ISOKA LAMI😊 P85

1 Like = ❤️
0

 ISOKA LAMI😊 P85


"Yazini ngeke ngilokhu ngikhala la ngoba vele ngeke kungisize ngalutho ukukhala awuthi ifoni Yami ngi WhatsApp u Sanele Kusho untombenhle esula izinyembezi wathatha ifoni yakhe wangena Ku WhatsApp wamfica e online no sanele wabe ephosa i voce note untombenhle


"🎙️Sawubona Sanele ngicela ungisize mebuya usandile ungidlulisele umyalezo umtshele ukuthi angaphinde angifonele angalinge futh abeke umcondo wakhe la ekhaya mina sengimblokhile Yonke indawo ngyakucela bandla Bhuti Kusho untombenhle eyihambisa ivoyc note ayivule usanele ayilalele aqedeayiphendule


"🎙️Hau Ntombenhle noma engabe umfwethu wenzeni kodwa kuyahlalwa phansi into ikhulunywe ilungiswe uyazi ukuthi umtowethu uyakuthanda nje ngicela uhlale naye phansi bandla nikhulumisane Kusho usanele njengoba eyilalela nje untombenhle no Zinhle avele asendele usanele Yonke lento eyenziwa usandile wavele wadinwa usanele udinwa ukuthi umfowabo engayenza kanjn lento Ku Ntombenhle Abe amshela iskhathi esingaka wagcine esemthanda usanele wahlala ubusuku bonke ethi ulinde usandile kodwa lutho ukubuya Waze wazumekela khona la kusofa kwaze kwasa ekuseni njengoba evuswa umsindo eokuvuleka komnyango Kanti usandile uphethe ijakhethi yakhe ngesandla akabuzanga lutho usanele wamdumela ngesibhakela wakhohlwa nokuthi usandile mudala kunaye


"Aybo wenzani Wena Sanele usukhohliwe Yini ukuthi ngimdala kunawe Kusho usandile ebamba usanele emgxavuna kwaze kwaqhamuka undlovu nomandlovu


"Aybo Yini le eniyenzayo la Nina kuthetha undlovu wavele wasuka usanele wahamba wabashiya kanjalo


"Buza indodana yakho baba Kusho usanele eyosithela enyanyile


"Sandile umenzeni umfwenu ngoba ave ekuhlonipha Ngeke avele alwe nawe nje kubuza undlovu


"Ngabe nginamanga baba angaz ngenzeni ngiqhamuke sengidunyelwa nje ngesbhakela Kusho usandile ephuma igazi emlomeni Phela usanele umshaye Kahle


"Anginazo izingane ezixabana Zodwa mina ngyaqala nokumbona usanele enje kuzomele ikhulunywe lento ukuthi inkinga ilaphi Kusho umandlovu

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !