INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 57

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 57

Kuthe uma umndeni kaMpume ufika esibhedlela bafika uMpume esacilongwa odokotela equlekile egumbini labalimele kakhulu. Kuthe kusenjalo kwaqhamuka uSikhumbuzo egijima ehamba noSiphamandla. 

" Kwenzenjani kusho uSikhumbuzo ehefuzela. 

" Nathi sibizwe satshelwa ngendaba yokulimala kwaMpume kuphendula uMadi.

" Mina bengingale emaWardini sicinga umama Zwane sezwa ngomsindo omkhulu sanganaka nakhu ke abantu sebesho ukuthi kubhome imoto yephoyisa kusho uSikhumbuzo ethukile. 

'' Kusale kancane ubone imbangela yalokuqhuma mfanawami kusho uMamawakhe. 

" Yazi mama bengizitshelile ukuthi uma sesiqedile ukubona umama Zwane ngizodlula kuMpume kanti ngizosindwa yizinyawo esho ekhala uSikhumbuzo. 

" Asibonge ukuthi usindile mtanami asilindeni sizwe udokotela uthini kusho uNina. 

" Demed maan!!!! Kusho uSikhumbuzo efikelwa intukuthelo eshaya ibhentshi ngesibhakela. 

" Yehlisa umoya mfanawami sizoyithola umbangela yalento kusho uMadi ebamba uSikhumbuzo emahlombe. 

" Sizomuthola umenzi wobubi mfwethu singoMadi thina kusho uNathi ebamba uSikhumbuzo ehlombe.

" Yazi mina besengikhohliwe nokuthi kambe nani nilana esibhedlela ukuzobona umamthembu unjani yena kubuza uMkaMadi.

" Ey mama ufe uhlangothi futhi akakhulumi manje asihlalanga kusho uSikhumbuzo. 

Kuthe nje besakhuluma kungene kuqhamuke udokotela emnyango

" Sanibonani ingabe inina abakwaMadi? 

" Yebo dokotela yithina kusho uMadi esukuma ebanjwe uvalo bemlandela ngemuva. 

" Ngicela usondele baba Nangempela wasondela. 

" Mr Madi uMpume ulimele pressure yokuqhuma imuthuthile washayeka ngehlombe ngenhlanhla umgogodla wakhe awuthintekanga ngabe sikhuluma okunye nje manje.. Besicela ukuth simenze iOperation usayine njengoyise ngoba kulesikhathi samanje asisavele sihlinze umumtu uma equlekile ngaphandle komndeni. 

" Awu kodwa ngomtanami kusho uMkaZwane ebanjwa isiyezi kungathi ufuna ukuwa bamubambe bamuhlalise phansi.

" Kodwa ke sizomuthatha nge Ambulance ahambe aye eCapetown kuSpecialist ekuyisona esizomuhlinza simicilonge ngedlela esezingeni eliphezulu. 

" Hhiiii hhhiii ngingamubona esho ekhala uSikhumbuzo ebuhlungu nodadewabo. 

" Cha anikazu ukumubona okwamanje into ekumele yenzeke kumele ahambe khona kusihlwa nina seningamubona eCapetown noma uma esebuya khona ngoba usaqulekile kodwa uzophaphama ngiyanithembisa. 

" uMabizela angingabazi nakancane ukuthi nguyena wonke walento kusho uNathi ekhala. 

" Uphi umuntu oyi head of security kusamele achaze ukuthi kuza kanjan ukuthi kuchonyekwe ibhomu ekubeni kuseshwa esangweni kusho uSikhumbuzo amehlo ebomvu ngenxa yokukhala. 

" Iqinisile kuza kanjani ukuth kungene amabhomu ekubeni kuseshwa kusho uNathi evumelana noSikhumbuzo. 

" Mama sicela nisale kancane nobaba sisafuna ukubona umphathi walesibhedlela besho bephuma intukuthelo ibhalwe ebusweni. 

Bahamba bekhuphuka izitebhisi ubona ukuth abananhliziyo bahamba baze bafika ehhovisi lomphathi bangqongqoza. 

" Sawubona Mnumzane kubingelea uSikhumbuzo. 

" Yebo ningahlala phans esho ekhomba izitulo. 

" Igama ngiwu Sikhumbuzo Madi lona umfwethu uNathi madi. 

" ngiyajabula ukunazi nginganisiza ngani. 

" Size ngodaba lokulinyalelwa ususi wethu lapha esibhedlela ngenxa yokuqhuma kwemoto esisola ukuthi ibitshalwe ibhomu, manje sicela ukubuza ukuthi kanti isecurity company eniyiqhashayo isebenza kanjani ngoba kuyacaca ukuth iziguli aziphephile kodwa sithi kukhona onogada besicela ukubona ne head of security ngoba uma sisuka lana siyovula icala ukuze kuzophenywa ukusebenza konogada bakho kulesibhedlela. 

" Ey ngiyakuzwa Madi nami ngiyazwelana kakhulu nosisi wenu kodwa nifika nje besengimthintile umphathi wesecurity company okuyiyona esiyiqhashile kulesibhedlela, umphathi wabo uzomisa bonke onogada bebesesangweni ngenkathi kwenzeka lesehlakalo. 

" into yanini leyo ngoba thina sinosisi ogulela ukufa eICU manje ngeke silinde kuhudulwe izinyawo ekubeni abenzi bokubi betamasa kubuza uNathi. 

" Umphathi wamasecurity uzofika kusasa kodwa ngiyathembisa ukth ngizo terminate icontract ngiyikhiphe lenkampani ngoba ayiwenzi umsebenzi kusho umphathi wesibhedlela ebabuka emehlweni.

" unawo amaCamera kulesibhedlela kubuza uNathi. 

" Yes ill ask ccvt footage ku head of security. 

" Ngizoyidinga ngokushesha kusho uSikhumbuzo esukuma. 

" Uphi yena leyo head of security kubuza uNathi. 

" ikhona awuthi ngimucele angilethele ifootage ningalinda khona lana kusho uMphathi. 

📞Mr Ndlela I need u in my office ngicela nje uqophe I footage kudisc eveza konke okwenzeke kuLift, car parks, and passages.

📞KULUNGILE SIR...

Nangempela wayenza wabuya nayo wabanika

" Siyabonga besho besukuma.

" Nginifisela inhlanhla ophenyweni lenu kusho uMphathi evalelisa bephuma. 

" Sikhumbuzo ngiyamuzwela lomuntu owenze lento kudadewethu.

" Uyabona Nathi mfowethu ngifunga umkhulu wami uJetro Madi labo bantu basazoyikhotha imbenge yomile, basazojeza bayofisa ngathi abazalwanga ngizodinga iLaptop yami manje ngiyishiye endlini.

" asibuyele kumama nobaba sizwe ukuthi ubaba usayinile yini? Ukuth uMpume ahlenzwe enhlombe.

Bahamba bafica uyise esesayinile uMpume wangena eTheater kuzothi kusihlwa ahanjiswe eselibangise eCapetown.

" Asambeni siyeni ekhaya sesozwa kusasa ukuthi bahambe kanjani endleleni eya eCapetown kusho uMadi.

" Uqinisile ubaba asambeni siyophumula kusho uSikhumbuzo basukuma bonke beqonde emotweni balibangisa kwaMadi, u sikhumbuzo wahamba wathatha iLaptop wafaka ifootage wayibuka eside isikhathi wabona umuntu angamazi eparking wagobondela kodwa walokhu ekhuluma nomakhalekhukhwini wakhe kuthe uma ebuka ukuth ingabe uxhumana nobani wabuka konke okwakwenzeka esibhedlela wabona uSimiso noCommander bengena eWardin ekwagugade kulo uMpume wabona bezenza abantu abacinga isiguli wabona noma bekhuluma nocingo wamisa isithombe esewavule wonke amehlo egqolozele iLaptop waZoom isithombe esikhulisa wabukisisa waphinde wahambisa wabona ukuthi uma esephuma lomnumzane wezibuko(commander) uphumisana nalomfana ubezulazula eparking yezimoto esibhedlela. Wahambisa wahlehlisa << wase ebukisisa lendoda yezibuko. Wathatha iprinter wakhipha kwaba yisithombe esikhulu wasinamathisela ebondeni. Kuthe nje esalokhu ebuka lesithombe ebuka indoda enomzimba egunde ikhanda ifake izibuko.

" Ubani lendoda yazi amehlo ami ngathi ayayazi kusho uSikhumbuzo ephuma esephethe isithombe salendoda eqonde kuyise.

" Baba uxolo ingabe uyamazi lomuntu kusho uSikhumbuzo enikeza ubaba wakhe isiithombe esikhulu esinobuso baCommander.

" U- obed Magasela lona oyimayor kwelinye idolobha lase KZN usithathaphi isithombe sakhe.

" Ngisitholile baba bengifuna nje ukwazi esho efihlela uyise ngoba uyazi ungumuntu okhuzanayo athembe amaphoyisa kukho konke.

" Ok ndodana.

Wabe esehamba wangena ku-Internet wacindezela ku Google wacindezela Obed Magasela yaveza wonke umlando wakhe kwavela ukuthi useke wasolwa ekukhwabaniseni nokungamacala aphelela emoyeni, wafunda nokuthi omunye owayebanga naye kwesobuMeyor watholakala ebhome ngemoto yakhe, kodwa icala laphelela emoyeni.

" Yah uwe lona wamabhomu demed kusho uSikhumbuzo evala iLaptop eqonda kuNathi.

" Nathi sengimutholile umuntu owenze lento.

" Ubani

" Obed Magasela iMayor kwelinye lamadolobha kule Province.

" Kanjani manje kubuza uNathi edidekile.

'' Yilokhoke ekumele sikuphenye nokuthi usibangisani kusho uSikhumbuzo efaka isibhamu sakhe ngaphansi kweJacket yeleather.

" Usazochaza ukuthi owakwabani losisi amngenise esibhedlela kusho noNathi esukuma elandela uSikhumbuzo beyongena emotweni

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !