INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 69
Kuthe kungazelele uSimangele evakelwe ejele likhulu lasethekwini kwabonakala indoda emnyama bhuqe igqoke ijazi elide elimnyama leLeather yagqoka ivest emnyama iveze izifuba ezinkulu inesibazi esigudla intshebe sokudutshulwa, bese ishaya ngemidwebo eluhlaza ezandleni,egunde impanyula ecwebezela ikhanda lonke washefa washiya intshebe ezungeleze umlomo, iqatha inamahlombe nentamo egqinsi.
Lensizwa ihamba nabaqaphi bayo abahlanu abangqoka amasudi bese baphatha izibhamu ezifihlwe ngamabhantshi. Wathi uma efika ezindlini zaseJele wacela ukubona uSimangele, nangempela asala amabodygard akhe wangena walinda endlini yezivakashi beza eza ama warder sebemugquba uSimangele esegundile ehlile nasemzimbeni wawungeke usho ukuthi uye. Kwavuleka umnyango wangena uSimangele.
" Hawuuuuu ufunani lana wena kusho uSimangele ethukuthele.
" Ngizofuna okungokwami kusho uBhubesi ekhumula izibuko ezibeka phezu kwetafula.
" Ubukuphi yonke lemnyaka ngikhulisa umtanami kanzima hheeeee kusho uSimangele emeza efaswe ngamaketanga.
" Ngangiboshiwe eCapetown ngecala lama drugs ngihlale 10 years ejele, ngiqale ekhaya kini eGoli ngifuna ukukhuluma novabawakho ngihlawule umtanami kodwa kwathiwa akekho manje ngifuna ukwazi ukuthi uphi umtanami ngiyamdinga manje wawungalela ukuthi ngimubone uma ngimucela kodwa manje angisezanga ukuzomcela ngizomuthatha ngibuyele naye ekhaya kwaHlabisa.
" Hhhhiiii hhhhiiiii umtwana wami ukhule engakwazi akukho owakwenza ukuth akwazi kodwa wavele wanyamalala kusho uSimangele ekhala.
" ngicela ukukhuluma iqiniso namuhla ukuthi kungani ngabaleka kusho uBhubesi..
" Angifune kwazi kusho uSimangele esukuma.
" ubabawakho uMbhekiseni wangixosha wathi uma ngisondela kuwe uzongibulala ngoba ngimehlise isithunzi ngakumithisa ngingenamali, ngibuyileke manje imali ikhona kusho uBhubesi efaka izibuko.
" angiyikholwa lento oyishoyo kusho uSmangele ehla izinyembezi.
" ubaba wakho wabona ukuthi akazange athole ingane yomfana manje wabe esefuna ukuvala iskhala ngomtanami kusho uBhubesi.
" Kanti ubaba unjani kusho uSmangele ekhala.
" ngicela ingane yami ngifuna iyobona amanxiwa akithi ngike nje ngithinte umtanami okokuqala ngqa. 15 years ngingamazi. Kusho uBhubesi ebuka uSimangele.
" Ushonile Bhubesi ngiyaxooliiisaaa esho ekhala ngendlela ebuhlungu uSimangele.
" Angiwezwa lamasimb* ongitshela wona mina wena sfeb* kusho uBhubesi esukuma eshaya itafula.
" ubulewe umtanami hhiii hhii nami ngangiboshiwe kusho ngezwa sengitshelwa kubuhlungu nakimi ukuthi akasekho hhhiii hhiii ekhala amehlo abomvu sekuvela izisini ekhala ekhamisile.
" ubulewe ubani kubuza uBhubesi efutheka nezifuba zuvela evestini emnyama wakhumula ijazi leLeather wasala ngevest sekuphume izinkonyane izingalo ziphezu kwetafula.
" Ngicela uhambe ubuyele ugoli ubuze ubaba ngizwe kuthiwa ungeniswe esibhedlela I Private hospital kusho uSmangele izwi lingasaphumi ngenxa yokukhala.
" Nisazochaza nina zinja zakwaMabizela esho esukuma ephuma waqonda emotweni ubhubesi zamuvulela umnyango izinsizwa ethukuthele ngendlela eyisimanga.
" Hawu wabukeka uthukuthele nje kusho ibodygard.
" Bafwethu asambeni sibuyele egoli umbhedo usazoyithetha inyani ungijwayela amasimba kusho ubhubesi.
Nangempela yahamba indiza imoto ilibangise kwazindonga ziyaduma ubuso bukabhubesi babungabhekeki eqinise imihlathi kuqine nezinhlafuno zakhe aqhumise amaqupha kubona noma ubani ukuthi uthukuthele futhi ubuhlungu ngokubulawa komtanakhe amuthola kuSimangele.
Bahamba amahora amathathu bafika esibhedlela, babuza ngombhekiseni Mabizela wagcina emthola. Wamnyakazisa ezumekile.
" Hhey!! hhey!! kusho uBhubesi enyakazisa uMbhekiseni wavula amehlo.
" Ufunani lana wena kwayitose!!! baphi onesi bakhiphe lento angiyifuni eduze kwami kusho uMbhekiseni evusa ikhanda
" Hhey fusegi njandini kusho uBhubesi emvala umlomo emucindezela ikhanda.
" Mmmhhh mmmmhhhhh mmmmmm mmhhhhh kusho uMbhekiseni ezama ukukhala kodwa evalwe umlomo.
" uzothula uthi du!! Ngale kwalokho ngikuqhumisa uqhoqho siyezwana kusho uBhubesi emdabula ngohazula wempama engakwazi ukuvika uMbhekiseni ngenxa yezandla.
'' mmmmmmk mmk ok kusho uMbhekiseni evuma ngekhanda isihlathi sishoshozela.
" Ubulawe yini umtanami kubuza uBhubesi engasahleki.
" USaziso usaziso usaziso hhiii hhii kodwa wangivala umoya kwabuhlungu kangaka kusho uMbhekiseni ephefumulela phezulu.
" uSaziso wakuphi Khuluma maan ngingalokhu ngigubhana nawe wena nja esho emphinda ngempama emashidini.
" Eushhhuu ahhh!!! Xolela!!!! ok ngicela ungizwe kahle uliphethe ipeni kusho uMbhekiseni equma ekhala.
" Cha angiliphethe kodwa nalu ucingo lwami ngizobhala ku Notebook esho ekhipha umakhalekhukhwini ebuka uMbhekiseni.
" Kunabafana bakwaMadi okuyibona ababophe umtanami uSimangele ngoba ungasifuni lowamndeni baqale babulala izingane zamfwethu, babophisa ukhaya ngoba befuna kuphele ngalomndeni. Kuthe sebeqedile ngezingane zethu balimaza mina nomfwethu ngithe sengithembile ukuthi umzukulu wami uyena oyosala nefa lami nakhu sebethenga lomfana wengadi uSaziso wagenca wagenca umzukulu wami ngoba befuna ukuzwisa uSimangele nami ubuhlungu ungangizondi mina ngoba ngisho ungabona iwil engiyibhalile umzukulu wami ubengeke ahlupheke. Kusho uMbhekiseni.
Wavusa ikhanda uBhubesi esula izinyembezi.
" Kuyacaca ubumthanda umzukulu wakho kodwa wena wangincisha mina ithuba lokuba ubaba kuye.
" Ngangenzela ukunika ingane yakho impilo encono ngiyacela uxole mfanawami uziphindiselele kulabafana bakwaMadi.
" bangakhi kubuza uBhubesi esula izinyembezi.
" babili nosisiwabo bahlala eDurban Elokishini kwamashu ibuhlungu lento abasenze yona.
" Kuphi nakwaMashu.
" EsinqawuNqawini ehouse number65**
" Banihlula kanjani ngoba phela wena ubuyisiqhaga usixhaphaza kodwa namhlanje ngiyindoda ngeke uphinde ungidakelwe mdodovu ongasile.
" Bayanqamula, bayaphula baphihliza ikhanda bayizinsizwa ezilishumi bebabili kodwa ngiyakuthemba wena mfanawami uzobanqoba kusho uMbhekiseni ezincengela elenga amathe.
" obani amagama abo ngifuna ukubafinyisa igazi minake ngajima iminyaka angisabi inja.
" uNathi no Sikhumbuzo bebevelile nje ezindabeni bebophisa uKhaya noSimangele emacaleni abo naye lomfana oboshiwe uSaziso ungamshiyi kumele afele ejele
" Bazongibona kahle ke mina angidakelwa mina, ngiyibhubesi elimidwa yidwa, umahlofoza ahlafune, angimi nendoda estikini iphume iphila, ngibulala inja ngiphuze igazi, ngiyislwane esimanikiniki inja ezikhotha amanxeba, ngiwubhejane esiqiwini owisa abafokazane kubhoshe intethe anginyelwa mina eyami ingane bazoyikhipha kusho ubhova ebhuka iAdress waphuma wahamba ethukuthele umuzwa ukuthi unukelwa igazi wathi ukuchazeka umbhekiseni ezwa uBhubesi ezibongela eyophuma ngomnyango ethukuthele engabhekeki