INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 65

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 65

UZwane waphaphama wanakekelwa kanti noSiphamandla wathungwa naye wabukeka ephilile yize izinhlungu wayezizwa ngaphakathi. Wahamba waya kuyise ebambe idrip eyigquba ngenqola wafica uyise ehlezi esebhekile ebonakala esencono.

" Sawubona baba

" Siphamandla mfanawami

" Ngaze ngajabula usuphapheme eishuuu kusho usiphamandla ehug uyise kodwa ezithunuka wase ephakama.

" Yazi angazi ngiyokubonga ngani ngane yami ngoba ifa lilodwa angiboni likufanele ungitshelile udokotela ukuthi udele impilo yakho wangisindisa okwesithathu ngoba wangisindisa inkabi izocisha umshini, wangisindisa umama wakho eyonikela ngami kuma

" Yazi baba mina kukho konke ongithembisa kona ngiyabonga kodwa okubalulekile empilweni yami uwena baba ungithusile ngenkathi utholakala ulele phansi kwaMadi.

" Ngiyabonga mtanami uwena engisele naye manje mtanami umama wakho ungidumazile kakhulu ngokubeka impilo yami encupheni.

" Uyaz baba angazi namanje ukuthi kungani uMabizela eyintandokazi kangaka kumama ngoba sekukaningi ubhuti sikhumbuzo emuvezela ukugcola nobugebengu obuthinta abakwaMabizela kodwa inkungu imuvale amehlo

" Awuthinte abafana baMadi ubafisele okuhle ecaleni bazokwazi nokuthi sesiluleme. 

📲Bhuti sikhumbuzo unjani.

📱Hhey Siphamandla uwe lomuntu sewuqedile mfana.

📲Sengiqedile iOperation ihambe kahle kimina nobaba.

📱Hhawu ngaze ngajabula ntwana yami ngizoza lapho uma sengibuya enkantolo.

📲Oh kambe namhlanje ilanga lakho lokuvela enkantolo manje umama uzodlula umthathe yini ngoba phela uyena owakuvulela icala esola ukuth ubulele uMelusi.

📱Uthe uyalihoxisa icala ngoba vele wabona ukuthi ngimsulwa kodwa into engiyibonile ngathi unohambo analo ngasese.

📲Kodwa phela komele alicime icala uma ebona ukuthi umsulwa akunjalo bhuti sikhumbuzo?

📱Kunjalo ngoba uma engaveli enkantolo lizolokhu lihlehla kodwa mina vele nginesifiso lokuthi lihlehle lelicala namuhla ngoba ngifuna uKhaya noMpume balulame khona azothi mayelicima kucace ukuthi ngimsulwa bese uMpume ahlala uKhaya entanyeni amfake ejele.

📲Ok yazi uqinisile.

📱Mina yinye into ekumele ngiyenze ukuqinisekisa ukuth ngivikela ubaba ngilokhu ngimhlola ngoba sihlukaniswe ngamaward uma nje kukhona engingakutholi ngishayela wena nobhuti nathi.

📱Yah wenzenjalo ntwana yami akekho ozokuthinta wena ukhululeke.

📲Ok bhuti 

📱Unjani yena ubaba Zwane

📲Usephapheme ubaba kodwa usabanjwe yizinhlungu okwamanje.

📱Ok ngisendleleni eya enkantolo ngiyajabula ukuthi niluleme

UNathi wavuka ngovivi walungiselela uhambo lwakhe ukuyolanda uMpume uma bephuma enkantolo ngoba yena wayemangalelwe ukuthi uSithembiso watholakala efile emotweni kaNathi, wayeselithengile neThikithi lendiza eya eCapetown wase eshayela uMpume.

📱Dadewethu.

📲Hey bhuti unjan

📱Ngiyaphila ngithi angikwazise ukuthi ngizobamba iflight (indiza) ngo 11  ngo 1 o'clock wasemini ngiyacabanga ngizobe sengi lengilapho ngoba ngo 9 siya enkantolo

📲Ok bhuti wami mina sengi ready ngizobona ngawe.

📱Bye sisi esho evala ucingo bevalelisana.

Uthe eqeda kuvala ucingo kwangena uSikhumbuzo.

" Wola makhumbesh

" Sho bafo besho beshayisana ngezibhakela.

" nami ngisalunga ngoba uMpume ungilindile eKapa lodumo.

" Khululeka bafo lamacala sizowawina 

" Sho my bro nami ngithemba kanjalo kodwa nami ngicabanga ukuhamba mfo ukuhlangabeza uMpume kengishaywe umoya. 

" Hhay akukwazi ukuthi sishiye umama nobaba kanye nobaba Zwane uMabizela engakaboshwa sikhumba. 

" Nathi angikutshelanga izolo ngithole nokuthi umama Zwane unohambo analo ngasese, ngibe sengi trace ama transactions akhe nokuxhumana kwakhe kumakhalekhukhwini ngathola ukuthi uzogibela iNdiza ngo 12: 00 wanamhlanje emini. 

" hhay bo Sikhumba ubexhumana nobani kumakhalekhukhwini wakhe? 

" NoMabizela 

" Hawu kanti lomama unjani uthi abalalani nje noMabizela esho ebamba umlomo uNathi. 

" Ngiyasola kukhona okwenzekayo nami mfwethu kodwa cha ingabe unesibindi ukuth angashendeza nendoda umyeni egula ngingabona ukuthi inqondo akanayo inkosi impela kusho uSikhumbuzo. 

" Asiphume ndoda uyashaya u 9 o'clock sizoxoxa ngendlela besho bengqoke amabhantshi abo amahle kungathi ayababamba abaveza izingalo eziqatha namabhulukwe abaveza umilenze eqatha namajaqamba ekubonakalayo ukuthi bayajima

" Ey yazi uqinisile Nathi besho bengena emotweni, nahamba bahlangana noMmeli wakwaMadi kwaqondwa enkantolo eyayigcwele iphuphuma bangena sebelindelwe ngabomvu. Nokhaya walethwa naye esuka ejele ukuzolalela icala lakhe elikanye nabakwaMadi aphinde abe ufakazi kaMkaZwane.

Yangena inkosi yenkantolo kwathuleka cwaka. 

" All rise in court kusho iphoyisa elima eceleni kwenkosi yenkantolo. 

Basukume abantu abagcwele indlu baphinde bahlale phansi ukuhlonipha inkosi yankantolo. 

" Mr Nathi Madi and Mr Sikhumbuzo Madi stand up, kusho inkosi yenkantolo. 

" Ningaphandle ngeBail Mr Sikhumbuzo Madi wamangalelwa ngecala lokubulala uMelusi Zwane. Kanti wena Nathi isidumbu sika Mr Sithembiso Mabizela satholakala emotweni yakho kusho inkosi yenkantolo ifunda amadocket

" Bengicela uMrs F Zwane okunguyena owamangalela uSikhumbuzo asukume kodwa kwavele kwathuleka wase ephakamisa isandla uSikhumbuzo. 

" Yes sir esho emkhomba uSikhumbuzo umshushisi. 

" UMrs Zwane uthathe uhambo ulibangise e Johannesburg sir. 

" ingabe ukwazisile kubuza inkosi yenkantolo.

" Okusho ukuthi akayihloniphi inkantolo u can sit down kusho inkosi yenkantolo. 

" Eh Mr Nathi Madi you accused of murder kwatholakala isidumbu sikaSithembiso emotweni Khaya is the witness owabona isidumbu sidindililzile emotweni yakho kodwa kwatholakala ukuthi iminwe eyatholakala esidumbini ekaZakhele osanyamalele ongaziwa(inkabi yasehostela) 

Ubufakazi abuhlangani utholakala ungenacala. 

" Yeeeeeehh woow kusho uKhaya ejabula bangana noSikhumbuzo noMmeli wabo okunguyena owavellzela inkosi yenkantolo ubufakazi bokuthi uNathi noSikhumbuzo bamusulwa kwase kubuyekezwa icala. 

" Eh Mr Sikhumbuzo Madi wamangalelwa uMrs Zwane esola ukuthi uwena owabulala uMelusi Zwane ngoba kuthiwa wanyamalala nawe esuka kwaMabizela ufakazi kwakungu Khaya kodwa ubufakazi obuqoqiwe uMiss Madi wabunika uMmeli wakho buyigculisile inkantolo, ngoba kuyavela ukuth igazi elatholakala ezimpahleni elakhe u Melusi kodwa kwathi uma kuhlolwa kwatholakala ukuthi iminwe esesikibheni sikaMelusi iveza ubuso bukaKhaya okuveza ngokusobala ukuthi wena ububhicwa ngobende inyama ungayidlanga. Kuyavela nakuTracker owayinika uMmeli wakho ukuthi imoto yakho ayizange ibe kwamabizela kanti futhi ayizange ihambe emzileni owodwa ngelanga lokushona kwaMelusi. ngakhoke inkantolo yombuso ikuthola ungenacala. 

" Yeeeeeeeeesssssss kusho uSikhumbuzo emisa isibhakela kwajatshulwa ummeli wabo wathokoza kakhulu. 

" Mr Khaya Mabizela u are accused of murder, Detective Madi collected all the evidence against u, waqale waboshelwa izibhamu ezingekho emthethweni and the docket lanyamalala, kuyavela ukuthi wena no Constable Mathebula benisebenzisana okusho khona ukuthi uyena oweba idocket alakukhipha ejele nezithombe ezaziveza wena naye nixoxa okuthile ngasese wasivezela uDetective Mpume Madi kanti futhi uMathebula ungomunye wofakazi abebezokweseka ebugebengwini wena kanye noMrs Zwane ninecala lokuba ngofakazi bamanga yingakho uMrs Zwane ekhethe ukubaleka namuhla, uKhaya waboshwa ezama ukubulala Mr Zwane kwasiza indodana yakhe USiphamandla, ngakhoke inkantolo ikuthola unecala uzobhadla iminyaka engamashumi ayisikhombisa(70yrs)ubhadla ejele. 

" Hhaaaaaaaayyyyyyyy hhaaaaaaawuuuuuuu kodwa nkosi yenkantolo iminyaka engaka kusho ukhaya wakhala kwaduma inkantolo.

" Amanye amacala usazowaqula ubhadla ejele ngo kuningi izinsolo esolwa ngazo kwasho inkosi yenkantolo isukuma wabe eqhutshwa nezimpahla zakhe ezi orange egadlazela ngamaketanga. 

" kodwa baba ukuphi makunjena ngoba uwena wonke lona owasifaka kulenyakanyaka kusho uKhaya ekhala ngendlela eyayiwusiz. 

Kuthe kusenjalo kweza nabezindaba bakhuluma noSikhumbuzo noNathi kugcwele phama enkantolo. 

🎤Mr Madi uzizwa unjani ngoba izinsolo ezazithweswe wena nomfowenu kuvelile ukuth nanibhecwa ngobende kusho intatheli iphethe umbhobo iwubeka kuNathi. 

🎤Eh engingakusho nje ukuth ngiyabonga kakhulu ngesinqumo esiphumile sibonge nabantu bebenathi ukuseseka ngoba mina nomfwethu besimusulwa kuthe esakhuluma uSikhumbuzo wadabula isixuku wakhipha umakhalekhukhwini wakhe wase ebamba elinye lamaphoyisa ayehla ngezitebhisi. 

" Uxolo phoyisa lomthetho uMrs Zwane ubalekela ingalo yomthetho ngiyazi lapho ekhona kumanje kusho uSikhumbuzo ehleba ephoyiseni. 

" unesiniseko salento oyishoyo kusho iphoyisa lisondela. 

" Yebo ngicela sisondele ngapha ngikhulume nomlisa engisebenza naye ekushayeleni izindiza osebenza khona enkampanini yezindiza ukuthi angithwebulele isithombe njengoba ubona nangu uMrs Zwane lapho ahleli khona. ezindizeni ezilibangise eGoli kusho uSikhumbuzo esondeza isithombe siba sikhulu ebuka iphoyisa labukisisa

" Hawu Dladla nawe Ngcobo asiphuthume eSikhumulweni sezindiza uyabaleka lomfazi ubezama ukubophisa labafana bakwaMadi esho edilika ezitebhisini zasenkantolo eqonde evenini yamaphoyisa

Zahamba zindiza izimoto zamaphoyisa uSikhumbuzo nomfowabo balandela bafika ehlezi ngenqola yakhe ehamba nesisebenzi. 

" Sawubona Mrs Zwane 

" Yebo bantabami evuma emangala ebuka kukhona uSikhumbuzo no Nathi. 

" Mama Zwane usuboshiwe unelungelo lokuthula, udelele inkantolo wangeza ekuqulweni kwe cala kanti futhi uboshelwe ukuba ufakazi wamanga ekubeni ugingile phambi kwenkosi yenkanyolo nokuzama itulo lokubheca ngobende uSikhumbuzo Madi ngecala lokubulala uMelusi uvumelana noMathebula naye owaxoshwa ephule umthetho emaphoyiseni. 

" Hhayi hhayyyyyy hhawuuuu kodwa naze nangisukela zingaze zami kusho uMkaZwane ekhala. 

" Asambe mama besho bemgquba wakhala kabuhlungu ebuka uSikhumbuzo. 

" Ngicela nibachazele bafana baMadi kusho uMrs Zwane esebukwa yiwo wonke umuntu eZindizeni wafakwa evenini wahamba waya ejele. Bavele bagoqa izandla bamubuka nje uSikhumbuzo noNathi baqede bahamba sebeya lapho kugitshelwa khona uma uya eCapetown wafike walinda lapho uNathi. 

" Sekuseke kancane sifinyelele esicongweni ngane kamama kusho uSikhumbuzo exhawula uNathi. 

" Ey mfwethu uhlakaniphile kodwa ucabange nini eyokuthi uxhumane nomngani wakho osebenza lana esikhumulweni sezindiza. 

" Ngibonile ukuthi indlela yokuqanda uhambo oluya eGoli ukuthi angene ejele ngoba uyiso nendlebe kamabizela kusho uSikhumbuzo. 

Isizosuka indiza elibangise eCapetown sicela bonke abagibeli bagibele endizeni kukhuluma umbhobho wabe esevalelisa uSikhumbuzo waphenduka walibangisa emotweni yakhe wafaka izibuko wayidumisa zaya elibangise kwaMadi ukubabikela izindaba ezinhle abezindaba baveza ngisho sekuboshwa nomkaZwane kwathi akaqhume uMabizela ezwa nokuthi uKhaya ugwetshwe udilikajele kwaboshwa nomkaZwane engakasayini.

" Ngiyanizonda zinja zakwaMadi kusho uMabizela ekhala waze wataqaka phansi ekhala ephenduphenduka phansi

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !