INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 73

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 73

Kuthe isimo saya ngokuba sibi kuMaZwane waqala wavaleka ukukhuluma ecabanga ekhala ezisola ngesenzo sakhe sokulala noMabizela, akekho noyedwa owayazi okusenqondweni yakhe inhliziyo yakhe ibuhlungu engeke asakwazi nokubuyisela isikhathi emuva. Kwabe sekuza udokotela kuye.

" Sawubona Mama Zwane.

Kodwa wathula nje ekhuluma ngezandla

" Ngiyabingelela mama kuphinde kubingelela udokotela.

Nesi awuze nomama Zwane uzobona ukuthi isimo sakhe sibi ngicela simhlole ukuth iBP yakhe ingakanani.

" Mama Zwane uzizwa unjani kubuza uNesi.

Wavele wazithulela nje.

Wahlolwa eside isikhathi akizange kube khona abakuthola okuyimbangela yokuthi a ngakhulumi baxoxa bebodwa bebonisana babona ukuthi akadedelwe ayogulela ekhaya ngoba akusekho okungenziwa.

Bashayela uZwane.

📲Uzwane okhulumayo hello kubingelela umphathi wesibhedlela. 📞Yebo Sawubona sikushayela sisesibhedlela egoli sithi asikwazise ukuthi umkakho seningamlanda sizamile ukumusiza akukho esingakwenza mnumzane. 

📲Manje mina ngingenaphi lapho kuphendula uZwane. 

📞Sibona ngoba kuyavela ukuthi ushade nawe manje uwena umuntu esibona ukuthi angamulanda. 

📲Cha ngiyaxolisa kumanje ngilungiselela ukuhlangana noMmeli wami ngiyenkantolo bangenzele incwadi yesahlukaniso kuphelile okwami nalowomfazi kusho uZwane evala ucingo. 

Bahamba bamazisa uMkaZwane ngoba wayezwa ebona kodwa engasakwazi ukukhuluma wavele wakhala zehla izinyembezi ebuhlungu emoyeni. 

[ngiphilile impilo emnandi wangiphathisa okweqanda myeni wami wangakhela isithabathaba somuzi ngaphilisa okwendlovukazi ngingaswele lutho kodwa namhlanje ngingedwa emhlabeni kusho uMkaZwane ekhuluma ngenhliziyo ebuhlungu emoyeni ihamba inqola eyolungiselela indlela emusa ekhaya labantabadala(old age home) 

" uzosixolela mama akukho esingakwenza kodwa ngoba sibonile u nomuntu owazana naye lapha ezigulini sicela udlule ukuthi sikudlulise khona ngaphambi kokuthi kokuba uye ekhaya lakho elisha kusho iNesi beqonde eWardin ekulele kulo uMabizela noMbhekiseni kodwa uMkaZwane wayengafuni ezama ukukhuluma kodwa izwi nomlomo kungasasebenzi. Wafike wamisa inqola phakathi kwemibhede yabo. 

" Sanibona ngithi angidlulise umama Zwane uyakhishwa namuhla esibhedlela uyonakekelwa ekhaya labadala lapho eseyolinda usuku lwakhe lokugcina kodwa akasakwazi ukukhuluma ningamangali ethule enganiphenduli. 

" Hawu kodwa ngomaMthembu kusho uMbhekiseni ezwe lana naye. 

" Msondeze kimi ndodakazi kusho uMabizela izwi liphuma kanzima nakuye. 

" Mmhhh hhiiiii kusho uMkaZwane ekhala engafuni ukubuka uMabizela kodwa engezwakali sekuyisono. 

" Ngiyaxolisa ngakhokonke engakwenza kuwe mamthembu kusho uMabizela ihlo lakhe selibuka kancane kugcwele uhlakahla. 

" Asambe mama Zwane isikhona imoto yosonhlalakahle okuyibona abazobheka inhlalo yakho ekhaya labadala esho ephendula inqola uNesi behamba uMabizela wababuka baze bayosithela. 

" Ey mfwethu siyimoshile impilo yalomama kusho uMbhekiseni ebuka naye kugqutshwa umkazwane beyophuma naye. 

" Mfwethu nami ngangimkhanuka nje ngifuna nomcebo wakhe kodwa angimkhombanga ngesibhamu. 

" Uqinisile okubuhlungu nje ngoba uzohamba engasishiyele lutho kusho uMbhekiseni equma ezama ukulala kahle. 

" Eyi silimele kakhulu phela ngalokho nalesima esiwuZwane sesiphile manini uyazi ngibe buhlungu ngimubona eluleme ekubeni thina silwela impilo yethu ujike ulahla umkakhe emgwaqeni. 

" Nina linilindile ijele zilima ezizicabangela zona kusho iphoyisa elibagadile lihlola ozankosi. 

Wahanjiswa umama Zwane wafakwa ekhaya labadala wanikezwa egumbi lakhe ekhala ekhumbule umndeni wakhe, ekhumbule nalezonsuku ezazimnandi ekhaya laka Zwane besaphelele. 

[Ukube angizange ngimususe eduze kwami uSikhumbuzo hhhiiiiiii hhhhiiiii, wazama umtwana wabantu ukungibonisa kodwa angizange ngimulalele, kunalokho ngamxosha ngaphinde ngambophisa ekhala ebuhlungu emoyeni ekhuluma ngenhliziyo] 

Kuthe nje ngezinkathi zasemini kwatheleka uSikhumbuzo esteshini samaphoyisa eGoli 

" Sanibonani kubingelela uSikhumbuzo ePolice steshi. 

" Yebo kunjani Mnumzane kuvuma iphoyisa. 

" ngiyaphila ngicela ukubona umfana othile igama lakhe uSaziso isibongo angisazi kahle kodwa ukulesteshi wavalelwa evikini ngokusolwa kwelokubulala uMzukulu kaMbhekiseni Mabizela. 

" Ohhh usho lomfana owashaya izixhwala zenkosi wabulala ingane engazi lutho. 

" Ngisho yena impela. 

" USaziso Makhubu woza ngikuse kulowo Mbulali uyovela enkantolo kusasa ngifuna agwetshwe udilika jele kusho iphoyisa lifuqa isisu liphenduka lihola uSikhumbuzo phambili.

" Saziso Makhubu woza siboshwa khona ozokubona kusho iphoyisa livula izinsimbi wasukuma emabokoboko uSaziso wahamba wafike wazithela kundoda ende angayazi aqala ukuyibona wayibuka enamehlo agcwele izinyembezi. 

" Sawubona kubingelela Saziso emangele. 

" Kunjani boy kusho uSikhumbuzo ekhumula izibuko zakhe ezimnyama. 

" Ngiyaphila evuma ngezwi eliphansi uSaziso umlomo uvuvukile. 

" Ok igama lami ngiwu Sikhumbuzo WakwaMadi ethekwini ngiyizwile indaba yokuboshwa kwakho ngoba yayigcwele ezindabeni. 

" Mina ngiwuSaziso ngiboshelwe into engingayenzanga kusho uSaziso ebuka uSikhumbuzo

" Lalelake my boy ngifuna ukuth ungitshele konke okwenzeka mina kusasa ngizoza noMmeli wami akumele ecaleni ngoba lishilo iphoyisa ukuth uyovela enkantolo nakusasa.

" Mina ngangizisebenzela kakhulu mbhekiseni ngenza ingadi Kuthe kusenjalo ngezwa ukukhala kwabo ngangena ngithi ngiyosiza kanti ngiyozifaka obishini abantu besonto bahambana nami ngibaleka ngithuswe yigazi bona bathi yimi ngoba omkhulu bakwaMabizela baxhwalile bobabili kanti nekhanda lamzukulu wamkhulu mbhekiseni lalinqamukile enezimpande zombila.

" Oooooooh yaaaah lezimpande zifikile nakumabizela sisesibhedlela wathi uyazithinta udokotela zamubulala zamunqamula ikhanda okusho ukuth ziyaloya lezinja zakwaMabizela lokugqiba kwabo abantu ensimini kunomkhuba phakathi. 

" Mina angenzanga lutho ngangizizizamela ama cent okusiza ugogo wami.

" Lalelake nakhu ke okubalulekile okumele ungazise khona ingabe ihalavu leli ekuthiwa wagenca ngalo umzukulu kaMbhekiseni ikhanda walibamba ngezandla kubuza uSikhumbuzo esondela kuye emubukisisa kahle. 

" Ngalithatha ngalibeka phandle kodwa ngigqoke amaglove. 

" Langena kanjani endlini. 

" Lathathwa umzukulu kakhulu Mbhekiseni ethi uyolisebenzisa. 

" Ok okusho ukuth lineminwe yakhe Khululeka boy sengiyihlanganise yonke lento enqondweni wena wawungaphandle. Liphi ihalavu? 

" Lathathwa iphoyisa nababeshutha mina angenzanga lutho ngiyafunga mina ngifuna ukuzigcwabela ugogo wami esho ekhala kugeleza izinyembezi kwaze kwazwela nakuSikhumbuzo. 

" Kusasa ngizozama ngakho konke okusemandleni ukuth uye uya ekhaya ngizofika nosisi wami ongu detective sihlanganise amakhanda kodwa ummeli wami uzokukhulumela kusasa elamanqamu esho esukuma ebuyisela izibuko zakhe uSikhumbuzo wakhala kakhulu uSaziso ezwa ubuhlungu emangazwa nawumusa ongaka kumuntu angamazi yasho iphuma ihamba insizwa yakwaMadi


Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !