INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 63
USiphamandla waphuthunywa naye ngemva kokuquleka wahlaliswa esitulweni odokotela bakuqinisekisa ukuth usesesimeni esikahle umane washaqwa isimo ubengasilindele.
" Mndeni wakwaMadi USiphamandla usekahle ningakhathazeki into esilele iyodwa sizokwenza ama test sithole negazi kakhe bese sihlola nokuthi kuyahambelana.
" Ayi kulungile ungakhuluma naye dokotela besho bengena egumbini akulo.
" Siphamandla ingabe unesiqiseko sokuthi ufuna ukunikelela ubaba wakho kubuza uSikhumbuzo.
" Yebo bhuti sikhumbuzo.
" Dokotela uzivumela yena kungekhona ukuth simfakela incindezi kusho uSikhumbuzo.
" Kodwa manje nikulindele ukuthi sizomulalisa lapha esibhedlela ukubona ukuthi uqhuba kanjani emvakokuhlinzwa inso yakhe kusho udokotela.
" Kulungile akunankinga sizolokhu simhlola nje kusho uNathi.
" Sikhumbuzo senze njani ngomama wakho ngoba uyakhishwa namuhla kubuza uSikhumbuzo.
" Bhuti sikhumbuzo okwamanje ngisazama ukusindisa impilo kababa umama wami ngizombona mangiphuma lana.
" Kodwa manje asikwazi ukumusa ekhaya kwaZwane ngoba uzoba yedwa kusho uSikhumbuzo.
" Kodwa umama waze wayinkinga empilweni yami kusho USiphamandla kwahla izinyembezi esishintshile egqoke iPyjam yokulungela ukuyohlinzwa e Theater.
" Mndeni wakwaMadi sengicela uxolo sesimusa eTheater kusho udokotela ehambisana noNesi eqhuba umbhede.
" Kulungile dokotela siphamandla sesizokubona kusasa kusho uNathi.
Bahamba uZwane wayengakaphaphami esacimezile efakwe ipayipi elinesimfoyo esifaka iOxygen.
Baphuma uNathi noSikhumbuzo balibangisa egumbini likaMkaZwane.
" Sikhumbuzo sizomusaphi lomama ngoba uzokhuluma atshele uMabizela izinto kusho uNathi.
" Sengicabangile asimthathe simuse ekhaya lakhe kwaZwane ngizobe sengiqhasha umuntu ozomnakekela okwesikhashana.
" Ok kulungile nalokho kusho uNathi evuma nangekhanda.
Bahamba bangena eWardini.
" Sanibona bafana bami kusho uMkaZwane ubuso butshekile ngenxa yeStroke uhlangothi lonke lungasebenzi nesadla sigoqene egxaza amathe.
" Yebo mama Zwane sizokukhipha nazi izimpahla kusho uSikhumbuzo ehluleka nokumhlekisa ngesimo sokuthi wamhlukumeza wamuxoshisa okwenja.
" hhhawu Yaze Yalunga ngaYe yaYwane kusho uMkaZwane efuna ukuthi 'Hhawu naze nalunga zingane zikaZwane' kodwa ulimi lwakhe nezindebe kwaku goqene elinye ihlo lingavulekile kubuka elilodwa kahle wawungeke usho ukuthi uMaMthembu.
" Yesi yoza uzongiha eyini encane ezama ukuthi Nesi woza uzongisa endlini encane ehawulisa uMkaZwane sekuyisone ngaye waqhutshwa washintshwa bamuthatha bamfaka emotweni uSikhumbuzo waqhasha intokazi yeHome basic care yavuma ukuthi izomnakekela ayiholele, bangena endlini bamushiya nayo bahamba.
" mmh cha kukhona ukuthi ulungile mfowethu yaz mangicabanga ukth lomama wakuxoshisa okwenja umsiza kodwa wasindiswa nguwe ephuke umlenze nakhu manje kuphuma imali ephaketheni lakho uholela umuntu ozomnakekela.
" Ey Nathi mfwethu nami angizazi ukuthi ngidaleke kanjani ngoba kukhona ukuthi ngimthukuthelele kodwa ngizithola ngimsiza.
'' ulungile mfwethu umumtu ongakwazi angathi unenhliziyo embi uma ekubona usuphula indoda kanti akazi ukuth ubulungiswa obufunayo kusho uNathi.
" Siyafana nje mfwethu nawe ulungile ukusukelwa nje qha ongakufuni kusho uSikhumbuzo.
" Ey mfwethu khona impela kunabanye abantu abengeke babone ukuthi thina sifuna kwenziwe ubulungiswa.
" Hhey weNathi uyazi kuthi kusasa ilanga lecala lokuboshwa kwethu njengoba sathola iBail.
" Oh kambe kusasa izi 23 April yazi besengiyikhohliwe leyo kusho uSikhumbuzo.
" Kusasa ilanga lokuthi kuvele amaqiniso kodwa manje umuntu okunguyena onobufakazi okuyibona ukhiye uBaba Zwane, kanti futhi uMpume ngoba engekho nobunye ubufakazi ngibona ngathi lizohlehla lelicala kusho uNathi.
Bahamba baze bafika kwaMadi. Umpume wafunona kumakhalekhukhwini kaNathi
📱Hello Nathi
📲Magcina kamama unjani? kubingelela uNathi.
📱Sengigcono impela bhuti sengiyakhishwa bengicela ningilande.
📲Hawu saze sajabula dadewethu ngizokulanda kusasa dadewethu uSikhumbuzo uyovela enkantolo kasasa.
📱Akunankinga dadewethu ngizobook ama tickets kusasa ngizobe ngilapho eCapetown.
📲Ngizobona ngawe bhutiwami ungibingelelele kubo bonke ekhaya.
📱Ok bye dadewethu esho evala ucingo.
UMbhekiseni noMabizela bafika eGoli babikela omakhelwane ukuthi kunesifo bazoba nomngcwabo, wahamba wahlola konke ukuthi kwakuhamba beza omakhelwane bezolila eselubekile udaba lokushona kwendodana kaMabizela. Omakhelwane beza ukuzolila kwalungiselelwa umngcwabo kasithembiso ebesesiduve izinyanga ezintathu emakhazeni.
UMabizela wakhala ebuka isidumbu sendodana yakhe.
" Sithembiso ungakhathazeki mtanami ngomgqibelo usuyophumula ekhaya lakho lokugcina ekhuluma ebuka isidumbu esafakwe kwamanye amakhaza kahulumeni egoli.
Kuthe nje sebehambile behleli emzini kaMbhekiseni wajabula nomzukulu kaMbhekiseni ukuthi ubelibheke kahle ibhizinisi.
" WeSthembiso ngicela ukuthi uhambe uye lena ekhaya eThekwini ufike uhlole emzini wami bese uthatha umuntu ozo Hiker endleleni ufike umubulale bese uthatha isidumbu sakhe usifake ensimini yami unqume ikhanda ulifake kuplastiki bese ugqiba umzimba.
" Ngikwenzeleni lokho baba Mabizela angiqondi kubuza uSimiso.
" indlela esenza ngayo ukuze sicebe kusho uMbhekiseni ebuka uSimiso.
" Ok kulungile bobaba esho esukuma uSimiso.
" Ima kancane ke mfana wami kusho uMbhekiseni eqonda ekamelweni wahamba wabuya esephethe imvilophu.
" Awubambe lana mfanawami uthenge udrink vula ubale lapho.
Wavula uSimiso.
" Hawuuuuuu kusho uSimiso ethuka ebebaza ebala.
" imalini kubuza uMbhekiseni.
" R20 000 angazi ngizonibonga ngani bobaba bami kusho uSimiso ethuka.
" Usazoceba mfana wami uzothi mawubuya uthole enye imali kodwa engifisa ukwenze ukuthi ubulale uSikhumbuzo noNathi.
" Labo bobabili zibaliwe izinsuku zabo ningakhathazeki ngaphekwa isosha mina uCommander kusho uSimiso ethatha umgodla godla wakhe wamabhomu nezibhamu zakhe.
" uhambe kahle mfana wami uthathe enye imoto kulezi ezikelile egaraji ngoba lena esafika ngayo ekadokotela manje izosidonsela amanzi ngomsele ungakhohlwa idirection konke ngikubhalile thatha nali iphepha kusho uMabizela.
" Ngeke ngiyikhohlwe baba esho evula umnyango ephuma.
" Ayi kodwa siphethe ingadla ngadla lana mfo kusho uMbhekiseni ebuka uMabizela
" Ay wapheka uCommander kulabafana bakhe angifuni ukumdlela umona kusho uMabizela.
Kuthe nje besahleli sebesendlini uSikhumbuzo noNathi, uNathi wahamba wayothenga i ticket lendiza kwathi uSikhumbuzo wathatha uhambo lwakhe elibangise ensimini kaMabizela efuna ukucinga ubufakazi, uthe esahamba uSikhumbuzo yacima imoto yakhe washayelwa iTracking company isho ukuthi ibona imoto yakhe ngathi ucishile wabatshela ukuthi yebo icishile wayilinda eside isikhathi bethembisa ukuth bazomlethela enye imoto, kuthe nje iseza imoto bemulethele enye nayo leyomoto yagubuda wagcina eshayela uNathi.
📲BAFO
📱Ey Nathi mfwethu awungilande ukuphi.
📲Bengiyothenga ithikithi wena ukuphi
📱Ngisemgwaqeni oya ngasensimini kaMabizela.
USimiso wahamba waze wafika ensimini eselayishe isidumbu.
Kuthe emva kwe hour amabili wafika uNathi bahamba baya ensimi. Kuthe beseza buqamama babona imoto abangayijwayele bamela ekudeni babukela. Kwehla uSimiso wafike wavula isango elikhulu wase eyaqalaza wase efaka eyisondeza esikhotheni imoto wayicashisa. Bamubuka esevula ibhuthi wakhipha isidumbu wangena naso ensimini.
" Sikhumbuzo uyabona ubani lowaya kusho uNathi egqolozele kusipopolo.
" Ilomfana wamabhomu wayithela umsobho etshwayini kusho uSikhumbuzo ekhumula iyembe esala ngeVest emhlophe kwavela wonke amahlombekazi amakhulu nezingalo ezinkulu nezinkonyane zakhe wavula umnyango waphuma.
" Lencelebaba kaMabizela usazoyikhotha imbenge yomile kusho uNathi evula umnyango ebeka unyawo phansi efasa amateku
Bangena benyonyoba befuna ukubona ukuthi wenzani bamubona ekhipha uCelemba esikhwameni wahudula intombazanyana eyabukeka ingakafi.
" Weeeeeeeee weeeeeeeee weeeeeee sizani izama ukumemeza intombazane ehamba eyihudula egqoke amabhomu.
" Sikhumbuzo uzoyibulala lona lentombazane kusho ukuth ibiqulekile kusho uNathi ahambisa okwenyoka ebukisa okwebhubesi amehlo egqolozele kuSimiso.
" Nathi ngiyabuya kusho uSikhumbuzo ejika eya emotweni yakhe wakhipha isipanela semoto wabuya weza kwelinye icala lengadi wasondela ikhala intombazane yabantu.
" Bhuti wabantu yenza okwenzayo udlwengule ungangibulali ngiyacela weeeeeee weeeeee isho ikhala ingane yabantu.
Uthe esuka uSikhumbuzo wajikijela isipanela kwelinye iside lensimu wezwa kuhwashaza uSimiso.
"Ingabe kukhona okhona lana esho eqalaza ebambe intombazane yabantu kodwa kwathuleka nje wase ebeka intombazane phansi wakhumula I jacket kwavela amabhomu.
" Lalela njandini ecashile kulengadi uyabona waze wazama amashansi uzobulala nalesifeb*kusho uSimiso eyiphakamisa intombazane ngezinwele wayibeka ucelemba entanyeni bathula nje weza uNathi ehuhuluza ngesisu unathi wenza okufanayo naye wahamba ngesisu aqalaze uSimiso.
" Vela ngikuphihlize ubuchopho msun* kanyoko ngingowakwaMagasela mina angisabi yinja esho eqalaza wase ethatha intombazane wayifasela ogodweni olunomthombo wamanzi wase esukuma.
" kodwa bhuti wabantu ngenzeni kusho untombazane ekhala sekushe nezwi.
" Fuseg umsindo wena nja ngifuna ukuzwa okwenzekayo lana kusho uSimiso ekhahlela intombazane esisiswini ikhulelwe injalo.
" Wasondela uNathi eqhamuka ngemumva.
[akumele ngenze into ezodala ukuqhumisa lamabhomu naye akumele ngimnike ithuba lokuthi acindezele inkinobho kanti futhi akumele ngidubule kumele ngisondele kusho uSikhumbuzo ehambisa okwengwenya esempunga umhlabathi wasensimini.
" Wena nja elana ensimini usazokubona okwakhweza ikati.... Kkkkkkkk hhhhhkkkkkkk kuvaleke uqhoqhoqho esakhuluma uSimiso, athi uzama ukubamba inkinobho yokuqhumisa uSikhumbuzo ahhuke ingalo kaSimiso ayisonte iqhume ithambo inqamuke.
" athi udonsa isibhamu ngesinye isandla asisonte sonke uSikhumbuzo siqhume kulunguze ithambo endololwaneni wamemeza into engakaze yabonwa.
" Aaaaaaaaaaaaaaaaaaahhhhhh njandini!!!!!!!! 🤬🤬🤬🤬🤬🤬🤬🤬 Ekhala uSimiso wawungafunga ukuthi umuntu otetayo uNathi wasondela waqhaqha intombazane waqeda wabuka uNathi ehlinile eseyislwane uqobo lwaso
" Nathi wazicelela wathi ngimushiyele wena lomfana kusho uSikhumbuzo emqhaqha ibhande wamkhumula amabhomu wase emphonsa kuNathi.
" Kulungile mfwethu hambisa lentombazane emotweni kusho uNathi ebambana nomfowabo izandla bashayana ngamahlombe wase esondela egxavula uSimiso eselenga izandla zinqanyulwe amathambo ekhala. USikhumbuzo wathatha intombazane wayifaka emotweni waselinda khona.
" Ya ndoda yamadoda awuchaze ke uthunywe ubani kwenziwani kulensimu kusho uNathi emkinyile.
" Ngicela ungixolele bhuti ngisemncane mina ngadukiswa ubaba ngiyacela uxolo hhhiiiii hhiiiii esho ekhala uSimiso.
" Ngithe kwenziwani kulensimu nja esho emsukumisa wamuvakaza unyawo lwaqhuma nalo waguqa ngedolo ekhala.
" kubulawa abantu bagqitshwe iyonanto ecebisa umabizela uthwele.
" ubani owakuthuma ukuthi utshale ibhomu.
" ubaba Mabizela hhhiii hhhiiii hhhiiiiiii ekhala igazi seligeleza liphuma lapho kulunguze khona ithambo.
" Lamabhomu ubuwaphethe ubuwaphethele ukubulala thina angithi asambe ke mfanawami ukuze uzobona ukuthi akudlalelwa kwaMadi wamuhudula wamufaka emotweni kaMbhekiseni afike ngayo wamufaka kuyo uSikhumbuzo elindile endaweni eyibanganyana nentombazane.
Kuthe uNathi esemufakile uSimoso emotweni wase emgqokisa amabhomu akhe wathulula namanye amabhomu wamugonisa wona.
" Uyabona ke mfanawami usuke wazifaka ezindabeni ezingahlangene nawe washo edubula itank kaPetrol
USikhumbuzo wabona ngomkhulu umlilo imoto yabhoma yaze yaphakama kwathungeleka insimu kaMabizela nokwenza kwaba khona umlilo ongazange waba khona kwelaseThekwini.
Yabe iphendula insizwa yakwaMadi ilibhekise emotweni kuyisibhelu samalangabi ngemva kwakhe bayithatha intombazane bayishiya ngendlela yabuyela ekhaya.