INSIMU YEZIMANGA ( 26 - 30 )

1 Like = ❤️
0

 

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 26

Kuthe esefikile esibhedlela uMaMthembu wafika kungashintshile lutho umyeni wakhe esalokhu equlekile enjalo kukhala imisindo yemishini eICU.

" Myeni wami kodwa uzophaphama nini vuka phela mangethe, angisakhoni myeni wami nezingane zakho zikukhumbule, kukhuluma uMkakhe ebambe isandla somyeni wakhe izinyembezi zigcwele amehlo, wahlala eside isikhathi ebuka umyeni wakhe wabe esehamba komabhalane wacela ukuthi bamubhalele izincwadi ezimgunyaza ukuthi adlulisele uZwane kwesinye isibhedlela, bamulindisa nje imizuzwana umabhalane oyedwa wacela udokotela ukuthi azodingida udaba lwaMama Zwane.

" Siyabonana mama kubingelela udokotela.

" yebo dokotela benginesicelo mtanami.

" Ngilalele mama.

" Bengicela ukumukhipha umyeni wami ngimudlulisele esibhedlela saseCuba angisho ukuthi anikho ezingeni kodwa ngizwe ngomunye umnumzane ukuthi basezingeni eliphezulu.

" Ey mama khona akukho asingakusho kuwe ngoba uBaba Zwane umyeni wakho kodwa angeke sikwazi ukumdedela eseICU ngoba indiza ngeke ibe nezinsiza ezifana negumbi elikhandiwe kwaba yiICU into eningamane niyenze ukulinda aphaphame bese nimthatha singafaki umyeni wakho engcupheni mama.

" Ok ngizwa kahle ngane yami.

" Asihlale nje emthandazweni singalilahli ithemba ubaba Zwane ulwela impilo yakhe ngicela nje singamuphazamisi.

" Ngiyabonga ngamazwi angipha ithemba ngane yami.

" Kulungile mama ngicela ukuyobona iziguli namhlanje sibancane odokotela manje umsebenzi mncane.

" Uhambe kahle mtanami esho ephenduka uMaMthembu ehamba edabukile emoyeni wabe esefonela uMabizela.

NoSiphamandla wayekhona kodwa esaba ukungena eICU. 

📲Mabizela.

📱Yebo MaMthembu.

📲Ey bayala ukudedela ubaba bathi abakwenzi ukuthi badlulise umuntu ekuComma ngoba isimo sakhe sibucayi.

📱Awu kodwa baze bayinkinga mina ngikhathazekile ngomngani wami uyazi.

📲Asilinde aphaphame bese siyakwenza lokhu okufisayo baba Mabizela.

📱Ngiyabonga ngiyakuzwa maMthembu nami ngizoya ngiyomubona ntambama kwazise sengizoba nesikhathi esiningi ngoba sengithatha umhlala phansi.

📲Akunankinga uhambe uyomubona useBlock C khona kulePrivate oyaziyo esihamba yona lapha ekhaya, ungeniswa uwedwa uhlale uxoxe noma engakuzwa elele kodwa odokotela bathi uyezwa kwesinye isikhathi. 

📱Kukahle impela mangabe ngizoba ngedwa ngoba ngizoba nesikhathi esikahle sokuzihlalela nomhlobo wami singaphazanyiswa umsindo wamanesi neziguli.

📲Nami ngikujabulele kakhulu ukubona nje esaphefumula.

📱Ngizoya ntambama angivalelise mamthembu ngoba sengisemugwaweni obhizi.

📲Kulungile baba Mabizela bye esho evala ucingo.

UNathi wahamba elibangise ekhaya lapho azalwa khona ngoba uyise esemudinga enkampanini uMelusi emubambise izikhwama bezifaka emotweni, kuthe nje esehlehla nyovane ngemoto iphuma ngesango kuqhamuke USiphamandla eshayela sebebuya nonina.

" Hawu kambe ushilo wathi uyahamba namuhla mtanami kusho  uMaMthembu evela ngefasitela imoto ima. 

" Impela sengiyindlela mama uMadi uyangidinga ekhaya nenkampani idinga iSigniture yami. 

" Ngijabulile ngokusivakashela kwakho mtanami ukhonze ekhaya ungibingelele umakoti wakwami nakumzukulu wami. 

" ngizokwenzanjalo mama ngibonge nje nendlela osamukele ngayo singosibali lapha ekhaya. 

" akulungile ngane yami nami ngikhathele ngiyabhubha Siphamandla faka imoto ngehle ngiyophumula. 

" Kulungile mama esho eyifaka USiphamandla.

" Usuzohamba kahle bhuti nathi nami ngisayobhala iHome work. 

" kulungile Melo Melo esho eshaya isandla sakhe maqede wahamba waya endlini uMelusi, kwabe sekusala uNathi noSikhumbuzo. 

" Bafo sisonke angibaleke kusho uNathi🤜🏽

" Sizothintana emoyeni bafo uvaye grand kusho uSikhumbuzo beshayisana ngezibhakela🤜🏽🤛🏾

Wahlehla uNathi wahamba njalo elibhekise kwaMashu. 

Wabe esengena endlini uSikhumbuzo wathola umamthembu ehlezi kusofa esekhumule izicathulo. 

" ngaze ngakhathala kusho uMkaZwane eziphephetha ne 2 piece kanokusho esesele ngamasokisi. 

" Nihambe kanjani mama esho eziphosa kusofa uSikhumbuzo. 

" Kuhambe kahle noma nje uKhaya ephoxile kubuka izwe lonke ngenxa yemibuzo yezintatheli. 

" Hawu uhlulwe ukuphendula imibuzo kanti akanalwazi yini mama kubuza uSikhumbuzo. 

" Abafundile ngokwanele abafana baMabizela kodwa akukho bekungenziwa ngoba uMabizela nomyeni wami babevumelene ngokuthi kuyongena abantwana babo mhla bethatha umhlala phansi. 

" Akengi search kuYoutube ngibone ngoba bekukhona nezintatheli okusho khona ukuthi ibi stream online. 

" Chofa uzozwa nawe kuthe noma uyise ezama ukumxolisela bamuxina naye ngemibuzo kuze kwalamula mina esho enaba kusofa. 

Wabuka yonke into eyenzekile ku press conference usikhumbuzo kuLaptop yakhe ebona izitha zakhe ezizwa enyanyile ngaphakathi 💻👀

" Awu lendoda kanti ayifundile yini mama ngoba nesingisi ngiyabona ngath kunzinyana esho ebuka uSikhumbuzo ehambisa amehlo👀

" Uyazizwela ke nawe Sikhumbuzo ukuthi ubhede kanjani umfana kaZwane sengijahile nje kuqede USiphamandla eNyuvesi azothatha isihlalo sobu CEO, uyazi sengiyayibona lento eyayishiwo uBaba walapha ekhaya ngokubaluleka kwemfundo. 

" imfundo ibalulekile mama nami ngangikhuthazwa ubaba osizalayo. 

" Ngibe sengidlulela nasesibhedlela ngayobona ubaba walayikhaya akukho mehluko ilokhu esaqulekile umyeni wami. 

" Hhawu bakithi kodwa ngobab Zwane mama kwabuhlungu ukuzwa lokho kodwa asihlale ethembeni sikhuleke singalahli ithemba. 

" Balile noma ngithi ngiyamukhipha ngimusa kwesinye isibhedlela. 

" ubufuna ukumusa kuphi mama. 

" uMabizela ucele ukuthi ngimvumele athathe uZwane amuse eCuba ngoba ethi kunodokotela abaseqophelweni eliphezulu. 

" Ini!!!!!! Lobaba kanti akadeli kusho uSikhumbuzo ephahluka ethukuthele. 

" ukhuluma ngani mfanawami ngiyadideka manje. 

" Eh hhay mama sengisho ukuth ufuna ukumusa eCuba ekubeni walimala ephuma emzini wakhe kwaMabizela. 

" Kodwa akulona iphutha lakhe mfanawami ngiyazi nibuhlungu ubaba waba nebhadi nje asingabe sesuthwesa abanye icala. 

" Yebo khona uqinisile mama ungixilele kusho uSikhumbuzo ebheka phansi. 

" uZwane indoda elungile kumanje uyobona uZwane ntambama yize ematasatasa. 

" uyazi lapho elele khona mama kaMandla ebuza evusa izinhlonso zamehlo?

" ngimazisile ukuthi use Block C ePrivate, ngiyacabanga uzojabula ukuzwa izwi likaMabizela ngoba abeve bekhonzene. 

" Ok mama... Hawu uyazi ngigcine ngikhohliwe ukufutha isondo lemoto kanti kusasa nginendlela mama ngicela ukuphuma ngizokubona ngibuya esho esukuma. 

" Kulungile mfana ngizokubona ubuya nami angihambe ngiyocambalala ngoba umzimba ukhathele esho esukuma sakuqhugeza uMkaZwane eqonde epasijini lomuzi wakhe omkhulukazi. 

Waphuma wayishaya yazula imoto uSikhumbuzo elibangise esibhedlela efuna ukucutha lapho engeke abonwe muntu khona. 

uMabizela noKhaya nabo baphuma beshesha balibangisa esibhedlela. 

" Namhlanje akafe uZwane sazi ukuthi lenkampani sekungeyami angifune muntu ozofuna sibambisane kuzokhala isicathulo sakwaMabizela kusho uMabizela efasa amakinobho ebhantshi uKhaya eshayela. 

" Nami ngifuna kucace ukuth kuphethe thina manje baba esho eshintsha igiya enyathela yaphakama isivinini ishosholoza ilibangise esibhedlela. 

" Namhlanje elamanqamu nihlale nikwenza kunilungela bomabizela ngeke nimenze lutho umkhulu kaManqoba, ngoba ifikile igalelekile insizwa yakwaMashu eSinqawunqawini ngifunga oMadi bephelele nizozwa ngathi niyasha kusho uSikhumbuzo ekhuluma yedwa ethukuthele imoto ihamba kungathi iyandiza ilibangise esibhedlela.

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 27

Kuthe uma efika uMabizela noKhaya bangena sebephuthuma imoto bayifaka ngaphakathi esibhedlela kuParking bangena beqonde ewadini lapho kulaliswe khona uZwane kwasho ukuthi kunodokotela osalungisa okuthile ngoba imishini yayilokhu ihlolwe njalo ukuthi kusahamba kahle konke esigulini sabo eselale isikhathi eside.

UMabizela wangena wachaza konke ukuthi ungumngani wakhe.

" Manje dokotela ngicela ukubuza ukuthi amathuba okuphaphama kwaZwane angakanani kubuza iMabizela ezenza okhathazekile.

" Ey mnumzane angeke ngikutshele ngoba uma umuntu ekuComma uphapha noma yinini kungaba izinsukwana kanti futhi kungaba unyaka, into nje ekumele niyenze yikho ukuhlala ethembeni.

" Ewu ngibuhlungu kakhulu ngalendoda ayilulame impela isifana nomfwethu.

" Asithembe ukuth imithandazo yenu izosipha amandla nathi singodokotela.

" Impela sonke sihlalela wona umthandazo kusho uMabizela ezothile ebuka udokotela.

" ngicela ukukushiya naye nimkhulumise kodwa yena ulele uyanizwa, ngizocela ningene ngamunye kuyena

" Ay siyabonga kodwa ke ngicela ukungena mina kuqala esho engena uKhaya wasala ngaphandle.

" Kulungile baba ngizolinda ngena wena kuqala esho elinda esitulweni esingasemnyango we ICU.

" Kuthe nje uma udokotela ehamba eyosithela ephasigini uKhaya wavula umnyango wangena. 

" Baba asicishe umshini kungakafiki omunye umuntu ozosiphazamisa. 

USikhumbuzo wafike wabona imoto kaMabizela wagijima eyongena ngesango bamuvimba onogada. 

" Uyaphi mnumzane kubuza onogada

" ngiyobona ubaba wami

" Woza sikukhuthe besho bemkhutha. 

" Eish yazi!!! kusho usikhumbuzo edineka. 

" Asingeni isikhali yini lokhu besho bedonsa isibhamu sasikhumbuzo. 

" Isibhamu sami sisemthethweni lesi kusho uSikhumbuzo ecasukile. 

" Hamba uyobeka isibhamu emotweni bese uyabuya uyangena kusho unogada emuvimba. 

" Kulungile kusho uSikhumbuzo ngokucasuka ehluthula eyobeka isibhamu emotweni wabuya bamukhutha wase engena. 

Egijima elibangise eBlock c ecindezela iLift/elivator) kodwa yenza kancane wagijima wancamela ukukhuphuka ngezitebhisi

UMabizela wabeka isandla kuButton elindele ukucima

" Khaya awuphume mfana wami ngifuna ukuthi ngivalelise kahle kumngani wami kwazise sibe ngabangani iminyaka kusho uMabizela ebuka uZwane ecimezile. 

Waphuma ukhaya walinda ebhentshini kodwa wazozwa eqalekile wakhipha ugwayi wase eyobhema ngaphandle. 

Umabizela wamubuka uZwane eselindele ukucima. 

" Ungixolele mngani wami, ngiyazi ubungumngani weqiniso ungithanda nami ngikuthanda kodwa manje nami ngizifisela okuhle izingane zami njengoba nawe uzigisela okuhle izingane zakho, ungisizile kokuningi sabambisana simunye kodwa indaba iqale ukonakala mangabe sezihluleka ezami izingane esikolweni kodwa ezakho bezenza kahle, nokuyinto eyaqala yakha inzondo enhliziyweni yami ngaqala ngagisa ukuthi ngikubophele amanqina enyathi, ungixolele Mangethe yimina owabulala umfana wakho ngoba ngangibona ukuthi izingane zami zizophucwa iqatha emlonyeni uma sengingasekho. Wena abantwana bakho bafundile basengaphila ngemfundo obanikeze yona uhambe kahle mngani wami. 

Kuthe nje esakhuluma wezwa kungathi uvaleka umoya kunengalo emkhamayo eqhamuka ngemumva kwakhe kwaphakama imilenze kuMabizela wazama ukumemeza kodwa kwasho ukuthi ingalo imuqinisile waphinqilika ezama ukuyisusa kodwa kwakungathi iketangu libophele injini uSikhumbuzo emkinyile engasasineki, wahlehla naye nyovane wangena kupassage elimnyama lesibhedlela wamuphonsa ebondeni ngekhanda wawa phansi umabizela. Wathi ebuya ukuyobhema uKhaya wazithela kuMabizela elele phansi equlekile wavusa amehlo ahlangana nawakhaya. 

" Umenzeni ubaba wami wena nja kusho uKhaya egijima ethi uyoshaya usukhumbuzo ngesibhakela wahlangana nonyawo emlonyeni waphonseka phansi ukhaya emise unyawo emoyeni, wabamba umlomo uKhaya usuvuza igazi esephume namazinyo amabili ngenhla walula isandla wacosha umhlabathi osengadini engasendleleni ewusimende. 

" Yesesss!! Lenja ayingazi ukuthi ngiwubani kusho ukhaya efaza umhlabathi emehlweni kaKhaya wase ethatha isitini esikhumukile ngasedongeni kwesibhedlela washaya ngalo uKhaya ekhanda exhoshiwe engasaboni. 

" Ucabanga ukuthi ubani wena ufike kahle kade ngikufuna ubani wena. Nja? Ofika usuzodlalela koMabizela kusho uKhaya eshaya uSikhumbuzo ngesibhakela exhoshiwe engaboni wabambelela ngobonga waxikixa amehlo kwangathi uyabona ngehlo elilodwa ecimezile ngelinye ihlo weza uKhaya ebambe isitini ngesandla wathi uyaqeda ekhanda uSikhumbuzo wagoba uKhaya washaya ubonda wathi uyaphinda uyashaya uSikhumbuzo wamukhuphula ngonyawo esilevini wahlehla uKhaya ebona izinkanyezi wasondela uSikhumbuzo emdudula ngehlombe esifubeni wezwa ngathi ushayiswa imoto wakhwehlela waguqa ngamadolo, wasondela uSikhumbuzo wamugxavula ngemawashingi ngengalo eyodwa waphakama uKhaya wathi uyahluthula kwasho ukuthi ingalo kwaSikhumbuzo yayiqine kungathi ugodo, walenga emoyeni uKhaya wase ededela izibhakela uSikhumbuzo wamxhimfa ikhanda selilokhu lihlehla makungena isibhakela walishaya ikhanda wabomvu kwadabuka umlomo wavaleka ihlo wase emlahla phansi wawa kabuhlungu uKhaya ebuka engasenamandla uSikhumbuzo emxhimfe kwangathi akusiye. Wahamba mayethi uyabheka lapho bekulele khona uMabizela akasabonwa usephapheme wadla phansi kuthe kusenjalo kuqhamuke onogada balamule. 

" Bizani amaphoyisa ngithole lezinja zifuna ukubulala ubaba kusho uSikhumbuzo ephefumelela phezulu. 

" Sizomthatha simugcine ngale ngemuva kusho onogada bamuphakamisa eselenga bafike bamgcina babiza amaphoyisa afike amuthatha uKhaya. 

" Umabizela wabaleka wangabheka emumva elibangise emzini wakhe wakhohlwa nokuthi ushiye uKhaya emumva.

" USikhumbuzo wahamba walandela imoto yamaphoyisa efuna ukubona ukuthi abamudedeli yini wangena ePolice station kanye nabo begquba uKhaya. 

" Bantu bomthetho ngicela ukuvulela uSikhumbuzo icala uyena obezama ukubulala ubaba Zwane ngamshaya kusho uKhaya nezisini

" uyahlanya wena nja uqambelani amanga ngoba ngifike ngaqopha ubaba wakho ngenkathi ethi ubulala ubaba Zwane nayi ivideo. 

" Hawu ngempela nakhu uze wayivala mayesemususa ngoba uyivule esahamba epassigin kusho iphoyisa. 

" Ngazile ukuth bazophika ngase ngimuqopha esazamaukucima umushini okumnandi nomama Zwane uzobona ukuthi ufuye inyoka ngiyomukhombisa mangisuka lana kusho uSikhumbuzo ecasukile. 

" uhlakaniphile nsizwa wenze kahle waqopha lobufakazi masisuka lana siyolanda ubaba wakhe uhambe kahle woza siboshwa besho begquba uKhaya eyovalelwa.

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 28

UMazibuko wayekhona emadeskini ngenkathi kuvalelwa uKhaya wakhumbula ukuthi uyena lona wayeboshwe no babomncane wabo bamuvusa ngo 80 000. Kuthe uma esevaleliwe wahamba ngasese eseyokhuluma naye.

" Khaya Mabizela esho ememeza eqhamuka.

" Yebo Fader

" usubekwa yini manje futhi lana Khaya.

" Ey Constable Mazibuko icala livula ingubo lingene kodwa sengithembe wena ukuth wenze njalo.

" Ay ndoda awukwazi phela ukuthi ngibeke impilo yami engcupheni ngoba phela ukube ngabanjwa ngabe ngaxoshwa.

" Uzowenzake lomsebenzi ngoba phela wayamukela imali yokudukisa idocket.

" Ay kulokhu khohlwa mfanakithi angeke ngilahlekelwe umsebenzi ngenxa yokuba budedengu bakho nokuphula umthetho ngoba uthembe mina khohlwa impela nje.

" Uzokhuluma nobaba ngicela ukubuyela ecellini ngoba ngiyabona usudakwe yilemali esakugwazela ngayo.

" Musa ukumemeza phela kanti unjani nje wena kusho iphoyisa liqalaza ukuthi akekho ozwa inkulumo yakhe.

" Angithi ngicasulwa nguwe yenza lokhu engikushoyo angisakuceli ngiyakutshela.

" Bese ngithola malini.

" Akukho mali osazoyithola ngoba usungijwayela kabi sikuhlohla imali ephaketheni sengicela usizo usungikhulumela amasimb*

" Angeke ngikwenze mahhala lokho musa ukudlala ngami Khaya.

" Uzongikhipha lana, ngiyakutshela angikuceli kanti futhi ayikho imali ozoyithola wena usebenzela thina kodwa ususuthi uR80 000 wakwaMabizela usumila izimpiko.

" Ewu kodwa kunzima akulula ukudukisa idokodo.

" Anginandaba nalokho uzobona wenzanjani ungabuyi kimi ungawenzile lowomsebenzi.

" Ngizozama kusho uMazibuko ephenduka ehamba esedumele.

Kuthe nje mayehamba amaphoyisa elibangise emzini kaMabizela kanti yena upakisha zonke izimpahla zakhe zokugqoka edonsa amasuitcase, kweza uSithembiso emangala ukuthi kwenzenjani.

" baba uphi uKhaya kubuza uSithembiso.

" Hhey mtanami angikukholwa engikubone esibhedlela ngenkathi siyoqedela uZwane angikukholwa lomfana wakwaMadi usebenzisa isalamusi.

" Hhay bo baba angiqondi ukuthi uthini.

" Musa ukungibambezela ngiyaphuthuma wena awuboni ngiyapakisha kusho uMabizela ephuthuma eze acushe ewa phansi kwazise amatiles ayashelela. 

" Baba ingani awuchazi konke uphi uKhaya ngoba phela nihambe nibabili. 

" ibona ngimutetile yini angithi uyabona akekho kusho umabizela ecindezela izimpahla ukuze uZip wesikhwama uzovaleka. 

" Manje baba wena ulwa nami ngibuza kahle. 

" Angithi nginitotose kakhulu yingakho ungibuza umfowenu ekubeni ngabe uhambe nathi manje nifuna ukutshelwa yonke into kusho uMabizela efasa uziphu weskwama sesiqumbe ngathi isisu senkomo. 

" Kumanje angazi nokuthi uyaphi kodwa uhlale uchaza konke. 

" Kanti sengiyingane yini ukuthi sekumele ngibike kuwe, Sithembiso nihlupha ngokuthi angiboni zintombi zenu yingakho seniphosa imibuzo kimi engabe niyiphosa ezintombini zenu. 

" Hawu kodwa baba wavele wangiphoxa nje kanti kwenzekeni kusho uSithembiso ngendumalo. 

" Angithi uwena ongidinayo kumanje umqala wami ubuhlungu intamo ibuhlungu mangugwinya amanzi nekhanda ngiphethwe nayikhanda nawe ubhizi ungibuza imibuzo esangene. 

" Unqutshuzwe yini vele lana esiphongweni baba nebhantshi lakho linedust kungathi uke wabuquza phansi?

" Ngoba uyanginakashela angikuchazele kodwa anginasikhathi.. Sithe sesisesibhedlela sengithi ngicima umshini ngizwe ngesandla siza ngemva kwami sangivala umoya kwangathi ngivalelwa iketangu elikhipha injini yemoto ngezwa ngathi kuba mnyama emehlweni kwangaphefumuleka ngalunguza kwabakithi abangasekho, saqina lesandla sahlehla nami lapho izinyawo zami besezilenga emoyeni ngathi ngiyamemeza kwasho ukutho intamo uyithe nqi, ngaphinqilika ngabona ukuthi ngiyafa namhlanje, wangibamba uSikhumbuzo wangigqumuza ebondeni ngabona izinkanyezi emehlweni kwangathi ngiphonswa yisiphepho ngaquleka. Imizuzwana engemingakhi kwangathi ngiyaphaphama inqondo ididekile, ngezwa izigi ngicimezile kwangathi kusinda ikhanda ngaliphendula ngabukisisa angikukholwa engikubone kwenzeka kubhuti wakho. 

" Kwenzekeni baba kusho uSithembiso ephefumulela phezulu. 

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 29

Wahamba ubusuku bonke ngesitimela waze wafika egoli uMabizela wafica umfowabo engaphandle ebuka ijalidi elahla amaphepha asebaleni.

" Hawu bhuti kusho uMbhekiseni emjabulela.

" Mbhekiseni ngibambise ngafa ukusindwa.

" Sqathi wozobamba nazi izikhwa kusho uMbhekiseni ebiza umfana wengadi, nangempela eze umfana athathe izikhwama.

" Kodwa ngoba ngithi izimoto ziyinqwaba kwaMabizela kwangathi umfwethu ufike ngebhasi nje kubuza uMbhekiseni egqoke igown yokuvuka.

" Ewu mfwethu ngigibele isitimela ngoba angifunanga kubonakale imoto yami.

" kwenzenjani asingene mfo esho engena endlini eyisithabathaba.

" Ey mfo into eyenziwe yilomfana wakwaMadi ngeke ngiyikholwe angithi uyabona nginjani esho ekhomba ingozi.

" Ukwenzeni losathane?

" Bengithi ngiyoqedela uZwane angazi ukuthi waze kanjan ukuthi ngisesibhedlela ngihamba noKhaya, ngithe sengicisha umshini wangikinya lomfana ngabona amafu mfwethu ngacishe ngachama.

" Muzikayifani uthini kimi manje uKhaya ubekuphi.

" ubengaphandle angazi noma ubesayobhema.

" Hawu wenzanjani uma ukinywa yilenja.

" Thula ngize nendaba.. Kuthe ngisakinywe yilenja ngingakhoni kuphefumula ngithi ngiqhaqha ingalo angisonge ngayo entanyeni. Wabe esngisakaza ngekhanda ebondeni ngabona izinkanyezi kwacima izibani ngaquleka, sengizibona ngidavuza emasangweni angaphesheya mfwethu kusale kancane ngidabule amafu.

" Hawu kodwa ngiyacabanga ukhaya ukuncedile.

" Kuphi la? Ngoba ngithe mangiphaphama ngezwa indoda equmayo mangivula amehlo iKhaya mfwethu izinyawo zakhe zintanta emoyeni ikhanda lakhe kulixhimfa lokhu kwenja ngabona umtanami kungathi iphepha.

" HAwu mfwethu wenza njani ngaleso sikhathi wamusiza kodwa?

" Hawu bengingabe ngisazifaka emlonyeni wengwenya kodwa?

" Pho wenzenjani?

" ngithe mangivuka phansi ngadlaphansi lamaKick and bhoboza👞 ami abheka phezulu.

" udondolo lwakho walishiyaphi mfo?

" Awu kodwa uthi bengisenganaka indaba yodondolo ngoba ngibonile ukuth lowamfana akayedwa.

" Lomfana kumele sithenge umuntu ozomuzuma ngesibhamu engaboni kusho uMbhekiseni ecasukile.

" Into engasisiza yinye mfo.

" Yini leyo

" Asihlanganise izinsizwa siyothumba abazali bakhe bese lomfana azinikela kithi ehlathini simbulalele khona.

" Yaaa iphuzu lelo kusho uMbhekiseni.

Kuthe besakhuluma kungene ucingo kumakhalekhukhwini kaMabizela.

📱UMabizela hello

📲Baba ukhuluma noKhaya ngise police steshi ngiboshiwe.

📱Hawu kanti wena uphelelephi kubuza umabizela ethuka

📲Hawu baba angithi wena ubaleke wangishiya.

📱Ungixolele ngane yami kuvele kwaphithana ikhanda.

📲Ngicela uzongikhipha lana

📱Angikho eThekwini mfanawami ngiseGoli kubabomncane wakho.

📲Manje baba wena uvele wabaleka njengo babomncane.

📱Cha akukhona ukubaleka siyohlanganisa amakhanda mfanawami.

📲Manje mina ngenzenjani baba ngoba uSikhumbuzo uqophe yonke into eyenzekile ngoba nawe uyavela ukhuluma uxolisa kuZwane nangokubulala uMandla nangenkathi uzama ukucisha umshini.

📱Ngempela? Kubuza uMabizela ecishe esakazeka phansi.

📲Yebo baba.

📱Angivalelise mfana kodwa ngizoshayela uSithembiso azame ukuzokukhipha ngeBail.

📲Ok kulungile baba.

Kuthe uma evuka uSikhumbuzo wathola uMaMthembu ekorobha kunebhakede phambi kwakhe ebambe iMop.

" Unjani Sikhumbuzo mfanawami angikubonanga izolo ufike sekulelwe.

" Ey mama bengimatasa ngihambile ngaya esibhedlela kodwa ngibe sengizithela kulento esho evula umakhalekhukhwini engena kuma recorded video.

" Yini leyo sikhumbuzo esho elula isandla uMaMthembu ebamba umakhalekhukhwini waphunyuka wagxambukela emanzini.

" Aaaaawuuuuuuu eissssh kubabaza uSikhumbuzo ezama ukuwukhipha ewuthintitha wavele wacima wazama ukuwukhanyisa wakhanya wamhlophe.

" Phephisa ngane yami awu kodwa ngenzani kusho uMaMthembu esula izandla ezama ukuwuthatha ewuthintitha.

" Cha awenzanga ngamabomu mama, kanti futhi nami angikhaleli umakhalekhukhwini kodwa ngikhalela okuphakathi esho ecobeka.

"Sizohamba siye edolobheni ngikutholele umakhalekhukhwini omusha mfanawami.

" Cha khululeka mama awenzanga ngamabomu.

" Yini lena ubufuna ukungibonisa yona khehla?

" Bengifuna ukukubonisa ukuth uMabizela akalungile mama uyena owabulala uMandla kanti futhi ubezama ukuqedela ubaba Zwane ngoba ufuna inkampani isale ezandleni zabantwana bakhe.

" Awu Awu Awu kahle kahle sikhumbuzo ukufuna ukwakha inzondo engekho ngikhonzile impela mtanami kodwa uma uzosukela umndeni wakwaMabizela ngeke impela sizwane ngoba uMabizela noBaba walapha ekhaya sekuyimnyaka bengabangani manje uma ubazonda mfana wami ungaqambi amanga ngiyazi nake nathi ukuhilizisana ngenkathi ubaba walapha ekhaya efuna uphathe.

" Mama uyabona ngoba bengithi ngivula umakhalekhukhwini wami bengifuna uzwe khona lokho.

" Uqophe ngasiphi isikhathi kwenzeka yonke leyonto.

" Ngenkathi ungazisa ukuth ubaba Mabizela uzobona ubaba Zwane ebusuku.

" Cha cha musa nje ukuqala into engeyinhle ufike sizwana nabakwaMabizela manje wena usufika nokunye, wayengeke nje uMabizela abulale uMandla ayikho leyonto.

" Mama uMabizela akayona lento eniyicabangayo.

" Hawu ufika nje wena usubona lokho yazi nezingane zami zingathuka zikuzwa ukhuluma kanje.

" Mama amaphoyisa ayibonile ivideo uKhaya usejele nje ngikhuluma.

" uboshelweni.

" Yena noMabizela bebezama ukucima umshini.

" Uyazi Sikhumbuzo ngikukhonzile impela kodwa lamanga obhinca ngawo umndeni wakwaMabizela uzokwenza lomndeni ungabe usakuthanda.

" Mama asambe siye ePolice steshi uzozwa amaphoyisa aboneni

" Asambe kusho uMkaZwane eyothatha isikhwama belibangise ePolice steshi.

Bahamba baze bafila ePolice steshi bafika kukhona uMazibuko iphoyisa elake lakhipha uMbhekiseni noKhaya ejele.

" Sanibona ndodana ngicela ukubuza ukuthi uKhaya uboshelweni kubuza uMkaZwane.

" Uxabene nalendoda ohamba nayo ngoba ulimele naye imshayile lendoda kuphendula iphoyisa.

" isho into engiyishuthile wena maan kusho uSikhumbuzo .

" Hawu kanti nibuzelani mawushuthile.

" Umakhalekhukhwini uwele emanzini mtanami.

" Mama bebelwa esibhedlela kodwa umfo uthi uKhaya nobaba wakhe bebezama ukucisha umshini kodwa manje akanafakazi kuphendula uMazibuko.

" Kodwa Sikhumbuzo uyabona into osuyenzile ufaka ingane kaMabizela ejele manje kuthetha uMkaZwane.

" Mama ngithandazela ukuthi umakhalekhukhwini wami usebenze uzobona.

" Ayi suka maan kanti wena unjani, usaphikelela nokuncolisa igama lakwaMabizela kodwa uyazibona ukuthi usephutheni.

" Mama kodwa........

" Mama iBail kaKhaya uR10 000.

" Kulungile ngizoyibhadala uphi yena ngimubone.

" ungangena nje umubone mama esho emdlulisa. Wahamba walungiselwa indaba yeBail.

USikhumbuzo walinda ngaphandle emotweni ngakusasa wakhishwa uKhaya

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI : MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 30

Kuthe uma evela enkantolo ukhaya uMmeli wafaka isicelo seBail inkosi yenkantolo yamupha iBail waphuma ezolandwa uSithembiso kanye nomkaZwane.

" Ngiyajabula mfwethu ukuth ungilandile kusho uKhaya ebheka uSithembiso uxhawula," ngibonge nakuwe mama Zwane ngokukhokha imali yeBail ngiyabonga kakhulu kusho uKhaya ezokwanga umama Zwane.

" Nina senifana nezingane zami yingakho ngingazange ngihambisane nalento kwaSikhumbuzo ngoba umyeni wami nobaba wenu bazana kudala manje angeke kufike umuntu waseKhweni lomtanami afike esezodala uqhekeko nokuxabanisa imindeni esizwane iminyaka.

" Lowomuntu uyasizonda mama angazi samenzani angazi ukuthi ubezokwenzani esibhedlela ezosilwisa ekubeni thina sizozibonela uBaba Zwane ngihamba nobaba kusho uKhaya.

" Ngizomkhuza ngele kwalokho ngizomcela abuyele kwaMadi ngoba angifuni umuntu ofika abantu bezwana afake umoya wezikhova kusho uMkaZwane.

" Mina ngibona ukuthi vele umxoshe ngoba mangibhekile ngathi ugaqele lenkampani kabab zwane nobaba kusho uSithembiso.

" Cha angizi ukumuxosha ngizomkhuza ngoba naye ungumalume kamzukulu wami.

" Kodwa uyinyoka mina sengimubonile mama Zwane kusho uKhaya.

" Ngizomkhuza mangifika endlini ningakhathazeki zingane zami.

" Kulungile mama kusho uKhaya edinekile ngaphakathi.

UMabizela bahlezi emthunzini NOMBHEKISENI bakhumbuzana ezasebusheni babo besezinsizwa.

" Wemfwethu kodwa asilivume iqiniso mfwethu sinothile impela kodwa asilibono elidlalayo kumkhulu ozala ubaba ngoba kuthiwa wayenePlazi kanye nemfuyo ebalelwe ezigidini kanye nomhlaba lapho wayeyinkosi khona wadayisela amaChina waceba ukudlula wonke umuntu okulesifunda kusho uMbhekiseni. 

" ngiyavuma kodwa Hhey mfo naye ubaba ungamshiyi wayenothile yize wabulawa insimu yakhe ayengasayiphakeli esejele ngaleliya cala lokubulala iOwner yamatekisi kanti kunama CCTV camera, wabulawa ejele uMabizela 

" Asibonge umkhulu ozala ubaba ngoba wasipha ifa esingayi ukuphucwa muntu ukuceba ngokuphakela insimu ukhuluphalise izidumbu namakhanda abantu kusho uMbhekiseni.

" Kodwa manje kunento engikhathazayo Muzikayifani kusho uMbhekiseni enciphisa ezwi esondela kuMabizela.

" Khuluma ngilale mfo. 

" Ikhanda engasuka nalo lana asibange sisaligqiba enkampanini yakho noZwane. 

" Yaz sengikhohlwe nya leyondaba mbhekiseni kusho uMabizela evusa ukhanda. 

" Kodwa ngokubona kwami akuhluphi ngoba lisegaraji kwakho siyolifaka noma sekungamathambo inyama isibolile. 

" Mbhekiseni uKhaya usejele asizame ukukhipha mfo mina ngiyazi usangithukuthelele ngokumushiya ebhonywa uSikhumbuzo kusho uMabizela. 

" Ey akengimshayele kusho uMbhekiseni evula ucingo. 

" Shayela uSithembiso ngoba mhlawumbe usavalelwe ejele

'' Ok mfo

📱Sithembiso 

📲Hawu babomncane unjan 

📱Ngiyaphila babomncane. 

📲Uyangitshela umfowethu ukuth uKhaya uboshiwe. 

📱Hawuu ngempela kusho uMbhekiseni ngenjabulo. 

📲Ay sesizokhululeka mfana kabhuti naye ubekhathazekile. 

📱Akakhululeke ubaba uphi ngicela ukukhuluma naye

📲Nangu mfana bamba kancane esho esukuma enika uMabizela ucingo. 

📱Ya mfanawami

📲Yebo baba unjani 

📱Ngiyaphila my son ngiyajabula ukuzwa ukuth umfowenu usephumile ejele. 

📲Yebo uphumile baba. 

📱Uphume ngaliphi. 

📲Bamunikeze ibail yakhokhelwa umama Zwane. 

📱Awuzwake kwancono siyabonga nakuMaMthembu...uphi uKhaya awumunikeze ucingo. 

📲Ok ngicela ubambe baba.. "khaya nangu ubaba ucela ukukhuluma nawe kusho uSithembiso elila isandla ukudlulisa umakhalekhukhwini. 

📱Ufuna ukukhuluma ukuthini ubaba ngoba ukwaze ukungishiya ngibhonywa ingibelese ngesibhakela lenja yakwaMadi.. 

" Hawu Khaya Khuluma phela naye ubaba umazise ukuthi ukuphathe kabi. 

" Angifuni ukukhuluma naye Awuzwa yini nawe walokhu ungibhora nje, ubaleka nakhona akasazihluphi nokwazi ukuthi kuphelelephi ngami kumanje imali yeBail ngikhishwe uMama Zwane kusho uKhaya ethetha kuduma imoto. 

📲Ay baba uKhaya akafuni ukukhuluma nawe kusho uSithembiso. 

📱Awu kodwa uKhaya ucabanga ukuthi bengizenza yini ngoba nami bekuduma ikhanda ngenkathi lomfana engigqumuza ebondeni. 

📲Uthukuthele baba mina ngibona ukuth buya nizokhulumisana naye azoxola. 

📱Usehambile yini lomfana wakwaMadi ngapho eThekwini. 

📲Yebo uhambile 

📱Ngizoza ke kusasa mfana wami. 

📲EISH!!! Uxolo BABA yazi umuntu ucabanga kakhulu, nginamanga ukhona akakahambi uyena obekade ehambe nomama Zwane ukuya ePolice steshi mangizwa uMam Zwane esho. 

 📱NAMI sengikhohliwe mfana wami khona esisahlela ukukwenza mtanami angikazi ukubuya kulenyanga wena noKhaya ngiyacela nje ningalambisi insimu hambani nibambe izinyamazane khona lapho kuHiker khona. 

📲HAWU baba!!! kodwa siyakudinga lapha ekhaya buya phela. 

📱Nayi imihlolo yami sekuyicala ukuvakashela umfowethu kanti nizokwenzanjani uma sengingasekho. 

📲Baba kunzima ukuhola lenkampani kuningi okungididayo njengoba bengibambele ukhaya, ngapha insimu ilambile, ngapha iMabizela maize meal abasebenzi banezikhalo angisakhoni baba kanti futhi kunzima ukuthi ngiqonde amanye amagama emaphepheni eOffice kugcwele nje amaFiles ngikhuluma. 

📱Sithembiso thatha umfowenu nilekelelane, abasebenzi ngizobathumelela amaEmail nginabo amagama, ngizoxolisa ngobuhixi hixi nangokuthi bangaholi ngesikhathi, okunye okunididayo nizongishayela nibuze musani ukutetema fundani ukubhekana nezinqinamba zenkampani. 

📲Ngiyezwa baba esho edumele evala ucingo. 

" Khaya mfowethu kusasa uyabuyela ekuholeni inkampani ngikhathele kanti futhi ngiyadideka laphayana kusho uSithembiso. 

" Akuhluphi kusasa ngiyoqa phela ngagcina ngokubekwa esihlalweni, ungakhathazeki. 

" Bantwabani ngiyazi akulula kodwa nizofunda kusho uMkaZwane ephaphama ebuthongweni imoto ihamba. 

" Hawu usuphapheme mama  ngigcine uzumekile ngiqeda kukhuluma nobaba ubongile ngesenzo sokukhipha uKhaya.

" Siwumndeni zingane zami. 

USikhumbuzo wayelokhu ezame njalo ukukhanyisa umakhalekhukhwini wakhe ngeRice nange hair dryer kodwa iscreem sivele sibe mhlophe ibuye icime.

" ngithe mangivula amehlo ngabona umfwenu ebanjiswe ekwengane esanda kuzalwa kumngenela ngezibhakela kokhu kwenja yakwaMadi, okungimangazile ubembambe ngengalo eyodwa esebomvu kebhu ngixikixe amehlo ngibukisisa ngasukuma kodwa sabhoka isiyezi ngawa phansi kungathi ngiyaquleka ngawa futhi, kuthe mangiphaphama ngakhohlwa ukuthi ngikuphi kodwa ngezwa izwi lalomfana wakwaMadi mangivusa amehlo ngabona ukuthi ngisesibhedlela kwangathi amandla ayabuya ngavele ngadla phansi imiqheko yebhantshi lami idabukile ngikhuluma. 

" Manje baba mawubaleka wabe usushiya uKhaya lapho. 

" Angibange ngisakhumbula ukuthi ngihamba naye ikhanda beliduma esho ephakamisa izikhwama. 

" Manje baba uyaphi. 

" Woza nezikhwama lezi ngifuna ukumubonisa into angakaze ayibone uSikhumbuzo. 

Wabe esembambisa izikhwama wazifaka emotweni. 

" Lalela ke mfana asambe nawe uzofike ungishiye ngemoto esteshini sesitimela uyobe usubuya ngemoto angifuni ukubonakala ngemoto zami ukuthi ngikuphi. 

" Wena baba ubalekelani kangaka?

" Kukhona ekumele ngiyokulungisa nomfwethu egoli, kodwa ngizohamba ngesitimela sasebusuku, wena uzohamba ubambele umfowenu isikhundla ngizoshayela abenkampani yami noZwane bese kuthi eMabizela Maize Meal uzocela isekela lithi ukubamba kancane. 

Bangena bahamba baze bafika esteshini sesitimela wafike wamubeka khona wadilika uMabizela wathenga ithikithi lakhe wabe eselinda ukusuka kwesitimela wabe esejika uSithembiso elibhekise ekhaya, wathi mayefika nje wazithela phezu kwamaveni amaphoyisa. 

" Sanibonani nginganisiza kubuza uSithembiso. 

" Yebo ndoda singamthola uMr Mabizela. 

" Angazi bobaba noma ukhona ngoba nami ngizibuyela eku check intombi yami. 

" Sicela ukungena nawe ndoda. 

" Kulungile singangena esho evula isango bangena, kodwa amaphoyisa alinda emnyango. Wabuya uSithembiso. 

" Angimtholi bobaba? 

" Kungabi ukuth uyamfihla ndoda ziphelele izimoto zakhe? 

" Yebo ziphelele 

" Uma ziphelele izimoto kusho ukuthi ukhona makunjalo sicela ukungena sihlole. 

" Kulungile ningangena esho ededa emnyango uSithembiso.bangena bahlola wonke amagumbi kodwa bangamthola. 

" Sizobuya ndoda, umfowenu uboshiwe simugcine ePolice steshi. 

" Hawu wenzeni kumangala uSithembiso. 

" Banecala kodwa bazokuchazela bona besho bephuma abantu bomthetho. 

" Hawu kanti ubaba unjan kusho uSithembiso ezimangalisa. 

Aphuma amaphoyisa wasala ebuhlungu emoyeni uSithembiso edumele ehlezi kusofa.ngaleyonkathi amaphoyisa ebuza wawusushosholoza uloliwe, ukhushu khushu udabula izintaba namahlathi uMabizela egodle umgodlagodla wakhe elibangise egoli kuMbhekiseni.

TO BE CONTINUED

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !