INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 74
Kuthe ngakusasa uSikhumbuzo wahamba noSikhumbuzo bahlangana noMmeli wakwaMadi bahlanganisa amakhanda noMpume ekhona base bengena indlela belibangise eGoli.
" Mr Mzimela amathuba okuthi lomfana athole iBail angaka nani kubuza uSikhumbuzo eshayela.
" Kuzoya ngokuthi inkosi yenkantolo iyalizwa yini izwi lami kodwa uma ngizwa indlela olibeka ngayo libucayi lelicala kusho uMmeli.
" Kuyahlupha nje nokuthi lelicala aliphethwe yimi ngoba phela mina ngise KZN uSaziso uboshelwe esiteshini sasegoli kodwa ngiyafuna ukubona iphoyisa elamubopha kusho uMpume.
" Lizoba khona enkantolo njengofakazi kusho uMmeli.
" Ube neshwa lomfana ukuboshelwa into engekho kusho uNathi.
" Ngivivile uMbhekiseni nomfowabo komele ngibahlohle imibuzo phambi kwe judge baphithanelwe amakhanda kusho uMmeli.
" ngikwazi unjalo Mr Mzimela.
Yahamba njalo imoto yaze yafika enkantolo eyayigcwele iphaphama uSaziso naye eboshiwe izandla nezinyawo edilika evenini lamaphoyisa.
" Hamba siboshwa kusho iphoyisa ligudluza uSaziso liyomfaka ebhokisini.
" Hhawu kodwa umfana omncane kangaka kusho izindimbane zabantu zimuhawukela esindwa amaketanga.
Kuthe nje isikhashana kwangena bizwa amagama abantu ababekhona ngenkathi kwenzeka isigameko, wasondezwa uSaziso
Kwabizwa uMbhekiseni noMabizela kwavele kwathuleka. Lasukuma iphoyisa seliphethe iphepha linika inkosi yenkantolo.
Yafunda inkosi yenkantolo lase livusa amehlo likhuphula izibuko.
" Eh lena incwadi evela esibhedlela exolisayo ngokungaveli kukaMbhekiseni no Muzikayifani Mabizela enkantolo ngenxa yomyalelo kadokotela echazayo ukuthi abakulungele ukuma ebhokisini basephansi kwesandla sokwelashwa.
" Awu kanjan manje kusho uSikhumbuzo ecasuka ekhulumela phansi.
"Saziso Makhubu umangalelwe ngecala lokubulala ulimale nabantu abakhubazekile iphoyisa elakubopha likhona kanti futhi icala lakho liphethwe yiState kukhona uMabizela noMbhekiseni noma bengekho.
" No kuyadingeka babe khona kusho uMpume ehlebela uSikhumbuzo.
" Khululeka ummeli uMzimela uzo deal nabo kusho uSikhumbuzo ehleba besondeze amakhanda.
" Saziso Makhubu uyalivuma icala noma uyaliphika kubuza inkosi yenkantolo.
" My Lord kusho uMmeli esukuma ephakamisa isandla.
" Bengicela ukuth icala lihle hle ngoba nami kukhona imibuzo engithanda ukuyibuza kuMr Muzi and Mbhekiseni Mabizela ukuze sizothola ubufakazi obuphelele. Kuthe kusenjalo iphoyisa elabopha uSaziso laphakamisa isandla yamukhomba inkosi yenkantolo.
" Cha mina ngazifikela ngabona umfana ebulele walimaza uMuzi Mabizela noMbhekiseni Mabizela esenqume ngekhanda lomtwana kusho iphoyisa.
" Wamubona noma uyacabengela kubuza ummeli Mzimela amehlo ewabhekise ePhoyiseni.
" Cha indlela okwakubonakala ngayo iyazichaza ngoba uMuzi noMbhekiseni Mabizela baxhwalile ihalavu lalinegazi imiphumela ikhona kulemvilophu iyona ezosicacisela wadlulisa imvilophu ivaliwe liyamukele inkosi yenkantolo liyibuke yayinemiphumela yokuhlolwa kwehalavu\ifosholo Lafunda lase livusa amehlo libuka iphoyisa.
" Constable Mdluli uthi ubani owabulala umfana kaMbhekiseni?
" uyena lomfana nkosi yenkantolo ngoba wabonwa ephuma egijima eshiya umfana kaMbhekiseni edindilizilei engasenakhanda kusho iphoyisa.
" bt kukhona okudidayo ngalemphumela ingabe uyivulile wabona kubuza inkosi yenkantolo ibeka amaphepha eceleni.
" Cha nkosi yenkantolo.
" Iminwe kaSaziso Makhubu ithathiwe esteshini samaphoyisa akuyona lena ekulelihalavu kusho inkosi yenkantolo .
" Kanjani manje nkosi yenkantolo benz iphutha mhlawumbe kusho iphoyisa.
" My Lord kusho uMmeli ephakamisa isandla.
" Yes advocate Mzimela kusho uMmeli ekhomba ummeli esukuma.
" Eh Into engiyibonile mangihlaziya kahle lelicala yinye.. 1 uMr Mbhekiseni and Muzikayifani Mabizela are using Muthi, bathatha imizimba bayigqibe ensimini yakhe ngisho ngoba kuvelile kumabonakude esibhedlela ethandelwe izimpande kodwa lezompande zisukile kuye zathandela udokotela zamususa ikhanda manje umbuzo wami uthi ukube amaCamera ebengekho bekuzothiwa ubani onqamule ikhanda lika dokotela. Ngicela ukuhlala phansi my Lord kusho uMmeli ehlala phansi uSikhumbuzo wachazeka waze wamamatheka. Inkosi yenkantolo yakhumula izibuko yabuka ummeli.
" Ngiyavumelana nawe Advocate Mzimela ijulile indaba oyivezile ngalento esiyibonile ngo Mr Muzi and mbhekiseni Mabizela umfana omncane ayitholakali iminwe yakhe ehalavini kodwa umfana ugencwe ikhanda kuyacaca ukuthi kukhona isandla esenze lento.
" Kanjani mina sengibophe inqwaba yezigebengu lomfana uyalazi iqiniso kusho u Constable Mdluli.
" Mr Mdluli sit down kusho inkosi yenkantolo. Waphakamisa isandla uMmeli.
" Yes Advocate Mzimela ekhonjwa inkosi yenkantolo esukuma.
" Nkosi yenkantolo ngithi angibuze u Constable Mdluli imibuzo embalwa.
" Yes go ahead kusho inkosi yenkantolo.
" Constable Mdluli iziphi izinyathelo owazilandela ekubopheni lomfana, did u go to social workers to find out ngaye, number 2 unesiqiniseko esingakanani ukuthi umfana wamqubulala uMzukulu kaMbhekiseni.
" nginesiqiniseko ngoba hhuye wayesendlini.
" Do u believe in witchcraft ubuthakathi?
" Yes.
" Ok so why umfana iminwe yakhe ungatholakalanga kufosholo.
" Eehh ehh mhlambe kwaaaaku wabhidilisha kodwa mhlambe iphutha ekuhlolweni ngoo ngoo u Constable Mdluli ezama ukuchaza
" Nawu umbuzo wami wokugcina uSaziso unasizathu sini sokubulala umuntu obemuholela imali yokusiza ugogo wakhe I thank you My lord kusho uMmeli ehlala phansi.
" Eh lelicala bengizimisele ukulihlehlisa kodwa sekuyacaca ukuthi umfana kaMbhekiseni Mabizela ushone ngendlela efanayo no kushona kadokotela u shone ngemkhuba esingayibiza nge voodoo yize inkantolo ingagxili ezindabeni zokuloywa nokuthakatha ngoba inkantolo okholelwa kakhulu ekutholeni ubufakazi obuphathekayo, ubufakazi bezangoma nezinyanga ayibuthathi kodwa kulokhu kumbhaliwe kushuthiwe kugegebuke nosimende okusho khona ukuth kukhona okuvele kusimende kwaqhephuka nama tiles phansi emzini kaMbhekiseni kanti futhi nasesibhedlela kugegebuke phansi kuyacaca ukuth udokotela ubesesibhedlela ezama ukusiza uMabizela ushone ngendlela efanayo nomzukulu kaMbhekiseni.
" Yes My Lord kuvuma uMmeli uSikhumbuzo wabukana noNathi NOMPUME.
" Saziso Makhubu ngaphandle kokuchitha isikhathi ngicela ukuthatha I break bese ngibuya nesigwebo.
" Hhhiiiii hhhhiiii mina ngifuna ukuye Khaya angenzanga lutho kusho uSaziso ekhala efakwe ozankosi
" Umsindo wena kusho iphoyisa lihleba lithethisa uSaziso.
" Ey I wish kuhambe kahle mncane lomfana kusho uNathi behleba noSikhumbuzo.
" Mina ngicasulwa yileli amisha lephoyisa elingakwazi ukuphenya nokucubungula icala nxn!! kusho uMpume edinekile behleba.
Kuthe imizuzwana nje yabuya inkosi yenkantolo.
" Eh bantu benkosi ngilibuyekezile icala likaSaziso kusho inkosi yenkantolo egqoka izibuko.
" Awu nkosiyami angifuni ukuya ejele kusho u Saziso ekhala sekubuhlungu naku bantu abathamele icala.
" Saziso inkantolo yombuso ikuthola ungena cala mfana hamba ekhaya
Woowooooooooo woooooow wiooooo kwahlokoma inkantolo yonke uSikhumbuzo wasukuma edabula abantu wafike wabuka ummeli wajabula emu xhawula wamu hug. uMpume wahamba waqonda kuConstable Mdluli.
" You are not good at your job Mnumzane kusho uMpume ehlohle amehlo embuka eduze.
" Hhey uyini wena ubani nje uzongitshela lowodoti ngiyiphoyisa lomthetho kubhoka uyiphoyisa lifutha amakhala libuka uMpume.
" I'm detective Madi kusho uMpume eveza ibheji Laswaba iphoyisa laphuma lichiliza isandla.
" Yeeeeehhhh ngiyabonga bhuti Sikhumbuzo kusho uSaziso ekhala eqonde kusikhumbuzo wakhala eside isikhathi emahlombe akhe.
" Hamba uyokwenza amalungiselelo okugcwaba ugogo wakho ngizokuthwalela izindleko zomgcwabo kusho uSikhumbuzo ethatha imininingwane waqeda waphenduka wabuka uMmeli uNathi udadewabo.
" Asihambeni kukude esiNqawuNqawini silana kusho uSikhumbuzo egaxe umfowabo kanye nodadewabo uMmeli ebahola beqonde emotweni bayishaya yazula belibangise eThekwini bashutha abamaphepha njengenjwayelo