INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 81

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 81

Kwabikelwa uMbhekiseni umlayezo ecelwa ukuthi akenze imizamo yokulanda isidumbu kodwa kungeke kube lula ngoba wayeboshiwe nayo, engasenamuzi nezihlobo zibalahlile.

" Ndoda umtanakho kumele abe ekhishiwe emakhazeni asesteshini samaphoyisa.

" Kodwa nithi ngimusephi kwamina ngiboshiwe kusho uMabizela ekhala esebuhlungu emoyeni.

" Asazi mnumzane awunazo izihlobo abafowenu nodadewenu kubuza iphoyisa.

" Nginaye usisi oyedwa ohlala KwaCeza mawuya kwaNongoma.

" Kukude lapho thina into esizoyenza sizomkhipha agcwatshwe uhulumeni.

" hhhawwuuu kodwa Nkosiyami umtanami angcwatshiswe okwesihlupheki ekubeni benginemali engaka kusho uMbhekiseni ekhala ehla izinyembezi.

" Akukho esingakwenza mnumzane kusho iphoyisa lihamba wasala ekhala ezizwa ukuthi umhlaba uyamcindezela esehawulisa uMbhekiseni.

Sathathwa isidumbu sika Simangele sahanjiswa kuhulumeni sambelwa sangcwatshwa. 

Kuthe ngelanga lomngcwabo zatheleka ngobuningi izindimbane zabantu kwaZwane kukhona nezitatanyiswa ezidla izambane likapondo.

Umndeni wakwaMadi nawu watheleka akekho owayengakhulumi ngabafana bakwaMadi ikakhulukazi amantombazane efisa ukukhulunyiswa yizinsizwa ezibukekayo eziyizigwebedla. Kwaqhubeka inkonzo yomncwabo kulokhu kushintshana izikhulumi zibizwa umphathi wohlelo.

Kwaze kwafika lapho kukhuluma khona USiphamandla.

" Bantu bonke bakulendawo nami ngithi angizokhuluma ngomndeni wami esaphucwa wona singakawafezi wonke amaphutha wethu, ngibuhlungu kakhulu ngokulahlekelwa yobona kodwa nje okubuhlungu asizange sikhaliswe umuntu osekudeni kodwa sikhaliswe umuntu obaziwa ngokuthi yi Family friend, ubaba Mabizela ubefana nobaba wami uqobo kodwa sasingazi ukuthi uzoqoba umndeni, kwamina nobaba ngabe asisekho emhlabeni ukube akufikanga uSikhumbuzo kulelikhaya wazinikela ekusindiseni izimpilo zethu wancamela ukuma emusebenzini wakhe wokushayela izindiza ingoduso yakhe iphesheya kodwa wabona ukuth impilo zethu zilengele engozini uma kungakenziwa ubulungiswa ngokushona kukaMandla esho ebuka esikhumbuzo, kodwa ngingabe ngenze elikhulu iphutha uma ngingakhohlwa ukubala ubhuti Nathi.. Ubhuti Nathi ufike walwa esebenzisana nobhuti uSikhumbuzo wancamela ukuzohlala lapha ekhaya. Uyalwa lobhuti angifuni ukungasho, inhliziyo yami ibuhlungu nje ngoba uMelusi washona ebekade ecele ubhuti nathi ukuthi amujimise naye azokwazi ukuzivikela, ngiyabonga kakhulu nje ukuth nafika kulelikhaya nasivikela bese kuba uskwiza wami ungisizile kakhulu sibancane sinoMelusi ubefana nosisi kithina ngoba ubesivusa uma siya esikolweni kujabulisa ukuba naye ekhaya ngoba thina asizange sibe nosisi kodwa wasivala lesosikhathi uMama wami uyohlale ewumzali kimi usikhulisile wasinakekela saze sakhula hamba kahle esho ebuka ibhokisi. Mama noBaba Madi ngibonga umusa nothando lwenu enisiphe lona. Ngicela ukuhlala phansi esho edlula eyohlala eceleni kwayise.

Kuthe nje makuphela inkonzo zaphuma izimoto ziholwa izimoto zamahheshe zihamba ziyisimela wawungafunga ukuth kugcwatshwa inkosi indaba yakhona ibhalwe nasemaphepheni kwazise uZwane isiqumama esaziwa itheku lonke kanti nodaba lwakhe olubuhlungu lokukhashelwa umngani wakhe lwasematheni nabantu ubona ukuthi bazele ukuzozibonela lomndeni osudlule ebunzimeni obungaka.

Zahamba zaze zafika izimoto emathuneni imigodi seyimbiwe yaqeda ehliswa amabhokisi amathathu ohlobo lweCasket eholwa uZwane noSiphamandla ebambiswe uSikhumbuzo noNathi nabanye abantu lamabhokisi kwakubonakala ukuthi ayabiza kwazise uZwane wayenezindimbane zemali ayeyigcinile yize enye yamoshwa umkakhe kodwa akumukhinyabezanga uzwane ngoba ubenama investment amaningi wathola nemali yakumaPolicy. Balungisa umgodi yilelo nalelo bhokisi lisemigodini walo USiphamandla wayezama ukuziqinisa. Umpume wayehlezi ethendeni elisithe abomndeni emathuneni wabuka ibhokisi likaMadla wakhala ezwa ubuhlungu buqala phansi.

Waqalela umfundisi wavula inkonzo yokwehliswa kwebhokisi esho umlotha emlotheni inhlabathi emhlabathini kwakuwusizi lodwa uZwane emile ngasemigodini belimboza ngezingodo nangengubo bephuma bengena elokhu esula umjuluko ebuka efuna ukuzidelisa uSikhumbuzo wafika wabeka isandla sakhe ehlombe lakhe babukana base begqolozela emgodini izinsizwa azazilulekana ngendlela yokulungiselela ukugqitshwa kwebhokisi. Yasho inkonzo bacula omama bemthandazo bevumelwa izihambeli kwaye kwafika isikhathi sokuthi kuze abomndeni bezophonsa umhlabathi ethqnjeni labo oyedwa wathatha ihalavu balokhu becaphuna bethela emigodini weza noMpume ehamba engenamandla ekhale waze washelwa izwi esephelelwe nangamandla kwangathi uzwa isiyezi bamubamba wathela umhlabathi emugodini egqoke okumnyama nesigqoko esifihle ubuso selanga wahamba wahlala phansi bemnika amanzi waphuza ekhala ebuka ibhokisi lengoduso yakhe uMandla selehliswa wakhala kwangathi uzwa umcibisholo ehliziyweni ekhala ethi [wangishiya ngempela mandla wami ekubeni sasihlele izifiso eziningi ezinhle ekhuluma yedwa efikelwa isiyezi ephelelwa amandla bamthulisa abomndeni kanti noZwane kwamusinda ukubona amabhokisi abathandiweyo bakhe eseyosithela emhlabathini. Wabonakala ekhuphula izibuko esula izinyembezi wase esuka kwangathi uyavoshoka ezwa isiyezi uSikhumbuzo am ubambe bese eyohlala naye phansi wasemunika amanzi waphuza.

USiphamandla wazama ukuziqinisa kodwa amehlo aywvuvukile ebomvu wabuka unina nabafowabo kuthe sekuqalele kugqitshwa wakhala wezwa kungathi uphelelwa amandla wasuka ngasemgodini wama kungathi uzwa uphathwa ikhanda weza uNathi wamubamba ngengalo wamuhlalisa.

" Qina ntwanayami kusho uNathi emugaxa.

Zashona phansi phezulu izinsizwa zigqiba kwaze kwaba sekugcineni zase zibeka amahalavu kwabekiswa amathuna kwavalwa kwase kubuyelwa kwaZwane lapho kwakuphekiwe kudliwa ukudla okuphezulu. Kodwa USiphamandla uMpume no Zwane akuzange kungene nhlobo ukudla kodwa uSikhumbuzo noNathi babelokhu bebaqinise njalo idolo.

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !