INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 50
UMabizela ulele embhedeni abalashwa kuwona kubonakale izimpande engathi ziqhamuka phansi kudabuke usimende zimzungeze kungathi zimubopha umzimba wonke. Ezinye kungathi ziyamkinya.
" weeeeeeeeeeeeh aweeeeeeeeeh Mbhekiseni nakhu ngifa kukhala uMabizela ebuka umfowabo izwi lingaphumi.
" Ayi bho bhuti yini lena egcwele umzimba wonke manje kuthuka noMbhekiseni esembhedeni wakhe.
" Kukhona okungahambi kahle ensimini mfwethu usukhohliwe yini ukuthi ubaba wahamba kanjani kusho uMabizela kungathi uphelelwa umoya.
" Mfwethu ngiyakhumbula impela insimu ilambile manje isifuna igazi lakho kungekudala kuzoshabalala umnotho wakho.
" Ngiyafa mfwethu kusho uMabizela ekhuluma izwi lingasaphumi kahle izimphande zemhlanga yombila kungathi ziyamthandela.
" Bhuti awusheleze ngizoshayela uSimangele indodakazi yami awubekezele kusho uMbhekiseni edonsa ucingo naye esewunengalo eyodwa nomlenze owodwa.
📲Hello Simangele
📱Hawu baba kodwa wabhunguka kangaka kanti ubuya nini egoli.
📲Ey ngane yami kukhona lapho ngilashwa khona manje ngibhacile emveni kokuthi sizingelwe umfana walapha ethekwini kuthiwa uSikhumbuzo Madi, uqedile ngami ngani yami bengihlezi ngithi ngisenamandla kodwa ungenze ngabona ukuthi sekusele inkani kodwa sengimdala
📱Awumeke baba mawuthi usuxhwalile usho ukuthini.
📲Ngisho ukuthi ungishaye kangangoba ngaphuka umlenze nengalo babe sebekunquma ngoba udokotela uthe ngeke kusebenze.
📱Uhlaphi Lowomuntu owenze lokho mtanami kusho uSimangele ekhala.
📲Ungowakhona lapha eThekwini kodwa sibalekile nomfwethu sicashe endaweni engaziwa uyaphuma nje kancane ethekwini bese ungena emzini osehlathini.
📱Ngiyamfuna lomuntu okwenze lokho baba uphi yena ubabomkhulu?
📲Ukhona naye useyophila ngenqola yamasondo ngoba lomuntu umlimazile kakhulu umgogodla wakhe wesekeliwe intamo ayisasebenzi kunzima mtanami.
📱Umfwethu uKhaya uthula uthini obaba bakhe benziwa into ebuhlungu kanje.
📲Ewu mina angazi kungeneni kwaMabizela mtanami ngoba ngikhuluma nawe nje usesibhedlela ushaywe iziboshwa nakhona uboshwe intombazane yakwaMadi elamana nabo labafana.
📱hhay bo baba mina ngangcina okhaya kuyibo abasatshwa itheku lonke kanti sekushintshephi konke lokho.
📲Ey mtanami angeke ngilokhu ngiya le nalena ngingasho nje ngithi ukubuya kwalomfana okuthiwa uSikhumbuzo ebuya phesheya yikhona okumoshe izinto eziningi.
📱Kanti unani yena lena engaka ngoba phela wena baba ubungathintwa mawuphethe izinkabi nama body gaurd akho?
📲Ey Smangele mtanami iqiniso lihle bayalwa labafana bakwaMadi.
📱Hhay baba noma uvuthe lezi zasehostela usho ukuth banzima kanti bona basebenzisani lena engaka.
📲Uyazi mtanami ngeke nje ngikufihlele labafana banobuchule engingabazi ngoba kungathi bayazi lapho ukhona kube ngathi kukhona into ebatshelayo, uyazi into abayenza ezinkabini zasehostela ngiyoyikhohlwa ngifile nasezinkabini ezinhlanu abaziphoqoza zashiswa ugesi kwakhala amadoda ilaphp ngadla khona phansi ukubuya kwami lapho ekhaya kodwa kuthe sengibona ukuthi labafana banzima nasesibhamini yilapho ngavutha 10yezinkabi zasehostela
📱Hhay bo baba ngoba uthi wavutha izinkabi eziyishumi ezingadubuleki pho zanqotshwa kanjani.
📲Hhey ngoba ngisho ngithi labafana khona abahamba nakho ngikutshela ukuth sasihlele ukuthi sithumbe abazali babo bese sithi abazinikele kithi kodwa ngathi babebona okwenzeka ekhaya lakubo ngoba baqhamuka esithubeni ngisahobe noMfwethu basishaya into enzima kabi base bethi asitshele izinkabi sihlangane ehlathini nokuyilapho baqeda khona ngamadoda awu 9.
📱Kanjani baba?
📲Badubula imoto yaqhuma yabhoma kwasuka omkhulu umlilo kanti vele kwakunebhomu emotweni kwasinda oyedwa owahlile efuna ukuzikhulula kanti ukusinda kwakhe nathi wabe esesibalekisa.
📱Mmh ay cha kumele sibabonele iplani.
📲Ntombazane yami ingabe kuhamba kanjani lapho ekhaya usayiphakela insimu, kuhamba kahle nasemoshali yami.
📱Kusahamba kahle konke baba futhi kulula ngoba sengilekelelwa usiyanda umfana wami ngoba ngiyamufundisa naye.
📲Hawu ingabe useyakwazi konke ntombazane yami.
📱Yebo baba yize nje wayesaba kodwa useyajwayela usekhulile phela baba usena 15 manje nobaba wakhe usefuna ukumubona kodwa wangishiya ngikhulelwe.
📲Udakiwe futhi usyanda ngeke nje ngivume amuthathe ngoba umzukulu wami nowokugcina wakhulelwa umncane mtanami ngangikuthukuthelele kodwa ngangingazi ukuthi ngizogcina ngimthanda kangaka umfana wami buka nje namhlanje uwusizo.
📲Manje usebulale ngakhi nje yabantu umzukulu wami?
📱Usabulale ababili waphakela nensimu ngingekho awazi ngijabule kanjani baba ufuze umkhulu wakhe ngesibindi ngoba nekhanda uyaligunda alifake eplastikini kodwa kusamkhathaza ukugubha umgodi uma sekugqitshwa.
📲Hhay uzojwayela umfana kamkhulu..... Lalela ke Simangele awuze uzonceda umfwethu ngapha eThekwini nayi insimu ifuna ukumkhipha umphefumulo ngoba okulandela lana ukushabalala kwamabhizisi akhe.
📱Kanti yena baba akasayiphakeli yini insimu ubabomkhulu?
📲Akekho ongamsiza mtanami njengoba wazi ukuthi uKhaya usesibhedlela nakhona ugadwe ngamaphoyisa. Okunye futhi ekumele usale usukwenza uSithembiso useduve isikhathi eside emakhazeni besithi uzogcwatshwa uKhaya nakhoke esevelelwa ibhadi manje kumele ubambe umgcwabo ngane yami umfwethu uyedwa noma ungamgcwabela lapho ekhaya uma usubuyela emumva ngoba singabandawonye nonfwethu
📱Hhay kulungile baba ngiyeza lapho ethekwini kusasa kodwa ngoba usukhulume ngendaba yalabafana abayinkinga ngicabanga ukuqhasha a qualified assassin.
📲Yini manje leyo mtanami
📱Umuntu oqeqeshwe ngezinga eliphezulu wafundela ukubulala, yibona abaqashwa uma kuzobulawa iPresident noma isikhulu esithile. Bonake babakuciba bekude ngesibhamu esinesipopolo esibizwa nge Sniper.
📲Awusuka nini madoda cha kodwa ngazala la kuwe uyazi angizange ngibe nengane yomfana kodwa wena wavele wavala isikhala buka nje nawe inkampani yakho yezidakamizwa indlondlobale kangakanani, uyashaya uyakhahlela angisakhumbuli ukuthi ngahamba amacala amangakhi esikolweni ulwa ngisho nabafana.
📱Ha ha ha awu kodwa baba kuhleka uSimangele echazeka intombazane kaMbhekiseni esetshenzelwa amadoda ayishumi nambili ukumshushumbisela izidakamizwa igoli lonke, uyabulala bese kundlondlobala nenkampani kambhekisini yemoshali.
📲Usheshe ufike ke ngoba umfwethu usenkingeni kuphela kobabamkhulu wakho onaye lona mtanami kanti futhi umfwethu okungukuphela kwakhe.
📱Khululeka baba ngo 9:00 ekuseni ngizobe ngilapho ngiyazobe sengiziphethe izidumbu ngoba kungene inqwaba emoshali engaziwa manje izidumbu ezingenabanikazi yizo ekumele zondle insimu
📲No no no ndodakazi yami kuyingozi ukuhamba ibanga nesidumbu kungagcono uvele uthathe aba hiker beza ngapha ethekwini ubadubule sewungapha sebezokwehla uvele uyophakela insimu ngoba uyayazi angithi ukuthi ikuphi insimu kababomkhulu wakho.
📱Kulungile okusho ukuthi ngizoqala ensimini ngigcine kinina kodwa ngizobe ngihamba naye lomsocongi akagejike lona baba.
📲Izobonana kusasa ke ntombazane yami.
📱Uthe nje eqeda inkulumo izimpande kwangathi ziyamuxega uMabizela.
" heee heee kuhefuzela uMabizela edonsa umoya.
" Qinisela mfwethu sixoleleni mkhovu kamkhulu kukhuluma uMbhekiseni ethukulula umfowabo eqhelisa izimpande nangempela zaxega kwangathi zibuyela emhlabathini.
" Ngiyabonga kakhulu uyazi ngangikusola ngingathandi ukuthi ufake uSimangele intombazane yakho kodwa buka namhlanje ngizosizwa nguye kusho umbhekiseni ekhuluma ebamba umphimbo obunkankwe yizimpande.
" Kufanele phela bhuti angithi kuphela kwentombazane esinayo mfwethu njengoba sesisele noKhaya nje umfana oyedwa kusho uMbhekiseni ebamba esandla umfowabo.
" Umzukulu uyakhula kodwa.
" yebo ukhilile impela yize wena ubufika isikhathi esiningi ese boarding school simuqhelisela ukuthi angaboni esikwenzayo ngoba wayesemncane kanti noSimangele unama operation akhe nje ngaphandle kwebhizinisi lami.
" Kuhlakaniphile lokhu okuwuNtombazane wakho ngakubona kusakhula.
" Ngifuna angikhahlelele lokhu okuwuMpume ngoba lobuphoyisa bakhe buyamuphaphisa buka nje manje uKhaya indodana yakho isesibhedlela
" hhay bo Mbhekiseni nakhu kushona ilanga lutho ukufika u Zakhele nomkaZwane.
" Hawu yazi nami ngiyabona kuhamba isikhathi akengishayele inkabi esho eshaya ebeka umakhalekhukhwini endlebeni... Ayi ngathi ayingeni.
" Ake ngishayele uMkaZwane.
📲Hello
📱MaMthembu unjani.
📲Ngiyaphila Mabizela.
📱Kanti manje senikuphi nakhu kushona ilanga
📲Mabizela angisazi ngithembe ini buka nje uthumela isigebengu esicishe sangibulalela ingane kwenzekani kanti mabizela uyazi ngisizwe ubani ngisizwe uSikhumbuzo ngikhuluma nje ngisemzini wami uZwane noSiphamandla basesibhedlela.
📲Hawuuu uthi wenzeni lomfana kanti umuntu uhambe eqasha izinja nje mina ngamqasha ethi ufuna umusebenzi wokushayela.
📱Cha lowamuntu indlela ubeyiyo nje isilwane uyazi ubesho ukumqeda umtanami ethi uyambulala kwasiza yena uSikhumbuzo ngiyazisola nje ngamagama amabi engangiwakhuluma kumfana wakwaMadi.
📱Ubenzeni USiphamandla eze emlwisa.
📲USiphamandla ufike egijima eqonde kuye ezomlwisa angazi noma yingoba besihamba nobabawakhe engafuni lomlisa ube eselwa noSiphamandla.
📱Mxolele ubecabanga ukuth isigebengu esizoniqola.
📲Ohhhhk usho njalo.
📱Yebo bengimtshelile ukuthi anivikele futhi abulale okusondela kini ngoba vele seninezitha.
📲Ngiyabonga Mabizela noma nje sengicishe ngafelwa yingane ubobafundisa ukuthi bakhuzeke ngoba ngithe noma ngithi ngiyakhuza ukye angangibulaleli ingane kodwa wangiphusha waqhubeka wakinya umtanami.
📱Phephisa mamthembu Phephisani mamvelase iphutha libe kimina phela labafana bazi ukuthi omama bayathanda ukukhuza nokulamula abamulaleli nhlobo umuntu okhuzayo ngisho umzali wabo obazalayo uqobo.
📲Ngiyakuzwa Mabizela usunjani kodwa wena nami ngiyafuna nje ukukubona sekudala ngakugcina nenkampani ivaliwe
📱Uzongibona maduze nje asibekezele.
USiphamandla noZwane balulama kahle esibhedlela.