INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 51
Kuthe ngakusasa kungulwesihlanu ukusa kwaziwa nguSimangele walungisa wahamba waya waya lapho kuhiker khona wathatha abafana ababili ababeya ethekwini bedakiwe bamisa imoto wabathatha wahamba nabo kodwa babedakiwe bazumeka endleleni wabe esevele ehamba impela wathi esezofika ethekwini wangabavusa ukuthi ababuze ukuth abehli yini e Brea kodwa wavele wayikhomba ensimini kamabizela imoto belele zidakwe zinya amaphepha izinsizwa, kuthe uma efika khona wavele wabadubula amakhanda belele benjalo wase ebahudula wangena nabo ensimini yize wayengaphethe isikhiye kwaphoqa ukuthi adubule ingidi ngoba wayethenge entsha.
Kuthe mayefika ensimini wazithela ezidumbini ezidindilize ensimini ngokuhlukana.
" Hawu kuza kanjani kube khona izidumbu ezingaka kodwa azigundiwe waqalela wazigunda zonke zowu7, uBra joe, Mathebula kanye nezigora ezinhlanu wazushutha ubuso efuna ukubonisa uyise nobabomkhulu wakhe uMabizela, wabe esehlanganisa nezimbili afike nazo wabe esenquma amakhanda waphinde wagubha amahora amabili waqeda wabe esezigqiba yadla yasutha insimu kwaze kwathi ayinyakaze kwavele amakhasi kwangathi ayaphakama ngoba yayingakaze idle inani elingaka labantu. Wathi uma eseqedile washayela uyise.
📱Baba sengifikile ethekwini sengiwenzile wonke umsebenzi kodwa ngimangazwe into ethile kusho uSimangele.
📲Wow ngiyabonga ndodakazi yami ngosukwenzele umfwethu.
📱Kodwa ngixakwa yinto ethile baba.
📲Yini leyo smah kababa.
📱Baba ngithole izidumbu eziyisikhombisa zidindilize ensimini kababomkhulu.
📲Hhay bo uthini manje awubambe kancane nginikeze ubabomkhulu wakho ucingo.
" Mfwethu nangu uSimangele awukhulume naye 🤳🏿.
" Ok esho elamukela ucingo.
📲 Hello ndodakazi kaMfwethu.
📱Babomkhulu unjani.
📲Ewu siyancenga ndodakazi yami yikho nje ukuxakeka.
📱Akusekho ke ukuxakeka babomkhulu isuthi insimu yakho ngikhuluma nje
📲Hhawu ngiyabonga ngane yami mafungwase wakoMabizela kusho uMabizela egcwala injabulo.
📱Kodwa manje kunezidumbu eziyisikhombisa engizitholile kungabe uyazi ngazo.
📲Cha ndodakazi phela selokhu nje uKhaya angena ejele insimu yami ibisifile yindlala.
📱Impela ngithole izidumbu kuyo insimu ngizothumelela ubaba manje izithombe zabantu engibatholile hleze niyabazi.
📲Kulungile ntombazane yami zithumele ngicela uma ususemzini wami ungene ukhiye uwucele kwagogo Khumalo kwamakhelwane uyena ogadayo uma singekho.
📱Kulungile babomkhulu nami ngiya eOR Thambo Air port ngiyohlangabeza lendoda ebulala ngohlobo lwesibhamu esingatholakali kuleli iqhashelwa abantu abaziwayo okubumnandi ikudubula kuboni muntu ngoba isibhamu sakhe sinesipopolo angeke babe nesikhathi sokudubulana nabo njengoba kwenza izinkabi zamatekisi.
📲Umfwenu uzele ngiyaziqhenya ngawe ngane yami.
📱Kodwa babomkhulu uMpume ngimfuna mina lomuntu ngimuqhashele uSikhumbuzo noNathi laba enithi bayinkinga.
📲Kulungile ke angivalelise Mafungwase kusho uMabizela evala ucingo.
📱Kulungile babomkhulu ngiyazithumela izithombe zezidumbu manje, kusho uSimangele evala ucingo ethumela izithombe ngeWhatsapp zangena babuka kanye kanye uMbhekiseni noMabizela.
" Hawu uBra joe lona kusho uMbhekiseni
" Nangu nomathebula kusho uMabuzela ecishe eshayeka phansi.
" Bafike kanjani ensimini yakho wake wakhuluma ngayo kubo mfwethu kubuza uMbhekiseni edidekile.
" Cha angikaze nhlobo kusho uMabizela naye edidekile.
" pho kwenzeke kanjani.
" Angazi uyabona ke kuyomele uSmangele asheshe nalomuntu wakhe ngoba kuyacaca uSikhumbuzo noNathi sebeyazi ngalensimu yami kusho uMabizela eqhaqhazela wabe esethumela izithombe abazithatha ngasese kufacebook base benikeza uSmangele nge whatsapp babhala ngezansi kwezithombe ukuthi Smangele yibona bantu bakwaMadi esifuna bafe kusasa lokhu okusayo.wabhala nekheli lakubo kaSikhumbuzo.
Wabe esehamba uSimangele elibangise esikhumulweni sezindiza ukuzohlangabeza iassassin indoda ekudala iqhashelwa ukubulala eqhamuka eGerman, yafika iphethe zonke izimfanelo zayo igqoke izibuko ezimnyama egunde itaru bese igqoka isudi emnyama kanye nezicathulo ezimnyama yinde iqatha bese isudi imubamba ikhiphe konke ukwakheka kwakhe ngisho nezikhwepha nozifuba ezibanzi, indoda engahleki ekhuluma isingisi ngendlela engajwayelejile.
" Mr Kroll how are you? kubingelela uSimangele.
" im fine and you? USimangelr ebuza impilo.
" Im fine thanks thanks kusho ijalimani
" Im Miss Mabizela
" Im Mr Hassim kusho iJalimani limxhawula ngezandla eziqinile.
" Ok lets go your task is waiting for u kusho uSimangele ethatha izikhwama zika Hassim beqonde emotweni iqeda kwehla endizeni.
Bahamba balibangisa kwelikabhanana ethekwini ehamba ngohlobo lwemoto ebizayo yeRange Rover emnyama.
" So what i must do for you miss Mabizela?
" I want you to kill two guys who are very big problems in my family ill show you when we arrive kuchaza simangele ukuth ufuna lendoda ibulale amadoda amabili ayinkinga emndenini wakhe.
" Take it as a done job cz i don't miss a target kuchaza ijalimane ukuth umsebenzi acela amenzele wona akathathe ngokuthi sewenziwe ngoba akaqeji.
Wathi ukuyibuka lendoda engahleki hleki uSimangele.
Bahamba baze bafika ekhaya likamabizela.
" Mr Hassim here are the photos these two guys must.die tonight kusho uSmangele ebonisa u Hassim izithombe. Wazithatha wazibuka u Hassim.
" Ok Miss Mabizela no problem ill do the job and I'll need R500 000 cash.
" No problem we are Mabizelas money is not a problem kusho uSimangele ebuka u Hassim ngokuzikhukhumeza.
" Ok 20'00 o'clock we going ill wait far from their home anything goes in i shoot because i have their photo now kusho uHassim ewayinda umbhobho othile ewufaka esibhamini eside, wase efaka isipopolo esibhamini.
" Today Madi boys gonna die.
" Yes ill bust their heads with a sniper kusho uHassim.
USikhumbuzo noNathi bahlezi ekamelweni lika Nathi bayaxoxa.
" Bafo kunento engifuna siyenze asihambe kusihlwa siyongena ekhaya lika Mabizela kukhona into engifuna siyenze kusho uSikhumbuzo.
" Yini leyo sikhumbuzo.
" Ngifuna ukuthi sicinge mhlambe kukhona esingakuthola njengobufakazi.
" Kodwa ngicabanga ukuthi ubufakazi esinabo banele sikhumbuzo.
" Ya kodwa mina ngifuna sithole nokuthi siveze ubufakazi obuhlukene.
" Ayi kulungile asiye khona ntambama kusho uNathi.
Kuthe ntambama sekumnyama bashona khona ngaleso sikhathi babona kukhanya babona nemoto emnyama bebuka ngesipopolo besekudeni.
" Hawu ngoba ngithi uKhaya akekho nomabizela akekho ubani lowaya we moto kubuza uNathi.
" Nami angazi impela kusho uSikhumbuzo ebuka kusipopolo sakhe.
Kuthe kusenjalo babona indoda egqoke ijacket ihamba iphethe ibookcase ecwebezelayo nesikhwama esikhulu eside ingenisa emotweni.
" Ubani manje lowamuntu uthi uyabona ukuthi ngathi isibhamu lesi esikulesikhwama esimnyama kubuza uNathi
" Bheka kahle yilezikwama eziphatha izibhamu ezinde.
" Ya nale suitcase ecwebezelayo kukhona lonke uhlobo lwesibhamu sivamise ukuphathwa ama Mafia lema e America kusho uSikhumbuzo ebuka kwesakhe isipopolo.
" uyayibona intombazane kungathi ingqoke ibhulukwe le leather ne Jacket yealeather neweave ende kusho uNathi.
" Hhay bo Nathi uyayibona nayo ngathi ifihla isibhamu kusho uSikhumbuzo ebukisisa. Kuthe nje besabuka oSikhumbuzo uSimangele angene emotweni bahlehla isihlomile iqedile indoda yaseJalimani.
" Sikhumbuzo asikhohlwe ukungena kwaMabizela asilandele labantu kukhona okushaya amanzi ngiyakutshela.
" Ya asibalandele kusho uSikhumbuzo edumisa imoto beyilandela
Yahamba imoto kodwa okwabamangaza indlela yayiya kwaMashu lapho besuka khona.
" Lemoto iya ngasekhaya uyabona kodwa kusho uNathi.
" Ya ngiyabona soke sibone inkosi impela kusho uNathi eyilandela benganakile ngoba babevule isikhala.
Yahamba imoto yaze yafika ngakwaMadi. Yama eside isikhathi uHassim wasikhipha isibhamu wasixhuma kahle wasisetha ebuka ngesipopolo sesibhamu.
" im waiting one of them lets move closer cz the windows are visible the lights shows them kusho iAssesin ibuka kukhanya kodwa amakhethenisi engavaliwe.
Kuthe nje uma belokhu bebonisana iAssesin yehla ngoba kwasekumnyama yabeka isibhamu phezu kwemoto ifuna ukuciba kahle.
Kanti uNathi ubona konke okwenzekayo.
" Nathi asisondele mfo uyabona ngathi lendoda iphethe isibhamu kuyacaca ithunyelwe kithi.
" Ya cima imoto sisondele kusho usikhumbuzo ebamba isibhamu ngesandla.
Banyonyoba uSimangele yena wayehlezi estarringini Kuthe nje uma uma uSikhumbuzo ebuka ekhaya lakubo wabona ukukhanya nokuyaluza kwabantu endlini okungabazali bakhe wabona ukuthi lomuntu ucibe efasiteleni.
Wavulela ijubane isacimezile ngehlo elilodwa indoda ibambe itricker ifuna ukuciba wafike waye gxumela ngonyawo, yawa yavuka isimukhombe ngesibhamu kanti naye usesikhiphile.
Kuthe isanake uSikhumbuzo weza uNathi esendiza ngonyawo eyigxumela eqolo yawa izwa ubuhlungu kwawa nesibhamu isibhamu yathi iyavuka ifuna ukulwa yezwa ngegqomu ekhanda kwangathi intamo iqhuma ithambo, kuthe kusenjalo kuphume uSimangele esebakhomba ngesibhamu.
" Yey fuseg nina zinja zakwaMadi izandla phezulu esho esekhuphule amakhala emnyama bhuqe uSimangele.
Kuthe besanake uSimangele kanti uHassim usesicoshile isibhamu wasondela kuSikhumbuzo esanake uSimangele wezwa ngesibhamu sesimukhomba esiphundu.
" Drop the gun kusho uHassim engasahleki ugudluza uSikhumbuzo ngesibhamu kabuhlungu elindele ukudubula
" uke nje zame amachance ngiyakuphihliza ubuchopho njandini angisibo okhaya laba benibafojela kusho uSmangele ekhomba uNathi ekhanda.
Bama bephakamise izandla kuthe kusenjalo kuze imoto indiza ifike iqonde kubo bonke baginqikele emaceleni kuwe izibhamu kanti uMpume Madi usethukuthele uyaqhuma.
uHassim wazama ukucosha isibhamu athi udubula uSikhumbuzo aginqike ugobolophonjwane, kanti uNathi usephenduka emoyeni isicathulo siqonde ebusweni kuHassim sakhala esilevini avuke phansi, uSimangele azame ukugijimela emotweni ebaleka kanti uMpume usesemva kwakhe amujahe amukhube ngonyawo awe uSimangele ayongena ngobuso ensimbini yesondo lemoto ngobuso athi uyavuka uMpume avele amvuse ngesicathulo emlonyeni esethukuthele egane unwabu. Athi uyavuka uSimangele amubambe uMpume ngezinwele zaze zadompuka enyameni emhudula emvuse bese emkhipha amazinyo amabili egolide ngosibhakela awela phansi
" Aaaah Bitch kusho uSimangele ebambe umlomo nezisini adonse ispray esilenga kuMpume esibabayo sokufutha amehlo esiphathwa amaphoyisa afuthe uMpume enganakile wafutha emehlweni.
" aaaah kusho uMpume ebamba amehlo ngalesosikhathi uSimangele wabaleka wangena emotweni wayishaya yazula wabaleka wangabheka emumva uSimangele wakhohlwa kwa Hassim ngemumva
Bamubhonya bamubhonya uHassim benqakisana ngaye waze waguqa ngamadolo amalunga omzimba enkenketha maqede wawa phansi sekuphume nabantu bebukela kusebusuku, bamvusa uHassim ethambe lushu bamusa emotweni kaMpume bamusa esteshin samaphoyisa.
" usazochaza konke wena kusho uMpume efaka uHassim ozankosi
'' kukwaMashu lana mfanwami!!! uze ungaphinde udlalele esinqawunqawini mfana wami kusho uSikhumbuzo bevumelana noNathi imoto isuka.