INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 52
USimangele wahamba waze wayofika kwaMabizela wafike wathatha izimpahla zakhe wangena indlela eselibhekise lapho uMbhekiseni noMabizela behobe khona. Wathi uma engena wathola kugade izinsizwa ezimbili udokotela wongunyathi esahambile wazichaza ukuthi ungubani wangeniswa phakathi wafica uyise ehawulisa bebonakala ukuthi basezinhlungwini.
" Hanibona baba nobaba omkhulu.
" Hawu kunjani ndodakazi kusho uMabizela kanye noMbhekiseni.
" Ngiyaphila bobaba kanti banenza nje lezinja zakwaMadi esho ebabuka benekwe embhedeni uMbhekiseni engasenanyawo nangalo, uMabizela intamo ingasaphenduki elele kungathi usidoli ekhuluma kuphenduka amehlo wodwa.
" Ey mtanami asisezinto zalutho emhlabeni kusho uMbhekiseni ehawulisa.
" Nami ngize ngifise ukube ngafa kunokuba yilento esengiyiyo kusho uMabizela.
" Hawu mtanami siphuthume bo ingabe sewuwenzile umsebenzi kubuza uMbhekiseni..
" Ey baba!! kusho uSimangele ebheka phansi kungakhulumeki
" Hhay bo mtanami kwangathi awusenamazinyo uvuvukile nangenhla kweshiya kubuza uMbhekiseni ebukisisa indodakazi yakhe.
" Ey baba kumanje ngithenge amaphilisi ezinhlungu ngoba kubuhlungu ezinsinini kusho uSimangele ebheka phansi.
" Kwenzekeni mtanami iphi inkabi yaphesheya okhulume ngayo kubuza uMabizela.
" Awusenamlomo yini Simangele sesizolokhu sikugubha manje engabe uyakhuluma kusho uMbhekiseni ngokucasuka.
" angazi baba ngibalekile ngayishiya ngoba labafana bakaMadi ngishiye beyishaya, angizange ngikukholwe engikubone kwenzeka kuHassim baba.
" Mawuthi ubelekile wamushiya kanti benikuphi ngoba phela wena uthe uqhashe umuntu odubula engabonwa kusho uMbhekiseni umbona ukuthi udinekile ebusweni.
" baba besiye kwaMadi ngokuyocutha angazi abafana bakwaMadi baqhamukephi ngoba thina besithi bazoqhamuka endlini kodwa kuthe nje uHassim esacuthile ebeke iso lakhe esipoplweni sesibhamu kwaqhamuka uBhuti engicabanga ukuthi uye uSikhumbuzo wagxumela uHassim kuthe kusenjalo kwaqhamuka nobhuti wakhe enza into engingakaze ngiyibone engiyigcina kumabonakude waphonseka phansi uHassim kuthe kusenjalo ngibakhombe ngesibhamu kwayikhane esukuma uHassim sabakhomba ngezibhamu, no Hassim ephethe esakhe isibhamu. Kuthe kusenjalo kwaqhamuka imoto ibithelile yaqonda kithi saphonseka emaceleni kwawa izibhamu zethu nokuyilapho uHassim azame khona ukucosha isibhamu kanti lobhuti omunye(sikhumbuzo) uzonyathela usibhamu bese avusa uHassim ngesicathulo awe phansi azame ukuvuka kanti lobhuti omunye(Nathi) uzomphendukela ngonyawo kabuhlungu emhlathi aphonseke phansi kuthe kusenjalo azame ukuvuka ediyazela lona omunye ubhuti umshaye ngegqomu okhakhayini kwangathi uwelwa okuthule wavoshoka phansi nokuyilapho engizame khona ukubaleka ngahujwa intombazane engicabanga ukuthi uye lompume benimusho yangikhuba ngayogqumuzeka ensimbini yesondo lemoto ngezwa ngathi ngibona izinkanyezi yangivusa lentombazane yangishaya ngisadiyazela nginjalo ngayibamba ngayibeka phansi ngayi trabha ngoba bengivele ngiyifuna.
" Awuzwake ntombazane yami uyilayile kusho uMabizela.
" Manje amazinyo abe esekhishwa yini ngane yami kubuza uMbhekiseni.
" ngishayeke mangizunywa ubhuti waMpume ngawela esibukweni semoto baba bangamagwala babonile ukuthi ngishaya usisiwabo base beyangipaka.
" Manje waphunyula kanjani sisi kubuza uMbhekiseni.
" ngibafuthe nge spray samaphoyisa ngabashiya beqhashaqhasha bezichamela lapha phansi ngabaleka.
" usebenzile ngane yami kodwa manje into ekumele siyithole ukuth uphelelephi lomuntu ngoba uma eboshiwe bazomhlaba ngemibuzo kusho uMabizela
" khona kuzoba yinkinga impela leyo kusho uMbhekiseni
" Cha uHassimi akangazi ngihlalaphi futhi ngihlangane naye sengingapha egoli khululekani bobaba.
" Simangele ngiyacela ngane yami uhambe uye emakhazeni ubacele bakunike isidumbu sendodana yami uhambe uyosincwaba lena egoli umngcwabo uwenzele emzini wababa wakho ngoba mina ngikulendawo futh angikezu ukuphuma sesiside lesikhathi umtanami eduve emakhazeni ngifuna aphumule ngokuthula kusho uMabizela ecweba izinyembezi.
" Hamba impela ngane yami umfwethu ulimele kakhulu emoyeni ubazise abantu lena ekhaya ukuthi ugcwaba umfowenu ngenxa yesimo esithile esivelele ubaba wakhe kusho uMbhekiseni.
" Kulungile baba ngizokwenza njalo ngizolala ehhotela bese kusasa ngiyadlula ngibona uKhaya esibhedlela ngibone kudala ngamngcina ubhuti wami. Ngizocela ukungena ekuseni.
" Kulungile ntombenhle yami kusho uMbhekiseni
" Angivalelise esho esukuma.
" uhambe kahle ntombazane yami kuvalelisa uMabizela. Wahamba uSimangele walala ehhotela kwathi ngakusasa walunga wahamba waya esibhedlela.
Kuthe uMpume eseya emsebenzini wakhumbula uMandla waze wakhala wavuka wabuka umakhalekhukhwini wakhe wabuka izithombe zakhe noMandla lapho kwakumnandi ebuka kwehla izinyembezi
" Ngizobenza ubulungiswa sithandwa sami okubuhlungu uManqoba akasophinde amazi ubaba wakhe usezokugcina ezithombeni kusho uMpume izinyembezi ziconsela phansi wase evula idrawer lakhe wakhipha inecklace yakhe wathatha nekaMandla wabuka inhiziyo enguhhafu nohhafu wazihlanganisa.
" Kodwa kungani wangishiya sinamaphupho angaka Sthandwa sami esho ekhala ebuka inecklace wakhumbula nangenkathi iyintsha emfaka uMandla.
Wasukuma wathatha isibhamu sakhe wasibuka.
" Ngiwumuntu womthetho kodwa sekuyacaca ukuthi uMabuzela nomndeni wakhe sebeyazi ngalento liyeza ilanga labo ngifuna bangene emhlabathini ijele alibafanele. Wavuka wageza wangena indlela elibangise ensimini kaMabizela wafike weqa wangena phakathi edabula phakathi nensimu, wamangazwa nawukuthi izidumbu azisekho wahamba ebuka waze wafika ekujuleni wathi uma eqhubeka ehamba wahlangana neteku elilodwa likaMandla wakhipha umakhalekhukhwini wakhe washutha wabe eselifaka kuplastiki, maqede waya esiteshini wafaka ezintweni zakhe zobufakazi wase eya esibhedlela eseyokhipha uzakwabo okunguye ubegade uKhaya ubusuku bonke.
Wafika uSimangele esibhedlela wafika waqonda ewardin wathola iphoyisa uZondo.
" Ngiyabingelela muntu womthetho ngicela ukubona lendoda kusho uSimangele.
" Kulungile kusho iphoyisa liqinisa ozankosi lase limela phandle emnyango.
" Bhuti wami unjani kusho uSimangele washaqeka ebona uKhaya isimo ayeyiso esewumshefane zezingozi ebusweni.
" Hawu fifi wami unjani esho emamatheka ezama ukuthi Hawu sisi wami unjan.
" ngiyaphila bhuti wami ayifavani kusho uSimangele ezama ukuthi ayisazani.
" Hawu kwangathi nawe ufufana nami nje kusho uKhaya ezama ukuthi usufana nami esho ebuka izisini kuSimangele.
" Ey iyinkinga bhuti wami itheku alingithandanga ngiyayibonga indawo ekuthiwa kwaMashu bengiyigcina kuZalo umabonakude
" Ey Fmangele akuyi lubuyayo kuleyandawo mawuza ngobuso, kusho uKhaya ebomvu kebhu izisini ezama ukuthi Smangele kodwa ethi Fmangele.
" Kodwa fingenza njani ngalabantu bakwaMadi kusho uSmangele ezama ukuthu singenza njani.
" Ey mina ngihlulekile kumanje ngifakwe othayela ezimbanjweni kunzima Dadewethu ngisabuyela ecaleni ngeziwu 23 ngaboshwa yilenja ewu Mpume kusho uKhaya equma.
" Ey leyonja isazonya
" Ey buye wena ungamnyisa ngiyakwazi kusho uKhaya ehleka" "" " Ey Khaya ukube uyazi ngiyifuna kabi leyonja kusho uMpume.
" Kanti ke sengikhona kusho uMpume emgxavuna ngezinwele ekhipha ozankosi.
" Hhay bo yini manje kusho uSimangele ethi uphenduka ngesibhakela uMpume agobe, athi uphinda esinye isibhakela agobe umpume aphakame esemukhuphula ngendololwane egonqokele ngale kombhede.
" Sukuma uyishaye lenja dadewethu kusho uKhaya eqethukile evuse ikhanda umzimba unganyakazi, uSmangele athathe isitsha esinokudla kwasesibhedlela ajikijele umpume agobe, athathe isitulo ajikijele uMpume sivike asondele ezungeza umbhede eqonde kuye, athi uyagalela ngesicathulo uSmangele kodwa uMpume abambe umlenze ewusonte amemeze kudume isibhedlela sonke uSimangele avuke phansi asukume eseqhuga, athi ugalela ngesibhakela uSimangele uMpume abambe isandla amlayide ngesibhakela emakhaleni amphinde ngesinye isibhakela emabeleni athi uyashaya uMpume abambe ingalo ayisonte abuye ngemvakwakhe amlalise etafuleni elisemubhedeni akhiphe ozankosi amufase esethambe njengotamatisi. Kuthe kusenjalo kuqhamuke uZondo egijima.
" Detective Zondo sengijike ngilandwa kuthiwa angozolamula kusho uZondo ehefuzela.
" Hhay isiboshwa nje ebesizama ukwala ukuboshwa kusho uMpume evusa uMpume emuphonsa kuZondo.
" Wenzeni lona kusho uZondo edidekile.
" Mthathe uye naye esiteshini uyena ubehamba nenkabi ibithunywe ukuzobulala ekhaya, umgcine esitokisini kusasa ngizovula icala ngokuzama ukubulala.
" ill sue you bitch for an assault kusho uSimangele ethi uzomhlawulisa uMpume ngokumbeka isandla.
" Umuntu uma enqaba ukuboshwa sinelungelo lokusebenzisa indluzula noma sidubule uma enesikhali manje ke uzoba umosha isikhathi sakho mshefane.
" Asambe kusho uZondo emugquba eqonde naye esteshini samaphoyisa.
" Hhawu kodwa waze wangilaya baba wangiletha eThekwini buka manje ngiya ejele futhi ngiyazi no Hassim uzolwela igama lakhe ngoba naye ngeke avume ukuboshwa yedwa kusho uSimangele ekhala evenini yamaphoyisa amehlo ebomvu kebhu.