INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 72
Kuthe ngakusasa ekuseni uZwane wavuka ngovivi wavusa no Siphamandla.
" Siphamandla vuka esho edonsa ingubo.
" Awu baba kodwa ekuseni kangaka esho exikixa amehlo.
" Kumele ngihambe nawe siye kumama wakho ngoba nginemibuzo engidinga ukuyazi.
" Ok kulungile baba esho ephonsa ingubo eceleni.
Waphuma NoZwane elibangise ukuyogeza.
UmaZwane waphaphama naye bamazisa izindaba ezibuhlungu ukuthi uselelwe izinsuku eziyishumi kodwa ngoba walala ubusuku obubodwa kwasekusele izinsuku eziwu 9 ukuthi ashiye lomhlaba.
Wakhala eside isikhathi ezibuza ukuthi kodwa emva kweminyaka eziphilela kahle kodwa namhlanje uphaphama esibhedlela sikahulumeni eGoli.
" Nesi ingabe ngilethele ubani lana kubuza uMkaZwane.
" ulethwe yiAmbiulance wadluliselwa kulesibhedlela sasegoli kuphendula iNesi.
" Mina umyeni wami ubekhokhela iMadical Aid ngilala ePrivate Hospital kuza kanjani ukuth bangle the lana ebuza ngezwi eliphansi elingasenamandla.
" Angazi nami mama kusho iNesi lihamba.
UZwane noSiphamandla bawazisa umndeni wakwaMadi ukuth banendlela elibangise egoli esibhedlela.
" Ngicela ningilinda 30min ngihambe nani awukakulamo ngokwanele siphamandla ukuthi ungashayela indlela ende kusho uSikhumbuzo.
" Ayi kulungile mfanawami kusho uZwane.
Balinda imizuzwana kungekudala waphuma uSikhumbuzo esebukwa amakha baphuma bangena emotweni bangena indlela belibangise eGoli.
UMbhekiseni noMabizela babelokhu bekhononde ngokuningi esibhedlela sikahulumeni besho no kusho ukuthi indawo abalaliswe kuyo ayibafanele ngoba bona bangoMabizela.
" Uyazi Mbhekiseni into esenqondweni yami ukuthi ngivuke ngiqhutshwe yinesi ngibone uMkaZwane ngimuluthe ukuthi avume uma kufika uZwane ecela ukuth ba divorce benoZwane ngoba uzimisele ngaye ngoba uZwane umykelele wangazama nokumkhipha ngeBail.
" Yebo phuthuma mfwethu ngoba asisekho isikhathi.
" Hhey Nesi woza uzongiqhuba ngifuna ukubona umhlobo wami uMrs Fikile Zwane ongeniswe izolo kulesibhedlela kukhulunywa ngaye ezindabeni izolo
" Akengifone ngizwe ukuthi ukuliphi iWard kusho uNesi ehamba ethatha ucingo ebuza walayelwa khona.
Wahamba uNesi eqhuba uMabizela.
USikhumbuzo nomndeni wakwaZwane bahamba amahora angaba mathathu baze bafika esibhedlela somphakathi egoli babuza iWard umkakhe alaliswe kulo walayelwa wacinga waze wathola ehambisana noSiphamandla nesigwebedla igeza lensizwa egqoke izibuko zayo, amanesi ayelokhu ephenduke nayo iphakeme insizwa kaMadi.
" MaMthembu sthandwa senhliziyo yami.
" haaawu Ngaze ngajabula ukukubona Mabizela kusho uMkaZwane naye esetshekile ebusweni elinye ihlo libuka sakuvaleka.
" Ngabona ezindabeni ngokuboshwa kwakho ngabona noma usukhishiwe ulethwa ngapha kulesibhedlela esilele kuso kusho uMabizela ebuka uMkaZwane econsa amathe umlomo ukhuluma ubheke eceleni.
" Ey khona savelelwa phela thina ngoba abantu bezindaba basilandela yonke indawo le kusho uMkaZwane.
" Ey kunzima Mabizela esho econsa izinyembezi.
" Khululeka ngikhona mina mtakwethu( elula isandla esisebenzayo esula uMkaZwane izinyembezi) ngibuhlungu nje ngoba konke lokhu kwakwehlela unami kusho uMabizela embamba isihlathi
" Ngangenziwa uthando, ngiyakuthada Mabizela kusho uMkaZwane kanti uZwane usemi emvakwabo elandelwa USiphamandla noSikhumbuzo wavusa amehlo uMkaZwane
" Nami ngiyakuthanda MaMthembu kusho uMabizela engaboni emvakwakhe wamangala esebona uMkaZwane engasakhulumi ethukile.
" Kwenzenjani ubonani kubuza uMabizela ngenxa yokuthi intamo yakhe yayingasaphenduki.
" Zwane myeni wami, hhhiiiii hhhhiiiii esho eqhuma ekhihla isililo uMkaZwane enamahloni ngoba uZwane uzwile akushilo.
UZwane waphendula uMabizela wamubhekisa ngakuye wamqubula amehlo egcwele izinyembezi.
USikhumbuzo waphuma washayela uMpume ngokushesha emazisa ukuth uMabizela usesibhedlela sasegoli wasebuyela endlini kwabe sebazisa amaphoyisa asegoli ukuthi kunamadoda abalekela amacala eThekwini aphuma amaphoyisa eselibangise esibhedlela.
" Sonke lesikhathi ngithi nginomngani kanti ngisondeze inyoka ezongidla izithende, ngathatha inyoka ngayifaka emzini wami kanti yona izongikhaphela, iphi imizimba yezingane zami ngoba inecklace neteku likaMandla kwatholakala ensimini yakho, ikhanda lomtanami latholakala emotweni yakho kusho uZwane izinyembezi zigeleza njengemvula wavele wathula uMabizela
" MaMthembu wena ungibulale ngiphila akukho engizokukhuluma nawe kusho uZwane esula izinyembezi.
" Zwane mfowethu ngicela ungixolele ngomfazi wakho kodwa okwaMandla noMelusi angikwazi kuyacaca ukuthi hhuye lo ubengibheca ngobende kusho uMabizela ekhomba uSikhumbuzo ehluleka nokubheka uZwane.
" Myeni wami ngiyaxolisa kusho umkakhe ekhala.
" Mabizela!!!!!!!! ebizwa uZwane, uthe uMabizela wayevusa amehlo ezwa wabona kungathi uZwane uyashintsha ephenduka eba yisimo sikaMandla amehlo evutha umlilo
" Weeeeeee Weeeeeeeee Hhayiiiii hambaaaaaaa wafa wena nje wena kusho uMabizela eqandula kumangala wonke umuntu ewardini ekulele kulo uMkaZwane.
" Tshela ubaba ukuthi wangibulala uMabizela ezwa ngathi intamo ivaleka umoya uMandla emkinya kwakhuphuka izintanga zombila zagaxela emqaleni kuMabizela.
" Awweeeeeeeee Awweeeeeeeee sizaaaaaaaaani bo nakhu ngifaaaaa weeeeeee weeeeeee ngixoleleni kusho uMabizela zimthandela izintanga abone kungathi uMandla ulwa nazo azidompune kodwa kumangala wonke umuntu ngoba uZwane wabukeka enyakaza kungathi amehlo aba mhlophe.
" Zwane sizaaaaaa umngani wakho sidlulise umyeni wami kusho uMkaZwane ekhala kungathi kushoniwe.
" Hhey anikwazi ukubulala lona engakakhulumi iqiniso kusho uMandla egqashula izimpande ezazizungeleza uMabizela umzimba zathandela intamo yakhe wanaba akekho owayebona uMandla ngaphandle kwaMabizela. Kodwa izimpande babezibona
" Mandla ngiyazisola ngento engayenza ngixolele mfanawami kusho uMabizela echama kudabuke isigubhu somchamo ephuma igazi ngezindlebe
" Mabizela uthini!!! Kubuza uMkaZwane edidekile.
" Zwane khuza mngani wami ngifaaaaa kusho uMabizela ezwa kungathi izimpande zimungena ngembobo yokuzikhulula kungathi uyachatha.
" Khuluma iqiniso kukhuluma uMandla kungathi kuphuma amagabade angamalangabi ngomlomo.
" MaMthembu ungixolele nawe Zwane ungixolele kusho uMabizela ephinqilika zimjoje ngemuva izintanga zombila uMandla azivimbe uMandla uma zimikinya.
" Mabizela uthini kimi kusho uMkaZwane ekhala kabuhlungu esehawulisa.
Kuthe kusenjalo zatheleka ezakadalawane zihamba ngendiza enophephela emhlane yamaphoyisa badilika bagcwala iWard beholwa uMpume kugcwele nabezindaba.
" Zwane mfowethu uyazi sasikhonzene kanjani kodwa ngaba nomona yempumelelo yabantwana bakho ekhuluma izimpande zimusontile zifuna ukumudla kodwa uMandla elwa nazo ukuth azinqobe ukuze uyise wakhe azokwazi iqiniso.
" Bashutha abamaCamera nabezindaba, nabamaphepha bebhala phansi inkulumo kaMabizela
" Zwane nhlobo wami ungixolele ngathi sengibona ukuth uMandla uphothulile enyuvesi ngavukwa umona ngoba ezami izingane zahluleka ukufinyelela lapho kwafinyelela khona uMandla, zavele zehla izinyembezi kuMpume.
Kuthe kusenjalo izimpande zezwakala zimukhuphuka ngamandla.
" Yini ngalezimpande kubuza uMkaZwane ekhala sekushe nezwi.
" Ezimpand zensimu engathwala ngayo bekumele njalo ngifake isidumbu ngoba iphila ngezidumbu kusho uMabizela izwi luphuma kanzima equma.
" Hhawu kodwa Nkosiyami yini lena engiyizwayo kukhala uMkaZwane kwaze kwazwela nakwezinye iziguli. "uSikhumbuzo uyena muntu owaba yisiphazamiso ezinhlelweni zami kusho uMabizela ephuma igazi ngamakhala wathi uyeza udokotela uyamubamba ebuza ukuthi unani washayeka phansi zasuka izimpande kuMabizela zathandela udokotela zamunqamula ikhanda zangena kuye zimudla ngaphakathi kwamangala wonke uMuntu uMabizela wathula esekhulume lonke iqiniso wonke umuntu esebuka udokotela exukuzeka izimpande zimuququda amathumbu
" hhhhhhhiiiiiiiiiii hhhiiiiiiiiiii ngiyazisolaaaaa ngokukuzonda sikhumbuzo kusho uMkaZwane ebuka uSikhumbuzo uSikhumbuzo akazange aphendule wathula.
" kodwa Mabizela uze ungenze ngikuthande kanti uyinyoka kumanje ngizondwe umndeni wami ngenxa yakho esho ekhala uMkaZwane uMandla wanyamalala.
UMbhekiseni wangena eqhutshwa yinesi selimtshelile okwenzekayo kumfowabo wathuka wacishe woma uMbhekiseni ebona uSikhumbuzo.
" Mr Muzikayifani Mabizela and Mbhekiseni Mabizela seniboshiwe ngamacala okubulala. nokuphula umthetho sizonithatha nikhombe amathambo akwaMadi babopheni embhedeni ngozankosi balinde ukukhishwa esibhedlela bayongena estokisini kusho uMpume.
" bagqutshwa besiwa emibhedeni yabo balaliswa bafakwa ozankosi bagadwa amaphoyisa wasala ekhala uMkaZwane ezisola ngakho konke okwenzeka esebuhlungu nokuthi uthandane noMabizela waze walala naye kanti uMbulali ogqiba abantu ensimini indaba kaMabizela nomfowabo yagcwala Izwe lonke abantu bebabaza umhlolo. Umpume wabe esekhuluma kwabezindaba.
🎤Zintatheli ngicela ukudlula umyalezo, sicela ukuthi uma kunomuntu wakubo I wanyamalala nize nizofanisa izidumbu ensimini yakwamabizela kuzohlolwa nolibofuzo ukuqinisekisa ngiyabonga kusho uMpume emdlulisa umbhobho.
" Zwane ngicela uxolooo ngicela ungixolele mangethe Ngangenziwa ukungazi ekhala uMkaZwane esengasazwakali sekushe nezwi kuyisono.
" ngiyishintshile iWil yami wena angeke uthole ngisho icent, awusenandawo ngisho nasemzini wami kusho uZwane ephenduka.
" Siphamandla Khuluma ngicela ungincengele uBabawakho kumemeza uMkaZwane ekhala ehawulusa kodwa USiphamandla wavele waphendula ikhanda wabuka unina okhethe ukungena emashidini nomuntu owabulala abafowabo yize ayesezamile ukubonisa unina kodwa kunalokho wakhetha ukukholwa uMabizela.
'' Bye bye mama uzenzile ukuthi ube kulesimo ngibuhlungu impela, ungumawami kodwa kunjena nje ingenxa yakho esho ephenduka izinyembezi zigcwele amehlo elandela uyise noSikhumbuzo waphenduka bahamba bangena emotweni bayishaya yazula ilibhekise eThekwini.