INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 49

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 49

USiphamandla wayilandela njalo imoto kaZakhele inkabi egqabile ukuthi ingadubuleki okuyiyona eyasala ezinkabini zase hostela. yathi mayihamba yezwa isindwa amabhande ayo kodwa yahamba njalo njalo kodwa amabhande ayo elokhu azizwe ngathi khona omlandelayo wabe esephakamisa isivinini.

" Ni.. Ni.. Ni.. ngisaphi.. kusho uZwane epoqokile ezihlathini ungeke usho ukuthi uZwane lona ubekhuluphele kungumnumzane onesithunzi.

" Uthini baba kubuza uMkakhe ehlezi eceleni kwakhe.

" ni ni ni ngisaphi uhhhu ekhwehlela ethi uzama ukukhukuma kunzima ngenxa yemhlathi nolimi olungakathambi. 

" Ngikusa endaweni ephephile baba ngibonile ukuthi USiphamandla ungisondezela izitha eduze kwakho angifuni nje ukulahlekelwa nguwe mina Mangethe esho emusula ubuso namathe alengayo emlonyeni.

" cha usipha... ma.. ndla akanacala umuntu o o o o owayezama ukungibu.. bu.. bulala uye yena lona esho ekhomba uZakhele.

" Ha Ha Ha baba kanti usuphambanelwa yinqondo yini umazelaphi lomuntu ngoba uqashelwe ukushayela imoto kamabizela.

" nga si zwa u u u spha mandla, angifuni ukuhamba kusho uZwane ekhuluma kanzima

" Ay Ay kahle baba kanti baqinisile mabethi umuntu ogulayo uba nenkani akumele uphike naye.

" Mxolele mama Zwane kuba njalo mawuphuma kuComma inqondo kuba engathi iyabaleka kwesinye isikhathi awukhumbuli kutho naye ubaba kuzohamba hamba alulame kusho inkabi ishayela.

" ngi fu na.. u u uku buyela emu va ezama ukuphakama enganamandla kungakhulumeki

" Kahle Kahle Zwane ukulokhu usifundekela kusho umkakhe emncinya ngesandla esifubeni wakhala uZwane ngoba ukhumbula kahle ukuthi lendoda eshayelayo iyona eyayizama ukumubulala ngomqamelo kwasiza USiphamandla noMazibuko iphoyisa.

" Ngeke sithi sisiza wena bese ulokhu wenzisa okwengane kusho umkakhe esephukule umlomo ethethisa umyeni wakhe.

" Mam... Mamthembu uzongi.. bu.. lala uMabizela.

" Ncono uthule ngoba uyahhema angizwani nesilima mina, uyagula uyasizwa ulokhu ubhidilisha ukhuluma into engezwakali vala umlomo mani kusho uMkakhe embeka isandla emlonyeni esakhuluma, zehla njalo izinyembezi kuZwane ecabanga ukuthi umkakhe uyonikela ngaye ezimpisini okubuhlungu uyambona no Zakhele okunguyena obezama ukumbulala, wakhala zehla izinyembezi. Kuthe besahamba kunjalo kungene izisematheni emsakazweni wemoto.

📻 Ezisematheni nihleli noNtobeko Thusi.. Zilokhu zande njalo izinkinga enkampanini enkulukazi yamabhasi iMabizela&Zwane Buses emvakokuthi kubambe indodana yomunye wabaphathi benkampani ngenxa yokuthi uMr Zwane walimala walala eICU, kwabe sekumemezelwa ukubekwa kwaKhaya Mabizela owabekwa UMabizela ngokuvumelana nonkosikazi kaZwane, ukuboshwa kwakhaya kulethe igama elibi enkampanini nokugcine kugcolisa igama lenkampani, uMabizela naye akwaziwa lapho ekhona kodwa wabika ukuthi uyolashwa. Inkampani isavaliwe ngenxa yokuthi abaphathi benkampani ababonwa. Sizothatha izincingo sizwe abalaleli bathini ngaloludaba. Nangu umlaleli wokuqala Theku FM hallo. 

📞Ngibingelele msakazi mina ngithi uMabizela nomkaZwane babedakwe yini bebeka umuntu ongenalwazi. 

📻Asiqoqe ulimi mlaleli.. Nangu owesibili Theku FM hello kusho umsakazi. 

📞Ngibingelele msakazi ngithi mina ukulimala kwaMr Zwane yikona okwalimaza lenkampani kodwa nje nabo bacashe ngesithupha bazenza izimpumputhe babona umfana omncane osenyuvesi edambisa isimo esasisibi wasindisa unina uMabizela kwaKhaya lowo ngenkathi kunesiteleka sabasebenzi. Ukube uNkosikazi kaZwane uhlakaniphile ngabe wakhuluma noMabizela kususwe lomfana ohlaza ongakwazi nokukhuluma nabantu kodwa baqhubeka bona babeka umuntu ongazi lutho kumanje inkampani ivaliwe amabhasi amile abasebenzi abaholanga izinyanga ezimbili ngibonge msakazi

📻Mmh wabeka mfo siyabonga asithathe omunye. 

📞Hello mina ngithi nje uZwane uma eseluleme akaxoshe lesididi sikamama ngoba ngathi siyalalana noMabizela. 

📻Ay ay mlaleli sicela omunye. 

" Awuvale lento kusho uMkaZwane ethukuthele,nangempela wawuvala umsakazo. 

" Nga ngi khulume ka hle ukuthi ngifuna lenkampani iholwe umuntu ofu ndile wena weqa umyalelo wami wavumelana noMabizela kusho uZwane izwi liqhaqhazela liphuma kanzima egcwele izinyembezi. 

" Ay kahle kahle baba wawugula akukho ebesingamubeka. 

" Mka.. mi.. ungi shintshele kakhulu awu laleli.

" Baba baba awume!!! Awume nje ngizokhathala hhuwe habeee kusho uMkakhe ephakamisa izwi. 

" ngibuhlungu ngoba uMelusi noSiphamandla basafunda ngabe yibona abaphatha kulenkampani. 

Wathula imizuzwana uMaMthembu wabuka umyeni wakhe wakhumbula ukuth akakaze amazise ngokuthi uMelusi akasekho. 

" UMelusi washona baba wabulawa uSikhumbuzo esho ngezinyembezi kwavele kwangathi uyadlikiza uZwane, wamisa imoto uZakhele. 

" Ay bo kwenzenjani mama unani ubaba kubuza inkabi. 

" Woza osiza angisazi nami aphi amaphilisi letha amanzi kuleso sigubhu muhlalise anabe bazama ukumphuzisa amaphilisi kwasho khona ukuthi ubengakakulungeli ukuphuma esibhedlela kodwa waphoqa uMkaZwane nasesibhedlela kungekho abangakwenza ngoba ushadile noZwane. Waphuma uMkaZwane emotweni ebamba ikhanda ekhala.

" Hhawu kodwa Nkosiyami ngaze ngayibulala indoda yami kusho uMkaZwane ekhala.

Wasondela USiphamandla kodwa wabona ukuthi ngathi kukhona okwenzekayo, wathi uma ebukisisa wabona ukuthi uyena impela lomuntu owayezama ukubulala ubaba wakho.

" Nooooooooo noooo aphume emotweni egijima enziwa nayintukuthelo.

Baphenduka uMkaZwane neNkabi.

" Ufunani wena manje lana kusho uMkaZwane ekhala eseguqe ngamadolo

" Shiiiiit kusho inkabi ikhipha isibhamu isibamba ngesandla

" hhay hhay ungalimazi umtanami kusho uMkaZwane esukuma eqonde kunkabi.

Weza USiphamandla wathi ulayida ngesibhakela yavele yavika yambamba isandla yasiphula yase imududula ngesibhekela wawa phansi yabe isiqonda kuyo inkabi yamkinya ngaleso sikhathi uZwane kwakungathi ubona kancane walizwa izwi lomfana wakhe likhala.

" Hhay Hhay ungambulali Zakhele kusho uMkaZwane ekhala ezama ukususa iNkabi ihlezi USiphamandla emqaleni imbambe ngobhongwane wathi uyeza uMkaZwane.

"Suka uyitotosile lengane kusho inkabi isivukwe iqunga iphusha uMkaZwane umlenze wangena emseleni wawa waphuka kwaqhuma iqakala kwangasukumeka. 

" Awuuu aweee maaaah ekhala ezwa ubuhlungu..... Mamayoo aweee kodwa Nkosiyami ngiyacela ngane yami ungamubulali USiphamandla sekungukuphela kwakhe emhlabeni kusho uMkaZwane ekhala ewumcaba phansi elula usandla ebuka umtanakhe ephinqilika kodwa kwasho ukuthi uZakhele wagcatshwa ngentelezi eyenza ukuthi waze walwa abe yisilwane angakhuzeki kangangokuthi angabulala wena olamulayo.

" Ngizokukhombisa ukuthi ngiwubani mina mfanawami kusho inkabi iqinisa umunwe kuqhoqhoqho kwaSiphamandla waze wachama amehlo abamhlophe wanaba. Isibhamu siseceleni kwakhe kuthe kusenjalo kwabe sekubrika imoto uSikhumbuzo efike esedla amagalane. 

Ephuma egijima yangasuka inkabi wathi uma iphendula ikhanda yezwa kungathi ikhahlelwa yindlovu yaphoseka eceleni USiphamandla esethule, yazama ukuthatha isibhamu uSikhumbuzo wasinyathela wase eyikhuphula ngeguzu esilevulini yahamba yashushuluza ngezinqa, yanikina ikhanda yasukuma kanti ifumbethe umhlabathi yaphonsa emehlweni kaSikhumbuzo waxhoshwa yagijimela isibhamu inkabi yasicosha Kuthe usikhumbuzo esaxikixa amehlo yabe isimukhombile ibambe amakhala ayevuza igazi nesiqhomo esidumbile.

" Yima kanjalo ngale kwalokho ngikuqhumusa ubuchopho wama uSikhumbuzo.

" Awu kodwa Nkosiyami ngaze ngabuthwala ubunzima kusho umaZwane ebuhlungu ezwa izinhlungu umlenze wakhe ubambekile emseleni.

" hamba msun* kanyoko ngifuna ungene kulelibhuthi lalemoto ngiyokhombisa uMabizela ukuthi wena uyinto engekho kimi. Wahamba uSikhumbuzo ephakamisa izandla isibhamu sakhe sisokhalweni, uthe uma ethi uvula ibhuthi ngesandla esisodwa esinye ekhombe uSikhumbuzo ngesibhamu, uthe nje ethi uyawuphakamisa umnyango usikhumbuzo wenza ngathi uyangena ephakamisa unyawo elifaka ebhuthini kanti uzophenduka ngalo lushaye isibhamu siwele eceleni, kwenzeka konke lokhu uMkaZwane uyabukela. 

Yazama ukugijima icoshe isibhamu usikhumbuzo wayibamba wayiwisa ngeqolo ebhuthini yawa phansi iqolo seliphukile, wayiphendula wayixhimfa wayixhimfa yabomvu kebhu, yazama ukusukuma ibambelela ngebhuthi livuliwe uSikhumbuzo wahlisela ibhuthi ekhanda lenkabi wavala ibhuthi ikhanda lingaphakathi yezwa ngathi igaywa umshini wenyama. Yamemeza ikhala wacindezela ibhuthi lemoto uSikhumbuzo kwaphuma yonke imisipha ezingalweni kwaqina izinkonyane ehlinile eseyisilwane uqobo lwaso waxega amadolo uZakhele wavele wafa, wasukuma ethukuthele egane unwabu. 

" Sikhumbuzo ngane yami ngiyafa kusho uMkaZwane ekhala, weza uSikhumbuzo wamuphakamisa wamuthwala wamufaka emotweni, waqeda wathatha USiphamandla wamufaka emotweni, kuthe kusenjalo kufike uNathi noMpume uMpume asale esebhala ubufakazi ephepheni lakhe, washutha konke wabe esehamba ngemoto kaSiphamandla ngoba USiphamandla wayesaqulekile. Bajabula ukuthola uSikhumbuzo engalimele, uSikhumbuzo wangena emotweni elayishe USiphamandla uZwane noMkakhe wajika imoto bamlandela elibangise esibhedlela engakhulumi. 

" Hhawu kodwa mtanami angazi ngingakubonga ngani kusho uMkaZwane ekhala engazi angathini ebuka uSikhumbuzo ekhala edidekile. 

USikhumbuzo akazange amuphendule nakwelilodwa igama wahamba waze wafika esibhedlela wabangenisa maqede wahlala efuna ukuzwa ukuth bayalaliswa noma cha, kodwa USiphamandla noZwane balaliswa kodwa uMkaZwane wakhonka wangalaliswa

"Sikhumbuzo ngicela ukhulume phela mtanami kusho uMkaZwane egcwele izinyembezi emehlweni esekhishwa ekhonkile onyaweni ehamba kabuhlungu ngezinduku kodwa uSikhumbuzo wavele wathula nje wase emuthatha emufaka emotweni bahamba engakhulumi naye indlela yonke, wafika kwakhe wamufaka endlini waqeda wahamba intukuthelo yayibhalwe ebusweni kusikhumbuzo

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !