Sikhiphe Mntanami P69😥

Down
0

Sikhiphe Mntanami P69😥

Mkhize:heee yaz

 umokgotso usjwayela Kabi kodwa!! ukuthi usewu kapteni akusho ukuthi Thina siyamsaba!!mnxm ufika la sihleli uzosikhulumela amasimba!! ...angithi sishilo nje sathi sisaphenya!! Esho emonqoloza le milk shake ephenduka nesihlalo!!

Xulu:ayy Mina ngsasho Mkhize awuhlanganise iyimivi syohlasela lapha!! khona into eshaya amanzi kuleli Cala!!

Dlamini:ayii kulungile constable iyimivi zizohlanganiswa yimi!! Esho esuka eqonda kuwo amabutho !!!

Xulu:ehh wen Mkhize awuhambe uyobheka lomsolwa ukuthi usaqhuba kanjani!! eselini kodwa ten sisazothi ukumgcina until kuhlangane ubufakazi obuzophatheka!!Esho esuka ephuma nayee ashiye umkhize esathe Dekle phansi esihlalweni!!"

Mkhize:mnxm yaz Kant umuntu kfanel afukuze  ngisho nange weekend mnxm Esho esuka  ethatha isbhamu asibeke phekwe tafula khona la ewovisin ebese ethatha okhiye elibhekise eselini!!

mageba:namanje usahleli uwunyube uyakhala khona lapha eselini lapho ezinye iziboshwa sezilungiselela ukuyogeza!!

Mkhize:esondela Ku Xaba Lo omi la eduze kwama cell njengoba kuyena u wardener "ehh Xaba ndod zidedele manjeh zambe zyogez eyy zyanuka lezinto!! 

Xaba:ayy kulungil detective!!"Esho ebewavula ama cell"eyy Vuka sboshwa!! phuma!!!"eyyiii eyiii aksikho emakini la vukan fuseeg phuma eshaya izintsimbi Lezi nge donkipiri!!

mageba:esahleli phansi ekhala lapho ezinye iyiboshwa zyaphuma

Xaba:yeyii wean uyakhala! ucangthi Khon unyoko la!! eyy fuseg phumaa!!

mageba:esukuma kancane lapho akuhambeki nakahle!! 

Xaba:eyiii wean Esho emuthi vunqu ngedonkipiri emhlane amshaye agobe!!abambe  umhlane!!

Mkhize:ayii Xaba mnyeke manje sengzodila nayee!!"qhubeka nalaba abanye!!! yah wean ndoda yabonake ukuthi kumnandi kanjani layikhaya!!

mageba:ngimsulwa mina ngcel ningidedele! !! bayanguhlukumeza Lana!!ekhala!!esaguqe phansi! 

Mkhize:ooh namanj awufun ukuvuma icala"ayyke ngazothi ukukyekake zigidagide phekwakho izinja zalayikhaya Esho esuka ehamba"ehh Xaba ndoda awudile nayeee Esho eshikila umkhize eshiya umageba ekhala ubumaye Maye egxotshwa uxaba ngebhuzi!!

Phindile:awuuu kodwa nkosiyam yeyii ngathi kuyiphupho kimina ukuyekhaya!! besho besetekisin!! isagudla Nabo la ejozin!! 

Zamani:yeyiii webafo NAMI ngathi ngyaphupha yeyiiii ayiiii  iznto zimane ukwenzeka bukanje hehehe ehleka besetekisin imuka nabo

kwamakhathni😥

makhathin:wee zethu wen awungitshele Kahle kwenzakalan!!ngawee njengoba ukinywa nayizipoki!! ukhala ngabantu abafun ukukubulala ngphendule marnn!!aksasizi ukulokhu ubihlika la,!!uzenze Wena marnn msun wenja!! enengwa ethethisa uzethu bonke sebesedaningi njengob kwikhona lapho abalungiselela khona ibhulekifasi!!

Sgidi:kodwa baba udadewethu khona into emdlayo akekho rty!!

makathin:Wena ngzovele ngikumure ngempama ngob angazi noma usuwuzethu yin nawe!!

zethu:Evel esuka eciphiza izinyembezi ekhala"baba ngonile ngcel ukuxolisa ngakho konke engikwenzile!! "baba sekphelil ngempilo Yami sengikphoxile njengengane yakho!! "ngimbulele bengivikela ngambulala !! ufile baba ngimbulele!!

makhathin:heee? uthini??

zethu:esakhala"ngibulale umuntu UBAba ngimgwazile ubefun ukungibulala bengizivikela!!*NGCel nifonele amaphoyisa baba ngijeze !!  vele ayisekho into engzoyiphilela manje!!"ngyofela khona ejele!!

Makhathin:yeyiii wean uthi wenzeni??? usukwaz ukubulala wean umncane kanjee!! "yeyiiu yaze ngaze ngakwesaba wengane! hawuuu yeyi sgidi Letha la ucingo lwami ngishayele amaphoyisa!!"ngeke anguhlali nombulal Mina hawuuu yehen webantu!!

shesha Wena nocingo lwami

sgidi:ngyacela,baba ngokukhulu ukwithoba asiqale sisizwe Sonke istori sadadewethu ngyacela Baba ubuye ukhumbule ksayindodakazi yakho Lena!! mawumbophisa avel ashone lapha ejele uzothin??ayiii Bab ngyacel simeseke sqale Sizwe uvo lwakhe baba

makhathin:habeee!!kwashintsha ukudla epletini!!"Wena sgidi usubonisa mina!!noma nawe uzethu usekufake Lo shevu wakhe!! "awuu kodwa nkosiyam Shruthi Mina anginayo nje ingane ephilayo!! Zonke lezinto izilingo nje!!*mnx within ngvele ngiwafonele Min Esho etotoba ethatha ucingo!!

Sgidi:ayyke baba shuthi makunjalo nami ngyahambake layikhaya!!zethu:kulungil sgidi nfwethu lento impi Yami ngiyekele ngijeze vele ngonile......lento angifuni ihlukumeze Nani ngizojeza ngedwa yimi onecala Esho ecweba izinyembezi!!!"baba ngicela Mande ufonele amaphoyisa unginike lolusuku kuphela ngye clinic ngiyohlola ukukhulelwa!  "ngimithi baba!! ekhala futhi "ngadlwengulwa

Sgidi:😯😯😥hawe mAh ebabaza

makhathin:yeheeeeni hawuuu jesuu kuyanda Nkosi!! uthini???uthi kunjani???

zethu: kulungil vele lesisu ngzosikhipha ngeke kyafana ngyejele vele manje ...lengane angilungiselelanga mina ngadlwengulwa ngingazi ngidakwe iphilisi sinomnganami uSli 😥 kodwa vele ngzosikhipha ebese ngyazibulala!??. ngcela baba nawe sgidi nithathe Nansi imali ekhipha iskuqu uR6000  nisale nibona mina Nani isiyohlangana kwelethongo!!!!Esho ehlwitha umakhathin ifoni efonela amaphoyisa!!!

sgidi: hayyybo sgidi Mus ukuyenza loyonto!! hayybo kukhuza usgidi ebona uzethu efonela amaphoyisa ezinikela,"lapho umakhathin uyadunyelwa usevele watheneka ngisho Amandla okuthetha....lapho noSli uhamba ulibhekise Kubo enqondweni yakhe kuduma ukuthi uzofica abazali bakhe laaba afuna bamchazele konke ngokuzalwa kwakhe ebese eyahamba!! Kanti akazi ukuthi phambi kwakusasa umngcwabo wabo kwazise Phela vele uzondi nomashezi babejoyine umshwalense!!!

.......✍️

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !