Sikhiphe Mntanam p27

1 Like = ❤️
0

Sikhiphe..mntanam p27


isho ibingena esangweni eyakoZondi afike ayipake e gcekeni maqede Ehle Kanye nendodakazi yakhe


Zondi:asambeke Ndodakaz syendlini Esho ebemuphathela ifayela lakhe Kanye namaphilisi emuhola phambili uSli alandele ngemunva...ebese esivula isicabha uZondi azithele kumashezi no Zethu behleli kusofa


Zondi:yaaa sengkhona!!!


Zethu:eqhaqhazela ecisha ukuzichamela!!!
mashezi;haw baba usubuyile?? Haw yeheni!!! webantu!!!... Ndodakazi!! mntanami!!


Zondi:ayy nokho sbonge useluleme yena...Esho ebehlala dekle kusofa!! noSli Naye atotobe ebese ehlala kusofa lapho uZethu useyiskhova inkos impela uselokhu enquluza amehlo!!!


Mashezi:kodwa Ngan yam!! ngaze

 ngajabula!! Esho ebesondela kuye!! usuzizwa unjani manje???SLI:eyy mAh khona ngisasezinhlungwini akuhambeki akudleki!!! Esho ebekhwehlela etefa!!


Mashezi:eeyy kodwa ngengane yam nkosiyam !!, baba into esoyithini Lena!!


Zondi:eey nkoskaz ayikho into esoyithini Lana!! lomuntu usephila Saka manje phela ulandwe yimi esbhedlela!!...esho ebelaxaza izikhiye zemoto kusofa maqede aqaqe ibhande!!...


Mashezi: hayybo Baba wagumula ibhande Pho!!
Zondi:eyy Thula nkoskaz!! "yahh ke Nina!! senipheleleke mnje ngfuna kenichazeke ukuthi ubani Lo owasungula le partyy?? Zethu Qala uchaze wean SLI uyalandela!!! Esho ejuluke emanzi te uZondi!!


Mashezi: haw kodwa Baba nkocyam uya....


Zondi:eyy nkoskazi ngithe Thula!!...Zethu chaza ngilalele 


Zethu:ekhophoza eswele umgodi wokucasha!!....


Zondi:eyy ngithe chaza. marn!!, anginado isikhathi Sonke Mina kusafanele ngihambe!! ...Esho ebelula ibhande!! lapho umaShezi nkocyam usefana nehlengethwa uselokhu ebakaza ezama ukukhuza uZondi Lo osengezwa mshini!!
Zethu:ehhh ....ba..ba...Zondi....ngi...imina engasungula....I..ii..

Zondi:eyyy Musa ukungingiza marn!! wean khuluma ngizwe!!!


Zethu:ithina....esasungula..iparty ...ngase Mina ngibiza Abantu!!!


Sli:hawuu Zethu !! unamanga!!!


Zondi:eyyy Thula wean Sli syeza isikhathi Sakho,!!! qhubeka wean Zethu!!.


Mashezi:kodwa baba besikhona isidingo salento!

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !