INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 82

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 82

Kuthe ngakusasa sekugcwatshiwe uMabizela wadedelwa wabuyela esitokisini samaphoyisa kodwa ukhaya yena wathi ukuhlala impela esibhedlela. UZwane wangenelwa ucingo oluvela kubatshali zimali becela ukuthi bahlangane beyibhodi kuboniswane nokuthi kwenziwa njani njengoba uMabizela eboshiwe. Kwaboniswana eside isikhathi inkampani ivaliwe izinyanga ezintathu bengaholile nabasebenzi sebebulewe indlala bengasasebenzi amabhasi aduva eside isikhathi edepho yawo.

Kwakugqokwe amasudi ubona ukuthi kujuliwe, kwathi makuhlalwa kwaphunywa nesisumbululo sokukhipha uMabizela ngoba inkampani yalahlekelwa enkulu imali ngenkathi ebeke uKhaya njengomphathi wenkampani kwaboniswana ukuthi imali yamasheya kamabizela izothathwa ukukhokhela abasebenzi abangazange bahole uSphamandla wayekhona ngalolosuku.

Kwathi uma kubonakala ukuthi nomakhenikha bamabhasi omabhalane ehhovisi nabo babengaholile kwabe sekusukuma uZwane.

" Ladies and gentlemen ngicela ukuthi njengoba kube yisikhathi esiningi ngingekho ningethembe ngihambile ngaya eBank imali yami engangiyifasile ihlale iminyaka eyishumi ilokhu ikhula inzalo ngiyathembisa ukuthi uma nisebenzisana nami ngeke inkampani iwe inxenye kaMabizela u50 million kodwa leyomali iyona eyonxephezela abasebenzi zonke lezinyanga bengaholi. Kodwa ke njengoba besibambisene nomabizela ukukhipha lemali ekubeni nenkampani ibingasakhiqizi umsebenzi oseqophelweni eliphezulu silimele kakhulu lenxenye yemali yami ezosala idinga izigidi zemali ukubuyela esimeni, umoshile uKhaya kangangokuba inkampani ize yavalwa. Lomfana kaMabizela ubengayikhokhi ngisho nemali yentela(tax) kodwa namuhla ngicela ukunithembisa ukuthi inkampani iyavulwa kusasa ngicela nibize abantu bamaphepha ngi adress iMedia.

" Hhauuu izophumaphi kubuza ibhodi.

" Ngithe uma ngikhuluma nababonisi bami kwezezimali bangiyalela ukuba kuyobe kungeyona irisk uma ngithatha imali eseyinenzuzo eningi egameni lami ngizofaka u95 million kulenkampani kunezelwe namabhasi.

" Wow kusho ihlombe ebhodi room uzwane wajabulisa ababekhona ukuzofaka isicelo ukuthi basebenzisane naye.

" Kodwa mina njengoba ngangingekho ngisesibhedlela ngilwela impilo yami kusho uZwane kwaphunywa. Uzwane wabe esebiza osebenza enkampanini kwezokuxhumana, ukusabalalisa izindaba eziziheha abagibeli bamabhasi nezinkampani bezithuthelwa kwaazwane. UZwane wayegcwele unjabulo ehamba esakhiweni senkampani asebenza ngokuzikhandla wahamba wabuka I Office likaMabizela wabiza oyedwa ukuthi ukhiphe yonke into ebiza igama likamabizela ayikhiphe lasala ligunquza ihhovisi

Kuthe uZwane uma efika ekhaya kwakhe wayehleli noSiphamandla.

" Siphamandla kusasa mfana wami ngifuna ukuthi umhlaba ubone ukuthi inkampani yami ivukile ikhule indlondlobale.

" Yaz baba ngikubone ubhalwe ebusweni ukuthi unokuzethemba futhi awusabi nezimbangi esezikuthathele ama customer.

" Khululeka mfana wami kusasa kuzobe kugcwele abamaphepha nakumabonakude uzozizwela inkulumo engizoyikhuluma.

" Kulungile baba esho esukuma ekhumula ibhantshi.

Kuthe ngakusasa abantu bebuka omabonakude uZwane ebize abantu abasezingeni eliphezulu nabatshali zimali babehlezi kubhodi elalimboziwe wase eqalelela inkulumo yakhe.

UMabizela wayebuka kumabonakude naye esesibhedlela.

" Hhay bo ngoba ngithi yawa inkampani yami noZwane kusho uMabizela elalela ebuka.

Wasukuma uZwane wabeka iphepha lakhe kugcwele endlini enezintatheli.

" Eh ngibingelele abahlonishwa nazozonke izihambeli ezikhona kulendawo.. Esho efaka izibuko zakhe kukhala ubuqhafa qhafa bamakhamera uZwane esecwebezela engqoke isudi kanokusho USiphamandla ehlezi esitulweni esiphambili kukhona nabelungu kulungisiwe kukuhle.

📺📑🎤Ngithanda ukwazisa isizwe sonke ukuthi iMabizela and Zwane Buses iyavulwa namhlanje

" Yeeeeeeeeehhhh kumemeza uMabizela esembhedeni wakhe esezinhlungwini ebuka umabonakude

📑 Ngiyaxolisa kakhulu kubasebenzi balapha ekhaya ngento eyenzeka ngingekho ngizama ukulwela impilo yami, kwakunzima ngilwela impilo yami ngihlakhaphelwa umuntu engaqala naye lenkampani uMabizela nonke niyamazi ulincolisile kakhulu negama lenkampani ngoba yonke lento ayenzile ewukuncola nenkohlakalo uyenze ekuyo lenkampani ngizitshela ukth nginomngani kanti ngisondeze inyoka eduze kwami, inzondo yakhe yaqala mhla uMandla ephothula ezifundweni zakhe ekubeni mina naye sasivumelene ukuthi asifundise izingane zethu ukuze mhla sithatha umhlalaphansi kuzothatha bona basebenzise ubuchwepheshe besimanje kodwa yena akazange abagqugquzele abantwana bakhe wase ezonda izingane zami, wase ebulala umtanami wabe esfaka ukhaya kwaze kwawa lenkampani, uzame kaningi ukungibulala kodwa ngasizwa uSikhumbuzo Madi nomfowabo kanye nomakoti wakwami uMpume.. Angeke nginabe kakhulu ngaye ngoba okuningi nikubonile ezindabeni kodwa ke namuhla esize ngakho okuthinta ukuvulwa kwalenkampani📑🎤Eh ngithathe isinqumo esisha okokuqala engithanda ukukusho ukuthi ngixolise kakhulu kubasebenzi balayikhaya abathikamezeka bahlala izinyanga bengaholi engikuthembisayo ukuthi niyabuyela emsebenzini futhi nizothola izimali zenu zazo zonke lezinyanga eningaziholanga imali iphume kumasheya kaMabizela ubenawo okusho ukuthi uMabizela akesanolo izwi kulenkampani nemali yakhe ebifreezile ngenxa yenkohlakalo nokukhwabanisa izokhokhela abasebenzi kufunda uZwane evusa ikhanda ebuka izintatheli

👀📺Nangu engidakela uZwane nooooooooooo kusho uMabizela enyanyile. 

📺Yeeeeeeh yeeeeehh kwajabula izindimbane zabasebenzi abasebehlale eside isikhathi emakhaya befesa bengayitholi imisebenzi. Nabagibeli ababejabulela ukuth sebezogibela amabhasi ashibhile. 

📑 Ngifuna ukuthi nazi ukuthi kusukela namhlanje lenkampani ayisabizi igama elidala namabhasi azopendwa kabusha kushintshwe igama esho esondela ebhodini elivalwe ngendwangu basondela abamacamera balindela ukushutha noMabizela wayesewavule wonke amehlo esibhedlela ebuka.

🎤Kusukela namhlanje lenkampani akuseyona uMabizela and Zwane Buses kodwa isizobizwa nge[ Zwane Legacy ] esho esusa indwangu 

👏👏🏾👏🏾👏🏾👏🏾👏🏾👏🏾👏🏾👏🏾👏🏾👏🏾👏🏾👏🏾👏🏾👏🏾👏🏾Kwaduma ihlombe kwakhala inhlokomo, nokuyinto eyadonsa abatshali zimali bafuna ama email kaZwane befuna ukukhuluma indaba zebhizinisi naye.

🎤Ngifuna iLegacy yakwaZwane ihlale imi njalo USiphamandla nanye nezizukulwane zami ziyoqhubeka lapho ngishiye khona... sekushoda kuphele lo nyaka USiphamandla aphothule ezifundweni as financial accountant.. angqoke ijazi umfana wami ngiyanithembisa uzohamba ezicathulweni zami ngoba niyabona nanu sekukhulekile siphamandla useyoqhubeka lapho ngigcine khona Kwaba yinjabulo emindenini eminingi wahamba umfokamangethe elokhu exhawuliwe izitatanyiswa nezifundiswa nabamaphepha belokhu bemushutha. Uzwane wabhala neWil kabusha yokuthi mhla ehamba emhlabeni USiphamandla 15 million umnqobi 10 million plus half wamasheya ukuth abe ngakasiphamandla half kube uManqoba enzela ukuth bangahlupheki uma engasekho wababela wasayina ukuth uMmeli uyoyifunda uma eseshonile wabela uSikhumbuzo, Nathi noMpume 2million umuntu ngamunye. Wabhala uMadi nomkakhe R1million ngamunye wase evala imvilophu ebhalwe last Last testament of Mr Zwane kungazi muntu. 

UMabizela wathuka inhlamba ethukuthele ebona USiphamandla eshuthwa ebuzwa imibuzo eyiphendula ngobuhlakani ebuka uZwane exhawulwa izitatanyiswa nosomabhizinisi waba buhlungu ngendlela eyisimanga ekhala eqhoqhobele embedeni efisa nokufa inhliziyo ibuhlungu nezinhlungu zimxakile.

" UZwane wangikhiphela ngaphandle enkampanini engayakha naye kanzima engabe uyangitakula ngisobishini hhhiiii ngathi ingawa lenkampani ekhala ethuka inhlamba ekhafula uma efunzwa edube nokudla

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !