INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 35

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 35

Kuthe sebehamba uSikhumbuzo noNathi bavalelisa ekhaya uMpume wayebuhlungu efisa naye ukuba yinxenye yokuqumba uMabizela namadodana akhe phansi kodwa kwasho ukuthi usana luseluncane.

" Nihambe kahle bobhuti bami ngeke ngikukhohlwe eningenzele khona ebabuka besemotweni isiduma.

" Ungowakwethu wena kusho uNathi.

" Dadewethu unakekele umama kodwa ngiyakuthembisa leliviki elokuqeda nya ngenkohlakalo yakwaMabizela ngifunga ugogowami uJosfina umndeni wakwaMadi usazovuna.

" nihambe kahle bobhuti bami.

Yahlehla njalo imoto iyophuma ngesango yasho yangena indlela.

Kuthe USiphamandla esalele kwangqongqoza umamthembu ekamelweni lakhe.

" Qo qo Siphamandla. 

" Ngena mama kusho USiphamandla ngezwi elinobuthongo.

" Hawu usalele awuyi yini enyuvesi namuhla?

" Cha mama angizizwa nje kahle ngendaba yokunyamalala kwaMelusi esho exikixa amehlo. 

" Ngize ngaleyondaba nami esho ehlala phansi uMaMthembu.

" Khona yini osukuzwile mama esho ehlohla amehlo.

" Yebo uMelusi wahamba noSikhumbuzo, ayinanhlonipho impela lengane ivele nje ithatha umtanami ihamba izindlela zayo ngazi ngani nje ukuthi ukuphi?

" Wena uzwa ngobani mama?

" Ngishayelwe uSithembiso wangazisa ukuthi kwafika uMelusi kwaMabizela ehamba noSikhumbuzo belandelana, uMelusi wase ecela ukushiya imoto bangena emotweni kwaSikhumbuzo bahamba manje okungidina tu akasasho ukuth uhambe nengane yami.

" Amanga lawo mama uMelusi wathatha isibhamu sababa ecasulwe ukuthi uKhaya noSithembiso bayazi ngokushona ngokuNyamalala kwaMandla.

" Kuyacaca phela ukuthi umushayelile wathi abahlangane ngoba inhloso yalomfana ukuthi nizondane nabafana bamaBizela.

" Mama uSikhumbuzo mina indlela engimbona ngayo akuyena umuntu omubi ukhumbule angeke azuze lutho ngokusixabanisa nabakwaMabizela futhi akabhekile mafa noma zikhundla zalapha ekhaya yingakho wenqaba ngisho ubaba efuna ahole inkampani yalapha ekhaya, naye uphuma emndenini omi kahle lenkampani enkulukazi ekhiqiza ushukela iMadi Suger ngeyakubo kodwa yena wakhetha ukushiya umfowabo nobaba wakhe ukuthi babhekane nayo yena wakhetha ukuyozihlalela phesheya.

Wake wathi ukuthula uMaMthembu edidwa amazwi anobuhlakani akhulunywa USiphamandla wamubuka emangazwa indlela ajula ngayo ngemcabango kodwa kwasho ukuthi uthando analo ngabakwaMabizela nabo akabacabangeli okubi ngoba iminyaka endlulile ku40 uMabizela noZwane bengabangani abakhonzene njengezelamani, wakhumbula ukuthi akukaze nangelilodwa ilanga baxabane manje sekungashintshwa yini konke lokho.

" mama usangilalele nje noma ngikhuluma ngedwa.

" Ungixolele ngane yami ukuth nje ngicabanga kento oyishoyo ukuthi ingenzeka kanjani ngoba uMabizela uma ezonda lomndeni wayengaqeda ngawo kudala engekho uSikhumbuzo, manje sekumele makufa noma kunyamalala umuntu sisole yena ngeke mtanami ngiyala.

" Mama akengithi nje yibhekisise lento angisho ukuthi yikholwe.

" Cha Cha Cha Cha ngiyala lomfana unomoya omubi buka nje usenijikile kodwa iminyaka nizwana nabafana bakwaMabizela.

" Phela mhlawumbe bagaqele izikhundla kwazi bani.

" Cha musa ukukhuluma ubungane wena Siphamandla umncane wena awazi lutho buza kimi... UZwane noMabizela bavumelana ukuthi mngani wami uma sesithatha umhlalaphansi kuyothatha omunye wamadodana ethu, uma uMabizela wayengavumelani ngalokho wayezonqaba. Yingakho nami ngingabanga nankinga ukuthi mina noMabizela sibeke uKhaya ngoba noZwane wayezimisele ngokuthi sibeke uMandla, manje mina bengingafuni ukuthi abakwaMabizela babone ngathi sifuna kuphathe ezethu izingane kodwa masekumele kungene ezabo sinenkinga.

" Kodwa mama ubaba wakubeka kwacaca ukuthi ufuna ukuthi mayethatha umhlalaphansi esededa esihlalweni kungene umuntu ofundile waze wathweswa ijazi wathola i degree ngoba lesikhathi sanamuhla kusebenza kakhulu ubuchwepheshe besimanje manje, kanti futhi ubaba wayalile ukuthi kungene uKhaya kodwa akaqhubeke nemfundo kubambe uSikhumbuzo.. Usakhumbula?

" Yebo ngiyakhumbula ilanga uSikhumbuzo noKhaya becishe belwa... Angithi inzondo kaSikhumbuzo yaqala laphoke njengoba umbona engawufuni lomndeni manje usefuna siwuzonde sonke kusho ukuthi unenhliziyo ebambayo unamagqubu, awukwazi ukuqamba amanga uze ufuna kuzondwe ingane kaMabizela ngenxa yokuthi waxabana nokhaya.

" Cha mama wena nje awuzwa kutho masekufika emndenini wakwaMabizela.

" Labafana baMabizela bakhulele phansi kwami bebancane behlonipha futhi uyise uyindoda eqotho ubafundisile inhlonipho.

" Inhlonipho lento ibiyenziwa uKhaya ethuka abasebenzi mama?

" Kuyenzeka phela uhluthuke mawumuntu asifani kukhona abantu abahloniphayo kodwa banenhliziyo encane.

" Mina nje sengijahe kuvuke ubaba namhlanje ngiyombona esibhedlela kusho USiphamandla evuka ehlala esembhedeni.

" Kulungile kodwa ungakhohlwa ukulanda imoto kwaMabizela.

Washo esukuma eyophuma ngomnyango.

USiphamandla wabe esehlala ocingweni.

📲Hello Sikhumbuzo.

📱Sho Spha.

📲Ey bhuti Sikhumbuzo nginenkinga lana, ngithukile esho kungathi izwi liyakhala.

📱Kwenzenjani manje Spha.

📲Ngiyasola uMelusi khona abakwenzile kuye okungiphatha kabi sebefuna ukukubheca ngobende inyama ungayidlanga.

📱Uthini manje Spha kusho uSikhumbuzo emisa imoto ephuma eceleni.uNathi wamangala. 

📱Abafana bakwaMabizela bathi uMelusi wahamba nawe, kanti benzela ukuthi uma kukhona okwenzekile kuMelusi kuboshwe wena.

📲Ha ha ha stupid Mabizelas kuhleka uSikhumbuzo ebeke umakhalekhukhwini wakhe endlebeni.

📱Uhlekiswa yini bhuti sikhumbuzo.

📲Manje mabethi mina noMelusi sasilandelana sebekhohliwe ukuthi izimoto zinamaTracker, okokuqala mina ngenkathi umamawakho engixosha ngalala ehhotela ngahamba ekuseni ukuya ekhaya. I Tracking company yami iyazi ngangimi endaweni eyodwa (ehhotela) ngaze ngaya ekhaya ngakusasa. Secondly umakhalekhukhwini wami uzoveza ukuthi sagcina ukudonsa endaweni eyodwa ngasiphi isikhathi, okwesibili usisi wami is a detective usebenzisana nalabantu ekuthiwa ama forensic scientist abahlola igazi, nangendle okwenzeke ngayo behlangene nabantu ekuthiwa ama Autopsies labo umsebenzi wabo ukuhlola isidumbu emva kokusweleka komuntu kuthathe amafinger print kodwa noma isidumbu singekho izimpahla zamufi nazo ziyathatha kuhlolwe okuningi.

📱Ey ngiyajabula ukuzwa lokho bhuti Sikhumbuzo unobuhlakani nobuchule. Uthe esakhuluma kanti umaMthembu uyadlula ezwe emncoma bese elalela. 

📱Siphamandla wena ungahamba uyilande imoto kodwa ngicela mawufika egaraji lakhona ungihlolele okunye ozokuthola ushuthe kodwa uqinisekise ukuthi awubonwa muntu. 

📲Ngiyasaba bhuti sikhumbuzo what if sebebulala mina. 

📱Ngeke bakubulale ngoba kuzoba Obvious ukuth yibo, kanti futhi uma usuhamba ngemoto ushuthe konke nemoto ekulandelayo. 

📲Kusizani ukushutha ngoba uma bengibulala bangagxoba ifoni kuphele ngeRecording. 

📱Nami bengenza iReserch izolo emva kokuba ngenze iphutha lokufelwa ifoni... Uma ushutha into ofuna ukuthi ibe ubufakazi, futhi ingakulahlekeli noma kuphele ngayo makufa ifoni kumele ungene kuFacebook live ushuthe ngayo laphoke ngeke ikulahlekele leyovideo ngisho kungaphohlozwa ifoni yakho, kungathi noma uthunjiwe leyovideo uFacebook uyayigcina ibonwe nangama Facebook friends bese kuba lula ukulandela umkhondo. 

" Yazi ukube bhuti sikhumbuzo wawukhona ezimpilweni zethu ngabe uMandla noMelusi benza lento oyishoyo. 

" Yebo waqala wasola okuthile ngena kuFacebook live uqophe ivideo usho ukuthi usenkingeni uyajahwa obani ukuphi kuyothi noma bebulala ifoni kodwa uFacebook usegcine konke uyothi mawungena kuFacebook wakho ngenye ifoni uyithole ivideo. 

" Sengiyokwenza ngelinye ilanga lokho kodwa ngizizwa ngisaba bhuti sikhumbuzo. 

'' mina noNathi sizongena emgwaqeni wangakini kodwa sicinga iBnB. 

" Hawu kwancono ufuna ukusondelana nathi. 

" Yeah ntwana yami. 

" Ngicela ukuthi uhambe ugade uma sengilanda imoto ungilandele ngize ngufike ekhaya. 

" Ok vuka ke uhambe kusho uSikhumbuzo evala ucingo. 

Bahamba balinda babona USiphamandla engena waphuma nemoto ehlehla washaya ucingo,"niyangibona bhuti sikhumbuzo. 

" Ya sikubhekile kodwa sihamba ngemoto ongayazi ebomvu. 

" Ok ngiyayibona sengikhululekile kusho USiphamandla esho evala ucingo,bamulusa njalo waze wafika kwaZwane kodwa bangangena badlula belibangise eBnB ebude buduze nakhona.

Umamthembu waqonda emaphoyiseni.

" Singakusiza mama.

" Ngizovula icala uSikhumbuzo Madi uhambe nengani yami ayilubambi ucingo manje angazi uyisephi.

" Hawu mama uyazi izolo kufone umuntu ongazishongo igama nesibongo uthi uxabene noSikhumbuzo manje uyamudaluka siyile nakwaMabizela sabuza uKhaya, bakuqinisekisa ukuthi uMelusi wafika elandelana noSikhumbuzo waseshiya imoto yakhe ekhaya lakubo wangena emotweni kaSikhumbuzo wahamba naye... besithi siyeza nje kwaZwane lomuntu ube esesazisa ukuthi uSikhumbuzo Madi uhambe noMelusi Zwane washona naye emadwaleni kungathi umkhombe ngesibhamu.. 

" Hawuuu!!! Kuthuka uMkaZwane. 

" Sithe masifika kuleyondawo sathola nazi izimpahla esho edonsa ikhalibhothi iphoyisa wakhipha izimpahla zaMelusi ezinegazi.

" Hhaaaayyyyyy Sikhuuuuuimbuuuuuuzo kodwa umenzeni umtanami, usungaze ungilaye ngomtanami kusho uMkaZwane ekhala kwaduma ipolice steshi.

" Sizohamba siyomubopha akhombe nalapho afihle khona isidumbu mama phephisa kusho iphoyisa limunikeza izimpahla. 

" hhhiiiii hiiiiii haweeeeeh Kodwa ngomtanami hhawuuu kodwa ngake ngazilaya ngavulela lomfana wakwaMadi ukuth angene emzini wami ekhala ezibhuqabhuqa phansi sekuvele nama pitikoti uMkaZwane waze wanesibibithwane.

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !