INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 59
Kuthe nje uma uSikhumbuzo noNathi bengena emotweni babuka lapho uCommander elele khona base behamba belunguza imoto yakhe.
" Sikhumbuzo asiyishise lemoto ukuze izobiza abantu kutholakale loMayor mabebizwa umlilo.
" Ok asiyishise kukhonani yini leyana esesikhwameni kubuza uSikhumbuzo
" Angazi kodwa kusho uSikhumbuzo elindele udubula itank likaPetrol.
" Ima ngithathe lesikhwama wasivula wahlangabezana nemali engabaleki uNathi.
" haaa kumangala uSikhumbuzo
" Siyenzanjani kubuza uNathi.
" Mina angiyidungi imali egcolile sinayo imali ungabona wena wenzani kusho uSikhumbuzo.
" Asiyiphonse khona lana ehlathini ozitholele yona kuyobe inhlanhla yakhe uqinisile imali ikhona ekhaya esho ejikijela isikhwama ehlathini. USikhumbuzo wadubula iTank kaPetrol yaqhuma kwasuka omkhulu umsindo baphela endaweni.
" Sikhumbuzo asiphuthume simucuthele khona kwakhe uMabizela engakafiki kwakuyona lendawo ekuthiwa ubhaca kuyo.
" Ya uqinisile asiphuthume kuyothi uma sibona ukuthi usehambile then sesingayomcinga esho ejikisa imoto eyikhomba kwaMabizela. Bafike bahobe babona kunabantu besonto behamba sebeyophuma ngesango babona noMabuzela eseqonde emotweni. Kuthe kusenjalo
sebeqedile omama bomkhuleko kwaMabizela babuza ukuth ingabe kufihlwa nini ngoba sekuphele inyanga umfana kaMabizela ebhadle emakhazeni kodwa wavele wangazi uzothini.
" Uxolo ngisaphuthuma hambani ngizonazisa okwamanje kukhona okusangibambile kusho uMabizela bemuqhuba eqonde emotweni yakhe ngenqola.
" Baba Mabizela siyaphi manje kubuza uSimiso umfana kaCommander.
" Sibuyela kwadokotela angithi uyazi ukuthi ngiyafuneka manje ngiyobhaca ngoba angifuni ukuya ejele mina mfana kaMagasela.
" Asiphuthume ngiyacabanga nobaba uqedile nabamaphepha bhuku kusho umfana kaCommander.
" Siphi isibhamu angizwani nokuhamba nomuntu ongahlomile mina kusho uMabizela.
" Nasi esami isibhamu baba Mabizela.
" Ok nginike esami vula lapho ku Cabinet yemoto.
" Ok nasi esakho baba Mabizela esho emnika esamukela esibeka phezu kosofa wemoto.
" Uyazi ayikho into engijabulisa njengomsebenzi eniwenzile mfana wami wokubulala lonondindwa wakwaMadi kulusa amadada lapho kukhona manje okwesikhawundane kusho uMabizela ethokozile ebusweni.
" Hhawu limenze izincucu ibhomu Lowomuntu baba asidlali thina saphekwa kuSpecial unit asibhedelwa kusho uSimiso.
" Ngicabanga ukuthi uCommander uMagasela anginike wena ngoba ninginqobele inja eyabopha umtanami sekushoda lamabhokolo amabili kusho uMabizela eshintsha ebusweni.
" Khululeka akukho okuhlula mina noMazwi uyabona lesikhwama kunebhomu eligqokwayo kifakwe emzimbeni lelo elokuthi uma uhlaselwe uligqoke bese ulicindezela bese ufa nezitha zakho kodwa kumele uma usuzitshelile ukuthi awunandaba nokufa.
'' Hawu liphi awumise imoto ngilibone kusho uMabizela ethokoza.
" Nali ligqoke nami ngizogqoka elami kusho esho emunika
" Manje ke awusho mfana liqhuma kanjani esho elifasa uMabizela ibhomu.
" Uyalicindezela ufe nezitha kusho uSimiso naye efaka elakhe.
" Cha ngiyalithanda yazi kusho uMabizela efaka ibhantshi ngaphezu kwamabhomu awagqokile.
" Mahle impela wona akekho umuntu ongakuthinta uma uwagqokile ngoba usuke ebona ukuthi noma angakudubula nifa nobabili kusho uSimiso egqoka I jacket Kuthe nje besahamba babona kungathi kunemoto ebalandelayo.
Kodwa banganaka baqhubeka bezixoxela.
" Mina akekho umuntu engimusabayo baba Mabizela ngiyafisa nje ukuthi kesibhekane nalezinja enizi salute yo...
" Oh usho lemigodoyi yakwaMadi.
" Yebo mina nje ngeke basithinte sinoMazwi yingakho phela uCommander esithanda yingoba samenzela kwaba lula ukuthi abe yimeya konke okwakumubangisa isikhundla kugcwatshwe sekuyizigcucu.
" Ngaze ngakuthanda mfana kaCommander ufundisile uMagasela lakinina esho echazekile uMabizela.
Kuthe nje uma evusa amehlo uSimiso wabona imoto isiqondene nabo isibhamu sivele ngefasitela
" Tsegi yima kusho uNathi ehlinile.
" Uyadakwa njandini esho eyinyathela imoto uSimiso.
" Ngithi yima wena esho edubula isondo lemoto uNathi.
" Shit baba Mabizela ibhemile kusho uSimiso imoto iphaphalaza.
" Yenina zilima zakwaMadi fusegani zinothongo ezingasile kumemeza uMabizela ekhipha isibhamu esikhokha kwasho ukuthi imoto iyaphaphalaza zawa izibhamu zabo imoto kaMabizela yabhajwa uSimiso wase esondeza umlomo endlebeni kaMabizela.
" ungatatazeli thula nje wena kusho uSimiso.
" Ok kulungile kusho uMabizela evala umlomo beza sebekhombe ngezibhamu uNathi noSikhumbuzo.
" Nifunani kithi ngoba ngiqashiwe mina ngishayelela uBabA Mabizela kusho uSimiso ephakamisa izandla.
" Uwe kanye lona ubuhamba noMayor ngenkathi kubhoma imoto njandini kusho uSikhumbuzo esondela emkhomba esiphongweni ngesibhamu.
" Uyazi uMadi wathi uyazala wabhosha buka nje izingane amasimba ezinto nifunani kimi anidelanga ukungenza isixhwala zingane eziyimigodoyi kusho uMabizela.
'' Shut up!!!! Ngenani emotweni kusho uSikhumbuzo ekhokha isibhamu esibeke esiphundu sikaSimiso.
" Ngicela ukwehlisa ubaba Mabizela ngimuqhube ngenqola yakhe ngimfake emotweni kusho uSimiso.
" Fuseg wena shiya inqola uyagcina vele ukuyigibela kusho uSikhumbuzo ephusha usimiso emulusa ngesibhamu.
" nangempela wamuqubula wase emthatha emuthi dinsi emotweni kaSikhumbuzo.
" Ey ubani othe nizohlala kosofa mfake ebhuthini kusho uSikhumbuzo.
" Ok kulungile kusho uSimiso evula ibhuthi wase emqubula wamuthi dinsi.
" Ok nawe ngena phakathi kusho uSikhumbuzo engasasineki.
" Bengisacela ukuchama bese ngiyangena ebhuthini kusho umfana ebamba uziphu.
" Yebaba ngeke silinde wena nja kusho uSikhumbuzo emdabula ngempama.
" Awu kodwa ngenzeni kusho uSimiso ebamba isihlathi.
" Ngena emotweni awuzwa yini kusho uNathi emphinda ngempama.
" Zaze zayinkinga izinja emhlabeni kusho uMabizela elele ngomhlane ibhuthi lingavaliwe.
" kuthe uma uSikhumbuzo ezizwa ecasuka bese agxavula uSimiso ngejacket wezwa ngathi unezinto ngaphakathi uthe esathi umvula iJacket uSimiso wabamba inkinibho yebhomu elisemuzimbeni wakhe.
" Yini le kusho uSikhumbuzo ehlangana namabhomu akake wonke umzimba.
" Wangidubula sifa sonke kanti wangishaya ngicindezela inkinobho sifa sonke
" Shit kusho uNathi ezama ukukhomba ikhanda kuSimiso kodwa wabona ukuthi ibhomu lizoqhuma kulimale noSikhumbuzo ngoba useduze.
" Lahla lesosibhamu okanye ngicindezela lelibhomu anginandaba nokufa mina ngoba vele ngiziya ejele uma ngingaphunyuka lana.
" Silahle Nathi kusho uSikhumbuzo.
" Lahla nawe lesi osiphethe kusho uSimiso ebuka usikhumbuzo eseduze kwakhe.
" Ha ha ha benicabanga ukuthi niyini zinja kusho uMabizela echazekile esebhuthini.
" Hambani ke niyocinga izibhamu zenu kusho uSimiso ehamba eyongena emotweni kwaSikhumbuzo.
" USikhumbuzo wafumba isibhakela ezizwa ebila ngaphakathi efuna ukugalela ngenqindi.
" hha ah no no no wazama ukungishaya ngicindezela leli button sifa sobabili kusho usimiso emubuka eduze.
" Sikhumbuzo muyeke kusho uNathi efuthe izifuba.
Wahamba wavala ibhuthi.
'' ngizokukhipha phambili baba Mabizela kusho uSimiso evala ibhuthi wase wangena emotweni wayushaya yazula uMabizela esebhuthini.
" Demed kodwa kungani singavelanga sababulala kusho uNathi ekhahlela imoto kamabizela iqhume isondo ibhajiwe.
" Bekungeke kulunge ngoba uMabizela kusamele ahlanze iqiniso manje masivele simubulala ubezohamba nezimpendulo kusho uSikhumbuzo.
" Ngiyokhohlwa ngifile mfanawami yaz wabakhipha ubuclever badansela isiginci sakho kusho uMabizela ethokozile.
" ngingowakwaMlangeni mina uMagasela angibhenywa kusho uSimiso eyinyathela.
Kuthe nje besahamba kungene izindaba kuvele ukuthi uMayor utholakale eboshwe esihlahleni esefike imoto itholakale ivutha amalangabi.
'' ini ayiiii man kusho uMabizela ethukuthele.
" Hhay hhay hhay angeke nje akukwazi hhhiiiiii hhiii ngeke ngobaba kusho uSimiso ekhala.
" noma kungathiwani yibo labafana asingabe sisaya kwadokotela kungenzeka ukuthi bamkhiphise lonke iqiniso labafana kusho uMabizela ephukile emoyeni.
" Kulungile baba Mabizela siya kuphi pho.
" Asambe sithathe umfowethu emzini wadokotela bese siyabhaca kwaceza mawuya ngakwaNongoma kodwa basazokheva ehlathini labafana bakwamadi ncono imoto yami bayiphantshise bona futhi ilimele ngeke basithole
" Ok kulungile kodwa ngobaba ngizothini kumama baba Mabizela esho phakamisa isivinini uSimiso.
" Hhay uzohanjiswa ekhaya ngoba uyindoda eyaziwayo ungakhathazeki mfanawami futhu kungenzeka nawe ugaxele ake nje ucashe nathi isikhashana