INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 36

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 36

Kuthe uMbhekiseni noMabizela sebeqoqe izinsizwa ezigqabile ezichatha zigqume ziphalaze, zase zingqaba ngesibiba senyoka amadoda asehostela athenjwe kakhulu ngenxa yokungadubuleki kanti futhi banezidumbu inqwaba, iningi labo sebaganwa bahlala khona ehostela baneqembu labo elaziwa ngeMAMBA EMNYAMA. amadoda aseshiye imizi emningi kukhalwa kanti futhi ababoshwa ngoba bahamba inyanga ebahlafunisa okuthile uma beya enkantolo, yize kwesinye isikhathi beboshwa kodwa imvamisa banemithi ebizwa uphunyuka bemphethe.

" Zinsizwa ngizwile okuningi ngani igama mina ngingu Mbekiseni Mabizela bese kuthi lona uMfwethu owakhe egoli, sinenkinga mani madoda kunabantu ababili nje vo esesizame ngayo yonke indlela kodwa kunzima ukubanqoba angazi basebenzisa muphi umuthi kusho uMbhekiseni.

" Hhawu ababili nje vo kahleni bo kusho uMbulali indoda ehola iMamba Emnyama. 

" Impela mfanomdala kwamina nje ningibona ngiyaziwa eThekwini nginamabhizinisi amakhulu ngizinqobile izikhondla khondla ezinkulu kodwa ngiyahluleka kulabafana kunomfana ekuthiwa uSikhumbuzo angimazi lomfana amandla angaka uwathathaphi washaya ingane yami kwangathi ushaya unosidoli imilenze indiza emoyeni embambe ngengalo eyodwa kufakaza uMabizela. 

" ugcono ubhuti wabona okwakhaya eyedwa mina ngabona benqoba amadoda amahlanu izikhondlakhondla amadoda anamandla asesuse abantu abaningi kodwa cha engakubona kwenzeka ngikude ukukukhohlwa ngezwa kubhonga amadoda kwangathi kuhlatshwa inkunzi ngabaleka ngangabheka emuva ngilibangise lana egoli. 

" Kwamina ningibona ngilana kunzima ukuyohlola amabhizinisi ami ngenxa yalezinja ngibalekele bona labosathane abangasile kusho uMabizela.

" Hhey yazi ngizwa ngibila uhlalaphi yena loSikhumbuzo kubuza uMbulali indoda ezibazibazi esibulele abantu abayikhulu nanhlanu (105)

" uhlala ethekwini kodwa yena uselokishini thina sisesilungwini kuphendula uMabizela. 

" Ngake ngahlala ethekwini ngiwunogada esteshini ngiyawazi amalokishi akhona ayingozi ingabe udabukaphi losikhumbuzo kubuza uMbulali ebhema. 

" KwaMashu eSinqawu nqawini kuphendula uMabizela. 

" Hheeeee uhhhhuuuy ekwehlela umbulali exhilwa ugwayi. 

" Yini ndaba mfo bethuka omabizela bebona exhileka. 

" Hhay khululekani bobaba ngibheme kabi nje kusho uMbulali. 

" Manje ke Khuluma ke nsizwa uma uthatha ibutho lakho niyothumba abazali balomfana bese niyamtshela ukuthi azinikele kithi ngaphandle kwamaphoyisa ngoba uma ewaletha sizobe sifasele ibhomu kubazali bakhe nokuzothi uma bezama okuthile sicindezele inkunobho kuqhume ibhomu kufe abazali bakhe, kodwa mina nomfwethu sizolandela ngenye imoto sifuna ukumujezisa kuqala ngaphambi kokuba nimubulale lomfana kusho uMabizela sekuthulekile du. 

" Ok baba sizinsizwa eziyishumi namhlanje uSikhumbuzo uzocula amagugu uzofisa okwenja eshayiswe imoto masekufike thina kufike izikhafula gazi, izinja ezibhodla umlilo.. Masenithinte thina anisenodwa uSikhumbuzo esenyakazise uHostela namhlanje uyolala kwabakubo emathuneni kusho uMbulali esukuma ebuka ibutho lakhe lamvumela ngebhesi. 

" Malini zinsizwa enizoyidinga? 

" 100 000 baba ngoba sizothumba sibulale umndeni waSikhumbuzo siphinde sibabulale. 

" Sinemali eningi kakhulu zinsizwa ubala lolo.. Asambeni ke madoda siyethekwini khona namuhla u5 wantambama kumele ashaye singena ethekwini kuzothi ngo 20:00 ebusuku sihlasele ngezibhamu kusho uMbhekiseni. 

Nangempela izinsizwa zathatha ikhumbi zangena indlela belandelana noMabizela eyothatha izimpahla bese belibangisa kubokaSikhumbuzo. 

Kuthe sekuba mnyama imoto egcwele ibutho benuka phu intelezi bakhokha izibhamu babona ukuthi uMadi uyangena ngemoto yakheq. uMpume yena usekamelweni lakhe nomtwana uyancelisa, umkaMadi uyapheka ekhishini uNathi noSikhumbuzo bengekho. UMbhekiseni noMabizela babebukela ekudeni. 

Kuthe nje uma sekuzovaleka isango batheleka bonke behlomile bakhomba ubaba kwaSikhumbuzo ngesibhamu engakadiliki. 

" Yes madala ungalokothi ubange umsindo ngena endlini kusho uMbulali amehlo esebomvu emnyama nobuso obuzibazibazi buhlinile. 

" Ngicela ningangibulali ningayithatha imoto nemali kusho uMadi ebambe ikhanda ecimezile. 

" Tseg uzwe ngathi ukuth sifuna imali yakho woza singene endlini kuthe nje kusenzeka lokho uMpume wabona kuCCTV kwazise banamacamera kodwa engaboni bezifihle ubuso, wathuka wagijimela isibhamu sakhe washiteta ingane. 

" Weeeeeeeeeee kumemeza umkaMadi ebona abantu bengena belusa umyeni wakhe. 

" Thula gogo kusho omunye edumela umkaMadi emubamba emshova phansi. 

" nifunani kodwa zingane zami singaninika imali uma niyifuna kusho umkaMadi ekhala. 

" Sifuna amadodana akho mama baphi? Kubuza uMbulali engasasineki. 

'' Abekho mfanawami kusho uMadi. 

" Fusegi amanga kusho omunye eshaya uMadi ngesidunu sesibhamu ekhanda wopha igazi

" Hhawu kodwa sesizothini abekho kukhala umkaMadi esula umyeni wakhe igazi ekhala. 

UMpume wathatha umakhalekhukhwini washayela. USikhumbuzo. 

📲Bhuti wami sihlaselelwe kunabantu abagcwele indlu lana bafase umama nobaba ngebhomu bafuna nina. 

📱Hhheeeeee!!!!! Kumangala uSikhumbuzo. 

📲Mina nginomtwana baningi wozani. 

📱Sisedrobheni thina ngakaZwane dadewethu kuphendula uSikhumbuzo ethukuthele ethukile. 

" yes sifeb* ukhuluma nobani kusho insizwa eyodwa ikhomba uMpume ngesibhamu esahleba. 

" Nifunani kusho uMpume ngezwi elinolaka. 

" wathi uzuma inkabi ngesibhamu sangadubula kwaqina iminwe. 

UZamani kusho insizwa imuphonsa phansi ngesibhakela wawa nengane  wamukhomba ethi, "sukuma. nangempela wahamba eqonde naye lapho bebophele khona uMadi nomkakhe bafasa noMpume. 

" Lalelani ke bantu bakwaMadi nizoshayela uSikhumbuzo nimutshele afike manje lapha ekhaya sinesikhathi sonke kusho uMbulali ehlala phezu kwetafula ebeka isibhamu sakhe wase ekhomba uMadi ukuthi asho inumber kwaSikhumbuzo.

" Uzosebenzisa umakhalekhukhwini wakho Mnumzane umtshele ukuth ibutho laseHostela egoli liyamfuna kanti futhi alizwani nokulinda. Kwenzeka nje konke lokho kanti uSikhumbuzo usevule iLaptop ubuka konke okwenzekayo ekhaya lakubo. 

" Nathi buka bamshaye kanjani umama nobaba kukhala uSikhumbuzo ebona uyise ebomvu igazi. 

" Bashaya ubaba wethu kanje yazi ukube ngiyihlolile iLaptop baze kanjani ekhaya labantu ngoba kuyacaca bathunywe kwamabizela.

Kwangena ucingo

📲Hello Sikhumbuzo ndodana woza lapha ekhaya khona abakufunayo. 

📱Ngiyeza baba ngicela ulinde ihour elilodwa kusho uSikhumbuzo kwehla izinyembezi ebona ubaba wakhe ebomvu igazi. 

Umbulali athathe umakhalekhukhwini esakhuluma. 

📲Lalela ke ndoda mina angizwani nokulinda fika njengamanje uma kungenjalo uzogcwaba izidumbilu ezintathu or sengikhohliwe uzogcwaba izidumbu ezine kanye nosana olusanda kuzalwa, waze wafaka amaphoyisa kulendaba siyocindezela inkinobho kuqhume ibhomu siyezwana kusho uMbulali ebuka ngamehlo abomvu. 

Yaphuma indiza imoto kaSikhumbuzo ehamba noNathi bethukuthele begane umwabu. Bebuka kuLaptop ukuchanasa abakwenzayo emzini wakubo bevula amafridge besikaza ngezimpama umndeni wakubo bebhemela endlini bebafutha ngentuthu bakhwehlele nengane ihishwe ugwayi ikhale

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !