INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 47

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 47

Kuthe umathebula elele wezwa ngomnyango uvuleka wathi uvusa ikhanda abe esengenile amadoda agqoke ama leather jacket amnyama.

" Ya ndoda yamadoda. 

" Bra Joe.. Kusho uMathebula egxuma ecishe esakazeka phansi. 

" uthuswa yini kusho uBra Joe ekhipha isibhamu ngemva kwakhe kumi izidlakela ezinhlanu amadoda aphulana iqolo uma ungakhokhi ubra Joe ongumashonisa osatshwayo endaweni yasethekwini emlazi. 

" Mfwethu angi... ngi... ngikhohliwe yimali yakho kusho uMathebula eqhaqhazela. 

" Lalela la wena inyanga yesingakhi ungayikhokhi imali yami kusho uBra Joe emgxavula ngeyembe. 

" Ngixakekile Bra Joe kodwa kunabantu besengithi ngizokukhokha bayithatha imali yakho ngathi mangala bangishaya ngoba ubona ipamuza esiphongweni bayithatha bathi kwawena abakusabi kusho uMathebula ngobuso obukhalayo. 

" Bathi abangisabi mina obani labo kusho uBra Joe ehlinile ekhiphe wonke amehlo. 

" Abafana bakwaMadi kodwa bathembe ukukhishwa usisiwabo ejele ngoba uyiphoyisa ababoshwa benjalo kusho uMathebula ekhala eqamba amanga eseze wacishe wachama. 

" Bahlala kuphi laba abathi abamusabi uBra Joe esho ehlala phansi ekhipha ugwayi omkhulu onsundu ewulayita elula izinyawo ezibeka etafuleni. 

" Bahlala KwaMashu Bra Joe esho eqhaqhazela amadolo uMathebula. 

" Kuphi neKwaMashu. 

" Esinqawunqawini. 

" Uhuuuu!! ekhwehlela, badume ngani esho esukuma ehlala etafuleni ebuka uMathebula eduze. 

" Bayiziqhwaga ngoba ngisho nasesitokisini banqoba amadoda ayishumi ethi ayabafikisa kodwa ngafika kubhonga amadoda elele phansi abanye becosha amazinyo abo phansi abanye bafakwa okhonkolo. 

" Ungazongenza ingane wena usho ukuthi abantu abayishumi bangashaywa abantu ababili kusho uBra joe esukuma. 

" Impela angiqambi amanga bra joe lana ngikhuluma ngabantu abayingozi. 

" Yazi ngizizwa nginyanya mawulokhu ubaba babaza wena nja esho efaka ugwayi ovuthayo ehlweni likaMathebula wavele waba yindlobho bamubamba izandla umathebula wakhala ememeza lasha ihlo ekhala izigora zabra joe zamqinisa ezwa ubuhlungu angakaze abuzwe. 

" Obani abaphethe itheku khuluma nja!!!!! Kusho uBra Joe eseyisilwane namaketangu egolide entanyeni egqoke ama ring egolide. 

" Uweeee uweena inkosi yetheku hhhiiii weeeeeeehhhh ekhala uMathebula eshunqa ehlweni. 

" ungaphinde ingitshele ukuthi kukhona abantu abayinkinga ngoba mina ngiguqelwa nangamaphoyisa mfanawami, nasejele kwakubusa mina akekho umuntu ongashaya iziboshwa eziyishumi wehlisa isithunzi amalunga egunya lenombolo esayikhetha saba umbutho wasejele, namanje uma kuboshwa umfana wami akahlushwa ngoba ngiyaziwa ngaphakathi wena uzongitshela ukuth izisebenzi ezishaya umthetho zashaywa udakiwe wena kodwa uma kungukuthi bashaya izintwana zami ezajoyina embuthweni wami ngiyabafuna labo bafana bakwaMadi ngoba othinta abafana bami ejele noma estokisini uthinta mina uqobo.

" Washaya bona kanye laba ababeqeda kudedelwa eWestville abangama 2* esho ekhala esebuka ngehlo elilodwa uMathebula 

" Lalela ke uthi imali lena ubuthi uyangilethela bathathe Malini ngoba wena ungikweleda 43 000.

" bengiphethe uR50 000 bawuthatha ngenkani kumanje usisiwabo ungixoshisile emsebenzini. 

" Zinsizwa zami namuhla asibulaleni leliphoyisa elivuna abafowabo abazenza iziqhwaga ngaphande ethekwini nangaphakathi ejele kuphethe mina yimina engishaya umthetho. 

" Sizokwenza njalo. 

" Kodwa ngifuna ukuthi leyontombazane niyibambe bese niyiletha ephelandaba lapho siqoba khona abayizitha zethu sibaphonse emfuleni. 

" Sizokwenza njalo boss kusho izidlakela zithobela uBra Joe. 

" Njengamanje sizomtholaphi lowontombazane kubuza uBra Joe ebuka uMathebula. 

" esibhedlela ushayisa u 6 ntambama use ward 8 ugade ukhaya indodana kaMabizela esangikhokhela imali ebomvu ngokufa kukaSikhumbuzo noNathi. 

" Ok okusho ukuthi wena njengoba ungikweleta uR43000 wulethe kimi lomsebenzi ngiwenze wonke bese ungixhumanise noMabizela ngiyamazi injinga yalapha ethekwini. 

" Cha iningi kakhulu imali angithembise yona wena ngizokukhokha eyakho ngisale noR57 ngoba nami ziningi izikweletu ezingimele kanti futhi sengimisiwe emsebenzini. 

" Ey angikuceli ngiyakutshela shayela uMabizela manje umtshele ukuthi kunabantu abazokwenza lomsebenzi obathembayo. 

📲Hello baba Mabizela 

📱Kunjani Mathebula. 

📲Bengithi angikwazise ukuthi sengithole amadoda azowenza namhlanje uphele umsebenzi. 

📱Hhawu izindaba ezinhle lezo angawakuphi ingabe uyawathemba. 

📲Yebo baba amadoda aseMlazi ngiyawathembe bengicela lemali esasivumelene nawo ngayo uwanikeze yona uma eqeda umsebenzi. 

📱Imali ubala Mathebula nawe uyazi yenza umusebenzi wena mina ngibeka wena ukuthi uwahole uyobe usungithinta uma umusebenzi usuphelile kodwa izidumbu ngizofuna ukuzibona ngaphambi kokuba niyozigqiba ngoba angifuni ukuqolwa imali kanti abantu ababulaliwe. 

📲Kulungile baba esho evala ucingo. 

"Bra Joe uthi wenzeni umsebenzi bese kuthi uma seniqedile ufuna ukubona izidumbu ukuze azoba nesiqiniseko ukuthi sebefile kwaMadi. 

" Akulutho lokho wena nje sazise ukuthi bahlala kuphi bahamba kuphi thina sihambe siyoqeda. 

" Ok into engifisa siyenze ukuthi siqale siyobulala uMpume ngokungixoshisa emsebenzini ngifuna ukuziphindiselela ngokungenza into ebuhlungu kangaka, kuyothi kusihlwa nihambe niyohlasela kwaMadi. 

" Wathi nihambe kanti asihambi yini nawe. 

" Ngiyabasaba mina labafana bakwaMadi ngisho neNtombazane yakhona akuyona intombazane ongayizela ngobuso ngoba izolo ingikhahlele amase*de ngezwa ngathi ngyahlanya. 

" Fusegi sihamba nawe ufuna ukusicupha ngiboshwe ungasakhokhanga imali yami asambe. 

" cha phela Bra Joe uMpume ushayisa ntambama asimcutheleni ngasezihlahleni

" Ok asiqede bese ngithola lo R100 000 wena sobe sesikubonga ngo 10 000 ngoba imali yakho ngiyilinde kakhulu. 

" Kodwa bekuyi deal yami. 

" Fusegi!!! Usebenzaphi uzongikhokha ngani bonga nje ngoba bengize ngokuzokubulala kodwa ngoba sewungazise nabantu abafuna ukuthatha isikhundla sami lapha ethekwini ngiyakuxolela abazani naBra joe labafana bakwaMadi okungicasula kakhulu bathathe imali ibiqondene nami bazongazi kahle ukuthi ngiwubani mina ngifuna ukubangenela endlini ngibabonise okwabalekisa ikati lagibela emthini ngiwu Bra Joe mina ukhabazele umkhize kamavovo anginyelwa yinja nje.

UMabizela wacela ukuba inkabi ebagadile ihambe iyolanda uZwane njengokwesivumelwano sakhe nomkaZwane. 

📲MaMthembu umkhiphe uZwane ungabonwa muntu uyobe usulandwa umfana wemoto ebomvu igama lakhe uZakhele. 

📱Sengivele ngimkhiphile kodwa angimtshelile ukuth siyaphi Mabizela. 

USiphamandla wayesemotweni ebuka ukuthi ingabe ngoba izinkabi zixoshiwe kuzokwenzakani ngoba wayibona imoto kanina ihamba kanti wayengasathembi uma ephuma. Wabona kufika imoto ebomvu wasayina uMkaZwane incwadi yokukhishwa komyeni wakhe adluliselwe kwesinye isibhedlela. 

Wabe eseyihlala ezithendeni wahlala ocingweni. 

📱Sikhumbuzo umama ngiyamlandela ukhiphe ubaba engashongo ukuthi umsaphi manje ngisemvakwakhe. 

📲Lalela thumela ilocation lapho uhamba khona ngiza kuwe. 

Kuthe uNathi esabuza uSikhumbuzo ukuthi uyaphi kushaye uMpume. 

📱Yebo Mpume. 

📲Nathi bhutiwami ngicela ungilande uma ungekho bhizi imoto yami ayifuni ukuduma angaz why. 

📱Ok akunankunga nami Bengithi ngikhapha uSikhumbuzo kodwa ngingeza ngizokulanda. 

📲Ngiyabonga bhuti wami ngizokulinda.

Kuthe uMpume eseshayisa kwabe isilindile imoto kaBra Joe nezigora zakhe ezinhlanu ngaphandle kwesibhedlela. 

Kungemzuzu emingakhi wafika noNathi kodwa yena wangena phakathi esibhedlela ngemoto alinda ambulela amasecurity walinda kuParking.

" Bra Joe lona ongena ngeBMW emnyama ungomunye umfana wakwaMadi uNathi kumele asale ensimini asihlinisi mahleza namuhlanje kusho uMathebula ebuka ngeso elibi.

" Hhooo hhuye lo masaka soke siboneke ukuthi ubani ophethe itheku ngezandla kusho uBra Joe ekhokha isibhamu ebuka ngehlo elibi ezizwa evukwa iqunga ebila ngaphakathi. Zamuvumela izigora sezihlomile zizingovolo

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !