INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 66
Kwasekubuhlungu nakuMbhekiseni ukubona umfowabo amelamayo esekhala waze waphelelwa yizwi ebalisa ngeshwa elibhekene nabo.
" Sukuma mfowethu qina ngiyazi kunzima ngoba lensimu ibifana nomtwana kuwe kanti nokuboshwa kwaKhaya udilikajele kusilimazile kakhulu ngoba uyena mfana besesisele naye manje kunzima kodwa qinisela esho embhambatha ngengalo yakhe eyodwa.
" Kodwa abasamushayi nango 10 years u 70 years pho kuyacaca akasayuphinde abuye ekhaya ngoba nami sengineminyaka ewu70 kusho ukuthi uyophuma sengafa hhhhiiiii hhhiiii hhawu ngaze ngabuhlungu ngomtanami.
Wakhala uMabizela kwaze kwazwela nakumzukulu kaMbhekiseni.
" Phakamisa umkhulu Mzukulu mfanawami esho ebuka umzukulu.
Wazabalaza umfana omncane wamuthaqaza enqoleni yakhe enamasondo.
" Mbhekiseni mfowethu ngiyabonga ngokuba nami kulobunzima esikubo njengamanje angazi bengizoba yini kumanje ngizofihla ithambo lami ngapha emzini wakho.
" Ungowakwethu wena angikwazi ukukuvalela ngaphandle.
Kuthe kusetshenzwa ebhizinisini likaMabizela elikhiqiza impuphu ephakelwa insimu iMabizela Maize Meal kwaqhuma iGas kwasuka omkhuuuuulu umlilo nowadala umonakalo omkhulu kwafa abasebenzi abayinkulungwane kwasha yonke into eyayilapho yanqonqa.
Kuthe nje besaxoxa uMbhekiseni noMabizela kwangena izindaba kumabonakude.
📺Sanibonani ezindabeni zehora lelokuqala emini onifundela izindaba zolimi lwesizulu utThandeka wakwaMthethwa, Kubikwa ukuthi kube khona ukuqhuma okukhulu enkampanini yakulelidolobha eyaziwa ngeMabizela Maize meal, namanje akwaziwa imbangela yomlilo kushone abasebenz ababalelwa kwabayinkulungwane. Zizamile ukubhula umlilo kodwa kwazinhlanga zimuka nomoya.
" Hhhhhhhhaaaaay hhawwwwuuuuuu kanti kungeneni kwaMabizela hhhhiiiiiii hiiiiiiii hhhaaawu mina angisazi ukuthi kumele ngenzeni kusho uMabizela ekhala kungathi ufuna ukuphelelwa umoyo zamuzungeza izimpande kulowomzuzu
" Hhayyyyy xolelaaaani bo awukodwa sasenzaaaani sizaaaaaa mzukulu wami kusho uMbhekiseni.
" Hamba uyothatha ihalavu gijima kusho uMbhekiseni eguqile exhusa ecela ukuthi izimpande zehlise ulaka.
"Aaaaaaaawwwwweeeehhhh aweeeeeeeh mbhekiseni ngiyafa siza mfwethu kusho uMabizela amehlo empinyeka eba mhlophe wagcwala imisipha ebusweni wavuvuka izimpande zemihlanga yombila zamsonga kwangathi uyafa waqhasha qhasha esitulweni sakhe samasondo.
" Sizani boooooooo sizani aweeeeee nangu umfowethu efa kusho uMbhekiseni esekhala amehlo ebomvu.
" Aaaahh kkkkkk aaaahhh eish kusho uMabizela ekinyeka izimpande zimthandela umzimba wonke wakhala wazikhulula kwanuka indlu yonke.
" Mzukulu shesha nehalavu umfwethu uyafa waqhamuka eseliphethe ihalavu umzukulu.
" Ngenzenjani mkhulu ebuza naye esethukile umzukulu kaMbhekiseni esehla izinyembezi ebona iMabizela kuphuma igazi ngakhala nangezindlebe.
" Genca Mzukulu shaya lapho ziqhamuka khona kusho uMbhekiseni ekhala eseguqile engazi angenza njani ukusiza uMabizela.
" Ok mkhulu esho ezeceza ngohalavu izimpande wageja wazigenca yena umlenze umzukulu kaMbhekiseni.
"Ahhhhhhhhh ekhala elahla ihalavu phansi zaphenduka izimpande sezibona igazi zasuka zazungelezela umzukulu kaMbhekiseni zamusonta intamo zamuqhumisa ikhanda lawa phansi.
" Aweeeeee awuuuu kodwa nkosiyami senzeni layikhaya kukhala uMbhekiseni esebona umzimba womzukulu wakhe udindilizile wakhala ekhasa ngomlenze owodwa ebuka umzukulu wakhe zamungena entanyeni izimpande zangena zagcwala isisu ngaphakathi zamumunca lonke igazi zamumunca amathumbu wavele wangathi uphelelwa umoya uMbhekiseni wawa phansi waquleka zasuka izimpande zahlehla zayangokushona phansi zisithela zamuxolela uMabizela ngoba zalithola igazi lamzukulu wakhe.
Kuthe kusenjalo kungene umfana owenza ingadi kwaMbhekiseni wamangala ngendlela isimo okwakuyiso igazi ligcwele phansi.
" Hhay bo kusho umfana ebuka uMbhekiseni elele phansi mawuqhamuka ngasemnyango.
Uthe uma eza ngephasiji wazithela kuMabizela equlekile, wathi uma ebheka phansi wathi nhla emzibeni ongenakhanda amathumbu aphumele ngaphandle kumzukulu wamabizela wasondela kubanda amathumbu wazithela phezu kwekhanda lamzukulu kaMbhekiseni liginqikele phansi kwetafula.
" Weeeeeeeeehhhh kusho umfana ephuma ebaleka Kuthe nje esaphuma wahlangana nomama besonto abazoduduza balilele uMbhekiseni ngendodana yabo noMabizela ezogcwatshelwa kaMbhekiseni.
" Yini kubuza amakholwa
" Ngenani lapho nibone kusho umfana ehefuzela.
Bathi mabengena bazithela kubantu abathathu oyedwa engenakhanda bathuka nabo babiza amaphoyisa afika abuza kumfana ozibonele namakholwa.
" Sanibona igama ungubani mfana kubuza iphoyisa.
" Oh mina igama lami ngiwu Saziso.
" Kwenzekeni lana kubuza iphoyisa livula ibhukwanyana likhiphe ipeni ekhukhwini.
" Mina ngizwe Baba Mabizela ememza ngase ngingena kodwa ngiqale nganganaka ngoba bengingale ngemumva emafrijini ezidumbu.
" Ok imuphi uMabizela lana okhuluma ngaye omuzwe ememeza kubuza iphoyisa ngenkathi kusalindwe iAmbulance.
" uMbhekiseni Mabizela ngithe uma ngingena ngathola lomfana engasenakhanda egeleza negazi ikhanda likwenye indawo, ngase ngiphuma ngibaleka kuchaza umfana ubona ukuthi uthukile.
" manje ihalavu leli beliphethwe ubani kubuza iphoyisa lima ukubhala limubuka emehlweni
" Saziso angiyona ingane mina uthi ihalavu beliphethwe umzukulu kaMbhekiseni kodwa yena umzukulu akasenakhanda kanjani manje ngoba ngeke ngithi ugencwe uMabizela lona osenqoleni ngoba uyabona ukuthi uxhwalile, kanti futhi ngeke ngithi ugencwe uMbhekiseni ngoba umzukulu wakhe kanti futhi unesandla esisodwa awukhulume iqiniso ndoda kusho iphoyisa lingasahleki.
" Hawu ngikhuluma iqiniso nkosiyami ningabuza naba omama kusho umfana omncane ekhomba amakholwa ekhala.
" Bomama ingabe kukhona enikubonile kubuza iphoyisa lisondela komam.
" Cha akukho kodwa sihlangane naye undodana owenza ingadi ebaleka.
" Oh wenza ingadi layikhaya kubuza iphoyisa libuka uSaziso.
" Yebo ngenza ingadi.
" Uyalisebenzisa lelihalavu
" Yebo bab Phoyisa kodwa umzukulu kababa uMbhekiseni Mabizela uyena ofike walicela.
Kuthe besakhuluma aphaphame uMbhekiseni ekuqulekeni avule amehlo kancane abone kugcwele indlu kukhona namaphoyisa wathuka ecabanga ukuth amaphoyisa asethekwini, waqalaza wabuka uSaziso.
" Hawu wasiza waphaphama kusho uSaziso awubachazele okwenzekile Babu Mbhekiseni.
" Kahle kahle ngisabuza wena ngiyeza kuye bomama nikani lendoda amanzi kusho iphoyisa.
" ngiyabonga Phoyisa ngicela ningipha amanzi kusho uMbhekiseni ehlala ngesisu wase elalela iphoyisa lihlaba isisebenzi sakhe ngembuzo.
" Ndoda uthi wena ufike umfana omncane engasenakhanda kodwa uyena ofike wathatha ihalavu kuwe.
" Yebo bab phoyisa.
" pho igazi leli elikuleli halavu elabani kubuza iphoyisa.
" Angaz baba phoyisa mina ngizizamela amatoho ukuze ngisize ugogowami onesifo senhliziyo angiyena uMbulali ungabuza yena. Baba uMbhekiseni.
" ngiyeza kuye wena phendula imibuzo... Awushoke uthe mawumunika ihalavu umfana wathi ulisaphi kusho iPhoyisa linqika etafuleni sakuhlala lilengise unyawo.
" Akashongo ulithathe ngisadonsa ithumbu lokunisela ngazitshela ukuthi uzolibuyisa.
" Lalelake ngikutshele mina muntu womthetho mfanawami, uyabona leligazi elikulelihalavu igazi lalomfana ufike washaya abantu abakhubazekile njengoba lobaba ngimbona ulimele negazi liphume ngezindle esho ekhomba uMabizela wase ushaya uMbhekiseni waquleka wase uzama ukubaleka kanti sekufika abantu besonto ngoba bahlangane nawe ubaleka.
" Hhaaaawuuu kodwa ubani ongangifakazela ngimsulwa mina esho ekhala izinyembezi umfana omncane.
" Mr Mabizela ubani owenze yonke lento kubuza iphoyisa libheka uMbhekiseni, wathula umuzuzwana wabona ukuthi uma engakhuluma okwenzekile kuyovela amahlazo ezimpande ezasezingabonakali, wabona ukuthi kuzovela nehlazo nemkhuba yensimu.
" Mr Mabizela ngiphinde umbuzo awuzwanga kubuza iphoyisa.
" Ungabuza futhi Phoyisa.
" Ok elikabani leligazi elikulelihalavu kubuza iphoyisa was ekhumbula uMbhekiseni ukuthi umzukulu wakhe uzigencile igazi lasalela ehalabivi/efosholweni.
" Igazi elilapho kulelo halavu elomzukulu wami muntu womthetho.
" Ingabe ugencwe ubani ikhanda?
" Yiyo lendoda kusho umbhekiseni ekhoma uSaziso kwathi akaquleke umfana omncane wezwa isiyezi wakhala into angakaze wayikhala ebuka uMbhekiseni umuntu asemsebenzele iminyaka esazi nesimo sakhe senhlupheko kwaba buhlungu nakomama iphoyisa selikhipha ozankosi.
" Saziso Nkomo usubushiwe ngecala lokubulala uphinde ilimaze abantu abakhubazekile ngeke uphinde uphume ejele mfana wami asambe kusho iphoyisa limfaka ozankosi limgquba lihamba naye eyongena evenini
" Ngaze ngaliboshelwa icala engingalenzanga kusho uSaziso ekhala elunguza ngefasitela leveni imoto yahamba kwafika nehalavu balithatha sebeshuthile beqedil. iAmbulance yathatha uMabizela kwafika nehheshe lakwakhe uMbhekiseni lathatha umfana wakhe esewugobhozi ngaphakathi imudle yamuqeda insimu bamangala nabasebenzi bakhe ukuthatha isidumbu esi empty phakathi kwakungumhlolo abangazange bawazi emandulo,. Yafika iAmbulance wangeniswa esibhedlela sasegoli uMabizela, umbhekiseni wakhala into angakaze wayikhala impilo yakhe yonke ephelezela umfowabo equlekile
" Qina mfwethu awukwazi ukungishiya ngedwa hhhiiii hhhiiii Kodwa ngizothini kuSimangele ngomtanakhe hhhiiii hhhhiiiii ngaze ngambulalisa umzukulu wami ngokumenzisa umsebenzi wokugenca izimpande hhhiiii hhiii kwaze kwabuhlungu okusehlelayo kwaMabizela, nangu noSithembiso ingane kaMfwethu ayigcwatshiwe.. Ngizoziphindiselela kunina zinja zakwaMadi ngoba kunjenje ingenxa yenu esho ekhala ngendlela ebuhlungu uMbhekiseni. Wafika esibhedlela wangeniswa kwabagula kakhulu bamuzungeza odokotela.
Kuthe ezihlelele ugogo kaSaziso emzini wakhe kwafika omunye womama ebebekhona ngenkathi kuboshwa uSaziso bafike bamubikela ugogo ngomzukulu wakhe uSaziso oboshiwe savele samelwa inhliziyo isalukazi sabantu sashonela khona lapho