INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 45

1 Like = ❤️
0

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 45

uMkaZwane wayehlezi emzini wakhe ebuhlungu ngokuboshwa kukaKhaya, wayesele yedwa endlini ebuka izithombe bewumndeni ekhumbula lezonsuku ezazimnandi kuhleziwe kugcwele indlu bewumndeni, wabuka indodana yakhe uMandla esithombeni ethinta isithombe sakhe nezinyembezi.

"Wangishiya mtanami okubuhlungu kakhulu nansi nenkampani izinto azihambi kahle kanti sasithembe wena sinobabawakho ukuthi kuyothi lapho esethatha umhlalaphansi bese kuba uwena othathayo namanje asinazimpendulo ukuthi engabe waphaphalaza kanjani wagaladela eweni kusho uMkaZwane ekhala ebuka isithombe sikaMandla.

Wabe esethatha isithombe sikaMelusi wasibuka ekhala.

" Melusi njunju kamama, thunjana wami umagcina wami😭Ukube ngangazi ngangingeke kwasekuqaleni ngivumele nishomane nalosathane wakwaMadi futhi ukube angizange ngimamukele la kwami ngabe usaphila mtanami ungixolele mangethe umama uyohlale ekuthanda hhiiiii hhhhiiii kumanje uSikhumbuzo uninda abanye abantu elekelelwa udadewabo bengimthemba ehlezi lapha ekhaya ngimthanda njengengane yami kodwa bona baduda umtanami ukuthi abuke mina kabi ekubeni ngimzala hhhiiii hhhiiiii ngibuhlungu mtanami ngoba mina ngangibheke ukugcwatshwa yinina bantabami kodwa namhlanje ubulawe kabuhlungu ngiyacela nge njunju kamama uzilwele kuthi bonke labenzi bokubi bajeze esho ekhala izinyembezi zimpompoloza kuMamthembu ehawulisa ekhala sekuwe neduku kuvela izinwele ezimnyama nezimhlophe ekhanda.

Kuthe nje esakhala kunjalo kungene ucingo.

📲Hello ebingelela ngezwi eliphansi elidangele

📱MaMthembu unjan?

📲Angiphilile izinkinga ziningi Mabizela esho ekhala.

📱Ngibonile konke kuphumile ezindabeni ukuboshwa kwendodana yami nami ngibuhlungu kakhulu ngento eyenzekile ngoba ukuboshwa komtanami kugcwele emaphepheni nasezinkundleni zokuxhumana nabezindaba balokhu bengishayele njalo ucingo kodwa angibaphenduli.

📲Ey Mabizela angisazi ngoba akekho umuntu ozohola lenkampani izinkinga ziningi nabasebenzi bahlongoza ukuteleka nobaba wakwami izomulimaza kakhulu emoyeni indlela isimo singakhona namabhasi awu 10 amile eqiwe I service bese kuthi omakhenikha edepha yamabhasi baphelelwe yizinsiza kusebenza bafuna nesafefy entsha kunzima kakhulu Mabizela nomyeni wami inqondo ayikabuyi kahle angisazi buya Mabizela kunzima nayisebenzela kanzima lenkampani ukuthi isingawa esho ekhala uMkaZwane.

📱Usephapheme uZwane kumangala uMabizela?

📲Yebo usephapheme buya uzohamba umbone ngoba ukhuluma izinto ezingezwakali uphinde athi hamba mabizela iphithene impela inqondo kumyeni wami. 

📱Kuba njalo uma uphuma kuComma inqondo ibona into engekho, umuntu akhulume into engezwakali futhi uZwane ngiyazi ukuthi usukhumbuzo ubeya ngasese ukumhlohla umoya omubi esazilalele kuComma umngani wami, buka nje USiphamandla ngibonile kumabonakude enamathele kubona kodwa labantu bamelene nathi ugcolile ungamvumeli nhlobo asondele kumngani wami. 

📲USiphamandla useqashe amabody gaurd ukuthi uyithathaphi imali yokuwakhokhela angazi ngoba phela usafunda lomuntu. 

📱Kuyobe kukhokha yena uSikhumbuzo ngoba unayo imali naye kanti futhi bazalwa unjinga eyaziwayo eThekwini uMadi.

📲Hawu uyazi uqinisile ngizobabuza uma nje ngithola ukuthi baholelwa uSikhumbuzo ukugada umyeni wami ngiyamkhipha ngimusa lapho bengazi khona ngisho kwaSiphamandla. 

📱Nami ngibona esengozini uZwane ngicabanga ukuthi umthumele lapho ngikhona ngoba nami ngilashwa endaweni engingathandi ukuyidalula ngiyacela nje mfazi kamngani wami ungatsheli muntu uma uza naye uqhashe imoto ezokuletha lana ungasebenzisi eyakho, ngifuna umngani wami aphephe yingakho nami ngafihla lapho ngikhona. 

📲Kodwa Mabizela wathathwaphi umusa onawo mkhulu uyangimangaza ukwazi ukuba nami lapho sengijikelwe umhlaba ngisho nengane yami uqobo esho ekhala uMkaZwane.

📱Thula maMvelase noma kungathiwani ngiyohlale ngikweseka uwena muntu othatha uhlangothi lwami noma kugcoliswa igama lami unobuntu nothando unehlanhla uZwane ngokuganwa umuntu ofana nawe. 

📲Ngiyabonga Mabizela amazwi akho ayangithoba enhliziyweni esho ekhuluma ngesibibithwane. 

📱Ngicela ukuth ulungise indaba yalamabody gard mina nje angisathembi lutho oluhlangene nabakwaMadi ngoba kwamfana wakho sebemfake umoya omubi sebehlangene noMpume ukugcolisa igama lakwaMabizela.

📲Kanti ke bayolutha izithutha Mabizela akekho ongazi ukuthi wena nomyeni wami nibe ngabangani bengakazalwa naqala inkampani nibabili manje kuzothi ngoba senindlondlobele bese siyanijikela ngenxa kaSikhumbuzo lemfundo yakhe yenza afoje amaphepha omgunyathi ukuqumba umndeni wakho phansi bese nalesilima esiwusiphamndla sihlomeka ngekhanda. 

📱Lowo mfana akamufuzile uZwane unobuwula ngoba uyazi ukuthi mina nobaba wakhe siphuma ekudeni manje usekholwa amanga aluhlaza. 

📲Uzokayeka ngifuna ukuvala allowance yemali ngifreeze imali engena ebank lakhe njalo ngenyanga ngibone ukuthi ngeke abuye yini ekhaya ngoba usehlala ngaphandle uhambile kodwa usatamuza imali esimfakela yona inyanga nenyanga. 

📱VALA umpompi mamthembu ukonyiwa kuzomletha ekhaya, vala ibhodwe indlala izomkhomba ekhaya. 

📲Ngizokwenzanjalo Mabizela uyachwensa USiphamandla. 

📱Ngiyacela uhambe ubuze ngamabodygard bese uma ubona ukuthi into ephathelene noSikhumbuzo uwaxoshe umoshile kakhulu lomfana. 

📲Manje ubani ozobamba okwesikhashana enkampanini njengoba uKhaya eseboshiwe nje? 

📱Ey ngicela ucele yena USiphamandla uma Ebuya ekhaya noma nje kungicasula ukuth uhlangene noSikhumbuzo. 

📲Akukho esingakwenza unalo ulwazi kodwa nje engicela ukwenze ukuthola uqweqwe loMmeli ozokhipha indodana yami ejele. 

📱Kulungile Mabizela ngizovuka ekuseni ngiye esibhedlela bese ngizama ukuthi ngikhulume noSiphamandla ukuth abuye ekhaya bese sixoxa indaba yokuyobamba isikhashana eMabizela&Zwane Buses.

📱Kulungile ke mama Zwane ulale kahle. 

📲Nawe ulale kahle Mabizela esho evala ucingo. 

UNathi no Sikhumbuzo babenenjabulo ekhaya abazalwa kulo kujatshuliwe. 

UKhaya wathi esevalelwe esitokisini zeza iziboshwa. 

" Yes ndoda. 

" Sho bafwethu kusho ukhaya neyembe elidabukile 

" Usiphatheleni besho bemuzungeza. 

" Angiphethe lutho kusho uKhaya ehlala phansi. 

" Ubani othe hlala phansi kusho insizwa enamehlo abomvu athusayo. 

" Mfwethu ngizele izinkinga zami lana anihkukane nami esho ehlohla amehlo. 

" Uthini wena besho bemudibha ngeqolo phansi wabheka phezulu bamushaya ememeza ekhala esebomvu ephuma ummongozini evuvuke ehlweni, bamgukuza izimbambo ngesicathulo. 

" Ubani wena ofika la kuphethe thina ufike uhlale phansi sisakhuluma sesikushayela ukuthi nathi sashaywa amadoda ayizidlakela amabili sibhodlela kuwe njandini kusho eyodwa imgxoba ubuso umlomo udabuka izindebe. 

" Yabona sinjani kusho enye eyabhonywa usikhumbuzo kwafahlaka ithambo ekhaleni imgubha ngesicathulo kuphuma amanye amazinyo evele enezisini. 

" Aweeeeehhhh xoleeeelani babengathunywanga yimi weeeee awwwweewwwwe wweewwwww ekhala izicathulo zimugxoba wanaba waze wahluleka ukuvika izadla esezichayile bemgxoba ubuso sebuphenduka bubheke le nalena. 

" Yeeeeeyyyyyg nina kwenzekani lana kumemeza uMathebula evula umnyango wensimbi. 

" Lalelani lana nina zinja nonko ngizonijezisa wozani siya kukapteni esho ebuka uKhaya esewumcaba phansi. 

" Fader uyena osithukile kusho esinye isiboshwa. 

" Thula siboshwa esingasile mgodoyi ungangikhulumeli insangu lena oyibhemayo madolo kanyoko kusho uMathebula ethukuthele egane unwabu. Wacela amaphoyisa amanye bagquba iziboshwa zangena kwelinye igumbi. Wabe esebuyela kuKhaya wamuvusa ngaleso skhathi uMpume wayesekhaya ezongena ngakusasa ekuseni. 

" Khaya ubani oqale lento kulabafana.

" Bangipakile bo.. bo.. bo.. nke

" Awubheke unjani asizame ukusukuma kumele uhambe uyesibhedlela kusho uMathebula ezama ukumtatamisa kodwa amusinde kwazise uMathebula naye uyaziphephukela wabe esethatha umakhalekhukhwini wakhe eshaya ucingo..

📱Hello ngicela iAmbulance kunesiboshwa esilimele lana ePolice steshi ngicela ngiphuthume. 

📞Ok sisendleleni kodwa kuzothatha isikhathi ngenxa yama Ambulance asaphumile. 

📱Nxxxn!!! Kunxapha uMathebula evala ucingo wasukuma waye eoffice lakaputeni. 

" Kapteni ngingangena? 

" ngena Mathebula esho ebeka ipeni phansi uKapteni. 

" Sinenkinga lana kunesiboshwa esesilinyazwe ezinye manje ngiyabona ukuthi uma engafela lana kulesteshi singathwala icala. 

" Ewu iqiniso elingephikwe lelo Mathebula ziphi zona lezoziboshwa senizivulele icala le Assault. 

" Yebo babhizi ngalokho oNtombela noMkhize. 

" Ok manje ubusuyibizile iAmbulance? 

" Yebo kodwa ngath izothatha I sikhathi manje ngisaba ukuthi angaze afele lana mina. 

" Thatha iveni uhambe noZondo aphuthunyiswe esibhedlela ngokushesha Mathebula angifuni ukubona sekufika ukhomishane wamaphoyisa mina kulesiteshi. 

Waphuma endiza uMathebula wafika bamthatha uKhaya elimele kanzima bamfaka evenini waphuthunyiswa esibhedlela sikahulumeni abazange babanjiswe ulayini bamxilonga weza u dokotela echazela uMathebula. 

" Isiboshwa senu okungu Khaya Mabizela uzolaliswa ngoba uphuke izimbambo ezimbili washayeka kabi nasekhanda manje kumele angene kux-ray wophile kakhulu sizozama nokumufakela igazi ngoba ngathi limulahlekele kuchaza udokotela. 

" ewu kwakubike kodwa ke kuzosala iphoyisa elilodwa ngoba isiboshwa siyagadwa... Zondo hamba mfo usho kukapteni ukuthi uKhaya ulalisiwe kusho uMathebula ememeza. 

" Hhay kulungile ngizobheka ozokukhipha kushift yasekuseni usale kahle zakwethu. 

Wasala wafasela isandla sikakhaya nozankosi embhedeni, wayebuhlungu uMathebula ngoba wayazi ukuth ukulimala kukaKhaya kuzokwenza uMabizela amugxeke ukuthi uhlulekile ukuvikela uKhaya wagada kwaze kwasa. Kuthe ekuseni esezoshayisa uMathebula ekugadeni uKhaya elindele elinye iphoyisa elizomshintsha wabona sekuvumbuka uMpume. 

" Hawu kanti wena awuyi ukuyophenya amacala? kusho uMathebula ngokucasuka. 

" Cha  azolinda lawomacala!! Go home.. Now is my shift kusho uMpume ehlala phansi nesibhamu okhalweni

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !