Home ISOKA LAMI ISOKA LAMI 😊 P20 ISOKA LAMI 😊 P20 1 Like = ❤️ August 25, 2023 0 ISOKA LAMI 😊 P20"Mah usandile inkosana Lo engihamba naye uyena ongisizile Kanye no Zinhle ibona abangisindisile njengoba ungibona nje nginje ebusweni sengincono manje bengixakile bengisanisa kunalokhu kodwa wangithatha ngemoto yakhe wangiyisa enyangeni yakubo yangelapha konke lokhu bengenziwe umuntu ebengithi umngani wami ehlangene no mawakhe kodwa konke lokho uzokubona kusasa mAh kuchaza untombenhle ekhala"Ungabe usakhala Ntombenhle inyanga le esiphuma kuyona ayishayi eceleni thula manje lokukhala kwakho kuzokugulisa nakho Kusho usandile "Mmmh ngyabonga kakhulu sandile inkosi ikubusise anginalutho engingakubonga ngakho mfana wami kodwa okwenzile ngithi nje inkosi ikubusise ikwandisele kusho umazond esekhala ebonga enconcoza"Ngyabonga mah ngezibusiso zakho futh ngicela wazi ukuth untombenhle Lo ngimsize ngothando asikho isidingo sokuthi uze ungibonge ngento izibusiso zakho zisho lukhulu kimina Kusho usandile ngenkulu inhlonipho le"Mmmh athi ngenze itiye fuze engabe nilambile manje kodwa zingane zami awukho ushukela Kusho umazondi esula izinyembezi"Ayikho inking mah sizoliphuza linjalo itiye kusho usandile"Mah yazi mina lokhe kusile angikaze ngidle ngilambile nje kodwake sengophuza Lona lelotiye ngibambe umoya ngilala ngikhathele futh kusho untombenhle eshawa amahloni ukuth inkosana uzobona usizi lakubo manje Lapho umazondi wenza itiye aqede abanike behlale phansi baliphuze waliphuza no Sandile itiye elingena shukela ngoba enqena ukuphoxa nje "Ngyabonga ngetiye mah sekumele ngihambe kodwa ngaphambi kokuba ngihambe ngicela ungiphe inamba yakho ma khona zonifonela ngilokhu nginihlola ukuth nisaryt Yini Nino Ntombenhle kucela usandile ngenkulu inhlonipho le nangampela amnike inamba umazondi abonge usandile avalelise aphume amkhiphe untombenhle bafike emnyango"Sandile ngyaxolisa ukuth uphuze itiye elingena shukela kodwa isimo thina sesilijwayele ubona nje solala sphuze Lona nje Kusho untombenhle "Khululeka Ntombenhle ayikho inkinga ngiyazwisisa konke konkx Tags ISOKA LAMI Facebook Twitter Whatsapp Newer Older