INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 56

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 56

Kuthe esalele uMabizela kwangena ucingo oluvela kuGeneral.

📲Mabizela ngiyeza nabafana bami abangama spy.

📱Yini umsebenzi wabo kubuza uMabizela.

📲Ukuphenya nokulandela umuntu okumele asocongwe, uma ungena eTavern/etshwaleni bayakulandela nabo baphuze, mawusebank nabo bangena ebank, uma uya esontweni nabo bazenza ilunga lebandla, mawukwakho bazenza umuntu ozokwenza ingadi emzini wakho ngingabala kube kuningi kodwa ngeke ubone.

" Ohk cha ngiyawuthanda loshuni oza ngawo Commander.

" Manje asikhulume indaba yemali ngoba phela awulula lomsebenzi mngani wami.

" Commander uyazi ukuthi imali ayikaze yaba inkinga kwaMabizela usukhohliwe ukuthi nasesikoleni ngangikupha iskhaftini esho ehleka.

" kodwa ngingakhohlwa kanjani mngani wami uphi yena uZwane.

" Ukhona uZwane wangena engozini yemoto.

" ok ngiyakuzwa mfokaMabizela.

" Malini oyifunayo Commander.

" 1million.

" Hawu Commander wase ulwa kangaka mngani wami.

" Ey Mabizela mina sengaba uMayor manje umsebenzi wami awukho cheap, ngoba uma ngingabanjwa kuphelile ngami manje ngifuna imali ebomvu.

" Ewu kodwa akusenani ungawenza umsebenzi kusho uMabuzela enyibile.

Kuthe ukuhamba kosuku uMkaZwane wayelele esibhedlela engazi nokuthi kwenzekani efe uhlangothi ingalo nomlenze olimele kugoqene ubuso butshekile kungakhulumeki nakahle.

" Sawubona mama kusho udokotela nonesi elele embhedeni.

" ye - ye - bo- ba- ba bantabami esho egxaza amathe egcwele amapyjam.

" kukuphi ekhaya mama sicela usiphe inombolo yoyedwa ekhaya.

" si si sipha ma ndla 063562884*

" ok siyabonga besho bemusula amathe ayegxaza eseshintshile nasebusweni.

📲Uspha okhulumayo hello 

📞Hello siphamandla ukhuluma noNesi esibhedlela sithi asikwazise ukuthi umama wakho ungeniswe esibhedlela.

📲Unani umama?

📞Istroke bhuti sicela nifike nizobhalisa iminingwane.

📲Kulungile sizoza siyabonga.

📞Kulungile bye.

Wadideka USiphamandla ehleli noSikhumbuzo noyise kwaMadi esittingroom.

" Baba ngiqeda kuthola ucingo oluvela esibhedlela umama ubanjwe yistroke.

" Ey kodwa lomfazi uyangikhathaza nkosiyami kusho uZwane ezwa ubuhlungu kodwa enentukuthelo futhi.

" Ey baba umama angazi nami ngithini ngaye kusho USiphamandla ebamba ikhanda.

" Baba Zwane nami wayengiphulile umoya ebhica igama lami engenza umuntu omubi kodwa ngamusindisa ngenkathi ngimuthola emuseleni ebhinyikile ngamuthatha, iqiniso lihle ngangidinekile ngoba ngamusiza kodwa yena engenze umuntu omubi manje ke engingakusho kukuwe ukuthi uyaya esibhedlela noma awuyi angeke ngikulawule kusho uSikhumbuzo.

" Angiyi mfana wami umama kwaSiphamandla ungikhaphelile wathatha inkampani yami wanika uKhaya wabulala ibhizinisi lami, akuphelelanga lapho wangifaka encupheni izinkathi eziningi manje ke angifuni kwakumubona nje okwamanje kusho uZwane ekhuphula iVolume kudlala izindaba.

" Kodwa baba ukube uyaya ngo...

" Siphamandla!!! SIPHAMANDLA angifuni ungifundekele kusho uZwane evala USiphamandla engakaqedi kwakukhuluma.

" Siphamandla muyekele ubaba woza sihambe sibone ukuthi kube yini imbangela yokubanjwa kwamama Zwane istroke.

" Ok kulungile kusho USiphamandla esukuma ezihudula kwayena ngenxa yokudinwa yizenzo zikamama wakhe.

Baphuma bahamba bashiya uZwane ethukuthele.

Kuthe nje esahleli uMabizela kwafika uCommander ehamba nabafana bakhe.

" Senize nafika kusho uMabizela exhawula uCommander.

" Sesifikile ndoda yamadoda kusho uCommander elula isandla.

" Yiboke abafana bami laba uMazwi noSimiso benza umsebenzi oncomekayo, bakwazi ukulandelela isitha babone zonke izindlela zaso bese betshala ibhomu umuntu afe engabonwa kanti bahle nasesibhamini.

" Hawu ngaze ngajabula ukuzwa izindaba ezimnandi kangaka kusho uMabizela ethokozile injabulo ibhalwe emehlweni.

" Ninjani zinsizwa kubingelela uMabizela ebaxhawula ngamunye.

" Siyaphila mkhulu besho besukuma.

" Anisho ke zinsizwa nabuthathaphi lobuchwepheshe engibuzwa ngoCommander.

" Ohk baba thina sasisebenza ngaphansi kophiko iChief of intelligence nokuyilapho saphekwa khona ngalo lonke uhlobo lokubulala sikwazi nokuthi emshadweni sithenge uChef afake ushevu ingumajuqa kulelo plate esililungiselele umuntu esimfunayo, sikwazi nokufaka ibhomu enjinini umuntu ethi uma edumisa imoto ibhome kungasindi noyedwa, kanti futhi siyakwazi nokufaka ushevu wokuthi kufe wonke umuntu kulelokhaya ngoba sithenga isisebenzi sifake ushevu ebisini okuse frijini.

" Hhay cha uyabona Commander ungilethele omakadebona abafana abamunkantsha ubomvu kusho uMabizela.

" Wena nje sinikeze ikheli yalabafana nezithombe zabo thina siyobe sesenza umusebenzi kusho uCommander.

" Nali ikheli ngilibhalile nezithombe. Ngizi printile nazi ezabantu engibafuna emhlabathini kusho uMabuzela emnika.

" Kwangathi intombazane lena kusho uCommander ebukisisa isithombe.

" Yebo ngiyifuna ife iyaphazamisa kakhulu ngaloluphenyo lwayo kanti futhi iyangidina ngoba izenza isithenjwa esingasile.

" Ok Khululeka bonke baya kwagonqanyawo namhlanje badabula amafu sengibulele inqwaba mfanomdala ucabanga ukuthi ngiyiMayor kanjani ngoba bengibulala konke okuyimbangi yami kupolitiki.

" Ay ngiyakuvuma akengibize uMbhekiseni naye azozibonela lenkalakatha bengimtshela ngayo... Mbhekiseni we Mbhekiseni kumemeza uMabizela.

" Yebo esho esabela uMbhekiseni ngezwi elinobuthongo kwazise ubesathatha isithongwane.

" Woza ngapha kusho uMabizela ngesihosha sakhe esinebhesi.

Nangempela waqhamuka exikixa amehlo.

" Sanibonani kubingelela uMbhekiseni.

" Yebo Mbhekiseni uwe lona usungaka kusho uCommander.

" Angiboni uzokukhumbula phela thina saya ekudingisweni emuncane mane nje usempunga kungathi siyalungana kusho uMabizela.

" Ay impela angisakukhumbuli kahle phela iminyaka emimingi esesiyiphilile kusho uMbhekiseni.

" UCommander lona okunguyena esasizabalaza naye ngaze ngabalekiswa ngaya eLusaka eZambia sajoyina umbutho wezamasotsha kusho uMabizela.

" Hhay cha kusho ukuthi inkalakatha okuyiyona ezosilamulela kulabo Goliathi kusho uMbhekiseni.

" Khululeka ngeke ngihlulwe abafanyana mina bengithi ningibizela izikhondla khondla ezingomnumzane njengezikhulu zamatekisi nosopolitiki kanti ningitshela ngalokhu kwamabhungu engikubona lana ezithombeni kusho uCommander ehleka nomkhaba wakhe kucishe kudabuka amakinobho kusofa.

" Ey lezinto angazi noma kunesalamuzi yini ngoba ophunyuka bemphethe kusho uMbhekiseni.

" Uqinisile umfwethu ngoba baphunyuka sesiphethe nezinkabi zasesihostela eziyishumi ezigqabile ezingadubuleki kodwa kwavele kwabengathi bafutha amaphela ngeDoom ngoba bafa ngokusha.

" Hhay bo kanti yini lena abanayo kangaka kusho uCommander ehlohla amehlo.

" Uthe bahlala kuphi kusho uCommander ebukisisa ikheli lakwaMadi.

" Badabuka KwaMashu eSinqawu-nqawini.

" Hhheee ngiyazwela ngoMashu kusho uCommander ehlohla amehlo phansi kwezibuko.

" Ey khona akudlalelwa kuleyandawo ngiyazwela kodwa ke mina nginqobe osopolitiki bebengathintwa, kumanje abafazi babo bazilile angidakelwa mina nami ngiphuma kwaMshaya azafe angeke bangenze lutho labafana ngifunga omagasela bephelele kusho uCommander.

" Baphethwe ubani bona kubuza abafana baCommander.

" Basiza umndeni oyithikithi lami lempumelelo bakhohlwa ukunaka izindaba zabo bagaxela ezindabeni ezingabafuni kusho uMabizela.

" Mbhekiseni nawe ugeza izandla uyabavuma labafana kubuza uCommander ekhuphula izibuko ebuka uMbhekiseni.

" Ey Magasela iqiniso lihle nami bengingadakelwa ngiphuma ejozi mina ekhaya loclever kodwa angifuni ukuqamba amanga bangikhiphe ukwazi abafana baMadi bayashaya bayaphula bayadubula uyazi kwala ngisuka nezinkabi zami ngaphambi kokuba ngize nezinkabi zasehostela bangenzela iFilim labafana kwaquma amadoda amanye ashokwa ugesi ngabaleka ngangabheka emuva ngilibhekise emzini wami egoli angibange ngisavalelisa nakumfwethu. Kantike futhi njengoba usibona sixhwalile nomfwethu yibo labafana kuchaza uMbhekiseni eneke umlenze wakhe owodwa.

" Mmh cha kusho ukuthi kumele bafe impela ngiyabafuna bakwenze nje Mabizela mngani wami buka nje usuphilela ukulala ngizwa ngibilelwa igazi kusho uCommander.

" Baba silayele lapho bekhona asibasabi thina singabakwaMlangeni thina kusho uMazwi.

" Ubaba akasilayele ngifuna ukubona leziqhwaga eziyinkinga sibone ukuthi bazolunga kithi kufakaza uSimiso olama uMazwi.

" Awusuka madoda bafana bami ngawuthanda umdlandla wenu kusho uMabizela ehleka.

Asambeni bafana ngifuna siqale esibhedlela siqede ngaloMpume ncono Mabizela ususinike yonke i information kusho uCommander besho besukuma.

Bahamba bafika esibhedlela bahlanganisa indlela abazongena ngayo namabhomu esibhedlela kodwa bangena ngamunye imoto beyushiye ngale komgwaqo. Bangena kwasala uMazwi kwangena uCommander noSimiso

 uMpume ehlezi ewardini bazenza ocinga isihlobo sabo bamubuka enganakile oyedwa wabuza waphuma bexoxa ngo whatsapp kungekho noyedwa obonayo ukuthi bakumuphi umuqondo wahamba uMazwi wakhipha uhlobo lwamabhomu amancane wawafaka esigqokweni setracksuit salengela ngemuva kuthe uma ama security elokhu emkhutha amuqala phansi kwamakhwapha behla bakhutha nasefigeni nasezikhwameni nasemlenzeni baze bafika emasokisini abazange banake isigqoko setracksudi esilenga emvakwakhe wadlula wayibona imoto eyiPrivate emhlophe ngoba UMPUME wayehamba nge yamaphoyisa wabuka nendlela ekubhalwa ngayo izinombolo zemoto yamaphoyisa. Wanyinyoba walala phansi ngesisu kunganakiwe walinamathisela ibhomu ngaphansi kwemoto ngaphambili wase evuka wagudla ubonda engena ngepasiji wase ebiza uCommander noSimiso.

" Wozani sengiqedile kusho uMazwi.

" ok kusho uCommander ethuliphisa uSimiso ngamehlo bahamba bayolinda bebukela ekudeni waze washayisa uMpume sekufika uZondo ezokhipha uMpume wahamba uMpume waqonda emotweni

" kuthe nje uma evula imoto wafaka isikhwama sakhe wase edumisa. "Eish sengikhohlwe umakhalekhukhwini wami esho evula imoto isiduma ephuma bhuuu!!!!!!!!!!!!!!!!!!!!! 🚔🔥Kuqhuma ibhomu kwasuka omkhulu umsindo ongazange wezwakala esibhedlela uMpume waphoseka edudulwa ekudeni langamthola waye wayosakazeka kwenye yezimoto wabhabhalala phansi yavutha amalangabi imoto.

"Wuuuuuuuuuu sizaaaaaaaaaaaani kumemeza abantu kwaphuthuma amaparamedic wangeniswa esibhedlela waphuthunywa odokotela egunjini labagulela ukufa.

📲Mabizela sekufeziwe kusho uCommander ephethe.

📱Ha ha ha ha ha bengazi ukuthi sengithinte abakhulu wahleka uMabizela kwaze kwangathi uphelelwa umoya evala ucingo etshela uMbhekiseni.

" Uyabona lezindaba ezimnandi kangaka zidinga a glass of Whisky esho ethula ama glass ehleka bejabule kungathi bawine iLotto.

Zafika izindaba kwaMadi baphuma bendiza umkaMadi bewumndeni belibangise esibhedlela izinyembezi zigcwele amehlo umkaMadi wacishe waquleka

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !