha ngikhona kuzomele ushayele umtanami ucingo umazise ukuthi ngiboshiwe.

" ngicela ubekezele mabizela ngoba wena uzoyovela enkantolo ngomsombuluko.

" Kodwa uthi uzizwa kahle uyabona ukuth namuhla ulwesingakhi mina ufuna nginukelwe yilezinja ezeyisayo lapha emva kwezinsimbi. 

" Akukho esingakwenza umthetho sewashintsha Mbhekiseni Mabizela. 

" Manje mina ngizobe ngingekho emngcwabeni wankosikazi nendodana kamfwethu!!!! Yaz u useless man, hamba uzame ukwenza umzamo wokuthi ngiphume lapha esho ephenduka ememeza iphoyisa ukuthi asengambuyisela emumva. 

Kuthe nje esebuyela emumva kwangena uMabizela indoda eyaziwa ipolice steshi yonke. 

" Bantu bomthetho ebingelela umabizela. 

" Yebo baba Mabizela kusho iphoyisa limubingelela ngenhlonipho kwazise uyaziwa ngoba udumile ngokuceba kwakhe. 

" Ngizobona umfwethu nendodana yami ababoshiwe. 

" Kulungile baba ungeza ngapha besho bemhola beyomubonisa lapho kuzoza khona uKhaya noMbhekiseni base beqala beletha uKhaya.

" Baba kusho uKhaya ngenjabulo ebona uMabizela. 

" Mfanawami niboshwe ngaliphi manje? 

" Ey baba mina angazi ukuthi losikhumbuzo noma unesalamusi noma kanjani uyazi njalo uma sihlose ukwenza okuthile ngathi kukhona okumtshelayo, ngoba sithe nje sifika ngenhloso yokuyombulala kaZwane safika kugcwele amaphoyisa, sithe nje sisamile kanjalo kwaqhamuka iphoyisa abalibiza uMazibuko lasiqonda laba nemibuzonyana Kuthe uma ubabomncane ebhoka ngolaka lathi asiphume emotweni babe sebesisesha base bethola lezibhamu zababomncane ezingekho emthethweni basikhutha nakimi bathola lesi sami esingekho emthethweni. 

" Hawu kodwa ishwa elingaka mtanami kodwa uthi lokhu komfana uSikhumbuzo akusebenzisi isalamusi, waze ngani ukuthi niya kwaZwane kubuza uZwane edideka. 

" Ey angazi baba kodwa namanje ngisasho akukho esizokwenza kuphumelele uma kusaphila lenja yakwaMadi.

" Lomfana ngcono ngimtholele inkabi ezomdubula afe ngoba uyinkinga ngempela manje buka nisejele kodwa kusasa siyagcwaba kugcwele ekhaya kuyahlatshwa izinkomo manje, abantu bayaphithizela nina nilana akukwazi. 

" Yabona baba omunye engicela umbulale uMazibuko lona ophethe lelicala lethu uyaphapha usijwayela kabi ngifuna ajezele ukuth usiphaphelile buka nje ngeke ngisakwazi ukugcwaba umama nomfwethu. 

" Khaya nizophuma lana angithi uyazi ukuthi wena uzalwa ubani. 

" Yebo baba kusho ukhaya evusa ikhanda ebuka uyise ngamehlo anethemba. 

" Uzophuma lapha kodwa khona angeke kube yinto yamanje ngibuhlungu nje ukuth ngeke usamugcwaba umama wakho nomfwenu. 

" Ey baba ibuhlungu lento kusho uKhaya ekhala ebuka uyise. 

" ungakhali mfanawami uzothi mawuphuma ngikuthathe ngikubonise uthuna likamama wakho nomfowenu.

" Asambe ndoda isikhathi siphelile besho bembamba beyomvalela base bebuya NOMBHEKISENI. 

" Mfowethu kusho uMbhekiseni evuvukile ihlo livalekile. 

" Yebo mfwethu ubani okwenze njena esho ebuka ukuvuvuka. 

" Ey mfwethu yilezinja ezingenakusasa oskhotheni abangasile.

" Usengitshelile uKhaya konke okunehlele mfowethu kodwa ngizonikhipha lana ungakhathazeki. 

" Ey Mfwethu uyazi wena ungipha ithemba hhay lesilima esiwuMthethwa ulibele ethi akulula ukuthi ngithole ibail blah blah blah

" Khohlwa yindaba yommeli wakho mina ngizokwenza ngendlela yami. 

" Ngikwazi unjalo ke wena mfwethu ngikhiphe impela angisafuni ukuba kulendawo. 

" Kodwa konke kuzokwenzeka uma seniyobingelela inkosi yenkantolo. 

" Ngingabonga mfwethu noma ngibuhlungu ukuth ngeke ngigcwabe. 

" Akusenani mfwethu ngibuhlungu ngoba konke lokhu kwenzeke uthi usiza mina.

" ungowakwethu wena angikwazi ukukubukelela.

" NoMazibuko lona onibophile ngizomuphambanisa namafu udlalele ezitsheni ezifayo kulokhu. 

" Ey ungabe wenze into encomekayo ngane kamama. 

" Siphelile isikhathi kusho iphoyisa. 

" Mnumzane ngicela ukukubona mawuqeda ukuhambisa umfowethu kusho uMabizela. 

" Ok kulungile baba. 

Lahamba lavalelela uMbhekiseni lase libuya iphoyisa. 

" Sengibuyile baba. 

" Yebo mnumzane isibongo ubani insizwa.

" Oh mina ngingu Constable Mathebula. 

" Ok nsizwa mina uyangazi. 

" Yebo Ubaba uMabizela we Mabizela Maize Meal ne nkampani yamabhasi. 

" Kuhleke uma ungazi nsizwa nginesicelo enginaso angazi noma ngingasizakala yini. 

" Kungabe yini leyo.

" Ngifuna ukhiphe indoda yami nomfwethu, utshontshe amaDocket anyamalale. 

" AWU baba uMabizela angiwuphuli umthetho mina. 

" Ngizokilunika uR10 000.

" Cha baba ngeke impela ngikwenze lokho ngiyaxolisa

" 50 000.

" Kodwa baba uMabizela wafuna ukungilinga kusho iphoyisa livusa amehlo liqalaza. 

R80 000 kusho uMabizela engasahleki. 

" Awukodwa baba cha awu give up ngempela ufuna ngikwenze nini lokho. 

" Masekuyiwa enkantolo ngomsombuluko. 

" Kulungile baba Mabizela ngizokwenzanjalo ngicela imali unginike ngemvilophu ungayi transfer. 

" Lalela bamba nawu R300 uzothenga nsangu nogwayi utshele iziboshwa zingahluphi umfwethu nendodana yami kusho uMabizela emnika ngesitayela. 

"Ok baba kodwa uR300 mnungi konke lokhu okushoyo kuzonela kuR100. 

" Akunankinga ushitshi kuzoba owakho. 

"Ngiyabonga baba kusho iphoyisa. 

" Kulungile nsizwa asihlukane sesoxhumana ocingweni kusho uMabizela ephenduka ehamba. 

Iphoyisa lathenga insangu nogwayi uKhaya noMbhekiseni baphilisa okwamakhosi ejele.

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 19

Kuthe kuwumgqibelo kwakugcwele kuchichima emncwabeni wakwaMabizela, umngcwabo wakhona wawuhanjelwe izindimbane zabantu nabantu abaphezulu, uKhaya wayelokhu ekhale esestokisini ecabanga umfowabo ukuthi ilanfa lakhe lokugcwatshwa kodwa akekho. UMbhekiseni wayebuhlungu ukuthi ubefike ngokuzosingatha umfowabo kodwa usezithola ejele. UMathebula wahamba wangena lapho kugcinwa khona amadokodo wacinga wawathola wase eweba wahamba wawashisa esigangeni. Kuthe ngomsombuluko ngelanga lokuyovela enkantolo uMbhekiseni noKhaya babebukeka bekhathazekile, abizwa amagama eziboshwa zingena emotweni kodwa kuthe makulokhu kubhekwa amadokodo kwatholakala ukuth elaMbhekiseni noKhaya awekho.

" Hhay bo mathebula awubize umazibuko kusho uUKaputeni wamaphoyisa.

" yebo kaputeni.

" Ngibona lamadoda aboshiwe kodwa alikho idokodo kanti kwenzeke njani kubuza uKaputeni.

" Nami angazi kwenzeke njani ngoba icala labo liphethwe yim kusho uMazibuko.

" Manje akukho ke esingakwenza ngoba phela kumele amadokodo abo aye enkantolo kuqulwe amacala wabo.

" Mathebula akukho okubonile ngamadokodo kubuza uMazibuko.

" Cha akukho zakwethu.

" Ay Makunjalo awadedelwe lamadoda kusho uKaputeni ecasukile.

" Khona kunjalo akukho esizokuveza enkantolo abadedelwe kusho uMathebula.

" Ay Ay akukwazi ingani ngibabambe nezibhamu ezingekho emthethweni kusho uMazibuko ethetha.

" Mazibuko yimina uKaputeni akwenzeke ngoba ngisho.

Bavulelwa bakhisha ezinsimbini bahamba baya ekhaya base beshayela uMabizela besho ukuthi sebededelwe, wafika wafumbathisa  iphoyisa ngasese. 

" kusuka namuhla sesiyosebenzisana kusho uMabizela exhawula iphoyisa. 

" Ngiyabonga kakhulu ngokungivula kuqala nonyaka ngibanjwe nayizikweletu. Wabe esehamba noKhaya noMbhekiseni. 

" Siyabonga mfowethu bengazi ukuthi wenza izinto zenzeke kusho uMbhekiseni.

" siyabonga kakhulu ngokusikhipha baba lukhulu osenzele khona kusho uKhaya.

" USikhumbuzo usazoyikhotha imbenge yomile ngifuna sibulale kwaloMazibuko ngoba uzophazamisa uMathebula kanti kuningi ekusamele asisize kukho kusho uMabizela.

" Nalompume kumele simubulale ngoba unokuphapha kwayena kusho uKhaya.

" Mina ngifuna banqunywe amakhanda sebexhwalile ngiyafuna sibakhendle sibashaye amadolo sibanqume sekuyizinto nje kusho uMbhekiseni.

" Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi asizange sigcwabe umfanawami nomkakho mfwethu ngifuna ukumubulalisa okwenja losikhumbuzo kusho uMbhekiseni.

" uhambe kahle kodwa umncwabo mfowethu.

" Kuhambe kahle kakhulu mfwethu noma nje kube nzima ukubona ibhokisi lomukami no Khumbulani eseshona emhlabathini.

" Phephisa mfwethu sizoziphindiselela kubantu ababe yimbangela yokushona komkakho mfwethu.

" uSikhumbuzo udadewabo nalomfana wakubo ngibafuna befile kusho uKhaya.

" Khululeka mfana wami ngizobabulala labo kusho uMbhekiseni.

" NoZwane akafe manje ngoba uyena ogcine lomfana emzini wakhe kusho uMabizela. 

" Nami ngifuna siqede ngalento afe angcwatshwe sithathe lenkampani kube iMabizela Buses sisuse loZwane osekuqaleni kunini silokhu sithathela ekudeni kusho uKhaya. 

" Khululeka mfana wami uZwane ngeke iphele lenyanga esaphila ungicasula ngokuthathela izingane zami phansi ngoba nakhu zingafundile. 

" Udakiwe lomngani wakho nakhu nina nayikhulisa lenkampani ningafundile yingakho kumele umsuse kusho uMbhekiseni ecasukile. 

" Mina ngibona ukuthi ufuna kubuse ezakhe izingane kube yizona ezihola lenkampani manje usevika ngemfundo ngoba azi ukuthi okhaya abafundile njengalezi zakhe izingane. 

" uyasijwayela lobaba ngoba usefuna ukuthi kuphathe oSikhumbuzo esingabazi kusho uKhaya. 

" Ngizwela abazali bakhe abazomugcwaba ngoba ucabanga ukuthi uyaz kanti isithutha nje esinesalamusi ngiyasola usebenzisa umuthi ngoba njalo kuba khona okumtshelayo kusho uMabuzela enyibile. 

" USikhumbuzo ngifuna simubulale kabuhlungu silokhu simususa amalunga omzimba aze afe bese engena ensimini kusho uMbhekiseni.

" Manje siqala ngani sibulala uZwane noma sibulala uSikhumbuzo kuqala kubuza uKhaya. 

" Asibulale uSikhumbuzo then konke kuzoba lula kusho uMabizela.

" Nami ngivumelana nawe mfwethu kusho uMbhekiseni sebebabi bethukuthele imoto ishosholoza belibangise emathuneni wafike wababonisa amathuna kaNkosikazi nenendodana yakhe.

UKhaya wake wama imizuzwana ebuka ithuna kamfowabo kanye nonina. 

" Ngizoniphiselela mama nawe mfwethu, kungekudala abakwaMadi bazobe belele kuwo lomhlabathi onigqibile kusho uKhaya egcwele izinyembezi. 

" Impela makoti wakithi nawe mfanawami Khumbulani ngizokwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi sibabule bajeze kusho uMbhekiseni bekhuluma bebonakala ukuthi babuhlungu emoyeni

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 20

Kuthe uZwane esaphumile wahamba waya emzini wamabizela ukumuqinisa idolo.

" Mbhekiseni ndoda yamadoda uwena lomuntu sekuyisikhathi yagcinana.

" Ey khona sekuyisikhathi sagcinana nami ngenziwa ukuba matasatasa kodwa ngiyayithanda indlela enibambane ngayo nomfwethu kusho uMbhekiseni emuxhawula.

" Ahamba kanjani amabhizinisi akho ngale eGoli kubuza uZwane.

" Kuhamba kahle kakhulu sengalekelelwa undodakazi wami ngoba mina angisekho emningi ebhizinisini kusho uMbhekiseni enwaya usisu.

" Ok ngiyakuzwa mfanomdala ngiyayithanda indlela owenza ngayo ukuthi udede nathi sizimisele ukuqhela sinomfwethu siholwe intsha ngoba sesiside isikhathi siyibambile noMabizela.

" Manje kanti nilindeni ningafaki abafana benu ngoba bakhululile manje Mangethe.

" Sifuna bafunde baze bafike ezingeni edilidingayo Mbhekiseni.

" Kodwa ningamubeka uKhaya mina ngibona enomqondo ophusile kusho uMbhekiseni.

" Asinayo inkinga uKhaya singamubeka inqobo nje uma ezovuma ukuqhuba izifundo zakhe athole ijazi kusho uZwane ebuka uMabizela.

" Kunjalo mfwethu kuvuma uMabizela ebhuqa

" Ngiyanizwa kusho uMbhekiseni esukuma waya ekhishini wase ebiza uKhaya.

" Khaya awuzongisiza kancane kusho uMbhekiseni.

" Yebo babomncane kusho uKhaya ehlohla amehlo.

" Ay mfana bulalani lenja lena uyayizwa ithini nomfwethu uyayivumela lenja le!!! Ifuna kuphathe abantwanabakhe bese ba niphucwa ifa lenu.

" kodwa babomncane asikwazi ukumbulalela lana.

" Asilandele lomuntu simumufake inhlamvu.

" Ok kodwa komele simuthole eseqhelile ngalapha ekhaya ukuze kuzoba ngathi ubebanjwa inkunzi.

" Babomncane manje ngoba zithathiwe izibhamu somisa kanjan?

" Khululeka mfana wami mina ngizalwa umkhulu wakho uMabizela indoda eyayihlanganisa izinto ngokushesha hamba uyemotweni kaZwane ufike uyinqamule amabriki khona izomthela eweni afe. 

" Iphuzu lelo babomncane awuthi ngiphuthume ngoba kusithe izihlahla akekho ozobona esho ephuthuma estore room uKhaya wafike wathatha udlawu(itangu) waphuma egudla ubonda kanti uZwane useyaphuma ukhishwa uMabizela. 

" eish madoda!!!! kusho uKhaya egudla ubonda. 

wajika noMbhekiseni esathi iandela ukhaya bahamba bahleba egaraji. 

" Ey Yaz lenja angazi iphuma iyaphi manje ngoba bekumele iyolusa amadada kusho umbhekiseni elunguza bebuka ngehlo elibi. 

" Khaya asimulandele ngoba kufuneka afe namhlanje loZwane othathela izingane zamfwethu phansi ngoba nakhu zingafundile.

" Nami ngiyamnyanya babomncane ucabanga ukuthi thina sizozwa ngaye kungathi inkampani yakhe lena kanti ubaba unesandla ekusimameni kwalenkampani. 

" Thula nje mfana wami wena uzophatha kulenkampani namuhla uyafa losathane one Pride enukayo. 

" Babomncane amabody gaurd akho azobuya nini. 

" Kusasa ayabuya amabodygard ngizobe ngiqashiwe sivele siqede ngalezinja. 

Kuthe nje besaxoxa kanti useyavalelisa uZwane wakhishwa uMabizela wabe esengena emotweni yakhe. 

" Hlehlisa imoto simulandele sizomgudla ngemoto awele emigedeni kusho uMbhekiseni efasa ibhantshi beyongena emotweni. 

Weza uMabizela besahlehlisa imoto. 

" Kuyiwaphi manje kubuza uMabizela evela ngefasitela. 

" Mfwethu silandela uZwane ngimufuna efile losathane. 

" Kahleni asingenzi izinto ezizosenza sisoleke silokhu sibuzwa imibuzo. 

" Senzenjani bafo kubuza umbhekiseni. 

" Asiqale sibulale uSikhumbuzo bese sigcina ngalomngani wakho.

" Ay bhuti wenza kancane wena shaya imoto Khaya simhlale ezithendeni. 

" Cha mfo into engifuna uKhaya ayenze ukuhamba ayophakela insimu ngoba uZwane kuzosoleka uma ezophuma lapha ekhaya bese ayanyamalala bese kulokhu kagcwala abantu bamaphepha nemibuzo yabo ecikayo. 

" Manje ke asenzeni into esheshayo sifake yena uZwane ensimini. 

" Mfo ngiyakuzwa uma uthi uZwane akakwazi ukungena ensimini kodwa into esingayenza asimbulaleni namuhla. 

" Ay hambani ke nimubulale kodwa nimshiye khona emaweni ngoba kumele kube engathi kube yingozi. 

Nangempela yaphuma indiza imoto kaKhaya banqamulela baze bamufica uZwane ngoba ungumuntu oshayela angajahi. 

" Mulinde kancane Khaya kuzothi uma esengena kulomgwaqo othule bese umgudla imoto igaladele kuloya mfula. 

Nangempela bamulandela kuthe nie esahamba uZwane wezwa gudlu!!!!!! Wathi uma ebhekisisa wezwa gudlu!!! Yahamba imoto kwangathi iyaphuma engwaqeni wayigudla imoto kaZwane yaphenduka yamchitha ngefasitela wagaxela esihlahleni waquleka yaphenduka imoto yawela eweni yaphahlazeka babona ngathi uZwane uphakathi bajabula bafa baze bashayana izandla. Bathe behleli kaZwane kwangena ucingo olubika ingozi eyenzekile baphuthuma USiphamandla uMelusi uSikhumbuzo noNathi bafika sekune Ambulance kukhona nabatakuli watholwa uZwane wafakwa kuAmbulance, Kuthe uma evula iLaptop uSikhumbuzo wabona ukuthi ukhaya uhambe waze wafika kulendawo. 

" Damed!!!! Buka Nathi mfo angazi ngilibale kanjan ukuhlola iLaptop lesi isenzo sika Khaya esho enciphisa izwi ehleba kuNathi.


Click Here To Read Next Parts 👇

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !