INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 64

1 Like = ❤️
0

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 64

USiphamandla wahlolwa igazi konke kwahambelana wahlinzwa inso yase ifakwa kuyise naye igazi lakhe layamukela kahle inso bajabula odokotela. 

Kuthe uma kubonakala umlilo owawumkhulu ngendlela esimanga ensimini kaMabizela ababewobona babiza izicima mlilo ezazama ngayo yonke indlela ukucima umlilo kodwa kwasho ukuthi wawusuthungeleke kakhulu nemoto yezicima mlilo ingakhoni ukudabula phakathi nensimu kwafika nabezindaba bathwebula izithombe bashutha nabezindaba zakumabona kude. Yavela nemoto yambhekiseni ishe yagqongqa namathambo ashe aba umlotha sekubonakala ngogobhozi lwekhanda olwalumnyama bhuqe ukusha nomlilo.

" mkhulu woza uzobona kumemeza umzukulu kaMbhekiseni.

" Ngibonani mfana kamkhulu esho eqhugeza ngenduku ehamba kanzima.

" Hhay bo awuthi ngilande umfwethu azobona esho etatazela uMbhekiseni.

" Bhuti angikukholwa engikubona kuma bonakude.

" Ayi bo uthini manje kimi kusho uMabizela ethukile bemqhuba beqonde endlini yokuphumula.

📺Kubikwa ukuth kutholakale ngomlilo omkhulu eplazini lapho kunensimukazi enkulu ya Mr Mabizela owaziwa kakhulu kwelasethekwini njengomsunguli kanye nomphathi we Mabizela Maize Meal okuyinkampani ekhiqiza umbila nokuyinkampani enkulukazi  kuleli. Ukusha kwensimu ya Mabizela kuzokhinyabeza kakhulu ukusebenza kwe Mabizela maize meal ngoba insimu eshile iyona ephakela inkampani yakhe yempuphu.

📺Ini!!!!!!!!!!! Hhaaaaaaaay ngekeeeeee akukwazi aweeeeeeeeeee kodwa elani ishwa elingaka mamayeeeeeeee hhhawu kodwa ngefa lezinganeeee zamiiiiiiiiii hhhhhiiiiiiii hhhiiiiiii kodwa ngensimu yami esingizuzele imali engaka ngizoba yini emhlabeni kusho uMabizela ekhala kungasezwakali nezindaba zakumabona kude kungathi uphelelwa umoya.

📺Kubikwa ukuthi kutholakale nemoto eshe yaba umlotha kuthe makuhlolisiswa imoto kwabonakala ukuthi uhlobo lwe BMW M5 nalapho ekutholakale ukuthi ibhome nomuntu phakathi naye oshe waba umlotha siyacela abomndeni noma osolayo ukuthi lemoto uyayazi bathinte abezindaba kulenombolo 082500523*

" Kodwa kungeneni koMabizela mkhulu uHerodi nithule nithini sihlaselwa ngalendlela kusho uMbhekiseni naye ekhala ebona imoto yakhe ishe yawumlotha.

" Kusho ukuth ufile nomfana ubeseyithemba lethu hhhhhiiiii awu ngaze ngalimala ngensimu yami kusho uMabizela efikelwa isiyezi.

Zafika nezindaba zokusha kwensimu kuKhaya esejele wakhala ezwa ubuhlungu ebhandishiwe esekhishiwe esibhedlela.

Kanti futhi NOMKAZWANE wabona ezindabeni wathuka washaqeka waba buhlungu ezwelana noMabizela, wayenakekelwa uNesi wasezindlini ngenxa yesanda esisodwa esasingasebenzi wabe esethatha umakhalekhukhwini wakhe washayela uMabizela

📲Mabizela

📱Yebo sthandwa sami ngaze ngabuhlungu hhhhhiiii kodwa ngensimu yami.

📲Phephisa sthandwa sami nami ngiyabona ezindabeni kodwa ingabe uqale kanjani lomlilo okumoshele kangaka kusho uMkaZwane ekhuluma ethefuya.

📱Mina angazi sekumele senzenjani sinomfwethu ngoba besithumele umfana naye wafela khona ensimini kuyacaca kukhona ubecuphe ibhomu ngisola labafana bakwaMadi kusho uMabizela.

📲Kodwa angiboni banobuntu labafana uyazi ngikhuluma nje ngikhishwe yibo esibhedlela uSikhumbuzo uyena ongikhokhelayo kumuntu ongigadile akanndaba ukuthi imali ikhona nalapha ekhaya.

📱Suka!!!! Akho kulunga lana

📲Angikhohliwe ukuth nina navele nangilaxaza nakhohlwa yini yize ngabanjwa yistroke nginawe.

📱Ungixolele mamthembu, ungixolele mvelase njengoba ngangishilo ukuth sibhacile ngenxa yokuthi mina noZwane kunezimbangi zethu zamabhasi ezingifuna ngifile.

📲Oh yaah wawushilo usuzizwa unjani manje. 

📱Ngizizwa ngincono wasisiza kakhulu lomfana wodokotela ngibuhlungu nje ukuth wabe esesishiya. 

📲Hauw kwakubi maan!!!! phela angikhumbuli lutho okwenzeka ngoba ngavele ngashayeka phansi ngaphaphama lana esibhedlela nomyeni wami angimazi unjani nokuthi ukuphi ngoba phela sengiyafihlelwa izinto. 

📱Nami nje okungijabulisayo sengizokhona ukugcwaba umtanami manje bengicela ube khona angeke ngikhone ukubhekana nalento ngingedwa. 

📲Ukuphi manje wena niselapho emzini kadokotela. 

📱Cha sisegoli kwamfwethu ngicela ugibele kusasa ekuseni ngoba siyafihla ngomgqibelo

📲Kodwa ngeke ngikwazi USiphamandla uzoyibuka kabi lento ngoba noyise egula nje Mabizela. 

📱Ay anginandaba mina ukuth USiphamandla uzobuka kabi ini nokuthi uZwane kunjani ngikufuna lana ugibele ekuseni ufike. 

📲Yehlisa ulaka kulungile ngizogibela ngicela nje ungilayele ngibhale phansi ngoba komele isisebenzi singise emabhasini ngizohlale ngikhululeke. 

📱Cha akukho Bhasi elizogitshelwa umuntu kaMabizela ngizocela ukuthu ucele yena lowomuntu okugadile akutholele itikithi lendiza from Durban to Johannesburg bese uhamba naye uya emzini wami ufike uvule kusafe ngizokunika ipassword mawusufikile khona uthathe uR10 000.

📲Mabizela ungazihluphi ngizothenga ngeyalapha ekhaya imali ukuze ngingabi nezindlela eziningi senguhamba ngenqola phela kunzima ukuqhashaza manje. 

📱Kulungile ke thatha iphepha ubhale iAdress ozoqonda kuyo mawehla eOR thambo uthathe imoto ezibizwa nge Uber bese uthi ikubeke eOrlando East, 115*

Ngase DJs Tavern 

📱Kulungile sengiyibhalile ngizoza kusasa baba kaKhaya.

Wabe esevalelisa noMabizela. 

" Deliwe we Deliwe, uMkaZwane ememeza isisebenzi

" awungithathele isikhwama sami ngale ekamelweni kusho uMkaZwane nangempela ahambe abuye naso amnikeze. 

" Lalela ke ngane yami uzohamba uye edolobheni ufile usebenzise lelikhadi u swipe ithikithi lendiza kusasa nginohambo. 

" ngiqhube ungise emotweni sihambe siye edolobheni angithi uyakwazi ukushayela. 

" Yebo mama. 

" Kulungile ke asambe, nangempela bahamba ngoba wayenqena ukuthi abone ukuthi ithikithi limusa kuphi. Bafike balinda elayinini wase ethi akahambe ayolinda nangempela walinda emnyango wathenga uthikithi walifaka esikhwameni wase emubiza emqhuba babuyela emotweni babuyela endlini wacela isisebenzi ukuthi simuqoqele zonke izimpahla azozigqoka, kuthe nje esesekamelweni isisebenzi sabona ipheshana eliwile salicosha sabona iAdress ebhalwe Orlando east Hose no: 115* uthe uma eqeda ukufunda waqonda ekamelweni. 

" Mama Zwane nali iphepha engilitholile.

" Hhaaagha maaan! Ulithathephi ubonile kubhalweni kuthetha uMkaZwane. 

" Cha Cha Cha mama kusho intombazane. 

" Lalela lana ke ngani yami uma nje kungake kwenzeke kube khona omtshelayo ukuthi ngiyephi uzofa nokufa ngazana nabantu abayingozi ngeke ngihlulwe ukuthola inkabi ikusoconge ufe siyezwana. 

" Ye ye ye yebo ma mama Zwane ngiyaxolisa kusho untombazane ithukile. 

" Hamba ungenzele itiye wenze umsebenzi oqhashelwe wona lana. 

Kuthe nje kusenjalo bezwe kugqogqoza umuntu. 

" Ngena kusho isisebenzi kuvuleke umnyango 

" Sawubona kubingelela uSikhumbuzo. 

" yebo bhuti. 

" bengisacela ukubona umama zwane. 

" Ey bhuti akusona isikhathi esihle lesi ngoba usadinekile. 

" Kanti kwenzekeni lutho kodwa nje ngithe mangibuya naye ukuthenga ithikithi lendiza sabuya sahlala kahle konakele nje ukuthi kube khona iphutha engilenzayo wathetha manje uthukuthele. 

" Wenzeni kanti wena kubuza uSikhumbuzo ekhuphula amashiya. 

" Ngicela ukungakhulumi ngalokho bhuti ngicela ukubuyela ekhishini ngimenzele itiye. 

" Deliweeeeee we Deliwe kumemeza izwi ekamelweni. 

" yebo maama esabela ebhekise ikhanda epasijini. 

" Ubani kanti lona ubengena. 

" USikhumbuzo mama nangu lana nginaye. 

" Woza naye phela kusho uMkaZwane esehlezi embhedeni wakhe umnyango uvuliwe nangempela bakhuphuka izitebhisi bafika ekamelweni lakhe. 

" Hawu unjani mfana wami 

" Ngiyaphila. 

" Hawu ngajabula ukuvakashelwa uwena. 

" Cha angivakishile ngiyadlula ngithi angikukhumbuze ukuth kusasa icala njengoba wangivulela icala lokuthi ngihambe noMelusi ngamubulala waba ufakazi wena noKhaya manje kusasa ngifuna ukwazi ukuthi uzoba ufakazi omelene nami noma uzohoxa ngoba iminwe eyatholakala ezimpahleni zika Melusi ekakhaya

" Cha sengiyahoxa ekubeni ufakazi mfanawami ungixolele. 

" Hhay kulungile esho esukuma uSikhumbuzo engenasikhathi. 

" Sikhumbuzo yazi uyabonakala ukuthi usangibambele inhliziyo ungithukuthelele wena angikwazi unje awusafuni nhlobo nje ukubhekana nami. 

" Mama Zwane sengicela ukuvalelisa nisale kahle kusho uSikhumbuzo esukuma ephuma ekamelweni. 

" Mkhiphe Deliwe Nangempela wamuphelezela behla ngezitebhisi wafika emnyango waphuma waphenduka uSikhumbuzo engakavali u Deliwe. 

" uthe umama Zwane ubeyothenga uthikithi lendiza angithi? 

" Bhuti ngicela uhambe nkosiyami kusho u Deliwe efuna ukuvala umnyango. 

" Lalela uqhashwe yimi ukuthi ugade umama Zwane ? Kanti futh ukhokhelwa yimi manje awukwazi ukungixosha kusho uSikhumbuzo ephusha kungavaleki. 

" Ufunani

" Liphi ikhadi likamama Zwane ngifuna ukubona udokotela ubhaleni ngoba angifuni ukuthi angawaphuzi amaphilisi? 

" Ok ufuna ikhadi nali kusho u Deliwe elithatha phezu kwe room divider, uSikhumbuzo wabuka igama nesibongo ukuthi Mrs Elizabeth Fikile Zwane. Wase ebuka ne ID 6508066508***

Wase ecela amanzi kuthe u Deliwe esahambile Washutha ngokushesha wabuya wamunika amanzi waphuza wase emnika ikhadi. 

" mina ke umazise umama Zwane ukuth uthe u dokotela simugqugwuzele ukuphuza amaphilisi umtshele angalilahli ikhadi lakhe esho enika u Deliwe wahamba waya kwaMadi uSikhumbuzo wafika wahlala kuLaptop yakhe💻👀

Washaya inombolo kamama Zwane wacindezela izinkinobho kuLaptop wabuka, wacindezela igama ne iD yam kaZwane, wacindezela etrace esebenzisa ubuchwepheshe kwavela ukuthi igama lakhe livela eSwipe Shoprite for ithikithi lendiza. Kuyavela ukuth ubekuphi, wacindezela wabuka inombolo yam kaZwane ibiqeda kuxhumana nomuntu othile, wase ecindezela wabheka inombolo kaMabizela yocingo ayithatha kuSiphamandla kwavela ukuth idonsa eOrlando East. 

" Ok now I see umama zwane indlela yakhe yakusasa ilibangise egoli yingakho engeke ayingene nendaba yecala angivulela lona kusho uSikhumbuzo ethatha ipeni Maqede wabhala phansi

[mama Zwane noma kungathiwani kusasa uyohlangana noMabizela egoli ekubeni indoda yakho igulela ukufa kusho uSikhumbuzo enyanyile evala iLaptop]

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !