INSIMU YEZIMANGA
ISIQEPHU 21
Sasimuncu isimo emndenini wakwaZwane kodwa wangeniswa esibhedlela wacilongwa nokwangcina kubonakala ukuthi ushayeke ekhanda wase efakwa eICU uMaMthembu wayekhala ezimathonsi ebona indoda yakhe yeminyaka ilele inganyakazi sekulokhu kudume imishini. UMelusi wabe esethatha umakhalekhukhwini washayela uZwane.
📲Hello uZwane okhulumayo.
📱Sawubona baba Zwane ukhuluma noMelusi.
📲Oh hhey kunjani Mangethe?
📱Ey baba sesilimele emoyeni.
📲Sekwenzenjani mfana wami.
📱Ubaba umbandakanyeke engozini yemoto.
📲Hawuuuuu!!! Kahle mtanami ungayisho leyonto kusho uMabizela ezimangalisa kwamangala noKhaya noMbhekiseni.
📱Impela baba sifice imoto kababa ishe yagqogqa kodwa imoto imukhafulile yena usesimeni esibucayi impela kusho uMelusi echaza ekhala.
📲Ulaliswe kusiphi isibhedlela.
📱Use Private Hospital baba.
📲Ngaze ngabuhlungu ngalezindaba ongazisa zona mfana wami qina uzolulama uBabawakho indoda ngiyamazi.
📱Ngiyabonga baba Mabizela ukuzwa lawomazwi ayangiqinisa kulesimo esinzima esibhekane naye.
📲 Okungiphatha kabi ukuthi sihlukane kahle nomngani wami ngenkathi esuka kimina sengiyazisola ukuthi ukube akezanga.
📱Cha baba Mabizela akulona iphutha lakho ubaba usuphile naye iminyaka ubengaqali ukuza kuwe ungazisoli kuqondene nje ngoba ingozi into ehlezi ikhona emgwaweni.
📲Uhlakaniphile umuthathe wangamshiya uyise mfanawami angivalelise ngizozama ukuyobona ubaba wakho mangithola ithuba.
📱Kulungile baba uMabizela bye esho evala ucingo uMelusi.
Wake wathi ukuphendukelwa ikhanda uMabizela ebulawa uvalo.
" Kwenzenjani Mfo kubuza uMbhekiseni.
" UZwane usindile usesibhedlela kanti nina nenzenjani Mbhekiseni.
" Sigudle imoto yakhe yawela eweni yaphahlazeka angiboni ukuth usindile uZwane kusho uMbhekiseni ezinwaya isisu ngeqholo.
" Hhey Mbhekiseni akukho Zwane ofile lana ngiqeda kufonelwa umfana wakhe manje uyasho ukuthi uyise ugulela ukufa nina kanti nibuye kanjani ningasenzanga isiqiniseko sokuthi nimkhipha umphefumulo ngoba nizothini uma kungukuthi unibonile.
" Angazi ke noma usibonile yini kodwa yona imoto kaKhaya uyayazi kungenzeka usibonile mfo.
" Khaya!!!!!! Kumemeza uMabizela edinekile ubuso buthukuthele.
" Yebo baba.
" uZwane akafanga.
" Hawu kanjani manje kumangala ukhaya ecishe oma uvalo ngoba akazi noma ubabonile kodwa imoto uyayazi ngoba uyibonile.
" Lalelani Madoda isiwuchithile umuthi inkonyane kodwa asicisheni bonke ubufakazi, no1 uzothatha imoto uyise eScrap yard igaywe kuphele ngayo ngizokuthengela enye.
" Awu baba sengiyi sport kangaka ngiyilungisa ipocoke eceleni bengivikela ukuthi ngilimaze izivalo ngoba ngizoziqondisa.
" Khaya angizwani nomuntu okhuluma ubuntwana ngoba sikhuluma ngejele lana nakhona ekuzoba yimi ekumele ngikukhiphe.
" Uqinisile umfowethu Khaya imoto yakho inobufakazi kumele igxotshwe kuphele ngayo ngoba iningi imali kwamabizela uzoyithola enye imoto.
" Ngiyezwa.
" okwesibili kumele umuntu oyedwa ayoqedela uZwane ngoba ukuphaphama kwakhe kungasilengisela engozini yokuboshwa kusho uMabizela bemulalele kungasakhulumi muntu.
" Manje inkinga kulezibhedlela ezi Private akungeneki kalula banemibuzo abakuhlohla yona onogada kusho uKhaya.
" Khaya mfanawami uyabona mina no babomncane wakho sicebile nje yingoba siyazi ukuthi uma uveza intshontsho akekho ongalingeki kanti uma eqotho efuna ukukubika ukuthi ubumthenga uyambulala, asinanazi singabakwaMabizela phela thina asisabi muntu.
" Uqinisile ubabawakho mfanwami.
" Ngicela ukubuza baba nobabomncane ukuthi kuzokwenzeka njani ngenkampani njengoba ubaba Zwane elimele nje.
" Akukho okunye ngiyobeka wena futhi akekho ozophikisa isinqumo sami njengoba uZwane engekho wena nje usuzogqoka amasudi uhlale eoffice mfanawami.
" Ngempela baba esho ejabula egxuma uKhaya engakholwa ukuthi emva kweminyaka engaka efisa ukuba umphathi namuhla iphupho lakhe lifezekile.
" Uyiphathe kahle inkampani yamfwethu usebenze ngokuzikhandla kusho uMbhekiseni exhawula ukhaya.
" Manje wemfo kunento oyikhohliwe kusho uMbhekiseni.
" Ngilalele mfo.
" uzokwenzanjani ngalabafana bakwaMadi ngoba ngiyazi kukhona abaphezu kwabo.
" Nami iyona nto engikhathazayo mfo.
" Hhay bo mina angibasabi abafana bakwaMadi yithi esiphethe itheku ngezandla kusho uKhaya.
" Ngiyazi unesibindi wena awubize umfowenu uSithembiso.
Nangempela wahamba uKhaya wabuya naye.
" Khaya njengoba ngangishishilo ukuthi kuyohamba ngithi khumu kwezamabhizinisi bese kusebenza nina sekuyiso isikhathi lesi kusasa lokhu okusayo ngiyobeka uKhaya njenge CEO uyena osezohola inkampani iMabizela and Zwane Buses. Kanti wena ngibeka wena njenge CEO kuMabizela Maize Meal. Kodwa ke umsebenzi wokuphakela insimu nizowenza ngokubambisana kumanje nje kumele nithole umuntu oyedwa niyosuthisa insimu.
" Yaz baba angikholwa ukuth nami sengizophatha enkampanini enkulu kangaka kusho uSithembiso ejanula ehug uyise.
" Ngangishilo ngathi angifune muntu ozonibangisa ifa lenu nangu nomfwethu umufundisile uSimangele indodakazi iyona ehola amabhizinisi egoli nani ke ningangiphoxi madoda nami ngizomemezela ukuthatha umhlalaphansi ngizenze osingatha uZwane ukuze kungeke kube khona izinsolo
" Ngeke sikuphoxe baba siyathembisa kusho izinsizwa zikaMabizela zibukana amehlo ephuphuma injabulo
" Bafo ngicabanga ukubiza izinsizwa zami namuhla zivele zibulale losikhumbuzo ngicasulwa ukuthi uyisiphazamisa ezinhlelweni zethu kusho uMbhekiseni ekhipha umakhalekhukhwini
" Babize abafana sivele simubulale simuse kwabakubo ngoba uyaphapha lomfana akazi ukuthi ngingowaseJozi mina elokishini eliRuff eZola kwamushayazafe, dala sidudulana nezinkabi ezazibona ukuthi yizo eziphethe igoli, kusho uMbhekiseni ephukule.
Wabe esethatha ucingo.
" Makunyiwa akunyiwe babomncane ngeke sidlale izinja zakomunye umizi kukhuluma thina ke iMabizela izimpunyela ezicaphuna kusale, kusho uKhaya.
📲MAJUQA
📱Hello uMbhekiseni lona
📲Awu skhulu kunjan
📱Ngiyaphila mfo awungisize phela
📲Ngilalele skhulu.
📱Ngifuna ungithumelele abafana abahlanu izinkabi ezingaziwa.
📲Hawu Mbhekiseni baphi kanti manje abakho abafana.
📱Amabodygard angiwenzisi lomsebenzi okwabo kuba ukungiqapha nje manje mina ngifuna izinkabi eziqashelwa ukubulala kusho uMbhekiseni bemugqolozele bonke.
📲Kodwa ngoba wazike abafana bami bayadula ababulali laba, abalenzi iphutha.
📱Imali akuyona inkinga wazi kahle Majuqa.
📲Ok ngizokunika abafana abathathu ngizokwehlisela ngoba sengisebenzisane nawe iminyaka ngizodinga u100 000.
📱Ubala lolo Majuqa wena ngilethele abafana namuhla ubanike neKhumbi edimile emafasiteleni bahlome ngezibhamu.
📲Bayeza namuhla Mbhekiseni Mabizela uyazi sesibulale inqwaba yabantu sisebenzisana.
📱Ngizobona ngawe bye mfo kusho uMbhekiseni evala ucingo.
" Ey Babomncane izinyo ligaya ngomunye u mhlathi manje asibaqede uphethe noMajuqa kusho uKhaya kwahlekwa kujatshuliwe uMabizela wahleka kwaze kwavela elomhlathi ibhantshi seliveze isisu
INSIMU YEZIMANGA
ISIQEPHU 22
Zafika zagaleleka izinsizwa zikaMajuqa imidondoshiya emide elaphayana behlomile izikhwama zigcwele nswi lonke uhlobo lwesibhamu.
" Wozani ngapha zinsizwa kusho uMabizela ethokozile ebuka amadoda ekungathi badla iWrestling.
" Senize nafika madoda kusho uMbhekiseni ebaxhawula.
" Sesize safika besho bexhawula uKhaya nomfowabo nabo beza ukubamukela ngenjabulo.
" Madoda kunabafana ababili bakwaMashu bayisiphazamiso esikhulu sifuna nibabulale ngokukhulu ukushesha kusho uMbhekiseni.
" Impela kunjalo zinsizwa kodwa enhikufunayo ngifuna ningabi budedengu angizwani nokuhamba izinkantolo nokulandelelwa izintatheli ngifuna abantu abenza iclean job kusho uMabizela ebabuka ngamunye.
" Sizwa kahle baba kodwa esikuthembisa khona yikho ukuthi labantu enibashoyo bazofa esikucelayo nje kunye sicela ukubazi ngoba kumele siye sesazi ukuthi siyobulala bani kusho Inkabi.
" Akuyona inkinga mina ngizohamba nani ngoba nami ngiyafuna ukubona nimubulala ajeze kabuhlungu ngokubulala umfazi kamfowethu nomfana wethu.
" wena ungahamba nabo ngoba angiboni ukuth bayakwazi babomncane.
" Asambeni ke zinsizwa kusho uMbhekiseni esukuma zamulandela izinsizwa.
" Namhlanje siyoqeda ngalezinja zakwaMadi ndlelanhle babomncane kusho uKhaya ethokozile emoyeni.
" ngifuna nibabulale bese kuyodla insimu yami mfo isikhathi ingadli manje sekuyophela iviki kusho uMabizela ekhombisa ukukhathazeka.
" Yahlehla ikhumbi igcwele izinsizwa ezazingasineki kanti ngaleso sikhathi uSikhumbuzo ugade ukunyakaza kwaKhaya. Walokhu egadile engafuni kube khona okumuphazamisa ngoba wayesabela ukuthi kungenzeka bayomqedela uthe uma elokhu ehleli wacabanga indlela yokuqapha ngasesibhedlela wathatha isibhamu.
" Nathi mfo ngicabanga ukuyocutha ngasesibhedlela ngoba ngiyasola bazofuna ukucisha ubufakazi ngokubulala uZwane.
" Uqinisile iphuzu lelo Bafo asihambe siye ngasesibhedlela.
Kuthe nje besahamba yabe isisemvakwabo ikhumbi emnyama kugcwele izinsizwa zihlome ngezibhamu uMbhekiseni ehlezi ngemumva.
" Yizo kanye ke lezinja bafana asibalandeleni sibashaye lapho kungaphithizeli khona kusho uMbhekiseni ngentukuthelo.
" Khululeka baba Mabizela thina singabafana bamajuqa saqeqeshelwa ukubulala kusho inkabi bebambe izibhamu ngezandla.
Kuthe nje uma elokhu echofa iLaptop yakhe uSikhumbuzo wamangala ukuth kungani uKhaya enganyakazi namuhla.
" Sikhumbuzo uyayibona leKhumbi emnyama ngathi iyasilandela kusho uNathi ebuka isibuko.
" Yiphi lena emnyama emafasiteleni?
" Ya ngiyayibona awujike ungene ngalomgwaqo ngibone izosilandela yini esho ebukisisa amafasitela ephendule ikhanda kodwa kungabonakali, wangena ngawo lowomgwaqo uNathi uSikhumbuzo wavala iLaptop wakhipha isibhamu wasibamba ngesandla. Bathe uma bejika ngaphambili yajika nekhumbi emnyama.
" Nathi masingena kutiyela ufake amafutha uyinyathele ngoba ngathi ilandela thina lemoto nama number plate asusuwe. Wajika ikhona uNathi nekhumbi yajika ikhona, wangena emgwaqeni owutiyela nekhumbi yangena. Kuthe nje uma engena kutiyela uNathi wayinyathela yaphakama leza nekhumbi leMercedis benz selidla amagalane. Kuthe nje esayinyathelile uNathi imoto igudla ngasesakhiweni esidala okwakuyistadium kodwa sekwasala amagumbi ekubhenyelwa kuwo insangu, yaphaphalaza imoto kaNathi ngenxa yokubalekela inkomo eyayidabula umgwaqo. Kodwa wazama ukuyibamba uSikhumbuzo wafihla iLaptop phansi kwesitulo semoto baphuma baphuma begijima, yasho inganono bedubula bebhekise kubo.
Kodwa bageja nabo badilika bebagijimisa, badla phansi oSikhumbuzo bafike kulesakhiwo baqhiyama ngezindonga becuthile.. " Bulalani lezinja maan kusho uMbhekiseni ehlezi emotweni evele ngefasitela behamba sakucasha begodle izibhamu, walala phansi uNathi.
" Sikhumbuzo asibavalele ngaphakathi esho ehleba ekhulumela phansi nangempela bahlukana uSikhumbuzo wahamba kungathi uyacaca egumbini eliphezulu wabuka ebabona bephenduka becinga ngezibhamu.
" wabona iCable(intambo enkulu kagesi) wabuka namanzi kungathi ayaconsa ageleza aze aphume ngomnyango kuthe nje ukuba abone amadoda amabili kungathi eza lapho engakhona walinda ukuthi amanzi abamanzise ngoba ehla emnyango amanye asekhande idamu endleleni walinda ukuthi banyathele amanzi, wathula nje uSikhumbuzo Kuthe mabeza bebathathu wadubula intambo yawela emanzini ugesi wahamba washokha izinkabi ezimbili zakhalala zimemeza zizwa ubuhlungu zasha zangqongwa zafela khona lapho kwasala ezintathu ziqalaza zigijima zafika ozakwabo bewumlotha zakhala zimemeza.
" Ningabafileyo zinja zicinga zingena igumbi negumbi esakhiweni.
Kuthe sezithukuthele izinkabi uNathi Wanyonyobela inkabi eyodwa ngemuva wayikhahlela isandla kwawa isibhamu yakhipha ummese yathi iyaqeda unathi ahlehlise umzimba nekhakhanda, yathi iyaqeda avike, kuthe nje esanake keyonkabi ezwe ngokhuni kusho ekhanda ezunywa ngenye inkabi. Yafika yabeka isibhamu ekhanda.
" Ngifuna ukukubulala ebona uMbhekiseni njandini washo ekhokha isibhamu ebuka enye inkabi," hamba ubize uMbhekiseni emotweni esho isibhamu esibeke ekhanda likaNathi.
Kuthe kusenjalo kwabonakala ngendoda isuka esitezi yafike yagxumela inkabi ekhombe ngesibhamu kwawa isibhamu, wavuka uNathi
Yathi mayphenduka unkabi yezwa ngesthende emlonyeni amazinyo awagcwala phansi uSikhumbuzo eseyibhubesi uqobo ejulukile esekhumulile eqimbile.
Yazama ukubaleka inkabi waphenduka emoyeni uNathi wafike wayivimba phambili, kuthe mayizama ukulwa wayigoba ingalo eyiphendula yaqhuma, wase eyisonta untamo yafa ingqolozele emoyeni. Kuthe isadiyazela inkabi eshaywe usukhumbuzo wayidudula ngesibhakela ocabangweni yabhodla igazi wayihudula ecaca izitebhisi wafika wayiphusha inkabi yahamba yayosakazeka ngekhanda esimendeni yafela khona lapho, zafa zonke izinkabi zikaMajuqa uMbhekiseni akakukholwanga akubona wayishaya yazula ekhuluma yedwa. "kodwa ngizothini kumajuqa ngabafana bakhe esho ngenkulu indumalo.
" ngiyabonga bafo kusho uNathi" "Ngifa lapho ufa khona mfwethu asambe besho bebambene emahlombe, bathe njebephuma uMbhekiseni wayengasabonwa, zaphuma zasula imihuzuko izinsizwa zakwaMadi zithukuthele zingasasineki.