INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 61
UMpume waphaphama esehanjiswe ngendiza ukuya eCapetown. Wacilongwa odokotela abasezingeni eliphezulu walashwa esehlinziwe ehlombe odokotela bawenza ngendlela umsebenzi bamukhipha e theater bamusa ewardin waphaphama uMpume wamangala ukuthi ufike kanjani esibhedlela ngoba mayekhumbula kahle ugcine eya emotweni kwaqhuma ibhomu.
" Miss Madi siyajabula usuphapheme kusho udokotela.
" Ngikuphi lana kusho uMpume eqalaza.
" Usesibhedlela eCapetown ufike ngendiza usuka ethekwini ubuthintekile emva bomb explosion kodwa ngenhlanhla usindile nathi sesiqedile ukukwenza iOperation.
'' Ya man ngiyakhumbula ngigcine ngingena emotweni yomsebenzi ngathi mangiphuma ngikhohlwe umakhalekhukhwini wami emva kwalokho angisakhumbuli eishuuu kusho umpume ecindezela ehlombe esebhandishiwe ezwa izinhlungu.
" Yekela ibhandishi ungazithunuki kusho udokotela.
" Kulungile dokotela manje ngizohlala isikhathi esingakanani lana.
" Sizobona isimo sakho sizokwazisa uma usukulungele ukuya ekhaya.
" ok kulungile.. manje ucingo lwami luphi lona abaliphathisanga esho evuka ehlala ngezinqe kodwa nezinhlungu zimbambile uMpume.
" Angazi awubuze konesi nami ngisayisebenza miss madi ululame kahle esho ephenduka.
" ok dokotela... NESI uxolo esho ememeza uMpume.
" Yebo Mpume.
" unjani Nesi.
" ngiyaphila sisi.
" Nesi ngicela ukubuza ukuthi abawushiyanga umakhalekhukhwini wami ngifuna ukufonela ekhaya.
" Cha abawushiyi futhi kuba kuhle bahambe nawo uma ungakaphaphami ngoba nayalahleka atshontswa yizo iziguli lezi eseziluleme ezizihambelayo.
" Hhoo Ok ngiyabona ngicela ungifonisa toe🙏
" Ok akunankinga sisi lisho limunika uNesi.
📲Hello uSikhumbuzo okhulumayo
📱UMpume okhulumayo sikhumbuzo.
📲Haaaaaaaaawuuuuuu usuphapheme sisiwami esho ejabula uSikhumbuzo kuduma indlu yonke.
📱Yeeebo bhutiwami and nezinhlungu ngiyazizwa kodwa i Operation ihambe kahle.
📲Woow cha ungowakwaMadi ngempela wena sisiwami insimbi engagobeki kalula esho jabula ekhuluma sebemugqolozele bonke endlini
" Ubani lowo uMpume kubuza umkaMadi ephuma ekhishini.
" Yebo mama uMpume nangu khuluma naye kusho usikhumbuza ebeke umakhalekhukhwini endlebeni.
📲Dadewethu ngiyajabula kakhulu ukuthi usuphepheme kusheshile okwakho sibonga inkosi.. Nangu umama esho edlulisa ucingo enika unina.
📲Bunju kamama unjani kubingelela unina emuhaya ngegama ayemubiza ngalo esengumtwana.
📱Yebo mama esho ejabula ekhumbula unina esamubiza ngalelo gama uma encenga ukuthi adle.
📲Usunjani mtanami
📱Izinhlungu nje mama engisazizwa kodwa ukuhlinzwa kwami kuhambe kahle.
📲Ngaze ngajabula mtanami awazi besikhathazeke kanjan, bekumuncu nalapha ekhaya noManqoba umzukulu wami ubekhala esekukhumbule kodwa usejwayela ukuth awukho lulama impela mtanami.
📱Ngizolulama mama ungakhathazeki mawami engimthandayo.. uphi yena ubaba.
📲Ubaba wakho usaphumile mtanami uyobona ukuthi konke kusahamba kahle yini enkampanini ngoba uNathi uphansi phezulu noMfowenu angazi balungisani manje wacela ukuthi uBabawakho adamane eyohlola.
📱Ok mama Uphi yena uNathi?
📲Nangu lana eceleni kwami bamba uzokhukhula naye esho edlulisa ucingo.
📱Ok mama.
📲Ya thumbu kamama.
📱Yebo bhutiwami unjani.
📲Angiphili neze engekho udadewethu ekhaya kanti engakabanjwa nomphehli wodweshu kusho uNathi.
📱Ingabe seniwutholile umkhondo womuntu otshale ibhomu.
📲Yebo uMabizela.
📱Ngazile vele nithole kanjani.
📲Uyazi uskhumba nalobuchwepheshe bakhe kodwa okusisize kakhulu icctv footage umuntu obekubophele itulo uMabizela.
📱Ey ngoba lelokhehla angazi liyohlukana nini nomndeni wami.
📲Linye ilanga lakhe and uhamba nomfana omenzela yonke lento yamabhomu besesibabambile baveza ama suicide bomb bewabophele emzimbeni kwanzima ukubadubula oh sibashaye.
📱Awuzwe nje icala elingaka kwakhona nje ukuphatha ibhomu icala elibomvu kabi.
📲Phuma esibhedlela sisiwami siyilwe lempi and okungidina tu yilomfana ozifaka emgwaqeni wesitimela uzozisola ngoba uyaqhubeka usebenzela lamakhehla.
📱Ngizophuma maduze uMabizela usazozwa ngathi uyasha ngoba ulengelwa izinto ezimbili udilika jele noma ithuna.
" aningikhulumise nomakoti kusho uZwane.
📲Mpume nangu ubaba Zwane ufuna ukukhuluma nawe bye sisi.
📱Ok kulungile
📲Hello Makoti.
📱Yebo baba usunjani.
📲Sengiphilile impela mtanami wena usunjani?
📱Ey baba khona akufani ngoba ngiyakwazi ukuhlala nokusukuma izinyawo azinalutho ihlombe nje.
📲Uzolulama ntombazane yami ubekezele nje futhi ugcono wena esheshile ukuphaphama esibhedlela.
📱Ngiyabonga ukungipha ithemba baba.
📲Ngikulindile ubuye mtanami ngifuna ukuthi uma sewubuyile ngenze into eyoba buhlungu kumabizela nomfowabo ngikhumbula yonke into ayisho ngise ICU, manje ke ngikulindile ngifuna ukuthi mhla ebanjwa kuthethwa icala ahlazeke kuvele konke ukugcola kwakhe kanye nomfowabo noKhaya.
📱Khululeka baba ngizobuya nami angivalelise ngisebenzisa ucingo luka nesi ungivalelisele kubo bonke
📲Kulungile ke ngani bye kusho uZwane evala ucingo.
Hhhaaawu umkhulu somandla kwangijabulisa ukuphaphama komtanami kusho umkaMadi.
USikhumbuzo wabe esecela ukubazisa okuthile endlini noSiphamandla esanda kungena wahlala phansi.
" Nathi batshele mfwethu kusho uSikhumbuzo eshintsha ebusweni.
" Ay ungabatshela wena mfwethu kuyafana.
" Ok kulungile esho ehlanganisa izandla ehlala evusa iqolo ebeliqhiyeme kusofa.." Baba Zwane sinezindaba engingazi noma zizokujabulisa noma zikuthunuke inxeba elilimele emuphefumulweni...sithe uma sifika esibhedlela sacela iCCTV footage ekhombisa konke okwenzekile esibhedlela sathola ukth iMayor nabafana bakhe yibona abacuphe ibhomu elilimaze uMpume sase sithungatha uMabizela sithe uma simuthola ubehamba naye lomfana esambona ecupha ibhomu kuCCTV footage. UNathi wadubula isondo ukuze sibabambe bengabaleki
" Kahleni bo kusho uZwane ethuka.
" Nenza njani pho?
" Sithe masithi siyabathatha lomfana webhomu waveza amabhomu agcwale umzimba wasabisa ngokuthi uma simdubula sofa naye kanti futhi uma simushaya uzicindezela ibutton.
" Hhawu hhawu kanti emhlabeni kunjani kumangala uZwane.
" Ube esebaleka nemoto yami sasala ehlathini ngibe sengicela USiphamandla asilande ngenye imoto yami.
" Cha ngangingazi ukuth ngifuye inyoka enje ngomabizela.
" Sithe sisalindile sabe sesiyohlola imoto kaMabizela asikukholwanga esikubone phakathi baba esho evusa amehlo usikhumbuzo ngoba ubexoxa elokhu ebuka izandla zakhe ezihlikihla.
" Yebo niboneni kanti
" Sithole uplastiki kunekhanda likaSiphamandla.
" Ini hhayiiii hhaweeeeee hhhay kodwa Mabizela ngakwenzani.. Ne necklace neteku likamandla umakoti ulithole ensimini yakhe hhhhiiiiii awu kodwa uze ungibulalele imbewu yami ngikwenzeni ngona nje ngokufundisa abantabami kusho uZwane ekhala ngendlela eyaletha usizi endlini akekho noyedwa ongacwebanga izinyembezi.
" Zabuhlungu lezindaba esizizwayo kusho umkaMadi.
" Unenhlanhla Mrs Madi ukuthi usenabantwana bakho baphelele hhiiii hhhiiiii nami isifiso sami kwakungukuthi ngigcwatshwe izingane zami kodwa namhlanje ngizwa ibuhlungu neminjunju ehlabayo enhliziyweni yami yokushonelwa abantwana bami sebekhulile awu kodwa ngenzeni emhlabeni.
" baba nami ngibuhlungu ngokushiywa abafwethu kodwa ngiyakuthembisa ukuth angiyindawo uMabizela uzamile ukuqeda imbewu yakho kodwa wehluleka kusho USiphamandla ekhala izinyembezi zigeleza ezihlathini amehlo esebomvu ehug uyise owayebuhlungu ngendlela emangalisayo.
" Ngiyabonga mtanam esho evusa ikhanda emubuka emehlweni.
" Yebo baba kusho USiphamandla ebanjwe uyise emahlombe.
" Siphamandla ngikhuluma phambi komndeni wakwaMadi wonke uphelele... Ngicela uma ngihamba emhlabeni ngelinye ilanga uyikhulise lenkampani bengibambisene kuyo noMabizela kodwa nje engikucelayo ungamukhohlwa uManqoba ingane kabhuti wakho, uyena Mangethe oyobe ususele naye, umnakekele ngizokushiya nenxenye yakho naye ngimushiye nenxenye yakhe kukhuluma uZwane bonke belalele kwehla izinyembezi.
" ngizokwenzanjalo baba kusho USiphamandla ebuka umanqoba egonwe umkaMadi.
" Muletheni lana umzukulu wami kusho uZwane elula izandla bemunikeza wamuthatha wamubuka kwehla izinyembezi.
" Awuzange ulithole ithuba lokwazana nobaba wakho mzukulu wami kodwa ngiyakuthembisa Mangethe, awusoze wahlupheka impilo yakho yonke, Manqobizitha unomalume abakuthandayo ufunde nakubo inhlonipho nokuzivikela. Ngibuhlungu ngoba umtanami wayejabule mhla engazisa ukuthi uMakoti ukhulelwe kodwa akasakubonanga umtanami wakhala uZwane kwaba buhlungu ngathi kushoniwe endlini
'' Qina baba Zwane kusho uSikhumbuzo esukuma ebamba ihlombe lakhe.
" Ngiyacela nje nami mangethe uqine sizame nokuhlela ukugcwatshwa kwethambo lakho elitholakele yize lingasaphelele kodwa khona uyadinga ukufihlwa ngesizotha u Melusi kusho umkaMadi.
" Ngiyezwa mama Zwane ngicela ukuyophumula kancane esho esukuma uZwane ekhala eqonde ekamelweni alala kulo.
" Bhuti sikhumbuzo ngizocela nje ningiphelezele siyekhaya ngizohlela konke ukulungiselela umgcwabo kodwa ubaba sizomshiya ngiyabona ulimele kakhulu emoyeni
" Imoto kamabizela isitholakele nakhu ngibona lana kudurban news kusho uNathi.
" komele siyolanda ithambo likaMelusi ngokushesha kuphendula uSikhumbuzo esukuma