INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 46

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 46

Kuthe uma evula amehlo uKhaya kwasekuhlezi uMpume eceleni kwakhe, esezinhlungwini ezimangalisayo engakhoni nokukhuluma kubuhlungu umulomo izinsini zivuvukile engenamandla kubuhlungu wonke amalunga omzimba, engakhoni nokuvusa ikhanda ihlo elilodwa lidumbe laze lavuleka.

" we.. we.. we.. na sif*be u.. funa.. ni eishuuuuu ahhhhh aweee Math... bu.. la, uku.. phi? ha... mba lana wena sfe*be kusho uKhaya

UMpume wayemuzwa ukuthi ngathi uyamthuka waqalaza wabona ukuthi amanesi asaphumile wasondela kuKhaya.

" Uya.. kwazi lokhu kusho uMpume embonya ngendololwane lapho aphuke khona izimbambo waquma ezama ukumemeza wamubamba umlomo wambonya ngendololwane okwesibili kwangathi ibhandishi iba bomvu ebhandishe esiswini ngasesesifubeni.

" Mmmhhhhh mmmhh mmmmhhhh aweeeee hhhay ngiyaa xolisa Mpu.. me,kusho uKhaya amehlo esephume wonke kungathi inhliziyo izophuma ngomlomo ezwa izinhlungu ezibuhlungu ngendlela emangalisayo wachamela umbhede wasesibhedlela. 

" Nesi wozani nangu uzama ukweqa manje uyazithunuka usechamile enjalo kusho uMpume ememeza unesi. 

Weza unesi wafike wavala amakhala. 

" Awu kodwa awusasho ngani mawufuna ukuchama angifuni isinyemfu mina kusho uNesi embula ishidi nengubo. 

" Iziboshwa ziyahlupha ngoba zihleze zizama ukweqa zize zizithunuke buka nalana ebhandishini usebomvu igazi. 

" Uye ongi... sha... yi.. le

" Hhay ngikulalise phansi uzama ukuvuka ngenkani ngoba uzozilimaza wena sigebengu kusho uMpume. 

" Thula uvale umlomo uyeke ukukhulumela safuthi!!! Nihlupha kabi nina ziboshwa ngokuhleze ninamaqhinga angasile kusho uNesi ekhuluma ngale kwamakhethini avaliwe. 

" Nesi.. ngi... 

" Awuthule sigebengu uhlulekile ukumemeza usho ukuthi ufuna ukuchama kodwa usulokhu uthefuya ukhuluma into engezwakali kusho iNesi livala uKhaya ethi uzama ukukhuluma. 

" Nami sengifile ukukhulumela kwakhe safuthi kusho uMpume ehlezi ngale kwekhethini elisondezwa makushintshwa makuphiphwa umuntu ozikhululile. 

" Sizokhathala nguwe, nizothi nisuka nithi amanesi anonya kanti yinina eningasicabangeli kusho inesi liphuma limshiya kanjalo eseshintshile lashintsha neshidi elimanzi umchamo. 

Wathula du uKhaya ebuka kabi uKhaya. 

" Wena usazoqonda mfana wami unonile uyihlo kusho uMpume ekhulumela phansi ewardini ekwakulaliswe ukhaya yedwa komunye ulayini.

Wathula du wathobela umthetho efaswe ngozankosi ehlanganiswe nombhede.

Kuthe isikhashana kwangena udokotela wabuka ifile likakhaya. 

" Eh ndoda siyahamba siya eTheater uyofakwa ithayela izimbambo zakho zinqamukile kanti futhi uthintekile enhlafunweni kusho udokotela. 

" ye.. yebo ngi... Kuzama ukukhuluma uKhaya kodwa umlomo nezisini kubuhlungu eqhaqhazela ezwa nobuhlungu ezimbanjweni lapho abhokozwe khona uMpume ngendololwane

" Phoyisa sizocela ukuhamba nawe siye eTheater kodwa uzomlinda emnyango ngoba kumele ahlinzwe. 

" Kulungile Doctor kusho uMpume elandela uNesi begquba uKhaya owayengathi isilwane. 

" mmmhhhh mmmhhhh mmmhhh equma uKhaya ezwa izibhobo nezinso zinkenketha inqola iqonde eTheater. 

" Kumnandi manenza ubugebengu nizwisa abantu ubuhlungu kanti niyabusaba nobuhlungu kusho uMpume elandela inqola. 

Wathula uKhaya engakhoni nakukhuluma ebuka uMpume ngeso elibi. 

Bahamba wayocilongwa wahlinzwa wahlanganiswa izimbambo wahlinzwa nasemhlathini wafakwa izincingo kuhlanganiswa ukuvaveka kwamathambo. Walaliliswa odokotela babona kuncono ukuthi angahlizwa ngasebuchosheni ngenxa yobucayi bendawo kwathiwa akayekwe uzokwaziswa ukuthi anakekele ukhakhayi wakhe ngoba ugqobhokile. 

Wabe eselalilswa engangabuyi ngoba babecishe ukuthi angezwa izinhlungu walaliswa kwaze kwaba ntambama kwashaya isikhathi sokushayisa kwaMpume. Naye wabona ngokungena kwaMathebula sekukusihlwa. 

" Mathebula sewukhona. 

" Yebo sengikhona ungahamba kusho uMathebula ngokungabi nasineke.

" Ah ngicela ukushayela uKapteni ngicela okuthile kusho uMpume. 

" Angingene lapho mina usungahamba. 

📲Kapteni ukhuluma noDetective Madi nginombuzo lana. 

📱Khuluma ngilalele 

📲Bengicela ulethe uDetective Zondo ngoba uDetective Mathebula ngamubona ekhuluma noKhaya manje angazi babexoxani ngabashutha bexoxa manje angifuni okuzongiphazamisa kulelicala engiliphethe. 

📱Awu kodwa Detective Madi ngoba besengithumele yena asisale sesimyeka. 

📲Ngicela ukuthumela izithombe engazishutha bexoxa ngoWhatsapp ukuze uzobona ukuthi uzoba yinkinga ngoba angazi uhlanganiseni nabakwaMabizela necala lokunyamalala kwamadocket ngicela liphenywe ngoba yena futhi ubeyi witness evuna abakwaMabizela. 

📱Awuzithumele lezithombe okhuluma ngazo kusho uKapteni. 

Wabe esezithumela zaphumela kumakhalekhukhwini kaKapteni. 

📲Hawu kanti uqinisile Miss Madi. 

📱Yebo manje Ngicela abuye angifuni okuzongiphazamisa kuloluphenyo. 

UMathebula wayethukuthele ebuka kabi uMpume encimfa, elokhu ethi "mxm umuntu azenze ncono nje!!!!

📲OK kulungile ke Detective Madi. 

Kuthe isikhashana nje lwangena ucingo kuMathebula. 

📱Yebo Kapteni. 

📲Buya kuzoza uZondo lapho. 

📱Awu Kapteni ngoba kwenzenjani manje kubuza uMathebula ngokucasuka ebuka kabi uMpume. 

📲Ngikudinga ehhovisi lami manje buya esho evala ucingo. 

📱Ok kapteni esho ehlisa umakhalekhukhwini wakhe ephukule. 

📲Hamba ke uye ekhaya kuza uZondo lana kusho uMpume eziphephetha ngesandla. 

📱Wena uyaphapha ungasho ukuthi wawungishuthelani kusho uMathebula esondela kuMpume. 

📲Mmh qhela unginukisela ngomlomo kusho uMpume emphusha isifuba. 

📱Ngike nje ngimiswe emsebenzini uzonya esho esondela ngenkani. 

📲Ngithe suka!!! Kusho uMpume ekhuphula idolo lingena emasend*ni wathi esagobile wakhushulwa indololwane ebusweni wawa wayobambelela ngezandla phansi washushuluza ngezinqe uMathebula. 

" Mangithi suka kimi ubosuka esho ephenduka uMpume eqonde Empompini wakha amanzi waphuza uMathebula wahamba wangabheka emumva ehlikihla ipamuza elikhandwe indololwane ibhuluko litshekile lizehlela ngenxa yokusindwa isibhamu alibambe alikhuphule eyongena emotweni. 

" Yerrrrr ngijwayelwe inja kanje esho edumisa imoto uMathebula eyishaya izula. 

Wahamba njalo elibangise esteshini samaphoyisa enxapha indlela yonke. 

Kuthe uma nje efika esiteshini waqonda ehhovisi likamathebula. 

" ngingangena kapteni kusho uMathebula ethukuthele. 

" Ngena kusho uKapteni ehlezi esitulweni eqhiyeme ephuza itiye. 

" mina ngeke ngiyimele into yokukhonjwa le nalena kusho uMathebula ethetha.

" Hlala phansi Constable Mathebula. 

Wahlala phansi uMathebula ephukule ebusweni umlomo ungaka. 

" Lalela ke Mathebula ngicela ukuthi ungizwisise kahle, ngicela ukuthi wazi ukuthi icala lomfana wakwaMabizela liphethwe I Detective Madi, manje ke ngihlalile ngacabangisisa kahle emveni kokuba akhulume indaba yokunyamalala kwedocket ecaleni elalimbandakanya uMbhekiseni noKhaya mabizela, ngilucubungulisise kahle loludaba ngoba umuntu owangegcina ecele isikhiye sikaMazibuko uwena nakhona bengingingeke ngibone ukube akubona ubuhlakani buka Detective Madi. Kuthe kusenjalo wena usubonakala umi naye kanjena esho eveza umakhalekhukhwini emkhombisa izithombe ezashuthwa uMpume ngenkathi uKhaya ezomnikeza ushevu. 

" Kodwa mina.... 

" Angikaqedi ukukhuluma, kuthe emveni kwalokho waba ufakazi ecaleni lokucindezela abafana bakwaMadi ekubeni enkantolo kuvele okunye sekulethwa iminwe eveza ukuthi uKhaya uyambandakanyeka ekubulaweni kukaMelusi Mazibuko. Akuphelelanga lapho kwaba nguwe osufuna kuvulelwe abafana bakwaMadi icala ngokushaya iziboshwa ezazibaxhaphaza manje ngigcine ngifika esinqumweni sokuthi uthi ukumiswa emsebenzini kuphenywe kahle ngodaba lokunyamalala kwama docket. 

" Ini no ways wena udonswa u Detective Madi ngekhala kusho uMathebula esukuma ebhavumula kuduma I Office lonke. 

" Lalela ungenzi izinto zibe nzima mfana wami uvele usaphenywa ngicela ungishiyele isibhamu sami nebheji lami phansi imina ophethe lana kusho uKapteni esukuma. 

" Awu kodwa kapteni ngizodlani izingane zami zizogibela ngani uma ngimiswa emsebenzini. 

" letha ibheji nesibhamu uphume esho ekhangezile uKapteni. 

" hhhiiiii kodwa kapteni esho ekhumula ibheji ekhipha nesibhamu esibeka phezu kwetafula ekhala. 

" Ngicela uphume ungivalele umnyango esho ekuthatha ukapteni ekufaka ku drawer lakhe. 

Wahamba ekhala uMathebula engakholwa okumehlele. 

[Mpume Madi ngizoziphindiselela nondindw*ndini kusho uMathebula ekhala ephuma esephethe ibhokisi elinezinto zakhe elifaka emotweni ehamba ekhala indlela yonke elibhekisa emzini wakhe. 

Wafika uZondo washintshana noMpume wahamba waya ekhaya ekhathele uMpume waxoxa konke kubafowabo.

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !