INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 53
UZwane walulama ngokuphelele edibhedlela waqala wakwazi nokukhuluma noSiphamandla waphila qinqo wahamba waya kubaba wakhe esewumuqemane.
" Baba ngiyajabula ukukubona usuphilile usuwumqemane kusho USiphamandla ehlezi eceleni kwayise nama pyjam asesibhedlela sabantu abadla izambane likapondo.
" Mfana wami ngiyaluzwa udumo lwakho esho exhawula USiphamandla.
" Ngangisiza baba esho ehleka USiphamandla
" Umama wakho usekhohliwe yithi ugcine nini nje ukuza lapha kusho uZwane ebukeka edumele.
" Wagcina ngenkathi siqeda kulimala emveni kwalokho akaphindanga weza baba nakhona mina angimbonanga ngatshelwa yinesi.
" Hhey mfanawami ake sikhulume udaba olubalulekile esho evuka ehlala embhedeni.
" Uyaz njengoba ngangilele esibhedlela uMabizela wafika ezongiqedela ngibonga wena ngane yami usungisindise kwaze kwaba kabili, ngoba nangenkathi umama wakho ngithi ngiyamchazela ukuthi sonke lesikhathi ngangilokhu ngithi nginomngani kanti ngisondeze inyoka eduze kwami kodwa wayenganginiki ithuba ethetha engihambisa kumabizela wafika ngane yami esho ekhala uZwane.
" uMama baba angazi ukuthi kungani engezwa lutho makuziwa emndenini wakwaMabizela kwala ngisho uSikhumbuzo esivezela ubuchwepheshe bakhe be IT kodwa umama wavele wasola uSikhumbuzo wathi uzohlukanisa umndeni wamuxosha.
" Hawu kanti umama wakho ungenwe yini angaxosha umfana olunge kangaka uSikhumbuzo.
" Baba ngikhuluma nje nami angihlali ekhaya ngibonga yena uSikhumbuzo owangiqhashela iBnB nemali ngizanywa nguye ngoba umama wayivala iAllowance yami, kwathi noma uSikhumbuzo eqhashe ama bodygaurd umama wawaxosha.
" Umama wakho uthi akahlanyi
" Baba ungiqondile ukunixabanisa nomama kodwa into ezokwenzeka umama uzofa noma asayine izinto angazazi sidlelwe lenkampani bese beyambulala.
" Hhawu kodwa Nkosiyami kwangimosha ukulimala kwami.
" Baba umama wakhipha ukhaya esibhedlela emva kokuthi ashaywe uSikhumbuzo ngenkathi bezama ukuzokubulala wayehamba nobaba Mabizela.
" Mtanami ngicela ungichazele ukuthi umfowenu omncane yena wafa kanjani.
" wahamba ethukuthele ngenkathi uSikhumbuzo eveza ukuthi umandla walandelwa abakwaMabizela ilanga ashona ngalo ngoba iCCTV yase garage iyaveza bemi ngemva kwaMandla kodwa abazange bona bathele uPetrol kuthe umandla uma ehamba bamlandela kanti itracker uyasho ukuthi bahamba umgwaqo owodwa nomakhalekhukhwini babedonsa endaweni eyodwa ngenkathi lapho imoto kaMandla yatholakala khona.
" Uyazi wavele wabuyisa konke okwakhulunywa uMabizela esezama ukucisha umshini ngangithi mhlambe ngiyaphupha kodwa uMabizela pho kubobonke abantu kusho uZwane kwehla izinyembezi.
" Nami angizange ngimukholwe uSikhumbuzo kodwa kuthe eseveza kuLaptop yakhe kwasuka inkungu.
" Mabizela mfwethu uyangikhaphela esho zahla izinyembezi zigcwala ubuso.
" Uyazi baba angazi uSikhumbuzo siyomubonga ngani ngoba ukube akekho ubaba Mabizela ubezosiqeda sonke kuvalwe ngehlahla kwaZwane futhi nje iqiniso lihle ukube umama akazange abe nenkani ngabe uMelusi uyaphila, ukube umama akanayo inkani ngabe asikho lana esibhedlela kumanje inkampani ivaliwe baba umama wafaka uKhaya ukuphatha inkampani engazi lutho.
" Khululeka mfanawami angeke iwe lenkampani ngiyaphuma lana esibhedlela
" Baba ngifisa kube khona okwenzayo ngoba izimbangi zenu emkhakheni wamabhasi zizonithathela amakhastoma.
" Angithi yingakho ke mfanawami sengifuna ukuthi uhlale esihlalweni sami kodwa lokho ungakuthi vu kumuntu.
" kodwa baba wathi ufuna ngifunde ngibe neDegree nje kusho USiphamandla emangala.
" Mangethe uvuthiwe uzelwe umbethe ubuholi into owayenza ubhula umlilo izisebenzi zithukuthele akuyona into encane mfanawami, ubuhlakani obukhulu manje ke ukufunda usuzokuqedela ngeposi kuhlangane ngoba usufunde iminyaka emibili okusho ukuthi usudobhe olukhulu ulwazi.
" Ayi ngiyezwa baba.
" Kodwa ke ngizocela ukuthi uma uphuma lana kulendawo uhambe uyohlala kubo kwaSikhumbuzo kuze kube ngiyaphuma kulendawo kanti futhi ungiphathele umakhalekhukhwini wami ngifuna ukusebenzisa umakhalekhukhwini kusho uZwane.
Kuthe nje besaxoxa kungene uMpume.
" Hawu Siphamandla kunjani, sawubona babezala wami kusho uMpame eza ejabulela ukubona uZwane esephilile.
" Ntombazane yane yami kunjan kusho uZwane nezihlathi sezibuyile.
" ngiyaphila baba esho exhawula ngenhlonipho.
" Hawu isisu asisekho ngakugcina ukhulelwe( esho ebuka isisu) Uphi umzukulu wami kwangathi usubuyele nasemsebenzini
" Ewu baba sengikhohliwe nokuthi walimala ngisatetile...ukhona ngimushiya nomama kwangiphoqa ukubuyela emsebenzini emveni kokubulawa kwaMazibuko ngenkathi ezokusindisa kodwa ngathola umfana esho emamatheka.
" Hawu Siyabonga mtanami ayanda amangethe, wakutshela umkami igama engametha lona.
" Yebo baba esho ekhophozela.
" Manje usefa kanjani uMazibuko kubuza makoti.
" Wayephenya ngecala ngoba laliphethwe nguye esebonile nokuthi uMabizela unesandla ngoba ngamcela ngisekhaya ukuthi eze ezophosa ihlo lana kwatholakala uKhaya no Babomncane wakhe uMbhekiseni nezibhamu ezingekho emthethweni ekusolakala ukuthi babezosoconga kuthe beboshiwe kwanyamalala I dockets nokuyilapho baphuma khona ejele kodwa uKhaya ngigcine ngimubopha usesibhedlela ugadiwe amaphoyisa, kodwa umuntu obesebenzisana nabakwaMabizela uMathebula naye engigcine ngimubamba wamiswa emsebenzini.
" Hau ngiyayikhumbula insizwa eyangisiza kuthi kuyangibulala okwesigebengu, kwakuthi kuyamuqeda USiphamandla lokhuyana kwenja ngoba besekumkinya futhi kwasiza yena uMazibiko ngibuhlungu ngoba wafa ethi uzosindisa mina.
" Umsebenzi wethu baba ungazisoli kakhulu safunga ukuthi sizofela emsebenzini wethu ukuphephisa isizwe.
" Ngiyezwa mtanami.
" Siphamandla usululeme impela babomncane waManqoba.
" Ey akusafani sisi Mpume.
Kuthe nje besakhuluma kuqhamuke udokotela.
" Mr Zwane sanibona esho evula ifile lakhe maqondana naye
" Yebo bevuma bonke.
" Hhay baba ululeme impela manje ne high blood pressure yakho ihamba kahle siyakukhulula namhlanje esho emaka okuthile maqede waya kuye wamukhipha idrip.
" Awu ngiyabonga dokotela esho ngenjabulo.
" Waze wajabula baba usuzoya ekhaya uzihlelele uphumule kusho unesi oseceleni kwadokotela.
" Siphamandla wena ufunani ngapha ngoba udokotela ukubuzile ngale hhuye lona USiphamandla dokotela kusho Inesi.
" Oh cha usuphilile impela usuyazula kusho udokotela encokola.
" Bengisazobona ubaba esho ehleka.
" hhay nawe usuya ekhaya mfanomdala ngibhalile amaphilisi enu niqikelele ukuthi niyawaphuza aze aphele aneqisi iskhathi ikakhulukazi wena baba esho ebuka uZwane.
" Manje ke ngoba izimpahla asiziphethe kusho USiphamandla.
" hhay akuhluphi angivele ngushayele umama. Anilethele kusho uMpume.
" Cha Cha awuqale ungamazisi umosha izinto kakhulu umkami"
"Ok baba angivele ngiye eTruworth ngibambe enizokugqoka.
" Ok mina ngigqoka u34 ibhuluko uLarge emzimbeni ngane yami kusho uZwane.
" Mina ngigqoka u30 ibhulukwe uSmall emzimbeni sisi Mpume.
" Ok angiphuthume bese ngiyabuya esho esukuma, nangempela wahamba wathenga iyembe nebhuluko nezicathulo ezinhle zika Zwane wathenga uJean nesikibha sika Zwane wabuya bagqoka bavalelisa esibhedlela uZwane esezihambela noSiphamandla wawungaphika ukuthi ungene egula bangena emotweni.
" Kusizile ukufika kwakho makoti kusho uZwane engena emotweni.
" Nami baba ngenziwe into engihlangabezane nayo ensimini kaMabizela kusho uMpume edumisa imoto.
" Eh makoti ngicela ungangisi ekhaya mtanami kusho uZwane efasa ibhande lemoto.
" Hawu baba kanti uzoya kuphi?
" Lapho umkami angazi khona.
" Kulungile baba suya kuphi ke.
" KwaMadi mtanami ngibonile ukuthi lomndeni ungikhathalele ukudlula umkami uqobo angikazimisele ukubhekana naye ngoba inhlonipho yami akasenayo ngakubeka kwacaca ukuth angabeki ukhaya enkampanini yami kodwa yena wangihamba ngemumva wamebuka noMabizela weqa umyalelo wami okwesibili wangidelela ngimutshela ukuthi angangisi kuMabizela wangicindezela isifuba kabuhlungu ngingenamandla manje angifuni ukubhekana naye
" Ok kulungile baba akunankinga asambe siye ekhaya esho esusa imoto.
" Abusakhuluma makoti ngakuphazamisa.
" Oh ngithi ngahamba ngaya ensimini kaMabizela inkulu uvundile ngahlangabezana nento eyangidida inqondo.
" ngilalele mtanami kusho uZwane ekhuphula izibuko zakhe ebukisisa uMpume.
" Ngathi uma ngiphenya ngafica ichain kamandla efana nalena yami ensimini kaMabizela ngabuyela ngaphande ngathola iteku lakhe manje umbuzo wami uthi uma uMandla wafela emotweni pho izinto zakhe zifunani ensimini kaMabizela.
" Ay bo makoti uthini kimi.
" Baba mina ngilicubungule kahle lelicala uMandla akafelanga emotweni wabulawelwa ensimini kamabizela kusho uMpume ecweba izinyembezi.
" Kodwa uMabizela wayesengaze abulale umtanami ngemfundo yakhe nje ephakamisa izibuko esula izinyembezi uZwane.
" Kodwa iqiniso sizolithola mangifika ekhaya ngizocela uSikhumbuzo angisize sekuseduze phambili baba, ubufakazi ngibuqoqe bonke manje besekusele obakho uMabizela liyeza ilanga lakhe kusho uMpume eshintsha igiya eshosholoza USiphamandla ekhala ekhumbula umfowabo ababemkhonzile nomfowabo uMelusi.
UMkaZwane wathi uma efika esibhedlela eqhugeza ngokhonkolo wafica imibhede engenamuntu.
" Hawu bonesi uphi ubaba nendodana yami kubuza uMkaZwane.
" Bakhishiwe namhlanje mama kusho uNesi.
" Hawu bathathwe ubani esho ethatha umakhalekhukhwini wakhe eshayela USiphamandla.
📱Siphamandla mtanami
📲Yebo mama esho engajabule
📱Nikuphi ngane yami
📲Sihleli kahle lapho sikhona mama angeke sisahanjiswa ngenkani ezitheni zethu.
📱Uphi ubaba wakho
📲Nginaye lana siphephile lana sikhona ngoba uma siqhasha amabodygard uyawaxosha uphinde uhambise ubaba ezitheni zakhe manje ke sizama ukusindisa impilo yethu.
📱Uphi yena ubaba wakho minike ucingo.
📲Ok mama...esho edlulisa ucingo.
" Baba nangu umama ucela ukukhuluma nawe.
" Ayi!!! esho echiliza isandla.
📲Mama ubaba akathandi ukukhuluma nawe esho eluvala.
Waphuma ebuhlungu emoyeni ekhala uMkaZwane