INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 43

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 43

Kuthe uma engena eOffice lakhe uMpume wazizwa ebuhlungu ngoba ubevame ukuthi uma engena kufike uMazibuko esezomu update ngokwenzekile uma ebuya kuLeave. Wabuka hlala phansi kuthe nje kungekudala wasukuma wacela isikhiye sase hhovisi likaMazibuko wangena wathola wonke amacala ubesabhekane noMazibuko kodwa lasevaliwe elilodwa aliqondene nokhaya noMbhekiseni ngenxa yokuduka kwamadocket ngenkathi bebanjwa nezibhamu, wabe esethola amacala amabili elika Sikhumbuzo lokusolwa ngokubulala uMelusi kanye nelikaNathi losolwa kwelokubulala uSithembiso, waphinda wathatha idocket ekwakubhalwe docket is missing, ifile lapho kwaduka khona idocket kakhaya noMbhekiseni. 

[kuza kanjani ukuthi kuduke idocket kuthuleke nje ekubeni kuduke idocket? UKhaya noMbhekiseni kumele engabe bavalelwa ejele ngezibhamu ezingekho emthethweni, bese kuba elikaKhaya lokuzama ukubulala ubaba Zwane ehamba noyise naye osezinkalweni ongaziwa kodwa usabekelwe usuku lokuvela enkantolo. 

Asukume uMpume abuke isithombe sikaMazibuko. 

" ngizokwenzela ubulungiswa zakwethu kusho uMpume ebuka isithombe ephuma eqonda ehhovisi likaKapteni wangqongqoza wamufica esasocingweni wamungenisa ngesandla eqhweba. 

" Miss Madi kubingelela uKapteni ebeka ucingo phansi. 

" Kapteni sengikulungele ukusebenza kodwa ngizoqala ngalendaba yokunyamalala kwedocket kuleFile kwenzeka njani ngendaba yabafana bakwaMabizela. 

" Ey njengoba wazi nje nawe ukuthi umuntu ubhala istatement bese kuvulwa icala ekusuke kumele liphenywe kodwa uma isingekho idocket kusuke sekufana nokuthi alikho lelocala bese sidedela isiboshwa. 

" ngiyakwazi lokho Kapteni kodwa ke engifuna ukukwazi ukuth kanti thina sizothembana kanjan thina lapha emsebenzini uma kukhona abazodukisa amadoket, okusho ukuthi kukhona namaphoyisa asebenzisana nezigebengu lana. 

" Nami ngihleze ngiyikhuluma leyonto ngize ngisho ukuthi iphoyisa eliyotholakala linecala liyophucwa ibheji lilahlekelwe nawumsebenzi ngoba phela safunga ukuthi sizovikela umphathi. 

" kodwa noma kunjalo iyaqhubeka lento mina ngizimisele ngokuthola lomkhapheli futh ngiyathembisa ukuthi ngiyomfuna ngimthole akufanele ngabe ababoshiwe labafana bakwaMabizela kodwa umsebenzi wethu uzobambezeleka uma sizodayiswa nangabantu esisebenza nabo kusho uMpume esukuma. Amehlo akhe ebuka ngaphandle kwefasitela wabona uMathebula emi ngasocigweni ekhuluma noKhaya Mabizela. 

" Kapteni angihambe muningi umsebenzi ongimele esho esukuma

" Yiyona kanye ke into bengikukhumbulele yona uyasebenza Detective Madi. 

" Kulungile Kapteni washo ephenduka ephuma. Uthe nje esahamba wafikelwa ukulunguza futhi uMathebula wahamba efuna ukubona kahle ukuthi ingabe uMathebula ume noKhaya ngempela yini, wakhipha umakhalekhukhwini wakhe washutha wawenza ukuthi usondeze isithombe, washutha futhi bexoxa besondelene. 

[ uyabona ke manje sekuyacaca ukuthi ubani osebenzisana nabakwaMabuzela kusho uMpume ngenhliziyo eshutha] 

Uthe uma eqeda waqonda ehhovisi lakhe wabe eseqonda estokisini lapho kuvalelwe khona abafowabo babizwa bavela ezinsimbini. 

" Hawwwwwwu nangu dadewethu kusho uSikhumbuzo ngenjabulo ehleka

" Ninjani kusho uMpume emamatheka. 

" Siyaphila sisi ubekwa yini lapha ngoba ngithi uManqoba usakudinga ancele kubuza uSikhumbuzo

" Awu ngavele ngamkhipha ebeleni ngoba akalithandanga kahle ibele kanti futhi ukuboshwa kwenu nokufa kwaMazibuko bekunganginiki ukuthula. 

" Ey kungcono sisi ngoba uMathebula akazibekile phansi uyinkinga enkulu ufisa siphile kanzima yikho nje ukuthi besesincedwa nguye uMazibuko, angimazi ukuthi usizondeni lobaba, wayefuna ukusivulela icala lokuthi sishaye iziboshwa walokhu enemithetho emelene nathi futhi singeke simubeke isandla ngoba phela usemsebenzini ujezisa igunya analo phezu kwethu, wayengafuni ngisho nangocingo sishayele ummeli

" Kuphelile konke lokho ngikhona manje bafwethu ngizobenza ubulungiswa kumanje amacala engifuna ukuqala ngawo ukuduka kwedocket likaKhaya noMbhekiseni, bese ngideal naleli lenu nokubulawa kwaMazibuko. 

" Siyajabula sisiwami wathini ubaba ezwa izindaba zokuboshwa kwethu kubuza uNathi. 

" Ey kwaba nzima kakhulu bafwethu ikakhulukazi kumama..kodwa ngiyafisa niyithole ibail kugcono ngoba kusasa niyovela enkantolo ngiyafisa niphume kulendawo. 

" Asithembe kanjalo sisiwami kodwa yena uMabizela usazokukhokhela konke lokhu akwenzile kusho uSikhumbuzo ebambe izinsimbi. 

" Yehlisa izwi sikhumbuzo kusho uMpume ekhulumela phansi eqalaza. 

" Ngiyaxolisa sisiwami kodwa kunento engicela ungenzele yona ngicela ukuth uhambe uye kwaZwane uzame ngawo wonke amandla ukuthola izimpahla zikaMelusi ezinegazi ngifuna ziyohlolwa ngiyamangala mina bamunikeza kanjani uMamZwane izimpahla ingabuyile ireport. 

" Ok ngizoya khona KwaZwane kodwa mina ngizozenza omelene nani nesenzo senu ukuze ngizothola izimfihlo zakwaMabizela nezinhloso zabo. 

" USiphamandla ungamuxwayi naye ungakithi futhi useyabona ukuthi umndeni wakwaMabizela uyabaqeda ngenxa yenkampani. 

" Kulungile bafwethu nathi sacishe safa sibulawa izinkabi ezazigcwele itekisi zagcwala ekhaya. 

" Khululeka sisiwami abasabonwa wena nje hamba wenze njalo kodwa ngiyacela uqaphele lenkabi yamabizela noMbhekiseni ayidubuleki ngiyacabanga usakhumbula eyesicathulo ngaphansi kwe under wear, bese kuba isibhakela ocabangweni kuthi uma esegobile umvuse ngedolo ebusweni kusho uSikhumbuzo emubamba isandla. 

" Hawu ngikhumbula kahle bhutiwami angisakhulelwe phela manje. 

" Ungakhohlwa uma kwenzeka ekubamba kungathi ukuhlula ngamandla umise iminwe emibili✌️ uyiqondanise namehlo👀 uyihlohle emehlweni kusho uNathi ehleka. 

" Konke ngisakugcinile bobhuti bami esho ehleka. 

" Kuhleke kodwa nje nathi sizophuma sengicabangela noma nobaba ngoba nawe usubuyele emsebenzini. 

" Ubaba nomama sebenama bodygaurd akusadlalelwa kwaMadi nengane usele nomama noAnti ogada ingane. 

" Awu cha usebenzile Dadewethu manje sebekutholele yini uDetective ozoba uPartner okunguyena ozosebenzisana naye. 

" Okwamanje angikamtholi kodwa kungekudala ngizomthola. 

" Kungabi uMathebula. 

" Hawu uyazi nisakhuluma lokho sengiyabona ukuthi ubani umuntu osebenzisana no Mabizela. 

" Usho ukuthini manje sisiwami 

" Ngibone uMathebula ekhuluma endaweni ecashile ngalapho kupakwa khona izimoto. 

" Uyazi kodwa ngike ngasola.. ngibonile indlela asizonda ngayo nomfwethu loMathebula ophephukayo olengwa yi uniform kusho uSikhumbuzo 

" Angihambe sizobonana bafwethu. 

Kuthe uKapteni esahlezi eOffice lakhe kungene uMathebula.

" angibingelele okwesibili kapteni

" Mathebula kunjan 

" Ngiyaphila kaputeni. 

" Ngithi nje angicele ukusebenza ebusuku kulezinsuku khona lapha esteshini ngoba ngifuna ukuqinisekisa ukuthi akukho okuhamba kabi. 

" Hawu awusathandi iday shift. 

" Yebo ngifuna ukusebenzela esteshini ngingaphumi ngoba angisaphilile ukuthi ngingantanta neveni. 

" Hhay kulungile ngizobheka amashift enu kodwa makushoda ngizokushova noma yinini akukhona ehhotela lana umuntu uma egula akuze ingcwadi kadokotela noma uma esekhathele akaphumule ahole izimali zakhe adedele abantu abasafuna umsebenzi 

" Ngizwa kahle Kapteni esho esukuma evalelisa. 

[uyabona njengoba ngibonile kuoff roster ukuthi uMpume uzobe engena kanjan kukahle ngoba uzongena emini yena mina ngingene ebusuku ngifuna ukubabulala kahle ngokudla okunoshevu uma sekuphakwa ngifina ukuthi kufe wonke umuntu okulestokisi abakuso bazongixolela laba abanye ngoba babe nebhadi lokukhiyelwa nezitha usizile uKhaya wanginika uShevu wamagundwane, kuyothi uma sengibulele labafana bakwaMadi bese ngibulala uMpume kukhulu kabi abangenzela khona kwaMabizela umuntu ohlukumeza bona uthinta mina uqobo kusho uMathebula ekhuluma yedwa eqonde emotweni ehamba. 

Kanti nomkaZwane wazithola esesele yedwa emzini wakhe USiphamandla engasabonwa wakhala izinyembezi ebuhlungu ngokudubwa umtanakhe osesele yedwa emhlabeni. 

Ukhaya naye wathi esahamba amantombazane esikolo amabili ayebukeka eneminyaka ewu15 a Hiker womabili kukhaya wawagibeza wahamba nawo wawadubulela endaweni ethule wahamba eqonde ensimini wafike wabadibha khona 

(wena Sikhumbuzo noNathi nani niyophelela la zinja zakwaMadi ngimfunge umama omathuneni esho ekhala esegqiba umgodi ebewumbile kwehla izinyembezi ecabanga ubuhlungu abuzwiswe uSikhumbuzo noNathi waqeda wagunda amakhanda angena kuplastik kwaba ukusutha kwensimu wahamba

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !