INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 79
UMabizela wangeniswa esibhedlela wangeniswa e Theater nokuyilapho wahlanzwa khona lapho kunqamuke khona imilenze, wathungwa ekhala ezwa izinhlungu.
" yini engisayiphilela emhlabeni uma ngizwa ubuhlungu obunjena, hhawweeee kuncono ngife kusho uMabizela ebuka amathanga amadolo engasenawo ekhala engakholwa ukuthi wazalwa enemilenze kodwa namuhla akasenamlenze.
" Yamukela baba akukho nathi besingakwenza kusho udokotela emduduza emusula izinyembezi.
" bengiwumuntu okhonze izicathulo ezudulayo kodwa asophinde ngizithenge ngiyawuzinda umndeni wakwaMadi kusho uMabizelaa ekhala esehawulisa bemubuka odokotela eseyisijumpu egxaza amathe
" Xola Mkhulu kusho udokotela emufaka idrip, emufakela negazi elimulahlekele.
" kodwa ngisaphilelani uma nginje kuncono ningijove ngife dokotela ngoba nomtanami uyophuma ejele sengashona kusho uMabizela ekhala.
" Cha Mnumzane okwethu ukusindisa not ukubulala ngaphandle uma kuphoqa sibona ukuthi awusezu ukulapheka futhi uzwa ubuhlungu, sikwenza ikakhulukazi uma umuntu eselekelelwa yimishini e brain dead.
" Ngangingazi ukuth ngelinye ilanga ngiyozithola ngikulesimo kusho uMabizela bemuthunga lapho izimpande zimujoje khona ngemuva.
" Kuzoba nzima ukuthi ukhona ukuzikhululula ngoba awusophinde ukwazi ukuminya uma uzwa uphisiwe kodwa usuyofaka inabukeni.
" Yeka leyamnyaka ngisenemali ngangihamba isibhedlela eziseqophelweni eliphezulu ngihamba ama specialists nina niyahluleka maan kusho uMabizela ekhala ezwa izinhlungu zenaliti ngemuva.
UKhaya wathi esahleli ejele wazizwa izindaba ezazenzeka ngaphandle ebuhlungu exoxela iziboshwa ubunzima adlule kubo wezwa impande ikhuphuka ngomlenze.
" Aaay booo hamba wena ngiyekele kusho uKhaya egxuma yamuqinisa yamuzungeleza zamangala iziboshwa zaqhela zabuka izimpande zizungeleza uKhaya.
" Aweeeeeeehhhh sizaaaani aweeeeeeh kumemeza ukhaya zimuzungeza umzimba wonke zaqeda zangena ngamehlo womabili aphuma amehlo.
" Aweeeeeeeh sizaaaaaani boooooo nakhu ngifa baba kodwa wangilaya wangifaka kulento weeeeeeeeeeeeeehhh sizani booooo aweeeeeeeee nakhu ngifa kusho uKhaya ephinqilika phansi wakhumuka ibhulukwe zamujoja izimpande zangena ngomlomo.
" Sizani booooo ngaaaaaaafa kubuhlunguuuuu kusho ukhaya kuphuma igazi ngamehlo.
Kwafika ama Warder egijima bephethe amahawu becabanga ukuthi kulwa iziboshwa.
" Ngaaaaaaaaaafaaaaaaa sizaaaaaani kodwa ngangivumelani ukwenza okubi weeeeeeeh waze wangilaya baba kusho uKhaya esebomvu izinqa igazi ligeleza zimhlafuna ephila izimpande ephinqilika zamuluma isitho sakhe sangasese.
Oyedwa eziboshweni wagijima wafike wagqompula izimpande zeza nezinye iziboshwa zazama ukumsiza zalahleka phansi iziboshwa esibalelwa ku30 zabathelekela izimpande zasuka kuKhaya zamshiya eseyimpumputhe ekhala ememeza ezwa ubuhlungu ayeqala ukubuzwa selokhu azalwa.
" Hhay bo zinani kanti lezimpande nobaba walomfana kukhulu akwenza ngoba lento siyibonile ezindabeni yenzeka manje leziboshwa bezingazi ukuthi awumthinti umuntu ohlaselwa yilemkhuba yalamakhehla kusho umphathi we jele.
Kwalala uyaca phansi kwabomvu kebhu kwafa inqwaba engazange yabonwa ejele lasethekwini. Ukhaya waphuthunyiswa esibhedlela sasejele kodwa kwasho ukuthi udinga izinsiza ezisesibhedlela sikaHulumeni ekulaliswe kuso uMabizela, wayesezinhlungwini ezimangalisayo uKhaya ekhala ebheke phezulu sekungamagobholozi emehlweni.
Yahamba yaze yafika imoto yasejele ukuhambisa uKhaya.
" Sikuphi manje kubuza ukhaya imoto isimile.
" Sisesibhedlela bekezela sesifikile kusho iWarder limuqubula limuphonsa enqoleni limgquba ehawulisa ekhala kunzima nokuhlala igazi livuza ngemuva nalapho izimpande zimujompule khona isitho sangasese kuvela ipayipi ezwa ubuhlungu obukhuuuuuuulu uKhaya ekhala wagqutshwa waze wangena eMakhethinisini wadluliselwa kwabalimele kakhulu.
Wacilongwa eside isikhathi ekhala ezisola ngakho konke akwenza ekhumbula nabantu ayebabulala bekhala bethi, "ungangibulali...
," Ungangibulali kodwa wayevele agence ngocelemba angabi nazwelo.... Wakhumbula uMandla ekhala ezincengela ekhala ethi, "kodwa seningaze ningibulalele imfundo yami ekhala kodwa abazange babe nazwelo...wakhumbula ngenkathi uMelusi bemudubula bamusa ensimini] yonke imicabango yezenzo zobubi yayisidlala enqondweni ekhala ebuhlungu
" Waze wangilaya baba ngokungiphonsa eweni buka namhlanje ngingedwa kulombede esho ekhala esehawulisa uKhaya.
Wakhala kwangathi ingane encane ezwa ubuhlungu enyameni nasenhliziyweni waze wafisa ukufa.
" Ukube ngalalela umama mayethi asifundeni ngabe angizange ngidlele umona uMandla noSiphamandla kusho uKhaya ekhala sekushe nezwi.
" Dokotela ncono ngife, ngifuna ukufa yini into engisazoyiphilela sengiyimpumputhe kusho ukhaya izwi selihoshoza ngenxa yokukhala akukhala ebalisa.
" Kuyaphileka noma ukulesisimo ngicela nje wamukele uzofundiswa indlela entsha osuzophila ngayo kusho udokotela.
" Yini engisazoyipholilela ngoba sengiyimpumputhe ngingenaso nesitho sangasese, asophinde ngizithokozose ngocansi ngiphinde ngibe nengane awukodwa wangibulala baba kusho uKhaya ekhala.
" yamukela isimo mfwethu sizozama ukuth ululekwe abe counseling ukululeka ngokwenqondo uzokwazi ukumelana nencindezi ozobhekana nayo ngoba ukulesisimo kusho udokotela emubopha amabhandisho waqeda wamufaka ipayipi ngemuva elizothutha indle ingene esigujini.
" Sikhumbuzo Madi kunjena nje ingenxa yakho usazokukhokhela konke lokhu osenze khona kusho uKhaya elenga amafinyile ethusa kungathi isilwane. Udokotela wamufaka ovolo kuzingobhozi zamehlo wase emubopha ngebhandishi. Zafika nakumabizela izindaba zokungena kwaKhaya esibhedlela wase ecela ukuqhutshwa esiwa kuKhaya esezinhlungwini enjalo. Bamuhambisa bafike bamumisa eduze kombhede wakhaya wamubuka ukhaya engaboni wakhala uMabizela ebona isimo ayekuso umtanakhe.
" Khaya kusho uMabizela ebambe umlomo ekhala kodwa izwi engalikhiphi.
" Ubani lowo ubaba? Kusho uKhaya eqalaza ephenduphendula ikhanda esekhohliwe ukuthi akasaboni.
" Yimina mtanami kanti unje kusho uMabizela ekhala ekhihla isililo sikaNandi.
" Hamba la eduze kwami!!! Angikufuni nokuzwa ngawe baba oncolile wasidukisa sizingane namuhlanje ngijezela amacala akho kusho uKhaya ekhala.
" Ungakusho lokho mtanami.
" Hambaaaaaaaaaaaaaaaa!!!!! Njaaaaah!!! Kusho uKhaya ememeza ekhala.
" Khaya ngisele nawe emhlabeni awukwazi ukusho njalo kusho uMabizela ekhala.
" Nesi awususe lenja le eduze kwami uthi usele nami kodwa nasishiya ejele sinoSimangele nanyamalala saboshwa nicashile nalenja ewumfwenu kusho ukhaya ebuhlungu emoyeni.
" Ngiyaxolisa ngane yami ngicela uxolo Khayalethu.
" Uxolo lokunuka kusho ukhaya ekhafula ecimezile ezwa ngalapho uyise ekhuluma khona sahamba isikhwehlela sanamathela ebusweni sehla ngentshebe emhlophe
" Asambe baba akadingi ukukhuluma nawe kusho uNesi ephendula inqola wafika wamulalisa.
" Ngaze ngabuthwala ubunzima emhlabeni kusho uMabizelaa ekhala esehawulisa ebuhlungu nanokuhlubukwa yilona thambo lakhe asele nalo emhlabeni.
Wayezwa iminjunju ehlabayo enhliziyweni yakhe ekhala efisa ukuthi alale aphaphame esefile kodwa ukufa kuqhelelene naye.
Wezwa izwi elikhulumayo ezindlebeni zakhe lithi, "konke okubi okwenza kubantu kubuya kuphindiwe, ngoba izinyembezi zomuntu aziweli phansi.. Wakhala ememeza wakhumbula ebulala abantu abantu abaningi, wakhumbula ejikela umngani wakhe weminyaka wamubulalela izingane zakhe, lakhuluma izwi endlebeni yakhe lithi, " akukho okufihlakele emhlabeni okungayi kuvela. Owawukwenza ebumnyameni izwe lonke likubonile umuntu ungokajehova..
" Dokotela ngicela ukubhala iSmS ngomakhala ekhukhwini wakho kusho uMabizela imiqamelo isimanzi ezwa ubuhlungu emathunjini ngaphakathi nasemilenzeni lapho anqunywe khona nangemuva.
" Ok ngibhale ukuthini Baba Mabizela.
Dear Zwane mngani wami ngikukhumbula ezimeni ezinjena ke, wawungisiza ungithandisa okomfowenu kodwa ngakukhaphela ngiyakukhumbula mngani wami ngiyazisola ngakho konke okubi engakwenza kuwe ngiyafisa ufike esibhedlela ngivalelise ngoba ngiyabona umona wami unginciphisele izinsuku zami zokuphila ungixolele mangethe kungifanele okungehlelayo
Yimina umngani wakho weminyaka uMuzikayifani Mabizela.
" Sewuqedile baba kusho udokotela.
" Yebo yivale lapho uyithumele kunombolo ethi 07265807*
" Sengiyithumele baba ngicela ukuyosebenza.
" Kulungile mfana wami kusho uMabizela econsa amathe, amehlo egeleza izinyembezi ecimezile ebona abantu abakhalayo ababe babulala ngesihluku ebona izithunzi amemeze kungathi ubona abantu abazungeze umbhede akhale amemeze uMabizela kwaze kwasolwa ukuthi unezilwane. Kwabizwa odokotela ehayiza egwaca ubala uMabizela.