INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 58

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 58

Kuthe uMbhekiseni noMabizela sebedakiwe kuhlekwa kumnandi bebhiyoza kungqongqoze uCommander nabafana bakhe.

" Ngena kusho uMabizela nangempela bangene. 

" Ndoda yamadoda sewuze wafika kusho uMabizela.

" Sengize ngafika bomabizela siwushayile umusebenzi kusho uCommander ehlala phansi.

" Hhay ubona nje nathi sibhiyoza sijabulela ukuphuka kwenqama umlenze manje sekushoda siphule emunye imlinze ukuzo sizoyithola usulele phansi siyijoje ngomkhonto kusho uMbhekiseni ediliza izingilazi ezibeka phambi kwaCommander nabafana bakhe.

" Sibonge kusho uCommander evula ibhodlela ethelela abafana wase ezithelela naye iWiskey.

" Namanje angikakholwa ukuthi lonondindwa owabopha umfana wami waxoshisa uMathebula usedabule amafu kusho uMabizela eqhabula iWiskey.

" Hhawu simunikezile ithikithi elimusa komkhulu bakhe kusho uCommander eqhiyama ngesisu sakhe kusofa.

" Ha Ha Ha wangichaza Commander uthi umunikeze ithikithi  kuhleka uMbhekiseni kuze kuchitheka ugologo.

" Ya futhi akazange agibele indiza kodwa uphambane nemvula kumanje umbhede wakhe umlindile ethuneni uzobe ethwele inhlabathi ngezifuba kusho uCommander

" UMadi akazifundisanga izingane zakhe buka ke manje uzobe umkakhe uyohlala ekhandleleni amukele imali yesoso.

" Hawuuuuuuu uyazi ngafikelwa okunye Commander kusho uMabizela.

" Yini leyo kubuza uCommander ekhuphula izibuko zakhe.

" Ngicabanga ukuthi umsebenzi wakho uwuqedele mhla sekufihlwa uMpume kusho uMabizela.

" Kanjani

" Anguthi kuseza isifo ngicabanga ukuth abafana bakho batshale amabhomu emotweni ekuzobe kugibele abomndeni, bese bafaka nazimotweni zalabafana uma sekusemathuneni ngoba abantu bayobe benake ibhokisi nenkonzo yikwehliswa kwebhokisi. 

" Iphuzu lelo uyangichaza wena mfwethu ngoba unomqondo osheshayo kusho uMbhekiseni. 

" Akuhluphi lokho thina okwethu ukuthola ukuth bafihla nini kusho uCommander. 

" imali yakho uzoyithola usuqede umusebenzi mfo kusho uMabizela. 

" Cha akukwazi phela labafana kumele bahole baphinde bathole nezinsiza kusebenza ezisiza ekusebenzeni kwabo kusho uCommander. 

" Ey ngiyezwa mawusho njalo ngizokunika uhhafu R500 000.

" Akunankinga kodwa ngoba thina akumele sisebenzise itransfer nge Bank kuzomele ngiyoyikhipha ngingene ngaphakathi eBank kusho uMabizela. 

" Ok akunankinga ngena emotweni sihambe bafana thathani nansi inqola kababa uMabizela niyifake emotweni. 

" Ngizonibona nibuya ke mina kusho uMbhekiseni ephuza ingilazi kagologo. 

Bahamba belibangise edolobheni 

"Mmm ngiyabonga ngokungishayisa ngomoya uyazi angisalazi ilanga silokhu safika kulendawo kadokotela kusho uMabizela. 

Bahamba baze bafika eBank bamudiliza uMabizela eqhutshwa ngenqola wangena eBank wadluliswa wangena lapho kungena khona izimpunyela. Wacela ukukhipha isamba semali kodwa watshelwa ukuthi imali yakhe ifreeziwe kuze kube uvela emaphoyiseni ngenxa yokuthi wavulelwa icala ngenkathi kubanjwa ukhaya eboshelwa ukuzama ukuzoqedela uZwane.

" Hhay musani ukudakwa nina kusho uMabizela ethetha kuduma ibank lonke. 

" Im sorry sir we can't help you kusho uManenja yasebank. 

Waphuma ethukuthele enxapha elibangise emotweni. 

" Mabizela angifuni sixabane ndoda kusho uCommander. 

" Khululeka ikhona imali engiyigcina kuSafety emzini wami kodwa akumele ngivele mina ngoba ngibhacile kudokotela yingakho singayanga esibhedlela ngoba sasizotholakala. 

" Manje ngizoyithola kanjani Mabizela kumele ngibuyele ehhovisi ngiyobhekana nezidingo zomphakathi kusho uCommander ethukuthele. 

" Ngizohamba nawe noma kungaphephile nje kusho uMabizela. 

Bahamba baze bafika kwaMabizela wangeniswa emzini wakhe abantu bamangala bonke emva kwesikhathi wahamba ekhaya kanti futhi kwashonwa kodwa akukaze kugcwatshwe kweza isalukazi  sakwaMakhelwane. 

" Sanibona makhelwane kubingelela umadlamini

" Yebo makhelwane angihleli ngiyadlula kuvuma uMabizela intamo ikhonkobele ephendula amehlo egunquza ecasulwa umadlamini. 

" Hhay bo kwenzekani nakhu kuthulekile kanti seza ukuzolila kusho umangobese ebambe uthango kuvele ikhanda. 

" Qhuba inqola mfana siye endlini umelani manje!!! kuthetha uMabizela.."Angihleli angihleli mama dladla esho inqola iyosithela ingena endlini. 

UCommander wayelandela ngemumva wafika wahlala kusofa wase elinda, kwathi uMabizela wakhuphuka ngenqola eqhutshwa umfana kaCommander baze bafika ekamelweni. 

" Lalela ke ngisondeze lapha kuSafety nansi eceleni kweWardrobe ebondeni kodwa ungabheki cimeza. 

" Ok kulungile esho emsondeza wase echofa ipassword uMabizela yathi qhaka ivuleka. 

Wafaka isandla wathatha izitini zemali ezazilakanyene kungama R200 namaR100 wabala isitini ngasinye senza R10,000 ebeka phezu kombhede

" Hamba othatha lesikhwama esivela phezu kwewardrobe ufake lemali uR500 000 lona, ungacabamgike ukubuya lana mfanawami umuzi wami unama alarms akhala kuSecurity company engiyikhokhelayo. 

" Awu ay ngeke ngikwenze lokho baba Mabizela kusho insizwa ihleka. 

Wavala bahamba bafika uCommander elindile bafike bayibala wagculiseka. 

" Commander angithathe imoto yami eyodwa lapha egaraji ngifuna ukuyisebenzisa yize ngingasakwazi ukuzishayelela kodwa ngizomqhasha umuntu ozongishayelela,ngoba lemoto kadokotela esele emumva izosifaka ezinsolweni ngokunyamalala kwakhe ngoba naye usefile ngicela oyedwa kulabafana bakho ashayele imoto yami angibeke lapho sibhace khona kusho uMabizela. 

" Kulungile baphi okhiye kubuza uCommander. 

" Nawu thatha lona we Range Rover.. Hhoo no wuyeke lowo thatha lona wekhumbi ye Mercedes ngoba izongihlalisa kahle. 

" ok baba Zwane kusho umfana ethula ukhiye bephuma belandelana. 

Kuthe nje bevula umnyango kwasekugcwele omama bamatshali nabacula🎶🎵 izingoma zesonto. 

" sanibonani sithi duduzekani lapha ekhaya kusho umamadlamini esembathe itshali lakhe lesikoshi esihlaza. 

" Kodwa ngoba ngishilo gogo ukuthi asihleli yini kusho uMabizela enyibile ebusweni. 

" Cha Mabuzela akukwazi ukuth kube khona isifo bese ungasichazeli ukuthi kugcinaphi umfana ugcwatshwa nini esho bengena endlini kaMabizela bebaningi. 

" Aghaaaaa maaaan nifunani lana emzini wami phumani angihleli angithi ngiyasho wena madlamini awuyeke ukuthanda izindaba kuthetha uMabizela. 

" Bafana anikhiphe labantu kusho uMabizela esemubi ebuka kabi amakholwa. 

" Cha Mabizela abakhishwa abantu abazolila nawe uyakwazi lokho abantu bakhathazekile bafuna ukwazi ngomgcwabo wendodana yakho kusho uCommander ejika engena endlini. 

" Ay suka mina anginasikhathi sokulalena nebhayibheli nezintshumayelo ezingeke zivuse umtanami. 

Uthe esakhuluma ecasukile bavele bamuvale ngeculo lesonto adinele kuthi akaqhume ebuka iwashi lakhe. 

USikhumbuzo noNathi bashayela eHhofisi laMayor uCommander bazenza izintatheli zebhuku elithize ekifisa uku interviewer. 

📲Hello ngikhuluma nobani kusho uCommander  iphumela ngaphandle. 

📱Ukhuluma noAlbert nkuna wephephabhuku elithile besinesifico sokushicilela ngawe mnumzane abantu bazokwazi nje ngegalelo lakho osulenzele idolobha langakuthi bese sikufake kufront page kusho uSikhumbuzo ezenza intatheli. 

" Hhawu zazinhle lezondaba niyitholephi inombolo yami kubuza u Commander injabulo ichichima ebusweni. 

" siyithole ehhovisi emvakokubheka ama contact number asehhovisi lamasipala iPA yakho ibe isisinikeza Bengicela sihlangene indawo ingashiwo nguwe mnumzane kusho uSikhumbuzo eshintshe nezwi. 

" Ok asihlangane eMhlanga eQ-Water restaurant.

" Kulungile baba Mayor kusho uSikhumbuzo evala ucingo evula umakhalekhukhwini wakhe wase ebheka ukuthi ubudonsa kuphi itower wabona ukuth udonsa ngaku Tower  engakwaMabizela. 

" Yesssssssssss kusho uSikhumbuzo efumba inqindi ejabula. 

" Yini makhumbesh kusho uNathi embuka emehlweni. 

" UMayor umdibi munye noMabizela bengazi esho ecindezela kuLaptop ebukisisa.

" Ubonani esho esondeza ikhanda naye ebuka.

" Yabona lenombolo engiyishayele EMI number idonsa ngakwamabizela kusho uSikhumbuzo edumisa imoto.

" So manje sibhekaphi siyocutha ngakwaMabizela ngoba iMayor ithe sihlangane eMhlanga rock Q-restaurant.

" Manje kungani singamlindi azithele kithi kuyo leyo restaurant skhumba what if ehamba egadiwe. 

" Hhay kumele simubambe engakafiki lapho eningini simubambe endleleni engayaluzi kanti futhi abanye oMayor abagadwa uma beyokwenza amacebo okugcola. 

" Oh ya its a good plan asambe. Yahamba imoto bafika ngakwamabizela bahoba bemele ekudeni bebuka ngezipopolo

Imeya yaphuma kusaculwa kuthandazwa yacela uxolo kuMabizela.

" Mabizela uzotshela uMazwi akuhambise mina ngizohamba noSimiso ngiphuthuma eMhlanga. 

" Hhay kulungile kusho uMabizela ejika noSimiso. 

USikhumbuzo wayebeke isipopolo sakhe wathi emehlweni egqolozele kwaMabizela ebebukisisa. 

" Hhayi bo Nathi nangu uMabizela ukhona kusho uSikhumbuzo. 

" Ya nami ngiyamubona kulesipopolo sami manje senzanjani ngoba siyamufuna naye kusho uNathi. 

" Manje inkinga sesifonele uMayor kanti futhi useyindlela ukuyohlangana nathi kusho uSikhumbuzo ebamba ikhanda. 

" Futhi kugcwele nalana emzini wamabizela ngeke sikwazi ukumhlasela.

" Yazi esenzenjani Nathi... Asihambe siye kuMayor bese silayela amaphoyisa kuMabizela ngoba vele ayamufuna. 

" No no no uMpume akekho esteshini samaphoyisa uzophuma uMabizela usukhohliwe ukuthi iqili kusho uNathi ebuka kwamabizela

" Ok asilandele uMayor nangu ephuma esho esusa imoto bemhlala izithonto. Yahamba njalo imoto bephethe nemali abayinikwe uMabizela, bayilandela kuthe isisendaweni ethule ngasezihlahleni bayisondela, kuthe uma bethuka uSikhumbuzo wadubula itayi lemoto kaMayor laqhuma yaphaphalaza yangena ezikhotheni wahluleka ukuyilawula uMazwi. 

" Ngathi siyahlaselwa nje kusho uCommander eqalaza ethukile. 

" Yebo baba kusho umfana ethi uzama ukudonsa isibhamu wadubula ifasitela uNathi bathuka imoto yangena esihlahleni banqubuka kwawa isibhamu. Waphuma uSikhumbuzo noNathi babathatha bahamba nabo bebafase izandla nezinyawo bebavale imilomo bafike bangena nabo ehlathini babafasela ezihlahleni baqeda babavusa ngezimpama babaqhaqha imilomo ukuze bakhulume. 

" Hhay bo sikuphi lana kuthuka uCommander. 

" baba obani laba kusho uMazwi ethukuthele.

" Shut up!!!!! Yithi esikhulumayo kusho uSikhumbuzo edudula uMazwi ngesibhakela esiswini. 

" Yazi nizozisola ngalento eniyenzayo aningazi ukuth ngiwubani mina kusho uCommander ehlinile. 

" Wena awuzwa ukuthi sithini kusho uNathi ephakamisa unyawo ekhahlela uCommander umlomo amazinyo ahlala phansi. 

Aah eishuuuu kukhala uCommander " ayazi ukuthi eyakuphi lengane eniyifakele ibhomu. 

" Fuseg njandini ngiqhaqheni aningiyeke angazani nangane yakini mina kusho uCommander ekhafula edelela. 

" ubani lo kusho uSikhumbuzo embonisa kumakhalekhukhwini wakhe kubonakala uCommander kwabonakala nezimpahla zamfana. KaCommander wayengakazishintshi wabuka uCommander waswela amazwi okukhuluma. 

" Awusaboni manje ukuthi ubani lo kusho uNathi ephakamisa unyawo lwehla isithende emehlweni izibuko zahlangana namehlo izingilazi zamdabula amehlo wakhala isimaye maye uCommander amehlo evuza igazi eseyimpumputhe. 

" aaaaaaaaaahhhhh a aaaaahhhh aweeeeeeeee wangikhipha amehlo aweeeeee xolela mfana waMadi nami ngangethunywe uMabizela aweeeeeeeee kodwa nganganzani kusho uCommander ekhala. 

" Wena ndoda ubungunqondo nqonqondo ekutshalweni kwebhomu ubani lo esho ekhomba uSikhumbuzo uMazwi ekhala wabuka uMazwi wazibona naye. 

" Ubani lo khuluma usukwazi ukubulala wena hheeeee kusho uSikhumbuzo emdudula ngesibhakela emakhaleni wamuxhimfa waze wathamba walenga entanjeni. 

" Uhlalaphi uMabizela Khuluma kusho uSikhumbuzo evusa uMazwi ebomvu kebhu igazi. 

" Angimazi angazi angazi kusho uMazwi eselenga amathe negazi emlonyeni.

" Hhooo usangenza isilima esho emqhaqha wamutatamisa wamujikijela edwaleni waphuka umgogodla ekhala. 

" nimutholephi uMabizela uphi umfowabo kubuza uSikhumbuzo uSikhumbuzo emuphakamisa futhi wafika wamuphonsa phezu kaCommander esihlahleni wawa wavela wangasakhuluma. 

" Awu wangibulalela ingane yami kwenzekani angisaboni. 

" nimutholephi uMabizela? 

" Ehlathini endlini kadokotela mawuya ngase chartsworth. 

" ok usuwenze umsebenzi omuhle kusho uNathi emdabula ukhakhayi ngesithende intamo yaqhuma wavele wamelwa inhliziyo uCommander washona 

" ncono sesiyazi indawo yokubhaca kwamabizela asihambe Nathi.. kodwa wena awukwazi ukusala uyimbewu embi mfana kusho uSikhumbuzo ephakamisa uMazwi wamuphonsa emfuleni wahamba namanzi wagwiliza zaphenduka izinsizwa zakwaMadi zithukuthele zigane unwabu ziqonde emotweni

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !