INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 68

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 68

UZwane noSiphamandla badedelwa esibhedlela sebezizwa bengcono kakhulu balibangisa kwaMadi belandwe uSikhumbuzo.

" Baba Zwane kuyajabulisa ukukubona usungumqemane, nawe Siphamandla kukhulu owenzele ubaba wakho ntwana yami

" Ey ndodana uyazi ukube anizange ningenelele kuloludaba ngabe kwafa wonke umndeni wami ngiyabonga kakhulu mfanawami kusho uZwane ebamba uSikhumbuzo ehlombe.

" Nami ngiswele amazwi okumubonga ubhuti sikhumbuzo baba kukhulu abasenzele khona bewumndeni wakwaMadi kusho USiphamandla esesitulweni esingemuva.

" Wesikhumbuzo ake sidlule eBank mfanawami ngike ngiyohlola iBank statement ngibone ukuthi uNkosikazi wami ubezisebenzisa kanjani izimali zami ngifuna nokuhlola izimali zenkampani ukuthi zimi kanjani kusho uZwane egqoke iyembe elimhlophe.

" Kulungile baba kusho uSikhumbuzo engena ngomgqwaqo oya edolobheni.

Yahamba njalo yaze yafika imoto kwaSikhumbuzo edolobheni wehla uZwane wangena ebank.

Wangeniswa phakathi waba nezinxoxo nabaphathi beBank. Wacela ukuboniswa nalapho uNkosikazi wakhe ubekhipha khona imali nakho konke okudinga ukubhadalwa wabona imali yogesi,  irent namanzi (rates) imali yocingo, dstv, imeshwalense, nezimoto nokudla walokhu ebuka kodwa wamangala ebona ukuth USiphamandla ubengasayitholi iAllowance njengemali ubemufakela yona ngenyanga kanye nemali yesikolo.

" Hawu kuza kanjani ukuthi USiphamandla engasayitholi inxenye yemali engabhala ukuthi uzoyithola njalo ngenyanga kubuza uZwane ebuka amaphepha.

" Siyaxolisa baba umama Zwane wayivala iAllowance kwaSiphamandla.

"Kuza kanjani ukuthi enze into efana naleyo kusho uZwane ethukuthele ebuka elinye iphepha kuvele imali engango 20 000 Ayikhipha mhla eyokhipha imali kakhaya yeBail enkantolo.

" Yini Futhi manje lena kubuza uZwane ephakamisa iphepha elibhekisa kuAssistance eyayihlezi phambi kwezitha Computer ichofiza ihlola konke okukuqondene nemali kaZwane okuyi joint account bebeyisebenzisa nomkakhe.

" Oh leyo imali uNkosikazi wakho wayi withdraw eyokhokhela inkantolo.

" angikwazi ke lokhu? Umkami angafike avale imali ukuth itholwe ingane yami njalo ngenyanga bese akhipha isigebengu angasizali ngemali yami amasimba lawa kusho uZwane ecasukile.

" Nathi akukho besingakwenza baba ngoba uNkosikazi wakho futhi nasayinda phansi njengokwesivumelwano.

" kuyavela kuComputer ukuthi uthenge ithikithi lendiza beliya egoli kusho insizwa yaseBank. 

" Egoli!!!!!!????? Kubuza uZwane ehlohla amehlo. 

" Yebo baba. 

" Ngicela ukuthi nimuvale uNkosikazi wami ekutholeni imali, nimkhiphe kuyoyonke into ephathelene negama lami sengiyabona ukuth ngenza iphutha ngokumfaka ezimalini zami.

" Ok kulungile baba kusho insizwa ekuComputer yachofa eside isikhathi yathatha iminwe kaZwane yayicindezela ephepheni wasayinda isivumelwano esisha waphuma Uzwane waqonda emotweni wafica uSikhumbuzo noSiphamandla bedla ama wings.

" Sewuze wabuya baba kusho USiphamandla ehlafuna.

" Yebo sengibuyile evuma ecasukile.

" Nawa amaWings baba asibambe umoya kusho uSikhumbuzo ekuma inyama.

" Angilambile mfana wami ngiyabonga.

" Baba kwangathi awusemnandi nje ingabe konke kuhambe kahle kubuza USiphamandla.

" Kungani ningangazisanga ukuthi umama wakho wavala imali yakho yokufunda nePocket money engikufakela yona ebank lakho kubuza uZwane evusa izibuko zakhe.

" Ewu baba bengingafuni ukukukhuthaza ngoba wawungakalulami kahle.

" Manje ukhokha ngani eNyuvesi? ugqokani? Ugeza ngani?

" Cha baba ungamsoli kakhulu yimina engathi ngizomkhokhela njalo ngenyanga bese athatha eTruworth okokugqoka ngoba nami ngithatha khona kusho uSikhumbuzo.

" Ngiyabonga ngomusa wakho ndodana ngizokukhokhela

" cha baba Zwane akunankinga bengisiza nje nami.

" Ayi ngiyezwa mfana wami... Uyazi kunento engimangazile umkami ingabe wayeyaphi ngoba kuyavela kuthi wathenga itikithi lendiza.

" Wayeya eOrlando baba lapho kukhona uBaba Mabizela nomfowabo.

" wazi kanjan ndodana

" ngatrace icall kababa Mabizela kwavela ukuthi bake bathintana.

" Ey kambe wafundela ezobuchwepheshe mfanawami kusho uZwane ebuka uSikhumbuzo.

" Kuyacaca ukuth kukhulu abakuhlanganisile uMabizela noMkami.

" Impela kunjalo bakhonzene ngoba nangenkathi ugula wayekusa kuMabizela kusho uSikhumbuzo.

Kuthe besahamba ngemoto kwangena ucingo kumakhalekhukhwini kaSikhumbuzo.

📲USikhumbuzo okhulumayo hello

📱Imoto kaMabizela yatholakala nekhanda esisola ukuthi mhlawumbe uZwane angalazi ngoba indoda esebenza nayo.

 📲UNdosi okhumayo ngishaya ngisePolice steshi bengicela ukukhuluma noBaba Zwane silokhu siyamfonela akatholakali ocingweni, umkakhe nendodana yakhe nabo abatholakali

📱Ngenhlanhla nginaye lana ubaba Zwane ngicela ukumunikeza ucingo

Wabe eseludlulisa enika uZwane.

📲Hello uZwane okhulumayo

📱Baba uZwane ngicela uphuthume uze esiteshini samaphoyisa ngokushesha.

📲Kumayelana nani?

📱Sizokwazisa uma sewufikile baba.

📲Ok kulungile ngisendleleni washo elivala ucingo.

USikhumbuzo wayazi kahle ukuthi ubizelwani uZwane kodwa kwakunzima ukuthi amuzwise ubuhlungu ebuya esibhedlela kodwa futhi kwakumele elazile iqiniso.

Bahamba baze bafika abantu babebingelela uSikhumbuzo kwazise babeqeda kuvela kumabonakude ngamacala ababebekwe wona kanye necala likaSimangele noHassim.

Kuthe amaphoyisa ebona uZwane amanye ayemazi.

" Sanibonani kubingelela uZwane.

" Yebo baba ungeza sikubonise lapho umkakho evalelwe khona kusho iphoyisa.

" Cha angizanga ngalokho ngize ngokunye ngibiziwe lapha esteshini kusho uZwane

" Woza ngapha baba Zwane imina bengikushayele ucindo..

"Ndosi a Ngibingelele futhi kuxhawula uZwane.

" Baba Zwene kwatholakala ikhanda ebelingakaboli emotweni yaMabizela eyayishayelwa uKhaya sayidonsa imoto yakhe sesigcina ikhanda lakhe emakhazeni alapha esteshini samaphoyosa ukuze kuzokwenziwa ucwaningo manje wena usebenzile eside isikhathi noMabizela mhlasimbe ungamfanisa ukuthi ikhanda likabani.

" Ewu kodwa manje mina ningihlanganisaphi nezinto zikamabizela ngoba phela kwalelokhanda laziwa nguye kusho uZwane

" Mina njengomseshi kuke kwafika ukuthi mhlawumbe kungenzeka ukuthi ukuduka kwamadodana akho elinye lamakhanda awo kodwa angisho ukuthini phela thina bantu bomthetho siyaphenyisisa sicubungulisise.

" Asambeni ngiyobona lowomhlolo kusho uZwane elandela uNdosi.

Wafike wavula lapho lifakwe khona wase evula uplastiki lavela ikhanda kungumelusi indodana yakhe kaZwane.

" Eeewhhhhh eeeeh awuuuu kodwa uMabizela kusho uZwane ewa ngedolo wabambelela ngetafula ebambe inhliziyo yakhe kungathi uba nesiyezi kodwa wamubamba uSikhumbuzo. 

" Meeelusi hhhhiiiii hhhhiiiii hhawu mfowethu baze bakubulale kabuhlungu kangaka mfwethu kusho usiphamandla ekhala eguqe phambi kwekhanda likamfowabo. 

" Qina baba Zwane kodwa sesiyazi ngokuphelele ukuthi ubani umenzi wokubi kusho uSikhumbuzo esukumisa uZwane wamuhlalisa esitulweni kungathi uyaqhaqhazela izandla izinyembezi zehlisa okomfula ogelezayo, uSphamandla wakhala kwaze kwazwela ephoyiseni. 

" umtwana wakho impela Zwane? kubuza iphoyisa liguqa liduduza uZwane. 

" Inyama yenyama yami ithambo lami uqobo esho ekhala uZwane. 

" Ngicela nilithathe ithambo lenu nilifihle ngesizotha kusho iphoyisa lisukumisa USiphamandla lizwelana nabo uSikhumbuzo wasukumisa uZwane bahamba bayolinda isikhashana kuthe nje kusenjalo kungene uMpume. 

" Hawu nizokwenzani lana esteshini kubuza uMpume. 

" Besibizwe iphoyisa ukuthi sizofanisa ikhanda likaMelusi kusho uSikhumbuzo. 

" Hawu ingabe nguyena? Kubuza uMpume eshaqekile

" Yebo nguyena litholakale emotweni kaMabizela eyayishayelwa ikhaya. 

" Hawu cha kukhulu ekusamele bakukhulume kabantu bakwaMabizela, kusho ukuthi noMandla bayamazi kusho uMpume. 

" Iqinisile dadewethu kodwa khona iqiniso liyovela ekugcineni. 

Ummeli waMkaZwane wafika kuMkaZwane estokisini ebuza ukuth amumele yini ecaleni kodwa washo ukuthi imali ayikho. Wabe eseshayela uZwane wathola ukuthi ucingo luvaliwe wangabe esazi enzeni waduva impela evalelwe.

UMbhekiseni noMabizela babesesibhedlela waphaphama umbhedo esefe uhlangothi engasakwazi ukuvala umlomo esandla sesikonkobele engasakwazi kwenza lutho eseshintshwa nokokugqoka noMabizela wafakwa ipumpers ngenxa yokuthi wayesengenawo amabhuleki okuminya uma ephisiwe, ezichamela naye esegxaza amathe.

Abasebenzi bakwaMbhekiseni babeka amathuluzi phansi imoshali yavele yafa amaGenarator kwacima amafridge kwanuka izidumbu zabantu, aphuka amaFridge kwaphoqwa ukuthi abantu bathuthe izidumbu zabo kuthe kusenjalo kwabhodlozwa imoshali kwebiwa amabhokisi omncwabo kwabhodlozwa I Office abantu be(loot) kwaphela ngenkampani enkulu yomasingcwabisane kaMbhekiseni. Umzukulu kambhekiseni wasala yedwa emoshali kwaqedwa kwashiswa imoshali abasebenzi bethukuthelele ukuthi abaholanga bashisa yonke impahla kaMbhekiseni ngisho nomuzi wakhe oyisithabathaba washa wangqongqa kwaze kwavela koMabonakude.

UMbhekiseni wabona konke okwenzeka emzini wakhe ebukela kumabonakude.

[Kodwa sashayeka kangaka nomfwethu kwenzenjani ngoba besiyizinjinga sihlonishwa sinemali kodwa namuhla asinamizi kusho uMbhekiseni ebuka kumabonakude esibhedlela ekhuluma ngenhliziyo] 

[ Kodwa senzeni emhlabeni ukuthi seningabukisa ngathi izwe lonke kusho uMabizela ekhala ngenhliziyo]

Zafika nezindaba zokuthi umtwana wakhe akasekho emhlabeni esejele. 

" Hawweeeeeeeeehhhhhhh maaaash awu kodwa ngomtanami kusho uSimangele ekhala kuduma ijele lonke. 

Kanti uSaziso yena owaqanjelwa amanga uMbhekiseni ethi uyena obulale umzukulu wakhe washaya nabo ngehalavu wayelokhu egciniwe elinde ilanga lokugwetshwa wazizwa nezindaba zokushona kwagogo wakhe wakhala waze washaywa iziboshwa zithi ungazositetemela lana nathi sinezinkinga zethu besho bemugxoba.

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !