INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 48

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 48

Kuthe esephuma uMpume uMathebula wabakhombisa uMpume, eseqonde emotweni kaNathi ephethe isikhaftini wafike wavula wangena bembukela ekudeni, bahlehlisa imoto yahamba kungathi izophuma ngesango.

" Awuzwake namuhla niyohlangana nabakini zinja zakwaMadi angisasebenzi nje ingenxa yenu kusho uMathebula ezwa injabulo.

" Bazicelele bona ukudabula amafu mfo kaMathebula kugiya mina kulendawo anginandaba ukuthi baphuma kwamashu namhlanje bazobona ukuth ubani ophethe itheku kusho uBra joe elayida ugwayi ebhema aphafuze sekumhlophe wuuu emotweni.

" Imina ogiya kulendawo ngisho edanyana ejele phezulu bangangifakazela, kusho uBra joe amehlo esebomvu kebhu.

" Kunjalo boss uwena umakhonya kulendawo kuvuma izigora zakhe zimfake phakathi nendawo.

" Ayikho into engiyijahe njengokushayela uMabizela sesiqedile ngalezinja sengithi nje", sekufeziwe bese sithola amabukubuku emali kusho uMathebula.

Kuthe nje uma esephumile ngesango lesibhedlela uNathi bamuhlala izithende beza emvakwakhe.

" Asimulandeleni ngifuna ukuthi silinde aphume eningini labantu bese sithumela imvula yezinhlamvu bashone same time ngoba angifuni ukulokhu kuchitheka isikhathi kusho uBra Joe epholisha  ubuka umshayeli wakhe.

Wahamba uNathi bezixoxela nodadewabo behleka kumnandi.

Yeza emvakwabo uNathi wabuka isibuko kodwa wanganaka wazihambela kwathi sekuphele izimoto wakhetha umgwaqo ongenazo kakhulu izimoto eziningi wangena wahamba wathi ukuvulela isivinini.

" Ay wathenga umshini la bhuti wami akuhanjwa iyandiza esho ebuka kukhuphuka izinombolo esiveza isivinini semoto.

" Awu kodwa nawe ushaya ngomshini nje dadewethu iyahamba phela iGolf7 ukuthi nje wena umane uyasaba ukuvula amapayipi uyishaye izule esho ehleka uNathi.

Uthe uma ebheka isibuko semoto wabona ukuthi lemoto ilokhu imlandele esuka ngasesibhedlela.

" Mpume uyabona ukuth ngathi kunemoto esilandelayo.

" Ya ngiyayibona kodwa bengingayinakile.

" Awufase ibhande dadewethu kesiyibone ukuthi iphezu kwani kusho uNathi efasa ibhande waphakamisa isitulo wafaka igiya wayinyathela kwangathi iyaphakama zaya...

" Nyathela imoto maan Mamba iBMW M5 leyamoto izokushiya mawunabuluka kusho uBra Joe ecasukile.

Wakhuphula amagiya uMamba yahamba isindiza,

Walala ikhona uNathi yeza imoto kaBra Joe wafaka amafutha wayinyathela yasho yaphakama ngesikhulu isivinini imoto kaNathi.

" Nyathela imoto wena slima awuboni uvula iskhala lomuntu kusho uBra Joe eshaya uMamba ngesibhakela esecasuke egane unwabu.

" Kodwa boss nawe uyabona ispeed sesiya ngokufika ekugcineni kanti futh isport car lesiyana.

" Fusegi wena nja lemoto ngayithenga ngemali ebomvu ungazongikhulumela amasimb*

Wathi uma eseyishaya ngempela uNathi kwachazeka usisi wakhe.

Kuthe nje besahamba kanti kunevalwe umgwaqo amaphoyisa omgwaqo azobavimba.

" Buyani ngapha eceleni madoda kusho iTraffic cop.

" Yebo baba kusho uNathi imoto isimile.

" Seniphule umthetho wogwaqo niyakwazi lokho? 

" Siyaxolisa kakhulu sicela uxolo sinohambo oluphuthumayo kusho uNathi. 

" Niyazi ke nani ukuthi ithikithi angithi? 

" yebo sibhale ngizolikhokha kusho uNathi. 

" Kanti ningakukhipha okuncane. 

" Cha ngizolikhokha sicela ubhale sihambe, nangempela wabhala ithikithi ladumala iphoyisa lomgwaqo ngoba sebajwayela ukudizelwa. 

Kwathi noMamba wabizwa kodwa bona balidizela iphoyisa lomgwaqo badlula. 

Bahamba beza ngemuva kwaNathi kuthe nje ukuba baqhele emehlweni amaTraffic cop baqalela bapita, kuthe uNathi esebona ukuthi lemoto ilandela bona washintsha indlela wangena endaweni engasemasimini bayidukela imoto kaBra Joe, yeza imoto kaBra Joe yafike yama nje. Bathe uma bebheka kwangathi umgwaqo usugcinile kumele babuyele emumva. 

" Mpume esidilike lana sizofohla kuyo lensimu. nangempela badilika emotweni bama ngakulelo plazi baphatha izibhamu zabo ngezandla bathi uma bevusa amehlo babona igama elibhalwe Mabizela Farm kunesango elikhulu eliboshwe ngamaketanga. 

" Hawu dadewethu uyabona lensimu akuyona nje lena kaMabizela yombila ephakela inkampani yakhe yempuphu iMabizela Maize Meal. 

" Ngathi yiyo lena Nathi ngoba kwashiwo kwathiwa uOwner iplazi elinensimu enkulu kunazo zonke kulendawo yakithi..

" Hheyi cha utshalile awubheke nje umbila wakhe uluhlaza kanjan izikhwebu zombila ezingaka engabe usebenzisa muphi umanyolo.

" Mamba ngena ngapha kulomgwaqo wobhuqu kanti baya lapho kupake khona uNathi.

" Nabaya hamba ufike ume khona kusho uMamba esewakhiphe wonke amehlo.

" Aseqe Dadewethu sizobaqoba kuyo lensimu mhlambe kukhona esingakuthola ngoba phela indawo kaMabizela lena.

Bangena bagijima befuna ukudabula insimu weza noBra joe nezigora uMathebula egijima ehliwa ibhulukwe bephethe izibhamu .

" Yimani lapho nikhona nizinikele kithi zinja zakwaMadi kumemeza uBra Joe.

" Dadewethu sala lana ngizoya ngale sibazungeze.

" Ok kulungile esho elinda ekhoneni lensimu enemihlanga emide, wahamba uNathi egudla maphakathi nensimu.

Kuthe nje esahobile elindile uMpume ebuka umhlabathi wabona ichain enophawu lwenhliziyo olungu hhafu wayicosha wayibukisisa wayisusa udaka kwavela mpume. 

" Hawu esho emangala ekhala wayiphendula wase eveza eyakhe enenxenye yophamu lwenhliziyo kubhalwe Mandla wakhala ebambe umlomo. 

" Mndeni wakwaMabizela nisazokhokha kusho uMpume eguqile ekhala. 

Kuthe uma ethi uMpume asagobile ekhala wezwa ukufohloza kwansimu kungathi khona oza ngakuyena walala phansi wabona umilenze washaya unyawo ngenhlamvu esethukuthele amehlo nezinyembezi isigora sagxuma sizwa ubuhlungu sawa ngezinqa wasukuma uMpume wadubula ihlo inhlamvu yaphuma esiphundu wafa wabhabhalala ngobuso. 

" Ubani lowo odubulayo kubuza uBra Joe emeza kuduma ihlathi. 

Uthe esafohloza uNathi wezwa ngesibhamu esiphundu. 

" Ya ndoda!!! Kusho uMathebula ekhombe uNathi esiphundu ngesibhamu. 

" Wama uNathi.

" ungamdubuli kusho uBra Joe. 

" Akafe lona bra joe kusho uMathebula.

" Ya kodwa ngisafuna ukumbuza ukuthi kusukela nini itheku seliphethwe yibo kusho uBra Joe esondela naye ekhombe ngesibhamu. 

" Kuthe nje esinye isigora sisafohla sidovoza ensimini sezwa ngenhlamvu kwafa esebili isigora kwasala 3 yezigora nomathebula noBra Joe. Kuthe besathuswa yilowomsindo wabamba isandla esiphethe isibhamu kuBra Joe wasonta isandla saqhuma wase ekhahlela isandla kuMathebula kwawa isibhamu kuthe usathi ucosha isibhamu wavuswa isicathulo wayohlala ngezinqe wathi uyashaya uBra Joe ngesibhakela wagoba uNathi isibhakela sageja wathi uyagalela ngesibhakela okwesibili egodle isandla esiphukile wasibamba nesinye isandla uNathi wasiphendula saqhuma wamemeza ekhala kabuhlungu uBra joe kuthe kusenjalo uNathi waphenduka emoyeni kuhle kophephela isicathulo sakhala emhlathini wawela phansi eseyisixhwala izandla zingazasebenzi. 

" Mamba weeeee nikuphi sizani nakhu ngifa awee esho ezibhuqabhuqa phansi ebanjwe yizinhlungu uBra Joe, wasukuma uNathi esefuthe izifuba wamuvusa wamsonta intamo yaphenduka yonke yaqhuma wafa kanjalo uBraJoe wathi uzama ukubaleka uMathebula wabe esephendukile emoyeni uNathi wamehlela ngezithende eqolo wawela phansi. 

" Wena awuzange ube yiphoyisa eliqotho kusho uNathi embamba emphosa phezulu wabuya wazobhakazeka phansi ngeqolo laphuka umgogodla wamhudula wamumisa ngezinyawo wase emudiliza ngonyawo emile wavele waguqa ngamadolo. 

" Ubulala iphoyisa uzo bo shwa kusho uMathebula izwi lingasaphumi wamubamba intamo uNathi wayisonta kwangathi ayinamathambo wafa ekhala ememeza exolisa wayisonta wafela ensimini uMathebula. 

Zathi uma zibona into eyenzekile izigora zabaleka zifuna ukuyophuma ngensimu weza uMpume wagoba waciba oyedwa wawela phansi wathi uyavula washaya ikhanda, kwasala ezimbili esisodwa wasifica uNathi wasikhuba ngonyawo sahuhuluza ngesisu ensimini savuka sathi sidumela uNathi waphenduka emoyeni sahlangana nesithende sesicathulo sadiyazela wafike wasikhahlela amasend*sathi sisagobile wasifaka igqomi ekhanda sashoveka emhlabathini ngobuso wase esisonta intamo, safa, sabaleka esisodwa sathi seseqa insimu wasithula ngenhlamvu uMpume sawela phansi safa. 

" Dadewethu asambe siyonceda uSikhumbuzo kusho uNathi edonsa uMpume begijima bechusha ocingweni olubiyele insimu bangena indlela, sezife zonke izigora, uBra Joe nomathebula sebewushiyile lomhlaba

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !