Sikhiphe Mntanami
P57
Nkomo: athi masesekamereni leli akhiphe iskuqu semali ephaketheni lakhe ayiphose phansi ebese ethi"thokoza wean owasemhlabeni wencebo thokoza ndlondl enkulu sishingshane mabonabulawe!!! lapho usho konke lokhu uguqe ngedolo phansi uphethe amanye amafuthana!!
kuthi kungakapheli sikhathi esingakanani inyibitheke lenyoka ibululu leli lize lizisonge kuye agcobe lamafutha ezandleni aliphulule!! maqede athi!!" thokoza mashiza ndlondl enkulu namhlanje ndoda ngikuphathele idili likamkhipheni!! into eshisa bhe!! ozozitika ngayo uze udele kodwa okwamanje ngizoqala ngiyibike ngembuzi ebese ngithatha imbijana nje yegazi layo uliphuze!!.....
ngoba iyona esizokuphekela isidlo sakho isazothi nje ukuphithiza layikhaya sengisholo uukuthike ungayexwayi !! thokoza wean mkhafuli wedayimane liphenduk ukhezo mxoshi wekati eziko Esho elokhu eqhubeka eyithakazela inyoka lena
inyoka: isuke iqaqeke engalweni yakhe ebese ibibitheka isiqonde kwindawana embozwe ngamabhayi ongazuthi isasigodlwana....
zethu:athi Qala Qala abone isbhamu lesi phekwe tafula lapho izinyembezi zigobhoza kuhle kwempophoma lapha kuye"kodwa jesuu ngangoneni kuwe? kungani Mina ungizonda kangaka?? Esho ekhala esondela kuleli tafula elinesbhamu!!!
Nkomo: asukume athathe isgubhu lesi ebese esigcoba lamafutha lawa maqede lenyoka ikhafule imali izigidi ngezigidi!! size sigcwale"hahaha!! awuzwake!! thokoza!!! Esho eyithatha eyithululela,phansi eyibala!! ....hahaha ehleka futhi
zethu: athi ukuthi qala qala futhi abone ukuthi unkomo usabambelezeke kuleli Kamero!! athathe isbhamu asule izinyembezi Lezi namehlo asebomnvu "yooh!! Kant isinda kangaka lento kodwa lento mina ngizoyenzani??
ngeke angikaze ngambulala umuntu Mina ngeke kusho uzethu esathuswa ilesbhamu asiphethe ngesandla.....
Nkomo: Yaa awuzwake wothi ngyothathake lomhlatshelo...esho uzethu njalo....aphume esathi nje uvula umnyango azithele kuzethu esethibile nesbhamu eduze komnyango wekamelo leli aphuma kulo unkomo
zethu: akhombe unkomo ngesbhamu!!" eyy ungabe usanyakaza !! uyezwa wean khehla ndini elonakele?! uke uzame ngizokuphambanisa nemnvula mina!! uyezwa wenanja!! Esho ememeza esakhombe unkomo ngenganono lapho akasineki akathi nsi!!
Nkomo: hayybo sweet heart!! uwenzan.......
zethu: yeyii ngizokusakaza ubuchopho make wazama ukusondela!! uyangizwa!!! suka kancane uqonde emnyango ushaye I pin!! ungake uzame uku....ngoba ngizokubulala ngempela mina!! kusho uzethu namanje esakhombe unkomo ngesikhafula mlilo!!
Nkomo: hahaha!! ehleka uzongibulala?? hahaha! Yeyi wean sphukuphuku sengane angishongo kuwean ukuthi ungake uzame ukunyakazA hee awudubule phela sbone?? Esho esondela kuye unkomo lapho uzethu usamkhombile kodwa ngenganono
zethu: hayybo uyangi tester yin?? Esho evele eyidonsa I trigger kodwa isibhamu sinxaphe singadubuli!!kwazise phela asihlohliwe!
Nkomo: hahaha!! uzam ukwenzani ngempela hee ucangthu ungadubula mina wean hee ?? Esho evele emuthi gqimu ngesbhakela amushaye Awe uzethu nalo izulu lezandla leli!!asondele unkomo asicoshe isibhamu ebese eyasihlohla " fusegii sukuma sukuma marn!!!
mgodoyi ngitheni kuwean hee?? Esho emgandaya ngebhuzi esathi usasukuma uzethu!!
zethu: awee!! awe ekhala ecela ushwelr kodwa unkomo angabi nabubele
Nkomo: xhuu xhuu !! kukhala umsindo webhuzi lankomo ligxoba uzethu ikhanda"fuseg sukuma marnn!! Esho ngesankahlo!!
(emgwaqeni)
mashezi: akhiphe ifoni afonele uzondi" baba!! Silana ecrosin ingane ngiyitholile kodwa isesimeni esibucayi baba sicela usilande ....
Zondi: wee ayii nakhoke yin futhi mnje mashezi?? ifunan lapho emgwaqeni?? ngabe kungcon ukuthiwa ishayiswe imoto ngoba angazi ihambe ima emgwaqeni iyahlupheka yini!
mnxm angithi bezisaqhuba bona lobu bufebe bazo!! eyy gede marn angizi Mina lapho angithi imoto yami nje iphele uphethiloli ngenxa Yayo ngi....
mashezi: kodwa Zondi!! uthi ingane ngabe kungcono ukuba ifile?? avele anengwe umashezi acishe ifoni!!
SLI: mAh mina Angi ..
mashezi: weSli ungazond dakelwa nawe uyezwa!! angithi ngisiza wean mina la!!
SLI: mAh uzethu umnganam u...
mashezi: eyiii weSli ungazonginyanyisa mina mnxm angithi uyamuzwa nobab wakho uthin la efonini!! hee Esho emdonsa ngenkani ngengalo esedushuzela Naye usli emdonsa kuhle kwembuzi ekhulekwe ngentambo!!
masikhokhela: hawuu kodwa Dade useyidonselanike ingane kabuhlungu kanjena?? kusho lomama eqhweba umazulu behleba
mazulu: ayii asazi Dade hlampe ade imtshela nje ukuthi idlenguliwe!!hlamp ingakho eyidonsa ngengalo usefuna ukuyoyinenebula!!endlini
masikhokhela: kodwa Ah sesyasho nje Nathi usli ade ayiqala lento yakhe yokuba Unonkiloyi ..Esho ehlisa izibuko ezibeka ezansi kwamehlo eqhubeka egqolozela umashezi njengoba edonsa usli ngengalo sebelibangise koZondi!!
Zondi:heee mnxm yazi isisemgwaqenike manje ukuthi ibiyaphi angazi!! sekufanele ngigijimeke mina ngyolandana nayo!! ayi mnxn angenziwa kanjalo mina kusho uzondi ezihlalele kusofa efunda iphepha
iyaqhubeka....,✍️