INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 60

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 60

Kuthe nje esahleli USiphamandla ezwe kungena ucingo.

📲Siphamandla

📱Bhuti sikhumbuzo unjani

📲Ntwana yami thatha ukhiye wemoto yami lena emmnyama iGolf7 uphuthume uze lapha ngikhona kusho uSikhumbuzo

📱Ukuphi

📲Ngizokusendela  iLocation kumakhalekhukhwini wakho ulandele udirection.

📱Ok kulungile esho esukuma ngokushesha.

📲Shaap esho eluvala ucingo uSikhumbuzo.

Kuthe nje uNathi esacinga izibhamu lapho baziphonse khona azithole.

" Skhumba ngiyazithola izibhamu eyi sikhulu nalesikhotha awubheke senginjani ucucuza.

" Ngiyamuthola USiphamandla uzosikanda ngemoto yakhe kusho uNathi egoqa izandla elinde uNathi eza kuye ephuma esikhotheni.

" Manje sizokwenzanjani sikhumbuzo kubuza uNathi egobile ezicunta ucucuza ogcwele ibhulukwe.

" Imoto ineTracker sobathola laba Khululeka nje wena kusho uSikhumbuzo.

" Ey kusazonya lokhu komfana kukhona ukuthi unginyanyisile mfwethu sesiyitholile inyamazane yethu kona kwangena izindaba angahlangene nazo kusho uNathi ehlala etsheni.

" Phela Nathi usho khona kanye lokhu komfana okuvela nalomfana ebuhamba neMayor.

" Ngikubonile lokhu kwentwana and kuzifakile emasimbeni.

" Sikhumba ngiyacela mhla ejeza unginike yena ngifuna ukumphula wonke amalunga omzimba.

" Kulungile mfwethu ngimushiya ezandleni zakho kodwa uMabizela ngimfuna ngalezi ezami izandla.

" Ey futhi lelokhehla liyeza ilanga lakhe ngoba umbulali ongenanembeza ozicabangela yena kuphela kusho uNathi.

" WeNathi akesihlole lemoto kaMabizela ngoba mhlambe kukhona esingakuthola kusho uSikhumbuzo esukuma eqonde khona efake amaglove akhe wayivula wabuka ngaphakathi wavula ibhuthi wahlangabezana nento angakholwanga mayeyibona wathuka sahlala ngezinqa.

" Hawu kwenzenjani bofo kumemeza uNathi esondela.

" Woza obona esho eshaqekile uSikhumbuzo 

" ubonani esho ebuka naye uNathi wahlangana nephunga elibi kugcwele izinwele ezinegazi zisuswe nenyama.

" Yini yonke lena kusho uSikhumbuzo etatulula wathola amakhanda kuplastik..." Yesessss liyathakatha lelikhehla ezani zonke lezintambo kusho uNathi evule amakhala.

" And kuyabonakala ukuth selilidala labekwa lana kusho uSikhumbuzo eliphendula wathula wacishe woma ebona ubuso baMelusi indodana kaZwane eyabulawa uKhaya wayigqiba ensimini wakhohlwa ukushigunda ikhanda wabuya ezoligunda abuyele emumva kwasho ukuthi uzoboshwa avalelwe.

" Lemoto kaMabizela kuyacaca ukuthi iyona eyayisetshenziswa ukhaya ngenkathi kubulewe uMelusi kusho uSikhumbuzo.

" Yebo uyabona ke manje buyahlangana ubufakazi letha lana umakhalekhukhwini wakho sishuthe ngcono ngoba sifake amagloves.

Bashutha bashutha eside isikhathi bayizungeza imoto kaMabizela

" Asishayele amaphoyisa si repote imoto as stolen khona uMabizela ezobanjwa kodwa esilinde USiphamandla sengikhohlwe ukuthi aphathe iLaptop.

" Akuhluphi ngoba masisuka lana sizohamba siyobeka yena USiphamandla bese senza izinto zethu sesiphethe neLaptop.

Kuthe nje besakhuluma kuqhamuke USiphamandla bese bevala masinya ibhuthi bengafuni ukuth USiphamandla aphuke umoya ngokubona ikhanda likamfobo kuplastiki.

" Awu Spha usuze wafika ntwana.

" sengize ngafika iphi kanti imoto yakho ebuza eqalaza uSphamandla.

" Yebiwe uMabizela njengoba ubona imoto yakhe lena kuphendula uNathi.

" Asambeni singabe sisachitha sikhathi kusho uSikhumbuzo engena emotweni.

Yahamba bephuthuma.

" Siphamandla wena uzosala ekhaya ugade ubaba Zwane ngoba uba nesizungu njengoba nobaba ebuye aye enkampanini yasekhaya ukuhlola umusebenzi.

" Akunankinga bhuti sikhumbuzo.

Bahamba bafika kwaMadi uSikhumbuzo wangena ekamelweni lakhe wathatha iLaptop waphuthuma emotweni.

" Nathi kuzoshayela wena bafo esho engena esihlalweni esiseceleni kwesomshayeli.

Wangena emotweni uNathi nonathi wafaka ukhiye. 

" Siqala kuphi esho edumisa imoto.

" Awuthi ngibheke ukuthi ishosholoza kuphi lemoto esho echofoza kuvela izinto ezingaqondakali kuLaptop ezaziwa uyeyedwa wacindezela. 

" Nakhu lapho ihamba khona imoto yami esho ekhomba ichashaza elalihamba lisekudeni kakhulu ukuthi bangabafica ngoba bafika bathatha uMbhekiseni ngokushesha bashiya indlu kadokotela ikhamisile beshayelelwa uSimiso. Base bedonsa imoto kaSikhumbuzo ngentambo ilawulwa umbukiseni. 

" Uyisaphi uyidonsa uyisaphi lemoto kubuza uMabizela NoMbhekiseni 

" Bobaba izimoto zamanje zine Track manje ke lemoto sizoyidonsa siyishiye emgwaqeni izotholwa Izigebengu ngeke ziyiyeke amaginsa alapha ethekwini kusho uSimiso. 

" Ha Ha Ha siphethe unqondo nqondo lana ukube uyazi ubuchule abenzile lomfana mbekiseni kusho uMabizela ehleka echazekile. 

" Ey yena uhlakaniphile impela wafundisa uCommander lana buka nje mina bengingeke ngiyicabange lena yokudonsa imoto yalenja yakwaMadi. 

" Kuthe sebesitholile bacanga ukuthi bazokwenza lobubhokolo babo wabakhipha amaqhafa umfanawami madoda kusho uMabizela ebhambatha usimiso amahlombe. 

" Manje ke kwagcinaphi ngoba phela bona bazazi beyiziqhwaga kubuza uMbhekiseni ngohleko injabulo ibhalwe ebusweni. 

" Umfanawami uvele wagqoka amabhomu wathi uma ningidubula sifa sonke, kanti futhi uma ungishaya ngicindezela I button sifa sonke manje ungazami amachance, kuvele kwathula du okunguskhumbuzo nesifuba segorila nsi nsi nsii kunsinsitheka uMabizela efile ensini. 

" Manje alibasebenzelanga isalamizi kulokhu kusho uMbhekiseni behleka kwaze kwaba buhlungu izisu. 

" uyadlala wena mbhekiseni awubonanga lutho uthe esuka umfanawami wathi lahlani izibhamu ehlathini ubungabona bezijikijela buphephelile ubuclever ga ga ga nsi nsi wahleka kwaze kwaphuma izinyembezi uMabizela.

" Hhay ngiyayivuma lensizwa igoba amagorila akwaMabizela ga ga ga esho ephelile insini uMbhekiseni wahleka waze wakhala naye.

" Babecabanga ukuthi itheku liphethwe yibo buka manje udadewabo uMpume usemakhazeni kahulumeni ngiyacabanga kwaleyo make up isiphenduke i-ice" kusho uMabizela esehleka eseze eqhiyeme esitulweni semoto. 

'' Abadlali kanjalo abafana baConmander ga ga ga kusho uMbhekiseni.

" We mbhekiseni thula phela ngiqedele indaba yami.. Kuthe sebezilahlile izibhamu izimfene zakwaMadi wasuka umfanawami wahamba wangena emotweni bebuka ingekho into abangayenza isandla sakhe ebambe ibutton kokuqhumisa, wabe esusa imoto wathi hambani ke niyocinga izibhamu zenu ha ha ha ha exoxa uMabizela ukuhleka kumxinile sekunzima nokuqedela indaba wahleka eshayela elawula imoto usimiso wamisa imoto wayiqhaqha imoto wase eyishiya. Emva kwesikhashana nje kwafika amaginsa atshontsha izimoto bayithatha imoto kaSikhumbuzo babaleka. 

Kuthe nje uSikhumbuzo uma elokhu ebuka kuLaptop yakhe wayeyibona imoto yakhe. 

" Ewu basekudeni impela manje kusho uNathi ebona sebephuma bezoyishiya impela iDurban bebamba umgwaqo olubangise kwaNongoma. 

" Nathi uMabizela asimukhombise ukuthi uthembe ubuchwepheshe bomfana wakhe wamabhomu thina siphethe iTechnology ehamba nenkosi phakathi esho ethatha umakhalekhukhwini wakhe uSikhumbuzo. 

📲Hello this is JB tracking company hello kubingelela intombazane yendiya. 

📱U are talking to Sikhumbuzo Madi my car has stolen can u please track it and inform the police so that they will close the road. 

📲What is your car registration number sir Sikhumba ZN a black golf7r sport ma'am.

📱Ok wait a minute kusho indiya kihlezi ocingweni lathinta amaphoyisa wathumela imininingwane kaSikhumbuzo emaphoyiseni zaphuma zindiza izimoto zigijimisa imoto kaSikhumbuzo eyathathwa uMabizela noSimiso bawuvala umgwaqo zathi uma izigebengu ziyigijimisa kanti zazingazi ukuthi imoto akekho uMabizela kuyo bavala umgwaqo kuvele izibhamu ngamafasitela. Zaphuma izigebengu zalala phansi ngezisu kungekho ukubaleka. Bashayela uSikhumbuzo. 

📲Mr Madi isitholakele imoto yakho📱Yes kusho uSikhumbuzo ejabule. 

📲There were two guys u can go and see them at police station. 

📱Siyabonga kusho uSikhumbuzo ejabule. 

Bahamba baphuma baphela ethekwini uMabizela nomfowabo eyinyathela uSimiso imoto isize inuka amatayera engasakhulumi. 

" Awusukanini madoda wadlala mfana kaCommander kusho uMbhekiseni ebuka indlela ashayela eshintsha amagiya eyishaya izula uSimiso. 

" Sithole ugqondongqondo lana uSikhumbuzo noNathi bayoze bathi tshiyo tshiyo sengivuthiwe kusho uMabizela efile insini alukho usuku olwalumnandi kuMabizela njengalolo. 

USikhumbuzo bathi uma befika ePolice steshi bazithela kumaphara abangawazi nje bacasuka intukuthelo ibhalwe ebusweni

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !