INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 34

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 34

USiphamandla wahamba waya ekamelweni lika Malusi wacinga amaphepha nazozonke izimfanelo uSikhumbuzo ayezicelile wakuthatha wabe eseyozivalela ekamelweni lakhe wabe ese Whatsapp uSikhumbuzo.

Wathi uSikhumbuzo ezihlalele kwangena umyalezo kuWhatsapp wabheka konke akudingayo akuthunyelelwe USiphamandla wabe esehamba eyohlala ekamelweni lakhe. Waxhuma iLaptop egesini wayivula waqalela ukuchofa izinkinobho aphinde afunde okuthile kulamaphepha athunyelelwe USiphamandla. Wasebenzisa neEmail kaZwane ukuthola imiphumela yeTracker ngoba zonke izimoto zabafana bazwane wazithenga ngegama lakhe, bathumela ireport yetracker, wacindezela USIKHUMBUZO efunda kwavela ukuthi imoto kaMelusi ihambile yama esangweni lakwaMabizela kwavela konke neAdress kuGPS.

" Hawu!!!!!! Kumangala uSikhumbuzo ebamba umlomo ephuma ngomnyango, wamemeza uNathi ekamelweni lakhe. 

" Yini manje Sikhumbuzo kusho uNathi evula umnyango. 

" Woza obona mfwethu kusho uSikhumbuzo emuhola beyongena ekamelweni lakhe. 

" ubonani esho ehlala phansi embhedeni waSikhumbuzo. 

" Buka mfwethu iTracker ikhomba ukuthi imoto ebihamba uMelusi isemabaleni akwaMabizela. 

" Hawu Sikhumbuzo wenzenjani kumangala uNathi ebamba umlomo. 

" Ngisebenzise ulwazi lwami lokuhacker notrace ukuze ngithole ngokunyamalala kwemoto kaMelusi ngoba USiphamandla ungitshela ukuthi uhambe ephethe isibhamu kuyacaca ukuth ubeyohlasela mhlambe wahluleka ngoba ubesaseyintwana uMelusi. 

" Uthini kimi sikhumbuzo manje sofikelwa ubani silana ngoba into bekumele siyenze ukuthinta amaphoyisa ahambe ayohlola egaraji lakwaMabizela. 

" Manje kuzofana nokuthi siyadlala ngoba basebenzisana nawo amaphoyisa kumanje ukhaya usengene kabili esitokisini kodwa akaboshwa Nathi mfwethu esho ebamba ikhanda.

" Kanti labafana bakwaMabizela izilima ezinjani ezingazi ukuthi imoto ineTracker kubuza uNathi ngokumangala.

" Abazi lutho labafana izinto eziningi bebenzelwa ubaba wabo angiboni nokuthi bayazi ukuthi izimoto zakubo zikhaviwe noma cha.

" Yazi yini Sikhumbuzo asiphuthume kuseduze lapha esilungwini uMabizela namadodana akhe bazoba wuhlupho nakuManqoba umshana wethu asambe siyoqeda ngalezinja mfwethu ubaba ngizocela ukuthi abambe kancane ngoba ngifuna sihlale iviki kuleyandawo kukahle ngoba uthe uzoqhasha uBnB eseduze nakwaZwane yilapho kuyomele sishaye ithula msindo mfwethu.

" Uqinisile Nathi mfwethu sizobona yonke into abayihlosile kanti futhi USiphamandla uzohanjiswa yimi eDUT bese ngiyamulanda ngoba nguyazi ukuthi lezinja zihlose okubi ngaye.

" iphuzu lelo bafo kanti futhi ngifuna siqhashe imoto singasebenzise ezalayikhaya bese silandela uKhaya ubusuku nemini ngoba wena uyabona kuLaptop lapho kudonsa khona umakhalekhukhwini wakhe.

" ngizomuvala USiphamandla ukuth angalokothi atshele umama wakhe ngophenyo lwethu ngoba angaphazamisa okuningi. 

" Manje Sikhumbuzo njengoba usuthenge omunye umakhalekhukhwini uzokwenzanjani ngalona omunye. 

" mfo lomakhalekhukhwini ufile kanti futhi ubusumdala ungakhathazeki abukho ubufakazi obuzodlula lobu bemoto ezotholakala egaraji lakhona. 

" Uqinisile lapho bafo, asambe kwamanje akusekho ukuchitha isikhathi esho esukuma uNathi wahamba walungela indlela noSikhumbuzo wasala walunga. 

UKhaya usehhovisi lakhe abasebenzi baphansi phezulu ngemisebenzi yabo uvakashelwe uSithembiso umfowabo naye ophethe eMabizela Maize Meal. 

" Ey bafo kuyasebenzeka kodwa kubuza uSithembiso. 

" Ey sengisizwa yiyona iPA yami ngoba umsebenzi wayo ukulekelela mina ngamaphepha. 

" Kodwa phela Khaya uwena ophethe okunye kudinga umqondo wakho uthathe nezinqumo ezintsha. 

" Ya khona iqinisile njengoba ngibona ngathi ubaba Zwane ubebaholela kakhulu ngizokwehlisa imiholo ngeke phela abantu bahole oR20 000, ebasebenzini abeqile ku100, no no ubaba nobaba Zwane babonile labasebenzi futhi nje basazonya nangokungishaya ngestini ekhanda buka nginjani ngivele ngingasenamazinyo ngakhishwa yilenja ewuSikhumbuzo. 

" Khululeka Khaya mfwethu linye elakhe lowomdidi wakhe kusho uSithembiso ehlinile. 

" WeSithembiso mfwethu uyakhumbula ukuth imoto kaMelusi sayifaka egaraji ekhaya. 

" Hawu ngikhumbula kahle mfwethu. 

" Bengicabanga ukuthi sibhece uSikhumbuzo ngecala angalenzanga ngoba vele umaMthembu uzovuna thina. 

" Awuchaze Khaya ngilalele esho ehlohla amehlo uSithembiso. 

" Shayela umama Zwane umutshele ukuthi uSikhumbuzo wafika belandelana nokhaya ngemoto kodwa uSikhumbuzo watshela uMelusi ukuthi akashiye imoto yakhe ekhaya bese ehamba naye. 

" Hhhhoooooo Ey cha uchithile ekhanda mfwethu kusho uSithembiso exhawula uKhaya. 

" Emva kwalokho thina sobe sesishayela amaphoyisa singazichazi siqambe amanga sithi sabona uMelusi noSikhumbuzo emotweni bendawonye ngelanga uMelusi anyamalala ngalo ehlathini phansi kwamatshe bese thina sobe sesithatha izimpahla ezinegazi zamelusi sizishutheke kuleyondawo zihambe ziyohlolwa igazi kutholakale ukuth igazi elaMelusi ngempela lapho ke uSikhumbuzo uyobe esegwetshwa udilika jele. 

" Haaaaaa ayi cha Khaya umfuzile ubaba mfwethu i respect ubuhlakani bakho esho emuxhawula futhi. 

Nangempela uSithembiso wabe eseshayela umama Zwane. 

📲u MRS zwane hello. 

📱Sithembiso ndodana kunjani. 

📲Ngiyaphila mama. 

📱Ingabe konke kuhamba kahle ndodana. 

📲Cha mama mina nomfwethu sesiqala ukukhathazeka manje ngoba phela imoto kaMelusi ilokhu iduve lapha ekhaya ngakhohlwa ukukutshela ngelanga sihlaselwa abasebenzi. 

📱Ifunani lapho kanti wafika uMelusi lapho ekhaya. 

📲Yebo wafika elandelana noSikhumbuzo ngemoto kodwa wacela simubhekele yona wabe esegibela emotweni kwaSikhumbuzo bahamba manje bengicela mayebuya ayilande ngoba nespace semoto kamama asisekho. 

📱 Ok kulungile mfana wami engabe wahamba wayaphi nomtanami uSikhumbuzo ey bengimkhonzile lomtwana ngoba phela ulamana nomakoti wakwami uMpume, kodwa ngabona ukuthi unomoya omubi kumanje noSiphamandla uselokhu enemibuzo ngenxa yalomfana obagxisha usathane afune ukusukela nina bantu bakwaMabizela. 

📲Manje noSiphamandla usekholwa yilenyoka ezoxabanisa imindeni mama kodwa kuncono ngoba wena uyasazi. 

📱Nginazi kahle mfana wami uSikhumbuzo unomoya omubi angifuni nje ukuphinde ngimubone lapha kwami kumanje USiphamandla uselibele unemibuzo kuyacaca noMelusi uhambe naye ukuze amuhlohle umoya omubi nenzondo anayo ngani bantabami

📲Umona mama ubona ngoba sinikezwe izinkampani sibancane. 

📱Bengithi ingane elungile kanti amasimb* omuntu angifuni nje angimoshele lena yami ingane. 

📲Kulungile mama ngicela ukuvalelisa manje ngibuyele emsebenzini. 

📱Ok ngizothumela USiphamandla alande imoto mfanawami bye. 

" uyibonake mfwethu uSikhumbuzo uyogqoka izimpahla eziOrange ejele lalapha ethekwini iWestville, usayobhantinta bamenze umfazi, sizoke siboneke ukuthi obani abaphethe itheku phakathi bakwafana bakwaMadi nobafana baMabizela kusho uKhaya ephenduphendula ipeni lakhe ehlinile esemunyama bhuqe. 

" Madi VS Mabizela !!!!! Nayisusa nina bafana baseSinqawunqawini kuzomele niyimele zinja!!! kusho uSithembiso esukuma ehlinile ebukana nomfowabo ubona amehlo abo ebhalwe umlilo nonya.

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !