INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 62

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 62

UMabizela nomfowabo bahamba baze bafika KwaCeza

" Sikhulekile ekhaya kusho uMbhekiseni elandelwa uMabizela eqhutshwa uSimiso ngenqola.

" WeBhekifa awulunguze ngaphandle nakhu kungathi kukhona abakhulekelayo kusho uSalukazi sakwaMakhubela.

" Ingabe ubani lona ohamba ngonyanyavu lwemoto enjena? kusho uBhekifa elunguza esikuma eyophuma ngomnyango.

" EMagudulela sikhulekile ekhaya kusho uMbhekiseni ethula isigqoko eqhugeza ngomlenze wakhe owodwa.

" Ngenani kusho uBhekifa ebukisisa engaboni ukuthi ubani ngesimo uMbhekiseni noMabizela abayiso.

" Hawu bhekifa mzawami hhuwe lomuntu kusho uMabizela emoyizela.

" Ufunani wena layikhaya kusho uBhekifa eshintsha ebusweni. savela nesalukazi salunguza neduku kuvele izinwele ezimhlophe.

" Siyacela mfwethu usidedele sixoxe asikwazi ukukhuluma ngaphandle kusho uMbhekiseni egunquzisa amehlo ikhanda kungathi ugodo. seza isalukazi sibambe edandi sibukisisa.

" Yimina dadewethu kusho uMabizela. 

" Habeeeeeeeeeeeeeee ufunani layikhaya wena. 

" Sisi yithina kanye kusho uMbhekiseni.

" Nifunani emzini wami anginidingi lana ninesibindi awubheke seniyimixhiliba enjani kuphelelephi ukuhambela phezulu kwenu kusho isalukazi sishawoda kuzwa nodlula ngendlela. 

" Lalelani lana nginitshele zikhohlakali ndini angithi nabulala umyeni wami najike nangitshela emehlweni umama nobaba bayigqiba leyondaba ngoba nakhu nanibanga naye iplazi. 

'' Dadewethu siyacela ukuthi singene endlini singakhulumi izindaba zethu kuzwa wonke umuntu. 

" Uthi benzani mama kubuza uBhekifa efutheka egcwala intukuthelo. 

" Lezikhohlakali zathumba ubaba wakho ngelanga mfanawami ngoba nakhu bemubangisa iplazi. 

" Namubulaleni ubaba nina malume kusho uBhekifa edonsa imbazo emvakwesitofu samalahle. 

" Mshana wami kwaba yiphutha kusho uMabizela. 

" Sasingaqondile ukwenza okubi  mfana wami kusho uMbhekiseni ngezwi elinesihawu.

" Uyazi ninesibindi futhi okungidina du ubaba nomama nobaba banivuna kwangavulwa cala ekubeni umyeni wami wangitshela eICU eseshona. 

" Kanti kwenzekani mina angizwa nithini kusho uBhekifa esondela kuMabizela.

" Yehlisa umoya ndodana ngicela singene endlini kusho uMabizela. 

" Kumuphi umuzi kusho uBhekifa epetula inqola uMabizela wabheka phezulu ngezinyawo. 

" Wenzani kusho uSimiso ekhomba uBhekifa ngisibhamu ekhanda. 

" Weeeeeeeeeeee kusho ugogo Magudulela engena endlini afike ashayele amaphoyisa ucingo. 

" Bhekifaaaaa buya bo!! shiya lowosathane kusho ugogo Magudulela ecasukile. 

" Dadewethu awukwazi ukusilahlela ngaphandle sizalwa umama nobaba oyedwa xola ngane yakwethu.

" Vusa indoda yami enayibulala uyibeke lana sathane... awubheke umtanami ukhule kanzima ngenxa yenu, awubheke izindlu zodaka ziwile kusho ugogo Magudulela. 

" Kodwa usungaze usixoshise okwezinja ekubeni sifuna ukulungisa izinto, siyacela dadewethu kusho uMabizela etshekuse ikhanda. 

" Ngithe phumani emzini wami anizwa yini lento engiyishoyo kusho ugogo Magudulela. 

" Wena ungalokothi uthathe ama shansi ngizokuphihliza ikhanda kusho uSimiso ekhombe uBhekifa. 

" Ay kulungile dadewethu sesiyahamba kusho uMbhekiseni ephenduka. Baphuma beswabile beqonde emotweni. 

" Bhuti ayikho iyenzanjani kuyasiphoqa ukubuyela emuzini wami kodwa komele sithathe uSithembiso siyomgcwabela egoli ngoba asikwazi ukuhlala eThekwini. 

" iphuzu lelo mfwethu kusho uMabizela ethokoza ebusweni. 

" Kodwa nami ngifuna ukuyolungiselela ukugcwaba ubaba ngicela ningikhulule manje kusho uSimiso. 

" Cha Cha yekela indaba yokugcwaba uyise phela nawe ubonakele ecamereni wena landela thina uzophila impilo ongakaze uyiphile uzothola nemoto kusho uMbhekiseni. 

" Uqinisile umfowethu awukwazi ukuvela ngoba uzobanjwa kusho uMabizela egunquza amehlo ebuka umfowabo. 

" Ngiyezwa bobaba manje yini ekumele ngiyenze. 

" Uzobohamba uphakele insimu njalo ngosuku, ngizokucebisa ngikuthengele umuzi impilo yakho ushintshe ngiphinde ngikulobolele unayo intombi kubuza uMbhekiseni. 

" ha ha yebo kodwa seyingalile kusho uSimiso ekhuluma ngamahloni. 

" Lalela ke mfana wami ngizokuganisela ngentombazane yami enhle iyona ezokufundisa wonke umsebenzi walapha ekhaya uzosebenza njalo uhambe uye ethekwini ensimini kaMfwethu ubuye uphakele nensimu yami. 

" ngiyiphakele kanjani ebuza edudekile uSimiso. 

" Ufaka isidumbu ukuze insimu izovunda ngenze imali kuhambe kahle nasemabhizinisini ami futhi ke ngiyazi wena akekho ozosondela kuwe ngoba uyinsizwa yamabhomu awudlali nezingane buka nje uzigobile lezinja zakwaMadi kusho uMbhekiseni. 

" Kanti ke mfwethu indodakazi wethu uyobe uthole unqondo nqondo kulomfana uhlakaniphile ubukhali futhi uchithile enqondweni kusho uMabizela. 

" Hhey mfwethu uyazi uqinisile ubonile ukuthi usivikele kanjani ngenkathi lokhu okuwu madakeni kasisi kuzama ukuthatha amashansi ngembazo.

" Ha Ha Ha loku komshana bekuthi kuzamani nensila ebusweni kusho iMabizela ensisitheka. 

" uyabona lomfana kaCommander ugobe ngisho lezinja zika Madi sikhuluma nje uMpume uyiqhwa emoshali ga ga ga esho ngolukhulu uhleko uMbhekiseni. 

" wemfana wami wena uzomshada mahhala umtana wethu ngoba thina sinothile ngeke sijukhuthuze ngelobolo kusho uMabizela. 

" Ya usmangele ngifuna nishade nibe wumndeni omkhulu ohlakaniphile kusho uMbhekiseni. 

Yahamba njalo imoto belibhekise ethekwini kujatshuliwe kuhlekwa uSimiso esekhohliwe nokuthi kushone uyise. 

Kuthe sekuphakiwe sekulungile ukudla uNkosikazi kaMadi wabiza wonke umndeni etafuleni. 

" Ngathi bewazi ukuthi sesiyafa indlala mama kusho uNathi. 

" Ey buye uyalishaya ibhodo umawami kusho uSikhumbuzo. 

" Mmh nani komele uma senithatha nikhethe umuntu opheka kanjena bafana bami kusho uMadi. 

" Hawu uZwane uphi yena umfumbesi wami phela umangethe akumele abulawe indlala kubuza uZwane nezibuko zakhe. 

" Uhambe ethi usayocambalala kusho uSikhumbuzo. 

" Kodwa sesiside isikhathi asesilalile kusho uMkaMadi. 

" Ay ake ngiyombheka kusho uSikhumbuzo esukuma eqonda ekamelweni alele kulo. 

" ko ko ko ko ko kugqogqoza uSikhumbuzo kodwa kwavele kwathuleka nje.

" ko ko ko ko baba Zwane kumemeza uSikhumbuzo kodwa kwavele kwathuleka. 

Asuke uSikhumbuzo aqonde dining room. 

" Ay mama akuphenduli muntu ngale endlini ekulele kuyo ubaba Zwane. 

" Hau unqonqozile kodwa kungenzeka ubanjwe ubuthongo kusho umkaMadi . 

" Siphamandla awuhambe uvuse ubaba wakho mfanawami kusho umkaMadi. 

" Ok mama esho esukuma USiphamandla. 

" ko ko ko ko kugqogqoze USiphamandla. 

" Baba ukhona esho ezama ukuvula umnyango USiphamandla kodwa athole kukhiyiwe. 

" Hawu kanti ukhiyilile ubaba esho ejika eyobika. 

" uyamthola kubuza uMadi ehlohle amehlo. 

" Cha ubaba akavuki kanti futhi ngathi kukhiyiwe kusho USiphamandla eshaywa uvalo. 

" Awuthi ngiyovula kusho uSikhumbuzo esukuma afike angqongqoze abe awugudlula umnyango wavuleka. 

" Maaaaaammmmmaaaa kumeme za uSikhumbuzo. 

" Yiiiiini kubuza umkaMadi basukuma bonke endlini bafika uMadi ewile emnyango. 

" Baba Zwane Baba Zwane kusho uSikhumbuzo ezama ukumnyakazisa ebeka indlebe yakhe esiswini wabeka iminwe entanyeni sebemubuka bonke. 

" Baba!!! Baba awukwazi ukungishiya ngedwa kusho USiphamandla ekhala eguqe ngamadolo ngendlela awusizi. 

" Bizani iAmbulance kusho uMadi 

Wasukuma uSikhumbuzo wababuka bonke emehlweni namehlo egcwele izinyembezi. 

" Unjani ubaba bhuti sikhumbuzo kubuza USiphamandla ngamehlo econsa izinyembezi

" Khuluma sikhumbuzo unjani asazi phela thina kusho umkaMadi

" Unjani sikhumbuzo kubuza Madi. 

Wahamba uSikhumbuzo wafike wabamba usiphamandla wamanga.

" unjani uyaphefumula yini kubuza uNathi egoba. 

" inhiziyo ishayela phansi ama palse esandleni ayadikiza asiphuthumeni esibhedlela kusho uSikhumbuzo equbula uZwane wangena emotweni kumuncu endlini. 

" mama nawe baba noma ningasala nibheke ikhaya sonazisa okwenzeka kubaba Zwane kusho uSikhumbuzo ephethe uzwane wahamba wafike wafaka emotweni. 

" Siphamandla uyahamba kusho uNathi engena emotweni. 

" Ngicela ukuhamba ngekengikwazi ukusala kusho USiphamandla evula umnyango ongemuva. 

Kuthe kusenjalo kwangena ucingo kumakhalekhukhwini kwaSiphamandla. 

📲Hello USiphamandla okhulumayo

📞Ukhuluma noNesi esibhedlela sithi asikwazise ukuthi umama usekhishiwe sicela azolandwa. 

📲Size khona esibhedlela silethe ubaba kusho USiphamandla nesibibithwane. 

📞Sicela niphathe nokokushintsha siyabonga. 

📲Ok bye esho evala ucongo USiphamandla. 

" Yaz ngapha ngikhathazwe okunye ngapha nomama kumele kube yimi ngikhathele sikhumbuzo angisakhoni kusho USiphamandla ekhala.

" Qina ntwana yami kuzodlula kusho uNathi. 

" Ngozomsaphi nje umama ngoba noMabizela ngapha usifuna sifile manje uzohlala kuphi umama ngoba ubaba unjena nje nguye, uMelusi ushonile nje nguye, inkampani ivaliwe nje nguye kodwa sekumele nginakele yena ayi mima angisazi kusho USiphamandla wakhala ngendlela ewusizi kwaze kwazwela nakusikhumbuzo. 

" Ngicela ukuthi simukhiphe siye naye ekhaya kodwa noma kunguye ozosidobela uMabizela akhulume ukuthi ubaba uhlala kwaMadi. 

" Wangixosha kabuhlungu umama kwaSiphamandla kodwa asimuthathe okwesikhashana kusho uSikhumbuzo ebuhlungu ebuka uZwane.

" Cha umama uzosilethela uMabizela ngcono aye e Old Age home okwesikhashana kuze kube kuboshwa uMabizela noKhaya kaMbhekiseni kusho USiphamandla

" Manje uzophuma aye kuphi ke umama wakho siphamandla kubuza uNathi. 

" uzoya ekhaya kodwa ngizocela ukugadwa nguwe bhuti sikhumbuzo noma wena bhuti nathi. 

" ok kulungile ngizohamba nawe nomama kusho uSikhumbuzo. 

Bahamba baze bafika esibhedlela wangeniswa egumbini labagula kakhulu waphuthunywa odokotela eside isikhathi bemi ngezinyawo. Waza udokotela. 

" Mndeni wakwaMadi ingabe nihlobene nobaba Zwane.

" Nayi indodana yakhe kusho uSikhumbuzo ekhomba. 

" Ok mfowethu ubaba sizamile ukumucilonga samuhlola ngakhoke esikutholile ukuthi ubaba Zwane had a kidney failure kanti futhi ucishe wabanjwa istroke bt luckily amuphuthumusa 

" Angizwa kahle kusho USiphamandla. 

" Ubaba udinga umuntu oyedwa ozomunikelela ngezinso. 

" Awu kodwa ngoba..... Avele awe phansi esathi uyakhuluma USiphamandla equleka

UMabizela noMbhekiseni basilanda isidumbu sika Sithembiso emakhazeni bahamba naso baya egoli bengasadlulanga nakuSimangele noKhaya.

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !