INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 54
Kuthe uMbhekiseni ehleli noMabizela bexoxa kwangena ucingo oluvela ePolice steshi kumakhalekhukhwini kaMbhekiseni.
📲UMbhekiseni okhulumayo hello.
📞Baba ukhuluma noFmangele ngifepolif feshi ungibophile uMpume ezama ukuthi ukhuluma nosimangele ngisepolice steshi ungibophile uMpume.
📲Ini!!! uthi ukuphi angikuzwa mina kubuza uMbhekiseni enyibile ebusweni engezwisisi ukuthi uMpume uthini
📞Ngiboshiwe baba ngecala lokuthi bengihamba noHaffim ngicela ibail baba angifuni mina ukuba kulendawo kusho uSimangele ekhala.
📲Awu kwakubi mtanami ngizozama umzamo ungakhathazeki esho edumele.
📞Kulungile baba febeyangiphuca ucingo ngivobona ngawe esho evala ucingo uSimangele. Walivala noMbhekiseni.
" Hhey mfwethu into ezothiwani lena nakhu besifulathele oMabizeka kanti sekumele senzeni kusho uMbhekiseni ebheka ngakuMabizela.
" uthini uSimangele mfo.
" uboshiwe naye ubanjwe uMpume ngendaba yokuthi ubehamba nohassim.
" ewu kodwa kanti kungeneni uyazi umuntu besengithembile ukuth uzogcwaba umtanami naye useyaboshwa singeke sikwazi nokuthenga iphoyisa ngoba selokhu kubuye lenja eyayigane kwazwane akulula neze ePolice steshi.
" Mfwethu kubi impela nami sengithembe umzukulu wami ngoba phela uSimangele ubesemkhombisile indlela esinothe ngayo wena uzomisa kanjani.
" Ey Mbhekiseni ngicabanga ukuthi sithume yena lodokotela osilaphayo.
" Awu angiboni kahle uthi uzovuma.
" Thula wena uzobona indlela engizomphoqa ngayo kusho uMabizela eqethukile intamo inganyakazi kugunquza amehlo nje.
" Nangu uzongena asimulinde kusho uMabizela.
" qoqo sengibuyile bo kusho udokotela engena.
" Ngena ndodana kusho uMabizela.
" Sezinjani iziguli zami kodwa kusho udokotela ehlala phansi nokudla ebaphathele.
" Siyancenga mfanomdala kusho uMbhekiseni.
" Mina ndodana sengizobulawa itress ngifuna usizo lwakho.
" Awu ukhathazwa yini baba Mabizela?
" Dokotela wena ungangisiza kulenkinga ngoba ungumuntu ongasabi ukuphula umthetho kodwa mina njengomuntu ohleze eziqaphile ngiye ngibhale konke okwenzeka kimina bese nginika ummeli wami khona mangikhasheliwe kuzophenywa umuntu engimubhalile ukuthi babuze yena umbuzo nginike ummeli wami.
" Angiqondi kahle baba uMabizela ukuthi abhekephi amazwi akho.
" Sengisho ukuthi ummeli wami ophethe iwil yami uyazi okwenzeka empilweni yami sengibhalile ukuthi uma ngingafa ngokujovwa noma ngendlela engacacile umuntu ozophendula uwena.
" Ukwenzelani lokho ngoba phela ngikusize ufa mina noMbhekiseni wadideka nje.
" Mina nginengadi ephila ngegazi labantu ngidinga ubambe ubulale umuntu uhambe uyomgqiba kuyo ungalokothi ungikhaphele ngoba mawuya phansi siya phansi sobabili.
" Kodwa bhuti ungakwenza kanjani lokhu kusho uMbhekiseni.
" Mbhekiseni ukusilapha ngasese usicashise sifunwa abomthetho ukuphula umthetho kuyafana nokuphula eminye imithetho izono ziyafana uDokotela uzohamba enze kokhu engikushoyo ngale kwalokho ummeli wami uhambisa izithombe engizithathile sikulendawo mina ngeke ngiboshwe ngedwa manje ke asibambisane mfanawami kusho uMabizela egunquza amehlo.
" Yaz wena khehla ndini ungijwayela kabi kusho udokotela emubamba entanyeni ezama ukumukinya.
" Mangifa nje ummeli wami uzongilanda kulendawo kanti futhi uma ungangibulala ungigqibe uzobe azi ukuthi ngigcine kulendawo ngiyazihlela izinto zami mfanawami angithembi muntu mina kulomhlaba ngingathemba nangu umfowethu. Kuphela. Wavele waphela amandla udokotela waguqa ngamadolo esedangele.
" ikuphi yona leyonsimu esho ethukuthele enezinyembezi emehlweni.
" Ngizokulayela hamba oshintsha ugqoke amaguzu ushintshe lelijazi elimhlophe ufake ifosholo emotweni ngoba uzobulala umuntu bese unquma ikhanda ulifake kuplastik bese ugqiba umzimba.
" ini udakiwe yazi wena wangilaya u zakhele wangilethela inja efana nawe khehla ndini.
" Uzokwenza lokhu engikushoyo angikuceli ngiyakutshela wena phela ungudokotela esibhedlela sase Chartworth ungafuni ke ukuthi ngiveze lomsebenzi wakho wangasese bese udatshulelwa isitifiketi.
" Ngizokwenza lento oyishoyo ungalokhu ungisabisa phela kusho udokotela ehamba ashintshe abuye esegqoke ama overall aluhlaza ephethe nefosholo.
" Mina thatha nawu ukhiye wasensimini yami nedirection nansi ephepheni ungalenzi iphutha lokufaka ikhanda kuplastiki lingagundiwe siyezwana.
" Yebo!!! evuma ehluthula isikhiye ephuma ephukule uDokotela.
Wahamba wangena emotweni walibangisa esibhedlela lapho asebenzela khona weba izidumbu emoshali wazifaka emotweni walibangisa ensimini wazinquma amakhanda wazigunda wazimbela wazigqiba ethukuthele egane unwabu.
" ha ha ha Hhay Bhutiwami ngiyakuvuma uyakwazi ukwenza izinto zenzeke buka nje udokotela wonke uqulusile ensimini usebenzela wena kusho uMbhekiseni eqethukile egegetheka.
" Mfwethu ngingowakwaMabizela mina kusho uMbhekiseni ehleka naye.
Kuthe nje besaxoxa kufike uMkaZwane enqondweni yakhe.
" Hawu wemfwethu ake ngishayele uMkaZwane.
" Kulungile mfethu kusho uMbhekiseni evula ukudla edla.
📲Hello MaMthembu
📱Yebo Mabizela unjan
📲Akusafani mamthembu ngingezwa kuwe nje.
📱Kuncono nakimi akusafani.
📲Uzongibona nini kuhamba kanjani izinto uyalulama kodwa umngani wami?
📱Awazi ungiphule kanjani. Mabizela bengingazi ukuthi angisabalulekanga kangaka kumyeni wami umoya uphukile kakhulu.
📲Ewu yimbike leyonto kanti unjani nje uZwane akasenalo uthando lwakho kuyacaca kanti wena ungumuntu wesifazane olungile odinga ukunakekelwa ngeke nje ngiyivumele leyonto yenzeke kuwe.
📱Uyazi Mabizela uhleze unayo indlela yokuthi ngizizwe ngibalulekile nami ngibe nokuzethemba.
📲Phela ingabe isilima indoda engaboni ukuthi wena ungumuntu ohlakaniphile futhi edinga ukuthandwa.
📱Kodwa Mabizela kusho uMkaZwane emamatheka.
📲Woza lapha ngikhona ngoba ngeke ngikuvumele ukuthi uhlale wedwa.
📱Kulungile uzongilayela ke Mabizela.
📲Akunankinga ngizolokhu ngikuthinta ocingweni kodwa uze usize ungatsheli muntu ukuthi uyaphi ngoba kukhona abafuna ukusibulala noZwane nje koba kuhle aphephe lapho ekhona umngani wami.
"Ngiyeza ke kodwa ngizoqhasha imoto eyami ngizoyishiya ngoba akekho ozongishayelela kusho uMaMthembu
📱Akunankinga MaMthembu ngizobona ngawe.
Nangempela walunga uMaMthembu wabe eselunga washayela imoto eqhashwayo wahamba walibangisa kuMabizela.
" Ay mbhekiseni ngihamba naye impela uMkaZwane manje uyabona nje ngifuna nje afe uZwane bese ngimungena umkakhe ngimushade bese ngimusayinisa ukuthi okwami okwakhe nokwakhe okwami lapho ke ngizobe sengiwathatha wonke amasheya kaZwane angaphansi komkakhe.
" uZwane kumele afe bhuti ngoba unezimfihlo ezingakufaka ejele.
" Uqinisile mbhekiseni kodwa futhi ngicabanga ukuth ngisayinise uMkaZwane amaphepha okuthi njengoba indoda yakhe isabambekile isayine ukuthi konke ikubeka ezandleni zami.
" Ya wena sayinisa lomfazi ngoba akazi lutho uthathe konke okukaZwane ngoba ngisho nenkantolo angeke ikusole uZwane wabeka umkakhe njengomuntu othatha izinqumo uma kukhona okwenzeka kuye akekho ongaphikisana ne signiture yakhe.
" Yazi uhlakaniphile kodwa Mbhele ngifuna ukuthi ulethe nansi isuitcase yami kunamaphepha azowasayina bese nginika ummeli wami lenkampani akusophinde ibizwe nge Zwane & Mabizela buses sekuzoba iMabizela Buses ifa likakhaya leli uZwane nezingane zakhe bazoxola kodwa umkakhe ngeke ngimubulale useyohlalela ukunginakekela ngiphinde ngizifudumeze ngaye ngoba umile umamthembu.
" Thatha mfowethu uyazifela ngawe ngiyamubona esho ehleka uMbhekiseni.
" Yena ngeke ngimuyeke ngangilokhu ngimulengela amathe kodwa kukhona usuku esaku esake saqabulana ngalo uZwane engekho kodwa sakhuzana sayeka ngoba wayezwana kakhulu nomkami esaphila.
Kuthe nje sekushona ilanga watheleka uMkaZwane kanti kuzofika nodokotela esebuya ensimini.
" Sewuze wafika MaMthembu kusho uMabizela emamatheka amehlo egcwele injabulo.
" Sanibonani kusho uMkaZwane eqhugeza nokhonkolo wafike waziphonsa phansi.
" Dokotela sobuye sixoxe ungahamba usenzele uJuice kusho uMabizela.
" unjani mamthembu kubingelela noMbhekiseni.
" Ngiyaphila mbhekiseni kade yagcinana.
" eyi ukubanjwa umsebenzi kusho uMbhekiseni ngengalo yakhe eyodwa.
" Mabizela ngicela I kamero engizobeka kulo izimpahla.
" Hhay uzolala kulo leli uMbhekiseni uzolala kwelinye igumbi kusho uMabuzela.
" Dokotela woza ongiphakamisa ngiyokungisa kwelinye ikamero wafika wamuphakamisa kwasala uMabizela nomkaZwane bebukana emehlweni.
" ubuhle bakho abushintshi ukhula nabo noma sesiguga kodwa ukokhu usho ngobuhle bakho wazala uMthembu lakuwe esho ebamba isandla sakhe.
" ngiyabonga Mabizela kusho uMkaZwane ebamba esandla bebukana eduze.
" UZwane uhlulekile ukukunakekela ngiyakuthatha namhlanje ngikwenza owami.
" Kodwa izingane zizothini Mabizela ngicela bangaqale bayazi lento esiyenzayo ngoba nami ngizizwa ngikuthanda njengoba ubungekho bekunzima ngingasakuboni kanti futhi uZwane angaphuka umoya ngoba uyakuthanda.
" Hhay kulungile esho emsondeza ubuso beqabulana.