INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 37

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 37

Bahamba baze basondela impela uSikhumbuzo noNathi eSinqawunqawini bafike bama kancane behlanganisa umqondo. 

" Nathi ubonile ukuthi lawamadoda ahlomile ayizingovolo kanti futhi angifuni sidubulane nalegenge kukhona umtwana ngoba naye angaze adubuleke kanti nomsindo wokuqhuma kwezibhamu awuyilungele ingane. 

" Manje sizokwenzanjani bafo kubuza uNathi ehlohla amehlo. 

" UMaster J wasipheka mfana manje ke isikhathi sokukhipha lonke ulwazi esinalo kuqhume umhlathi kuqhume amehlo kuphuke idolo endodeni kusho uSikhumbuzo eshintsha ebusweni. 

" Khona uqinisile kanti futhi legenge ithe uma singafaka amaphoyisa kuloludaba bazoqhumisa ibhomu leli abafasele kulo umndeni wami.

" Ey uyabona nje uma singathola indlela yokubadonsela ngaphandle kungajuluka umnsinsila endodeni kusho uSikhumbuzo. 

" Basazonya lezinja. 

" Lalela ke Nathi uyabona namhlanje uzobona uSikhumbuzo ongakaze umbone badlalele endaweni ewrong kuSesinqawunqawini lana. 

Kuthe nje uma ebukisisa uNathi kuLaptop kaSikhumbuzo wabona lapho udadewabo ubezama khona ukudubula kodwa wangakhona.

" Sikhumbuzo awubuke kahle lana uMpume ubezama ukudubula ngabe kwenzekeni.

" ngathi isibhamu sinxaphile kodwa manje kanjani kumangala uSikhumbuzo.

" Asambe icebo lizozakha mfo asizinikele kulabosathane kusho uSikhumbuzo. 

" Ya asihambe sibone kuzokwenzakalani kusho uNathi. bahamba. Kuthe besahamba babona imoto emile bude buduze nasekhaya lakubo basola ukuthi ungomunye wezinkabi. 

" Hhay bo uyabona lemoto inenombolo yasegoli kusho uNathi. 

" Ya khona okushaya amanzi ngalemoto ake siyisondele kusho uSikhumbuzo ebamba isibhamu ngesandla. 

" Nami ngifuna ukuthi sibahlabe ngemibuzo abantu abaphakathi kusho uNathi eqhumisa amaqupha. 

Kuthe nje besalindile uMabizela noMbhekiseni emotweni babona ngamathoshi kuqhamuka imoto ngemva kwabo.

" Mbhekiseni uyabona ngathi kukhona abeza ngemvakwethu kusho uMabizela eqalaza

" Awu kodwa ngabe ubani kubuza uMbhekiseni ebamba isibhamu ngesandla.

Wehla uNathi ezifihle ngekepisi kwazise abamazi kahle njengoba bazi uSikhumbuzo, umuntu omaziyo uMbhekiseni ngoba wayekhona mhla beqoba izinkabi ezinhlanu.

" Nangu lomuntu eza nemoto ayibonakali ngoba sixhoshwa izibani zemoto kusho uMabizela ebuka ngemuva esemubi ehlinile.

" Awumuyeke ngizomshaya ngenhlamvu kusho uMbhekiseni ekhokha isibhamu.

" Cha sehlise isibhamu mhlawumbe umuntu ozobuza noma iphoyisa lomgwaqo akumele size sisolise kusho uMabizela elungisa ibhantshi. 

" Yazi uqinisile mfowethu kusho uMbhekiseni esishutheka masinyane ngaphansi kwesitulo isibhamu. 

" Uxolo ngicela ukubuza uNathi emi efasiteleni likaMbhekiseni nangempela wabe ehlisa ifasitela.

" Yebo bhuti singakusiza kubuza uMbhekiseni emisa isandla ukusitha ukuxhopha ebukisisa kahle ukuthi ubani.

" Yes kusho uNathi ethumela isibhakela singena ngefasitela, wathi esatatazela uMbhekiseni ezama ukugoba acoshe isibhamu wezwa ngonoxhaka wesandla umuthi nqi entanyeni lapho ingalo kaNathi yayisinemisipha umbhekiseni wezwa ngathi iminwe ingena enyameni waqhaqhazela, woma wacishe wachama. uMabizela wathi uzama ukucosha isibhamu wezwa ngenqindi iphihliza ifasitela yamubamba intamo kanti isandla sasikhumbuzo.

Wavula umnyango uNathi walahla phansi uMbhekiseni enhlabathini, noSikhumbuzo wenza njalo kuMabizela wamukhipha wajikeleza imoto wamdibha phase wahuhuluza ngobuso uMabizela wahamba wayobhajwa esifubeni samfowabo.

" Hawu kanti yilezinja kusho uMbhekiseni ezama ukusukuma wezwa ngogebhu kwaphakama imilenze yomibili entaza emoyeni wafika washaya ngesiphundu phansi wabona izinkanyezi.

" Yenina bafana siyekeni sihambe nifunani kithina kusho umabizela ezama ukusukuma wezwa ngengqomu yesithende sikaSikhumbuzo ukhala kukhakhayi wezwa ngathi intamo iyaqhuma wavoshoka phansi kwangathi kuhamba ingqondo kuMabizela.

" Aaaaaahhhhhh aweee eishuuuu aweee kusho uMabizela ebhuquza phansi ezwa intamo ibuhlungu ingaphenduki.

" Nisijwayezwa ubani nina kusho uNathi aphakamisa uMbhekiseni, wathi uzama ukulahlela isibhakela uMbhekiseni kodwa uNathi wavele wavimba isandla wasibamba wasiphendula wase esifahlaza ngenye ingalo yaqhuma ingalo kambhekiseni indololwane yagoba kwaphuma ithambo, waqeda wamukhuphula ngedolo ebusweni wayobhakazeka emotweni washaya ngeqolo kabuhkungu wawa phansi wasondela uNathi wamusukumisa wasemuqubula wamusa phezulu wase eyamudedela washaya ngedolo ensimbini yemoto  uMbhekiseni  waqhuma inkomishi yedolo. 

" Aaaaaahhhhh aaaaahhhh eishhhiuuuuuu xolela mfana kaMadi kodwa wangixhwalisa sengiguga sengizoba yini emhlabeni esho ingalo ilenga iveze ithambo idolo nalo livakakile kuvele ithambo ekhala uMbhekiseni ezwa ubuhlungu angazange wabuzwa empilweni yakhe.

" Woza lana wena kusho uSikhumbuzo evusa uMabizela intamo isikhonkekile engasakwazi kwakusukuma kungathi ushaywe izulu. 

" Aweeeeehhh eishuhuuu awuu xolela ngane kaMadi hhaaaaweee mamayooooh kodwa mtanami awusabi nanozwelo ngimdala kangaka ezama ukuncenga  uMabizela ngoba uSikhumbuzo wayemuhudula ehuhuluza ngomhlane esihlabathini esinamatshe wase emuphakamisa embeka ehlombe wagijima naye eqonde efasiteleni lemoto wafike wangena ngokhakhayi kaMabizela ubuso babhodloza ifasitele lemoto wadabuka ubuso waba namabhodlela ebusweni wadwebeka imidwa ebusweni enyantisa igazi wamfoma igazi wasala elenga kulo ifasitela lemoto iyembe elimhlophe nesudi kwabombu igazi lasaphazeka lagcwala ifastela wathamba lushu umabizela ezwa izonhlungu wachama. 

" Nisijwayela kabi nina kusho uSikhumbuzo engasasineki edabula iyembe lakhe esala neVest. 

UNathi wahudula uMbhekiseni eseyinto nje enengalo engasebenzi nomlenze uveza ithambo elithusayo, wamulaxaza ngakumabizela owayelenga emnyango wemoto.

Wakhuphulu unyawo uSikhumbuzo isithende sakhala emgogodleni kuMabizela wawela emhlabathini wafola eceleni kwaMbhekiseni sebeyimcaba belele phansi becela uxolo bequma. 

" Shayela labantu benu manje baphume baphele ekhaya bashiye abazali bethu nibatshele ukuthi bazonithola ehlathini beze nalo ibhomu bashiye umndeni wami ngale kwalokho nginiqhumisa ubuchopho manje kusho uSikhumbuzo ememeza ebeke isibhamu ebusweni bambhekiseni esegqoke ivest yakhe izinkonyane sezivele zonke nemithambo isigcwele ezingalweni kulunguze izifuba. 

" Ngikhiphe umakhalekhukhwini wami ingalo yami ayisasebenzi kusho uMbhekiseni equma ekhala. 

" Mina nawu mshayele manje... waze wathatha amachance ngizokubulala unyamalale nja kusho uSikhumbuzo emkhutha ngokuhluthula wamunika washayela uMbulali. 

📱Eh Mbulali bayekeni labo bantu asihlanganeni ehlathini elingaphansi kwebridge. 

📲Hawu pho labantu bakwaMadi sibenzanjani ngoba silinde uSikhumbuzo noNathi kusho uMbulali. 

📱Shiyani kanjalo asihlanganeni phansi kwebridge amaphoyisa ayeza sizonikhokha imali yenu kusho uMbhekiseni.

📲Ok kulungile besho beqhaqha ibhomu kubazali nakumpume baphuma beyongena emotweni. 

UMabizela noMbhekiseni babelokhu bequme njalo. 

" Sikhumbuzo wena uzoshayela imoto yalezinja asibafake ebhuthini lemoto yami bobabili sizo deal ngabo masiqeda ngalezinja ngoba kusamele basho ukuthi bamugqiba kuphi uMandla noMelusi mina ngizolandela ngalemoto yabo. 

" Ok asibafake besho bebathatha babaphonsisa okwamazambane ebhutini lemoto kaNathi, bathatha nomakhalekhukhwini babo, bequma bekhala kubuhlungu, baqeda bahamba nabo bengena kumabumper omgwaqo begqumuzeka kabuhlungu bafike bashiya imoto yaNathi ehlathini bayifihla ngezihlahla maqede uNathi wangahamba noSikhumbuzo efuna ukubaqhamukela ngemumva. USikhumbuzo wahamba ibanganyana walinda nje ngemoto kaMbekiseni. 

Kuthe nje imoto yezinkabi isifikile emva kwemizuzwana nje bengakasondeli oyedwa wakhala ngesisu wehla wathi uzolandela ngezinyawo usafuna ukuzikhulula ngoba sebefikile uyabona nalapho kulindwe khona ngemoto kaMbekiseni.  Kuthe lona odilikile oyedwa esakhokhoba ehlisa ibhulukwe efina ukuzikhulula kanti uzodukela lapho kufihlwe khona imoto kaNathi nokuyilapho kukhiyelwe khona uMabizela noMbhekiseni. Uthe esamangazwa imoto wezwa abantu ababequma. Walalela wathi mayelunguza imoto wabona beshiye nokhiye ngoba babebona ngathi akekho ongabona imoto. wavula wathatha ukhiye wavula ibhuthi wabona uMabizela noMbhekiseni bequma kungathi baphelelwa amandla. 

" Hawu makufa labantu ngeke sihole kusho insizwa ifasa ibhuluko yangasazikhulula yavele yavala ibhuthi wangena emotweni wayihlehlisa Kuthe uma evusa amehlo uNathi wabona imoto yakhe ihlehla ngesivinini wazama ukugijima eyijaha kwasho ukuthi usekudeni yadla phansi imoto. Kwathi kusenjalo uSikhumbuzo wasithela ngemoto zeza izinkabi ngekhumbi zicabanga ukuthi kukhona uMabizela noMbhekiseni uSikhumbuzo walala phansi isasondela. Waciba kahle iPetrol Tank eyayikhanyiswe amalambu emoto kaMbhekiseni. Kuthe nje isasondela ikhumbi nezinkabi eziwu9 kwazise eyodwa yehlile iyozikhulula yase ibalekisa uMabizela noMbhekiseni.. Kuthe uma ikhumbi isisondela impela emotweni kaMbhekiseni uSikhumbuzo waciba kahle evale ihlo ebuka ngelilodwa wadubula iPetrol Tank kwaqhuma imoto yabhoma kwasuka omkhulu umsindo kwaqhuma namabhomu ayephakathi imoto yaqhuma yaphakama kwafa zonke izinsizwa zasehostela ezazisemotweni kwasinda lena ebalekise uMabizela nomfowabo.

" Usuphumaphi manje mfwethu kubuza uSikhumbuzo ejulukile kunomlilo omkhulu. 

" kuphunyuke oyedwa wabaleka ngemoto yethu kusho uNathi ehefuzela. 

" Damed lezinja!!! kwenzeke kanjani kodwa lokho? ngoba iLaptop yami iphakathi emotweni, kodwa akuhluphi ngoba ngayenza ibackup kuServer yami yonke into ekulaptop izobuya ngoGoogle account wami ngiyithole ocingweni lami. 

" Awusuka madoda uchwepheshe wasekhaya, awubheke imoto yami ngoba ineTracker ungakhona ukwenza Ngomakhalekhukhwini wakho sibalandele? kusho uNathi ejulukile.

" Yebo bafo... Yingakho phela ngithenge i-IPhone mfwethu ngoba engikwenza kuLaptop yami ngikwenza nakulomakhalekhukhwini asihambe sizobathola kusho uSikhumbuzo bephenduka bebheke emotweni kaMbhekiseni befulathela ilangabi lomlilo elikhulu bashiya izidumbu zasehostela ziphenduka umlotha

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !