INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 44

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 44

Kuthe uMathebula ehlezi ekhaya kwakhe kuphele inyanga eholile wayecasukile kusele uR1000 enye imali idonsowe nomashonisa bemhleli entanyeni wakhumbula iMabizela.

📲Mabizela

📱Mathebula ndoda yamadoda kunjani

📲Ey Mabizela kubi ngikuthinta nje ngixakekile mfwethu.

📱Umhlaba wezinkinga lona kodwa ngoba singamadoda kumele ulale uphenduka ungiphatheleni? 

📲 Ushonile uMazibuko umuntu obekunguyena oyisiphazamiso kodwa manje sekubuye uMpume nokuzenza ncono.

📱Usebuyile lowosathane? Kubuza uMabizela ngentukuthelo.

📲Ibuyile lenja kanti futhi unikezwe amacala enu kanye nokuboshwa kwaSikhumbuzo.

📱Lalela ke... kulula kakhulu okwalowo nondindw*

📲 Khuluma ngilalele Mabizela kusho uMathebula emomotheka

📱Angithili lowodoti we ntombazane usanda kuzala seweqa usana ngaphezulu ngoba egijimela izindaba angahlangene nazo.

📲NoKapteni nje uvele wangidina ngoba icala lalabafana bengifuna ukuliphatha mina ngibafake ekhulukuthu bafe kabuhlungu manje sengisizwe ukhaya indodana yakho yanginika ushevu baya kwagoqanyawo namuhlanje.

📱Awuzwake ngiyayithanda indlela enisebenzisana ngayo noKhaya, soke sibone ke ukuth lezigwebedla ezicabanga ukuthi azihlulwa zizomelana yini noshevu ha ha ha ha kuhleka uMabizela eqethuka. 

📲Bayafa namhlanje kusihlwa ngoba uMpume usebenza emini namuhlanje ngeke abe yisiphazamiso manje bengicela ukwazi ukuthi ngizokhokheleka into engakanani ngoba zingiphethe izikweletu. 

📱Eh akengithi nje asiqale ngalabafana kuzothi uma sebefile uSikhumbuzo noNathi ngizokunika uR50 000 kuzothi mawusubulale noMpume uthole omunye uR50 000 cash. 

📲Wow ngaze ngajabula Mabizela wena ungumkhululi wami ezinkingeni. 

📱Mina ngithanda umuntu oqotho futhi ongalokothi afake igama lami uma ebanjwa ebugebengwini ngoba ngiyamususa naye. 

📲Nawe uyazi Mabizela ukuthi ngisebenza kanzima ukuze ngibe negama elihle emabhukwini akho. 

📱Ngazi kahle awukaze wangiphoxa.. Manje awusho ubani osebenzisana noMpume manje? 

📲Ubengakabi naye uPartner uKapteni ubesazomtholela

📱Sebenzisana naye bese umdubula ekhanda enganakile ngesibhamu esingekho emthethweni. 

📲Nalelo iphuzu kodwa ngicela ukuqeda ngabafowabo kuqala bese ngicela uKapteni angifake naye sisebenzisane. 

📱Hhay kulungile nami ngisaya enkantolo njengofakazi omelene nabafana bakwaMadi. 

📲Lalela ke ungalokothi ulenze iphutha uwufake wonke ushevu ekudleni uma bebuya enkantolo ngoba ngeke badabule, futhi ubaqambele amanga uthi nawe basabisa ngokukukubulala wawufakaza ukuze lizoqina icala labo bangayitholi neBail.. Kuyothi uma sebedla ntambama babhuncuke amathumbu bafe begoqwa yizisu sibone ukuthi bazokhona yini ukubhekana noshevu lezinja zakwaMadi. 

📱Khululeka baba ngcono uMpume uzobe eseshayisile ngifuna ukuthi ngikuhambise mina ukudla estokisini abakuso abazali babo bazogcwaba bonke abantwana babo. 

📲Ngaze ngakuthanda Mathebula kuningi engisazokujabulisa ngakho uyiphoyisa elihlakaniphile. 

📱Angivuke nami ngoba sekuyoshaya u6:30 ngo7ngifuna. ukuba sedolobheni ngenze izinto zami. Bese ngiya enkantolo, kuthi ntambama ngiyangena sengiyobulala izitha zethu sekushayise uMpume. 

📲Hhay kulungile mphemba yenzanjalo ungishayele kusihlwa uma sebejuqwa izisu behlanza igazi. 

📱Kulungile Mabizela bye esho evala ucingo. 

Kuthe sekushaya u10 wasekuseni kwakhishwa amaveni amaphoyisa kuyisikhathi sokuthatha izoboshwa ziyovela enkantolo. 

Umndeni wakwaMadi wawukhona abazali boSikhumbuzo babekhathazekile kulindwe ukulethwa kweziboshwa ngamaveni enkantolo. UMpume wayehambile naye ephansi phezulu ngophenyo. 

UMathebula wayebonile ukuthi icala likaNathi no Sikhumbuzo libucayi angeke kube lula ukuphuma ezitokisini. 

Wangena noqweqwe lommeli ephethe eshaye ijazi lakhe lommeli indoda esibhekane namacala anzima maqeda yadlulisa incwadi eyayinesicelo seBail, yayigcwele iphuphuma inkantolo kwaziwe indaba yakhona yayigcwele emaphepheni kanti nentombi kaSikhumbuzo yadlulisa umyalezo obafisela inhlanhla. Wafika noMathebula ezoba ufakazi owazibonela isidumbu sikaSithembiso emotweni kaNathi. 

Kuthe nje makungena inkosi yenkantolo phansi inkosi yenkantolo 

"All rise in court kusho izwi kuphakama wonke umuntu enkantolo" 

Yangena yahlala phansi inkosi yenkantolo kwase kuhlala wonke umuntu phansi kwathuleka cwaka. 

kwabe sekusukuma iphoyisa elima enkantolo lahambisa amadocket enkosini yenkantolo. 

" Nathi Madi & Sikhumbuzo Madi u are accused of murder,

" Accused number1 Nathi Madi.. Sithembiso u are accused of murder... Sithembiso Mabizela was murdered and found in your car. 

" Accused no2 Skhumbuzo Madi... u are accused of murder Melusi Zwane disappeared and his clothes were found under the rock with stains of blood kusho inkosi yenkantolo ibeka amadocket phansi yase ikhuphula izibuko watolika umtoliki esho ukuthi bamangalelwe ngecala lokubulala uSithembiso Mabizela noMalusi Zwane.

" The witnesses are Mrs F. Zwane, Khaya Mabizela and Constable Joseph Mathebula can u please come forward kusho inkosi yenkantolo. 

Ofakazi babe sebesondela uMkaZwane wayezofakaza ukuthi uSikhumbuzo waba nenxabano naye wamuxosha kanti uMelusi uzohamba ukholelwa ukuthi unesandla ekushoneni komtanakhe akufisayo nje isidumbu somtanakhe. 

Ukhaya wayezoba ufakazi ukuthi usikhumbuzo wafika noMelusi belandelana ngezimoto kodwa uMelusi washiya imoto yakhe wase esehamba noSikhumbuzo nokungamanga aluhlaza. 

Kodwa ummeli wayezibekile izizathu zokuthi kungani efisa ukuthi uSikhumbuzo noNathi bakhishwe ngeBail nokuyinto ayicacisa encwadini ukuthi abasolwa ufisa ukuthi babe ngaphandle ngenxa yokuthi bayaqala ukumbandakanyeka ezinsolweni zokuphula umthetho kanti futhi abanabo ubungozi emphakathini, 

esinye isicelo kwakungukuthi inkosi yenkantolo inike uNathi no Sikhumbuzo ithuba lokuthola ubufazi babulethe kuye njengommeli wabo ukuze bageze igama labo ngoba abakaze baboshwe okusho khona ukuthi bangabantu abawuhloniphayo umthetho: Yathi mayiqeda ukufunda iNkosi yenkantolo incwadi yesicelo sommeli yabeka incwadi phansi yakhumula izibuko yabuka uSikhumbuzo noNathi. 

yabuza ukuthi. 

"Mr Nathi Madi are u guilty or not guilty kubuza inkosi yenkantolo ukuthi ingabe bayalivuma icala noma cha. 

" Not guilty my Lord kuphendula uNathi. 

" Mr Sikhumbuzo Madi are guilty or not guilty. 

" Not guilty my lord kuphendula uSikhumbuzo esondela kumbhobho. 

Give me the break please kusho inkosi yenkantolo isukuma iyobuyekeza ubucayi becala ngemumva ukuze alihlaziye beyikhani bethola iBail. Kwalindwa imizuzu engathi iwu15. Lapho umndeni wakwaMadi wawusubambe umoya uMmeli wakwaMadi edamane esondela behlanganisa amakhanda ebuza okuthile nabasolwa bakhe, uKhaya wayevusa amehlo babukane kabi noSikhumbuzo. 

UMkaZwane wayenyanyile naye abuke kabi uSikhumbuzo. 

" Sengathi zingabolela ejele lezinto ezingenanembeza esho ebuka uKhaya. 

" ibuhlungu lento abayenze emindenini yethu mama Zwane kusho ukhaya ebuka uMkaZwane. 

"Uyazi bafike sizihlalele kamnandi siyimindeni wakwaZwane wakwaMabizela bafika bazoxova injabulo besinayo lezinto ezinonya izingane ezingafundisiwe inhlonipho ngibanyanya kabi kusho uMkaZwane ehleba noKhaya. 

Kuthe nje inkosi yenkantolo isihlala phansi kwangena USiphamandla namaphepha wafika wanika uMmeli kaSikhumbuzo noNathi wase ehlala phansi. 

" Yini lena mfana kubuza ummeli ehleba. 

" ireport yokuhlolwa kwezimpahla zikaMelusi ngazithatha kwayohlolwa iminwe negazi ukuthi elikabani. 

UNathi noSikhumbuzo babedidekile kodwa uMmeli wathatha lawo maphepha wawafaka esikhwameni sakhe walinda ukubuya kwenkosi yenkanto,kodwa kuthe esehleli phansi USiphamandla wangahlala ngakunina noKhaya waya ngakuSikhumbuzo wahlala kwabe isibuya inkosi yenkantolo. 

" Mr Nathi & Mr Sikhumbuzo Madi icala enisolwa kulo libucayi kakhulu ngakho ke angeke....... 

" Sorry my Lord kuphakama ummeli kaSikhumbuzo noNathi. 

" Wakhumula izibuko inkosi yenkantolo yalinda, wabe esethatha amaphepha afike no Siphamandla enikeza inkosi yenkantolo. yathatha amaphepha yafunda iwachaya etafuleni layo

" Blood test was made it confirmed that Siphamandla's blood matched Melusi blood stains. 

Ngamafuphi incwadi ichaza ukuthi kuthathwe igazi lika siphamandla ukuhlola ukuthi ingabe liyahambelana negazi lika Melusi kwasho khona ukuthi ngempela i gazi elikamelusi. 

The second test was finger prints it confirms that the fingers in the clothes was not Sikhumbuzo's fingers bt it Khaya and Sithembiso's fingers, 

" Hhhaaaaaaawuuuuu Hhhawwwwuuu kanjani kuhhumuzela yonke indlu enkantolo. 

🔨Gqo!!! Gqo!! ORDER!!!! Inkosi yenkantolo ikhalisa isando kukhuza inkosi yenkantolo. 

" Iminwe yami kanjani kubuza uKhaya enxapha esukuma.

" Hlala phansi ndoda kusho iphoyisa likhomba uKhaya. 

Wangena uMpume naye ephethe amaphepha wanika ummeli wakwaMadi bamangala uSikhumbuzo noNathi bebukana. 

" Yini manje lena kubuza uMmeli ebuka uMpume. 

" umphumela wokuhlolwa kwesidumbu sikaMazibuko noSithembiso mabizela bashone ngelanga elilodwa amagobolondo esibhamu akhomba ukuthi bafa ngesibhamu esisodwa. USithembiso kuthiwa utholakale efile emotweni kaNathi kodwake babesulile esteringini ama finger prints ukuze bazosulela icala kuNathi. baboshiwe abafowethu, kodwa futhi kuthe makuhlolwa uMazibuko kwabonakala ukuthi udutshulwe yileso sibhamu, iminwe etholakele ebhuthini akuyona ekanathi kodwa iveza omunye umuntu (inkabi) 

Wabe esehambisa phambili ummeli yabuka inkosi yenkantolo. 

" umuntu obulele iphoyosa nosithembiso uyedwa manje kuza kanjani kuthiwe uNathi ubulele uSithembiso ngoba leso sibhamu sibulele uMazibuko uNathi esejele?

" Hhey amasimba lawo lommeli uyadakwa !!!!!kusho uKhaya esukuma. 

" Kahle umsindo ndoda sizokukhiphela phandle kubuza iphoyisa. 

" Esidunjini sikaMazibuko nasesikibheni sikaMelusi kutholakale iminwe yakho Khaya kusho inkosi yenkantolo. 

" My Lord as i said my clients are not guilty kuchaza ummeli wakwaMadi. 

" Mr Nathi Madi and Mr Sikhumbuzo Madi u are granted bail your case is postponed to 23 February 2023 kuchaza inkosi yenkantolo  ukuthi iyabakhulula ngeBail.

" Ngiyabonga Somandla awu Bafana bami kusukuma uBaba Madi nomkakhe izinyembezi zigcwele amehlo beyokwanga abantwana babo, kwaba yinjabulo noMpume wabanga abafowabo kodwa wagcwala intukuthelo umndeni wakaZwane noKhaya. USiphamandla wabongisa uSikhumbuzo noNathi wabanga naye wacasuka wafa inina. Kuthe nje kusaphunywa enkantolo uMpume waqonda kuKhaya edabula abantu bamangala bonke abantu. 

" Khaya Mabizela u are under arrest, u have right to remain silent, anything you say will be against you in the court of law esho edonsa ozankosi uMpume engasasineki. 

" Ini? Ungazongidakela wena sfeb* kubhoka uKhaya ngolaka

" Kodwa Mndeni wakwaMadi sinenzeni lomuntu uqeda kushonelwa umfowabo nina nimusa ejele kusho uMkaZwane. 

kuthe esazama ukuhluthula uKhaya afika namanye amaphoyisa uMpume esemgxavune iyembe ngaphambili kugqabuka amakinobho emgquba ngemuva amanye amaphoyisa. 

" ngingowakwaMadi mina mfanwami Fusegi woza!!!!! kusho uMpume emdonsa iyembe lidabuka wonke amakinobho kuvela isifuba esimnyama bemushova evenini

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !